Isikhungo Sikazwelonke Esamukela Izicelo Zokufunda Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme (i-CACH)

Isikhungo Sikazwelonke Esamukela Izicelo Zokufunda Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme (i-CACH) sisiza izitshudeni ezingakatholi izikhala zokufunda enyuvesi noma ekolishi ezifake kulona izicelo zokufunda, ukuze zithole izikhala zokufunda kwenye inyuvesi noma ikolishi.

Uma ufuna ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme, faka isicelo sakho ngqo emanyuvesi noma emakolishi onentshisekelo yokufunda kuwona ngokushesha emva kokuba evule isikhathi sokufakwa kwezicelo.

Isikhungo se-CACH sizothumela ulwazi lwabafundi abanesifiso sokufunda emanyuvesi, emakolishi okuqeqeshelwa imisebenzi yobuchwepheshe bezandla (ama-TVET) kanjalo nezikhungo zemboni yezemfundo nokuqeqesha (ama-SETA) ukuze bathole ukuqeqeshelwa emsebenzini.  Lapho kunezikhala futhi lapho uhlangabezana nezimfanelo ezidingekayo, izikhungo zizoxhumana nawe ukuze zikuphe isikhala sokufunda.

Amanyuvesi namakolishi awazamukeli izicelo zokufunda zabantu abavele ‘batheleke bengafakanga isicelo’ ngokulandela inqubo ebekiwe.

Bhalisa ku-inthanethi kuwebhusayithi ye-CACH noma ushayele i-CACH kusukela ngoMasingana kuya kuNhlolanja ngehora lesi-8h00 kuya kwelama-20h00 kule nombolo 0800 356 635. Noma-ke, uthumele igama lakho kanye nenombolo kamazisi wakho nge-SMS kule nombolo 49200.

Published Date

Share this page