Imvume yokuhlala unomphela kumsebenzi

Abantu baseNingizimu Afrika bathanda abantu abathuthele kuleli abakwazi ukuba neqhaza elinenzuzo ekwandisweni komnotho waseNingizimu Afrika.

Ngaphambi kokuba ufake isicelo sokuthola imvume yokuhlala unomphela kuleli lizwe, kufanele uqale unikeze isizathu sokuthi kungani kufanele kuthiwe awuyena umuntu ovinjelwe noma ongafanele ukunikwa imvume.

Wena nalo oshade naye niyafaneleka ukuthola imvume yokuhlala unomphela kuleli lizwe uma senihlale eNingizimu Afrika iminyaka engengaphansi kwemihlanu ngemvume yomsebenzi. Labo abanakekelwa abantu abayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma abanezimvume zokuhlala unomphela kuleli nabo bangafaka isicelo.

Izimvume zokuhlala kuleli ngezinye izizathu zisebenza kubantu bakwamanye amazwe aba:

  • thole umsebenzi baphinde baqashwa kuwo ngokugcwele eNingizimu Afrika
  • namakhono nokuqeqeshwa okuthile okuvelele
  • hlose ukusungula ibhizinisi eNingizimu Afrika
  • fanelekayo njengabantu ababaleke emazweni abo ngokweSigaba 27(c) soMthetho Wabantu ababaleke emazweni abo
  • fanelekayo njengabantu asebethathe umhlalaphansi
  • zimele ngokwezimali noma
  • yizihlobo (abatholwe ngokozalo noma ngokomthetho) zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma zabantu abanemvume yokuhlala unomphela.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nenqubo yokufaka isicelo sokuhlala unomphela, noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page