Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe emizamweni kazwelonke yokunqanda isifo esiwubhubhane i-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekuphele izinyanga ezinhlanu samemezela isimo senhlekelele sikazwelonke ngenhloso yokulwisana nobhubhane lwesifo segciwane le-corona.

Njengoba ngasho ngaleso sikhathi, ngiyaphinda futhi ngiyasho namanje, asikaze nje ngaphambilini emlandweni wezwe lethu elibuswa ngentando yabantu silibone libhekene nobungozi obukhulu kangaka – okuyisimo esesidinge ukuthi sithathe izinyathelo ezinqala nezingajwayelekile, futhi esidinge ukuthi sikhombise ukuzidela nokuzinikela okukhulu.

Lezi kube yizinyanga ezinhlanu ezinzima kakhulu, futhi lolu bhubhane seludale ukukhahlamezeka okukhulu – empilweni yabantu bakithi, emindenini kanye nemiphakathi, ohlelweni lwezempilo lomphakathi, emnothweni kanye nasezimpilweni zabantu zansuku zonke.

Ngalesi sikhathi esinzima obekulangazelelwa yithina sonke njengabantu baseNingizimu Afrika wukuthi sihlale siphilile futhi singumqemane, sibuyise izindlela zethu zokuziphilisa futhi sakhe kabusha umnotho wethu.

Njengoba ngikhuluma nani kusihlwa nje kunenhlansi yethemba elokozayo.

Siyaqhubeka nokwenza inqubekelaphambili empini yethu yokulwisana ne-COVID-19.

Kula maviki okugcina amathathu edlule, inani labantu abasha osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqekile lehlile lisuka esibalweni esiphezulu esike safinyelela kusona, okungabantu abangaphezu kwezi-12 000 ngosuku, lafinyelela kwisilinganisonani sabantu ababalelwa kwizi-5 000 ngosuku kuleli viki eledlule.

Izinga lokwelulama kwabantu abebehaqwe yigciwane le-corona likhuphukile lisuka kuma-48% esikhathini engathula ngaso inkulumo yami edlule, kanti manje selime kuma-80%.

Isibalo sabantu sebebonke abathelelekile ezweni lethu silokhu siphezulu kakhulu njengoba beyizi-583 653.

Kodwa-ke, inani lalabo abangakalulami liyehla nsuku zonke, futhi njengamanje selime kwizi-105 000.

Kuyabonakala ukuthi ukukhula nokudlondlobala kwegciwane sekufinyelelile esicongweni njengoba seliqala ukwehla ezifundazweni ezimbadlwana, kubandakanya isifundazwe saseNtshonalanga Kapa, iMpumalanga Kapa, kanye ne-Gauteng, futhi singayibala neKwaZulu-Natali.

Liyancipha inani labantu abavakashela ezikhungweni zethu zezempilo abanezimpawu zegciwane.

Okunye futhi esikutholayo wukuthi liyancipha inani labantu abadinga ukulaliswa ezibhedlela zethu futhi selehlile nenani labantu abafuna ukuhlolelwa igciwane le-corona.

Inani leziguli ezilaliswe ezibhedlela lehlile lisuka kwiziguli eziyizi-10 000 ngasekuqaleni kwenyanga, layofinyelela kwiziguli ezilinganiselwa kwizi-4 000.

Lokhu sekuyinciphise kakhulu impela ingcindezi ekhona phezu kwezikhungo zethu zezempilo.

Kuze kube namuhla, bayizi-11 667 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile ngenxa ye-COVID-19 eNingizimu Afrika.

Kuyasidabukisa kakhulu ukudlula emhlabeni komunye nomunye walabo asebesishiyile kanye nabanye abaningi ebesingezwanga ukuthi nabo sebephangalele.

Ukufa kwabantu abaningi kangaka futhi ngesikhathi esincane kangaka ngenxa yegciwane elinjengaleli kuyisigemegeme senhlekelele ebhekene nabantu enkulu ngokwesabekayo, nokuyinto ebesingacabangi nakancane nje ukuthi kungenzeka yehlele isizwe sethu esikhathini soxolo kanye nentando yabantu.

Manje sekuyacaca ukuthi ukube asizange sithathe izinyathelo ezisheshayo futhi ezinqala njengoba senza – futhi ukube asizange sibusukumele phezulu lobu bungozi njengoba senza – bekuzolahleka imiphefumulo eminingi kakhulu kunalokhu esikubonayo.

Kusazolokhu kuyinto eseqhulwini kithina emavikini nezinyanga ezizayo ukuqhubeka nemizamo yethu yokuphephisa izimpilo zabantu.

Ngenkathi ngimemezela ukuvalwa kwezwe lonkana mhla zingama-23 kuNdasa lokho kwakuhloswe ngakho ukuvimbela ukukhula ngokushesha futhi ngendlela engalawulekiyo kwesibalo sabantu abathelelekayo kanye nokulungisa uhlelo lwethu lwezempilo ngendlela efanele negculisayo ukuze lume ngomumo.

Njengoba sibheka emuva kulezi zinyanga ezinhlanu ezedlule, zonke izinkomba zibonisa ukuthi iNingizimu Afrika isifinyelelile esicongweni futhi isifike esigabeni lapho sekuqala ukwehla ukutheleleka kwabantu ngegciwane.

Izikhungo zethu zezempilo eziningi zibonise ngokusobala ukuthi zinawo amandla namakhono okumelana nokubhekana nokudlondlobala kwesibalo sabantu abahaqekile.

Izibikezelo-manani zokutheleleka kwabantu, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa seziguquliwe futhi zehliswa njengoba siqophe inqubekelaphambili engcono ekulawuleni isifo.

Inqubekelaphambili esiyibonayo maqondana nokuphathwa kwe-COVID-19 beyingeke neze yenzeke ngaphandle kokuzinikela kanye nokusebenza ngobunyoninco kodokotela, abahlengikazi kanye nabanye abasebenzi bezempilo, okudingeke ukuthi babhekane ngqo nalesi sifo esixakile, futhi esikhathini esiningi bekwenza lokhu ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu.

Sibethulela isigqoko, futhi abaningi babo nabo bazithole sebehaqekile kanti abanye balahlekelwe yizimpilo zabo ngenkathi benakekela futhi belapha abanye abantu.

Akukho obekungenzeka ngempumelelo kulokhu ngaphandle kwabo bonke abanye abasebenzi abasekhaleni lempi yokulwisana negciwane, amaphoyisa esifazane nawesilisa, amasosha, amaphoyisa omgwaqo kanye namavolontiya abehamba phambili emizamweni yethu kazwelonke yokulwisana nalesi sifo.

Sibethulela isigqoko futhi nongoti bezokwelapha abavela ezikhungweni zezempilo ezihlukahlukene, njengeSikhungo Sikazwelonke Samalabholethri Ezempilo, iSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithathelwanayo, uMkhandlu Wezocwaningo Lokwelapha kanye neKomidi Lokweluleka Ongqongqoshe, okungongoti abaqhubekayo nokudlala indima ebaluleke kakhulu ekulawulweni kwe-COVID-19.

Ekugcineni, inqubekelaphambili esiyenzile beyingeke neze yenzeke ngaphandle kokuzidela nokuzinikela okwenziwe yinina bantu baseNingizimu Afrika.

Yinina eniyamukele ngezandla ezimhlophe imikhawulo ebekiwe futhi nayithobela ngokukhululeka imiyalelo yokugqokwa kwezifonyo, ukuqhelelana kanye nokuqikelela inhlanzeko, futhi ngalokho-ke nilekelelile ekuphephiseni izimpilo zabantu.

Kodwa-ke nakuba ikhona inhlansi yethemba, akumele nakancane sizitshele ukuthi sesiyinqobile impi, ngakho-ke sesingakhululeka.

Njengoba siqhubeka nokuxegisa imikhawulo ebekiwe, lokho akusho neze ukuthi buyehla ubungozi bokutheleleka.

Empeleni, ubungozi bokutheleleka buyakhula futhi buyadlondlobala ngenkathi sikhula isibalo sabantu ababuyela emsebenzini, ngenkathi sebeqala ukuhamba kakhudlwana kunakuqala futhi ngenkathi ekhula namathuba okuxhumana kanye nokuhlangana nabanye abantu.

Ngakho-ke ngeke neze kulunge ukuthi sikhululeke futhi sizithele ngabandayo noma siyeke ukusebenzisa izindlela zokuzivikela nokuziphephisa esazi kahle kamhlophe ukuthi kumele sizilandele.

Kulo mzuzu ngisho nokuphazama okuncane nje ekuqikeleleni kwethu ukuphepha kungaholela ekutheni siphinde sidlondlobale futhi isibalo sabantu abathelelekayo, okungenzeka sibhebhetheke kakhulu kunalokhu esikubonile kuze kube manje.

Sikubonile lokho kwenzeka kwamanye amazwe, lapho kudingeke khona ukuthi ibuyiswe ngokushesha okukhulu imikhawulo eqinile ngenkathi izinga lokutheleleka liphinde lidlondlobala futhi emva kokuxegiswa kwemikhawulo.

Sesithathe isinqumo sokuthi ngenxa yokwehla kokutheleleka kwabantu esikubonayo kuleli kumele siyixegise imikhawulo esesibe nayo kuze kube manje.

Kodwa-ke, manje sekuyisikhathi sokuthi siqikelele kakhulu futhi sizinakekele kakhulu.

Kumele siqhubeke nokugqoka izifonyo zendwangu ezimboza ikhala nomlomo ngaso sonke isikhathi uma siphuma ekhaya siya ngaphandle.

Kumele sibavikele labo asebekhulile ngokweminyaka kanye nalabo abanezinye izifo ezingamahlalakhona ukuze bangahlangabezani negciwane.

Kumele siqhubeke nokuqhelelana futhi siqinisekise ukuthi kungena umoya owanele endlini uma singaphakathi.

Kumele siqhubeke nokugwema ukuhamba nokuvakasha okungenasidingo, futhi sikwenze lokho kuphela uma kudingeke ngempela, sigweme imibuthano yomphakathi futhi sikhumbule njalo ukugeza izandla zethu noma sizisule ngezibulalimagciwane.

Manje sesiyazi ukuthi ingxenye enkulu yabantu abathelelekile ayibonisi zimpawu zokutheleleka futhi kungenzeka bangazi nokwazi ukuthi bathelelekile.

Kungenzeka nje ukuthi nami sengithelelekile. Nawe ngokunjalo.

Ngokuhlala njalo sikukhumbula futhi sikubeke ezingqondweni zethu lokhu, omunye nomunye wethu kumele azibone njengomuntu okunokwenzeka ukuthi usethelelekile ngegciwane futhi kumele siqhubeke nokuqikelela ukuthi siziphatha kahle nangokucophelela ukuze singalidluliseli kwabanye.

Ngiyazi ukuthi lezi zinyanga ezinhlanu ezedlule bezinzima kakhulu esizweni sethu nakomunye nomunye wethu.

Kuwo wonke umuntu, lesi sifo sidale ukuphazamiseka kwempilo yansuku zonke.

Kodwa kwizigidi ngezigidi zabantu, lokhu kusho futhi ubunzima nendlala.

Sekudale ubuhlungu, ukukhathazeka kanye nokuphelelwa yithemba, futhi akumele sivumele ukuthi kube khona umuntu ozithola ekhahlanyezwa yilokhu ngokuqhubekayo.

Lokhu sekudinge ukuthi silinganise ngokucophelela imizamo yethu phakathi kokuphephisa izimpilo zabantu kanye nokuvikela izindlela abaziphilisa ngazo, futhi silinganise nemizamo yethu phakathi kokulwisana nalesi sifo esibhubhisayo kanye nokufadalala komnotho okunamandla.

Sekudingeke ukuthi sithathe izinqumo ezinzima ezinemithelela emikhulu.

Nakuba izinyathelo esizithathile ziholele ebunzimeni obukhulu, siyazi ukuthi ukube asikwenzanga lokho bekuzodala ukukhahlamezeka okukhulu kuleli, kuholele ekukhuleni kwezinga lokutheleleka kwabantu ngegciwane okungalawuliwe kanye nohlelo lwezempilo oluhlulekayo ukubhekana nesimo.

Manje, sekunenhlansi yethemba, sesikulungele ukungena esigabeni esisha emizamweni yethu yokulwisana nalolu bhubhane.

Ngenxa yezinyathelo esizithathile, sonke ngokuhlanganyela kanye nalezo ezithathwe ngomunye nomunye wethu ngokwehlukana kwethu, kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, silinciphisile izinga lokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Siwususile umthwalo omkhulu nengcindezi ebiphezu kohlelo lwethu lwezempilo.

Ngokuholwa yizeluleko zongoti bethu bezempilo futhi emva kokubonisana nohulumeni bezifundazwe nabezindawo, iKhabinethi selinqume ukufaka izwe lonkana ngaphansi kwesigaba sokuqapha sesibili, esizoqala ukusebenza phakathi kwamabili ngoMsumbuluko mhla ziyisi-17 kuNcwaba 2020.

Isigaba sokuqapha sesibili, ngokweqhingasu lethu lokuthatha izinqumo emva kokucubungula ngokujulile bonke ubungozi obukhona ekubhekaneni nalolu bhubhane, sisho ukuthi i-COVID-19 ayisasabalali ngamandla amakhulu futhi nohlelo lwezempilo selukulungele kakhulu ukubhekana negciwane.

Ukwehlela esigabeni sesibili kusho ukuthi sesingayisusa cishe yonke imikhawulo evimbela ukuqaliswa kabusha kwemisebenzi yomnotho ezimbonini eziningi zakuleli.

Imisebenzi yezomnotho izovunyelwa ngaphansi kombandela wokuthi kumele kuqinisekiswe ukulandelwa kwezinqubo-kusebenza ezinqala ezidingekayo futhi ezifanelekile zezempilo futhi kuqikelelwe kakhulu nokuphepha.

Ngakho-ke, lezi zinguquko ezilandelayo zizoqala ukusebenza ngaphansi kwesigaba sesibili:

Izosuswa yonke imikhawulo evimbela ukuvakasha nokuhamba kwabantu phakathi kwezifundazwe ezihlukene.

Azovunyelwa ukuthi asebenze amahhotela nezindawo ezihlinzeka ngendawo yokuhlala nokulala kanye nokungcebeleka kubavakashi, futhi zizovunyelwa nezinkambo zokuvakasha, ngaphansi kombandela wokuthi kumele kulandelwe izinqubo-kusebenza ezigunyaziwe zokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu.

Zizovunyelwa ukuthi zisebenze izindawo zokudlela, amashibhi kanye namathaveni ngaphansi kombandela wokuthi kumele kulandelwe izinqubo-kusebenza ezigunyaziwe maqondana nezikhathi zokuvula nokuvala kanye namanani abantu avumelekile.

Izosuswa imikhawulo evimbela ukudayiswa kukagwayi.

Kuzoqedwa ukumiswa kokudayiswa kotshwala, kodwa lokhu kuzohambisana nemikhawulo ethile ebekiwe.

Ukuphuzelwa kotshwala kulezo zindawo obuthengwe kuzona ezinezimvume kuzovunyelwa kuphela kuze kushaye ihora le-10 ebusuku.

Izitolo ezidayisa utshwala obuthengwayo buyophuzelwa emakhaya noma ngaphandle kwesitolo zizovunyelwa ukuthengisa utshwala kuphela kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesine ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kuze kuyoshaya ihora lesihlanu ntambama.

Izosuswa futhi nemikhawulo evimbela ukuvakashelana kwabantu nemindeni, kodwa-ke nakuba kunjalo bonke abantu bayanxuswa ukuthi bacophelele kakhulu kukho konke abakwenzayo futhi bavakashe kuphela uma kudingekile lokho.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi abantu bayathelelana ngenkathi bevakashelene njengemindeni, okuyinto ebeka engcupheni amalungu omndeni futhi kwesinye isikhathi eholela ekushoneni kwamanye amalungu omndeni.

Kumele kuqikelelwe ukuqhelelana kwabantu, kuqhutshekwe nokufakwa kwezifonyo futhi kumele abantu baqikelele kakhulu ukuthi bayabavikela labo asebekhulile ngokweminyaka kanye nabantu abanezifo ezingamahlalakhona.

Ukwazana kwethu akusho nakancane ukuthi kumele sikhohlwe yilezi zindlela zokuzivikela.

Njengoba sixegisa imikhawulo, kuyadingeka ukuthi eminye iqhubeke nokusebenza ukuze kuncishiswe ukutheleleka kwabantu ngegciwane futhi kuvikelwe nohlelo lwethu lwezempilo ukuze lube sesimweni esikahle sokwenza umsebenzi walo ngobunyoninco futhi ngokuphelele.

Ngakho-ke,

Isazoqhubeka imikhawulo ekhona njengamanje evimbela ukuvakashela kwabantu bakuleli emazweni angaphandle kanye nokuvakashela kwabantu bakwamanye amazwe kuleli.

Awukho umbuthano onabantu abangaphezu kwama-50 ozovunyelwa. Phakathi kokunye, lokhu kubandakanya imingcwabo kanye nemicimbi yezenkolo.

Ngeke zivunyelwe izethameli emicimbini yezemidlalo.

Umthetho wewashi usazoqhubeka nokusebenza phakathi kwehora le-10 ebusuku kuze kuyoshaya ihora lesine entathakusa.

Siyaqhubeka nokukhuthaza abantu ukuthi bahlale ekhaya uma singekho isidingo esiqinile sokuthi baphumele ngaphandle, futhi uma kunokwenzeka, kumele basebenzele emakhaya, ikakhulukazi uma beneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala noma benezifo ezingamahlalakhona.

Ukuze sikwazi ukuqinisekisa ukuthi iyaqhubeka nokusebenza imikhawulo esele futhi sikwazi nokugcina izingxenye ezithile ezisemqoka eziphathelene nezinyathelo nezinhlelo zethu zezempilo, kuyadingeka ukuthi siphinde futhi siselule isimo senhlekelele sikazwelonke kuze kube ngumhla ziyi-15 kuMandulo 2020.

Ngalesi sigaba esisha sezinyathelo zethu, kumele sibeke izinqubo-nkambiso kanye nezinhlobo zokuziphatha okumele siqhubeke nokuzisebenzisa kusukela manje kuya esikhathini eside esizayo.

Leli gciwane lisazohlala nathi izinyanga eziningi futhi kumele sibashayele ihlombe impela abantu baseNingizimu Afrika abaningi asebeyishintshile indlela yabo yokuphila ukuze bahambisane nendlela yokuphila entsha esingeke neze sayigwema.

Ngifuna futhi nokubalula, ikakhulukazi, igalelo labaholi bendabuko kanye nabaholi bezinkolo zonke abahlinzeke ngobuholi nemihlahlandlela yokuthi ingaguqulwa kanjani imicimbi yezenkolo kanye neyamasiko ukuze ihambelane nesimo esibhekene naso kulesi sikhathi segciwane le-corona.

Siyamukela ngezandla ezimhlophe indima edlalwa yizinhlaka zomphakathi ezweni lonkana eziqwashisa abantu mayelana nalesi sifo futhi ezigqugquzela abantu ukuthi bathathe izinyathelo zokuvimbela ukusabalala kwegciwane.

Lezi zinhlaka zibandakanya izinhlangano zezemidlalo, amaqembu ezepolitiki, izinyunyana zabasebenzi, izitokofela, izinhlangano zomasingcwabisane, amaqembu abesifazane, izinhlangano zamabhizinisi amancane, izinhlangano zomphakathi kanye nezinhlangano zentsha.

Ngumsebenzi onjengalona-ke ozokwenza ukuthi izinyathelo nezinhlelo zethu zokubhekana negciwane le-corona zibe nomthelela omkhulu kanye nezithelo ezinhle.

Ngokuhambisana nezindlela zokuzivikela eziyisisekelo okumele sonke sizilandele, sithuthukisa amandla namakhono okusebenza ethu ezempilo yomphakathi ukuze sikwazi ukuhlonza kangcono, sigcine abantu ngabodwana, sihlole futhi selaphe wonke umuntu okutholakale ukuthi usehaqekile futhi silandele umkhondo futhi sigonqise bonke abantu abake basondelana nomuntu ohaqekile.

Kulezi zinsuku ezizayo, sizomemezela ithuluzi elisha elinamandla lokweseka imizamo yethu yokulandela umkhondo wabantu abake basondelana nomuntu ohaqekile sisebenzisa ubuxhakaxhaka bobuchwepheshe besimanjemanje.

Ngaphezu kohlelo lokusebenzisa abalandeli-mkhondo kanye nohlelo-kuxhumana lukazwelonke lwe-WhatsApp, kuzosetshenziswa uhlelo-kusebenza lukamakhalekhukhwini lokwazisa ngokushesha okukhulu labo bantu abake basondelana nomuntu ohaqekile futhi kusenjalo kuqinisekiswe ukuthi ayidalulwa imininingwane yabo futhi bangavezwa ukuthi bangobani.

UNgqongqoshe Wezempilo, egameni likahulumeni, usenxuse uMqondisi-Jikelele weNhlangano Yezempilo Emhlabeni (i-WHO), uDkt Tedros Ghebreyesus, ukuthi athumele ongoti eNingizimu Afrika ukuze kuqiniswe imizamo yethu yokulwisana negciwane le-corona.

Sikuthokozela kakhulu impela ukwesekwa okuvela kwi-WHO, esilethele ongoti abangama-43 eNingizimu Afrika ukuze bazolekelela abasebenzi bethu bezempilo abasebenza ngokuzikhandla okukhulu ngenhloso yokusisiza ukuthi sikwazi ukulwisana nalolu bhubhane.

Sebeqalile ukuhlinzeka ngosizo maqondana nokuhlaziywa kokuxhaphaka nokusabalala kwesifo, ukulawulwa kokutheleleka kwabantu, ukulawulwa kwezehlakalo kanye nokuxhumana nomphakathi.

Kumele siqhubeke nokunciphisa ubungozi bokubheduka kwegciwane ezindaweni ezinabantu ababuthakathaka kakhulu, ikakhulukazi ezikhungweni ezingamakhaya abadala, izikhungo zabantu abakhubazeke ngokwengqondo kanye nezinye izikhungo.

Sizoyiqinisa futhi nemizamo yethu yokuphoqelela ukuthotshelwa kwezinyathelo zezempilo nezokuphepha emsebenzini, ezitolo, kanye nakwizithuthi zomphakathi ukuze kuvikelwe abasebenzi nabagibeli futhi kwakhiwe indawo ephephile ukuze amabhizinisi akwazi ukuqhuba kahle umsebenzi wawo.

Nakuba lesi simo esibucayi sisenze sabambana ngezandla njengesizwe, futhi sabumbana ekulwisaneni nobungozi obusithinta sonke, sekuveze futhi nokuziphatha okubi kakhulu kwabanye abantu emiphakathini yethu.

Sizibonile izenzo zabathile zokuzama ukuzenzela inzuzo ngezindlela ezihambisana nenkohlakalo besebenzisa lolu bhubhane.

Sesithathe izinyathelo ezinohlonze ngenhloso yokunqanda lokhu futhi siqinisekise ukuthi labo abenza lokho babhekana nengalo yomthetho, futhi sizoqhubeka nokubazisa abantu bakuleli mayelana nenqubekelaphambili esiyenzayo kulokhu.

Siyaqhubeka nokuzithola sibhekene nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane.

Futhi siyaqhubeka nomsebenzi wethu wokuqinisa izinyathelo zohlelo lobulungiswa nokulwisana nobugebengu, nokuhlinzeka ngosizo nokwesekwa okungcono ezisulwini zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, futhi okunye okubaluleke kakhulu wukuthi siyaqhubeka nokuqinisa izinyathelo zokuvimbela lesi sihlava.

Kulandela izinyathelo nezinhlelo esiziqalisile njengengxenye yephakheji yosizo lomphakathi nolokuvuselela umnotho oluyizigidigidi ezingama-500 zamarandi, siyaqhubeka nokubonisana nezinhlaka esibambisene nazo kwezamabhizinisi nezabasebenzi mayelana nokuthi singakusimamisa futhi sikuthuthukise kanjani  ukwesekwa okuhlinzekwa kwizinkampani, kubasebenzi kanye namakhaya.

Ukukhuliswa kokuxegiswa kwemikhawula kusihlinzeka ngethuba elihle kakhulu, kusukela kwaqala lolu bhubhane, lokusimamisa nokuvuselela umnotho wethu osotakwini.

Nakuba siyivula imisebenzi yezomnotho, kusazothatha isikhathi eside impela ngaphambi kokuthi izimboni namabhizinisi kuphinde kusimame, futhi usemningi impela nomsebenzi okusamele wenziwe.

NgoLwesine, ngabiza umhlangano wezinhlaka zonke ezibambisene ku-NEDLAC, okunguhulumeni, abasebenzi, amabhizinisi kanye nomphakathi.

Manje siyasebenzisana futhi sibambisene ekuqhamukeni nohlelo oluphuthumayo lokuvuselela umnotho, futhi umgogodla walokhu kuzoba wukuvikelwa kwemisebenzi kanye nokwakhiwa kwamathuba amasha omsebenzi.

Emavikini ambalwa ezayo sizokwenza izimemezelo mayelana nomphumela walo msebenzi.

Sizosebenzisa lo mzuzu hhayi nje kuphela ngenhloso yokubuyisela iNingizimu Afrika esimweni ebikusona ngaphambilini, kodwa ngenhloso yokuguqula izwe lethu libe yizwe elinomnotho onokulingana, ubulungiswa kanye nokungachemi futhi onomdlandla omkhulu.

Bantu bakithi,

Sisahlalelwe yizinsuku ezinzima impela.

Kodwa-ke, kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule sibonisile ukuthi thina njengesizwe siyakwazi ukumelana nezimo ezilukhuni.

Umsebenzi ophambi kwethu njengamanje ngowokuthi emizamweni yethu yokuvuselela umnotho sisebenzise lowo mdlandla ofanayo esiwusebenzisile ekulwisaneni nalolu bhubhane.

Sithubeleza esivunguvungwini eside futhi esinzima.

Sibhekene nobunzima obukhulu futhi sikhahlanyezwa wukulahlekelwa okwesabekayo nokungabekezeleleki.

Kodwa siyaqhubeka nokuzibamba ziqine nakuba sibhekene nale mbubhiso nokuhlaselwa okungaka.

Sizithathile izinyathelo zokuzivikela thina, futhi sivikele nemiphakathi yethu kanye nezwe lethu.

Ikhona inhlansi yethemba elokozayo le phambili lapho siphokophele khona.

Masiqhubeke nokuqikelela kakhulu ukuphepha kwethu, sizinakekele futhi senze konke esikwenzayo ngokucophelela, sihlale siqaphile.

Masiqhubeke nokuma ndawonye sibambane ngezandla empokophelweni nokuzimisela kwethu ukunqoba leli gciwane.

Masigadule siye phambili – thina siyisizwe esisodwa, esinokuzimisela okukhulu, esinethemba futhi esinesibindi.

Morena boloka setjhaba sa heso, Setjhaba sa South Afrika.

UNkulunkulu makayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore