Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, zingama-30 kuNhlangulana 2021

A. Izindaba Ezisematheni

1. Ukunyukela Esigabeni Sesine Sokumiswa Kwemisebenzi Ethile Kuzwelonke

1.1. IKhabhinethi liphinde lagcizelela Ukunyukela Esigabeni Sesine Sokumiswa Kwemisebenzi Ethile ezweni njengoba simenyezelwe nguMhlonishwa uMongameli uCyril Ramaphosa ngeSonto, zingama-27 kuNhlangulana 2021 njengesinyathelo esidingekayo ekulweni nehlandla lesithathu lobhubhane i-COVID-19 eNingizimu Afrika.

1.2. Ukuqiniswa kwemikhawulo kuzoqinisa amandla ethu okunciphisa ukunyuka kokusulelana okuzobe sekunciphisa umthwalo ohlelweni lokunakekela ngezempilo ovele selukhungethwe wubuningi bomsebenzi.

1.3. Imikhawulo elandelayo izobuyekezwa emuva kwezinsuku eziyi-14 futhi kuqikelelwe ukuthi ungabi mkhulu umthelela emisebenzini yezomnotho njengoba kumele kuqhubeke ukulinganisa impilo kanye nendlela yokuphila. 

1.4. IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuthi uhlobo lwaleli gciwane olubizwa nge-Delta ludluliseka kakhulu kunezinhlobo zaleli gciwane ezike zaba khona, ngakho kudingeka ukuqikelela kakhulu ekuxhumaneni kwethu nabantu kwansuku zonke ngoba abantu abaningi abasuleleka nge-COVID-19 ababi nazimpawu ezibonakalayo.

1.5. Imiyalelo Yezokuphepha Emsebenzini Edidiyelwe evela kuNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezemisebenzi ihlinzeka ngeziqondiso ezilinganisa isidingo sokugcina amabhizinisi esebenza kube kuqinisekiswa ukuphila nokuphepha kwabo bonke abantu emsebenzini.

1.6. Ngalesi sikhathi esinobungozi, kuhle futhi kusemqoka ukusindisa izimpilo zabantu ngokwenza konke okusemandleni ukugwema izindawo zomphakathi, kulandelwe Imithethonqubo Yokuphathwa Kwesimo Senhlekelele ye-COVID-19 nokulandelwa kwezimiso zezempilo ezingaqondene nokwelashwa ngemithi okuwukugqoka izifonyo emphakathini, ukuvama ukugeza izandla ngensipho namanzi noma ukusebenzisa isibulali-magciwane sezandla esine-alcohol engama-70%, ukugqagqana nabantu ngebanga elingamamitha ayi-1.5 ngaso sonke isikhathi.  

2. Uhlelo lokugomela i-COVID-19

2.1. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuqinisa uHlelo Lokugomela i-COVID-19 ukuvikela izakhamuzi emtheleleni omubi kakhulu wegciwane.  Kusukela mhla zingama-30 kuNhlangulana 2021, bangaphezu kwezigidi ezintathu (3 026 636) abantu abagonyiwe futhi lokhu kubandakanya abasebenzi bezempilo, abantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu, kanye nothisha. Bayizi-238 315 othisha asebegonyiwe.

2.2. IKhabhinethi lincome uMnyango Wezempilo nowezeMfundo Eyisisekelo ngokuthatha izinyathelo eziyizo ngokubeka phambili izidingo zothisha kanye nabanye abasebenzi abasemkhakheni wezemfundo ngaphansi kukahulumeni nozimele ngokulandela uhlelo lokugoma olunzulu.

2.3. Ukugonywa kwabasebenzi bezokuvikela kuzoqala ngoMsombuluko, mhla ziyi-5 kuNtulikazi 2021 ngamalungu e-SAPS bese ngoLwesine, mhla ziyi-8 kuNtulikazi 2021 kube wuPhiko Lwezokuvikela Kuzwelonke eNingizimu Afrika.

2.4. Ukubhalisela ukugoma ku-EVDS sekuvulelwe ukubhalisa abantu abaneminyaka engama-50 kuya phezulu, futhi uhlelo lwabo lokugoma luzoqala ngoLwesine, mhla ziyi-15 kuNtulikazi 2021. Abantu abakuleli qoqo leminyaka bakhuthazwa ukuba babhalise ngokusebenzisa i-inthanethi bangene ku-https://vaccine.enroll.health.gov.za noma nge-WhatsApp ku: 0600 123456. 

2.5. Izinsuku zokugoma abasebenzi abenza imisebenzi esemqoka emikhakheni yezokukhiqiza umnotho wezwe njengezimayini, abasebenzi basezitolo kanye nabanye zizomenyezelwa yi-IMC osihlalo wayo kuyiPhini likaMongameli.

3. Usuku Lwentsha  

3.1. IKhabhinethi libonge zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngokuhlanganyela embungazweni Wosuku Lwentsha ngoLwesithathu, mhla ziyi-16 kuNhlangulana 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Unyaka ka-Charlotte Mannya Maxeke: Ukukhulisa ukuqashwa kwentsha ukuze kube nesizwe esibandakanyayo nesiguqukile". 

3.2. UMongameli uRamaphosa uvule izinkundla zokufunda ngohlelo lwe-inthanethi kanye namathuba emisebenzi, i-SA Youth ne-mPowa, ebheke ukudala amathuba oxhaso kanye nemisebenzi yabantu abasha ngokubahlanganisa nabantu abangase babaqashe kanye nabaxhasi. Intsha ingakha iphrofayela, ibheke amathuba okufunda nokuhola, futhi ithole uxhaso ngezinhlelo ezinhlobonhlobo enkundleni.

3.3. Vakashela ku: http://SAYouth.mobi noma udayele inombolo yamahhala ethi: 0800 72 72 72 ukuthola uchungechunge lwamathuba nokwesekwa kuHlelo Lokuqashwa Kwentsha lukaMongameli.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1. Umbiko Ngohulumeni Wasekhaya

1.1. IKhabhinethi lixoxe ngesimo sikahulumeni wasekhaya ngokususela emibikweni yoMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezomdabu (i-CoGTA), uMgcinimafa Kazwelonke kanye noMcwaningi-mabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika.  

1.2. IKhabhinethi lisibonile isimo esibucayi sabanye omasipala nokuthi kwezinye izimo, uhulumeni kazwelonke kuzodingeka ukuba ungenelele ngokuthatha izinqumo zokuthuthukisa ukuhlinzeka ngemisebenzi kanye namandla omasipala ababaliwe maqondana nezinhlinzeko zeSigaba 139(7) zoMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996.

1.3. Phezu kwalokho, uhulumeni kazwelonke uholwa yi-CoGTA, uMgcinimafa Kazwelonke kanye neminyango ehlinzeka ngemisebenzi uzoqinisa ukwesekela omasipala ngokoHlelo Lwentuthuko Lwezifunda (i-DDM) kanye nemisebenzi yawo ehlinzekwe kuSigaba 154 yoMthethosisekelo.

2. Ukungenelela kweNhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) esimweni sase-Mozambique

2.1. IKhabhinethi lamukela izinqumo zeNgqungquthela Enkulu yoMongameli Bamazwe noHulumeni we-SADC ebanjwe eMaputo, e-Mozambique ngoLwesithathu, zingama-23 kuNhlangulana 2021.

2.2. Le ngqungquthela igunyaze ukubamba iqhaza kwamazwe angamalungu ekungeneleleni ukuze kube nozinzo esimweni sase-Mozambique. Njengengxenye ye-SADC, iNingizimu Afrika nayo izobamba iqhaza kulezi zinhlelo ngenhloso yokubuyisela uzinzo esifundeni.

3. Ukusingatha iNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe yama-21 yeNgculazi kanye Nezifo Ezisulelana Ngocansi (ama-STI) e-Afrika (i-ICASA)

3.1. IKhabhinethi ligunyaze iNingizimu Afrika ukuba isingathe i-ICASA yama-21, ezobanjelwa eThekwini ngomhla ziyisi-6 kuya kumhla ziyi-11 kuZibandlela 2021.

3.2. Ukusingatha i-ICASA kuzonika iNingizimu Afrika ithuba lokuveza ukuzinikela kwayo ekubhekaneni nemigomo yeNhlangano Yezizwe i-90-90-90 ukusiza ukuqeda ubhubhane lweNgculazi. INingizimu Afrika ibe nempumelelo enkulu ekulweni neSandulela Ngculazi neNgculazi, kodwa kusekuningi okusamele kwenziwe ukunciphisa ukusuleleka okusha.

3.3. Le ngqungquthela izophinde ihlinzeke ngenkundla yokuxoxisana kanye namathuba okufunda ngamasu okuvikela iSandulela Ngculazi nama-STI ngaphansi kobhubhane lwe-COVID-19.

4. Amazwi enduduzo aqondiswe ebantwini base-Zambia

4.1. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nasebantwini base-Zambia ngokudlula emhlabeni kukaMongameli weRiphabhulikhi yase-Zambia wokuqala, uDkt. Kenneth "KK" Kaunda (97), ngoLwesine, ziyi-17 kuNhlangulana 2021. UDkt. Kaunda wayengomunye wabaholi ababemele abantu abangabomsinsi wokuzimilela e-Afrika i-Pan-Africanism, kanye nengqalabutho eyayilwela i-Afrika engabuswa ngabantu bezizwe, ebumbene nenempumelelo.

4.2. Njengengxenye yokumhlonipha, uMongameli uRamaphosa umemezele izinsuku eziyishumi zokuzila kusukela ngoLwesihlanu, ziyi-18 kuNhlangulana 2021 kuze kube wubusuku bangeSonto, zingama-27 kuNhlangulana 2021, obekubandakanya ukwehlisa amafulegi andizele phansi kuzo zonke izindawo ezinamafulegi.

4.3. Empilweni yakhe yonke, uDkt. Kaunda wasebenza ngokuzikhandla elwela inqubekela-phambili kwezomnotho, ezenhlalakahle nezepolitiki e-Afrika, futhi ubeyingwazi elwela i-Afrika ekhululekile ekubusweni ngamanye amazwe kanye nobandlululo. Wahola uhlelo lobuntu e-Afrika, futhi uzokhunjulwa kakhulu ngobuholi bakhe obavelela ngokwakhiwa kwe-Non-Aligned Movement kanye neNhlangano Yobunye Bama-Afrika i-Organisation of African Unity (manje eseyibizwa nge-African Union).

4.4. IKhabhinethi lisekele uhlelo oluholwa wuMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Nezamasiko lokuhlonipha impilo negalelo lika-Dkt. Kaunda ngokukhulula izwe lakubo nezwekazi, ikakhulukazi esifundeni saseNingizimu ne-Afrika. UMongameli uRamaphosa uzoya emngcwabeni ozobanjwa e-Lusaka ngoLwesithathu, mhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2021.

C. Imithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokubhaliswa Kwamatayitela

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokubhaliswa Kwamatayitela ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokubhaliswa Kwamatayitela, wangowe-1937 (uMthetho 47 we-1937), osewuphelelwe isikhathi ngokwezinqubo zawo.

1.2. Ngaphandle kokushintsha izinqubo zokusebenza zeHhovisi Lokubhaliswa Kwamatayitela, uMthethosivivinywa uphinda wethule uhlelo lwezobuchwepheshe lokusebenzisa izinqubo, okuzokwenza izinqubo zokuhlinzekela abameli bezamatayitela kanye nomphakathi uwonkana zihambisane nesikhathi. Uphinde uhlongoze ukuqokwa kukaNobhala wamaTayitela, iPhini likaNobhala wamaTayitela kanye noMsizi kaNobhala wamaTayitela. 

2. UMthethosivivinywa Owuhlaka Wenhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) wezi-2020

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-SABC wezi-2020 ukuze kutholakale izimvo futhi kubonisanwe nomphakathi. Uma usuphasisiwe waba wumthetho, uMthethosivivinywa uzodala ukuba kushintshwe uMthetho Wezokusakaza wamanje, wangowe-1999 (uMthetho 4 we-1999). Ubheke ukuqinisa ukusebenza ngempumelelo kwemisebenzi yomsakazeli womphakathi.

2.2. UMthethosivivinywa uhlongoza, phakathi kolunye ushintsho, ukuqondiswa kweBhodi le-SABC, okuzoqinisa umsebenzi nesibopho sokuphendula salo.  Uphinde uhlongoze ukuvuselelwa kohlelo loxhaso lwe-SABC kanye nohlelo lokutholakala kwelayisense Kamabonakude. 

D. Imicimbi Ezayo

1. Inyanga ka-Nelson Mandela

1.1. Minyaka yonke mhla ziyi-18 kuNtulikazi, izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zihlangana nomhlaba wonke kuhlonishwe owayenguMongameli nomuntu ohlonishwa kumazwe ngamazwe - uDkt. Nelson Rolihlahla Mandela - kubungazwe Usuku luka-Nelson Mandela Lamazwe Ngamazwe.

1.2. Kulezi zikhathi ezinzima, sethembele emoyeni wokubumbana kwezwe nokubeka abanye abantu kuqala njengoba kwakwenza uMadiba ukuze sisize abanye abantu ezimweni ababhekene nazo. Ngaphansi komoya kaMadiba, iKhabhinethi likhuthaza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zisukume zibhekane nenselele, zeseke labo abakhahlamezwe i-COVID-19 emiphakathini yethu. Singalandela okwakuyigugu kuMadiba futhi sihloniphe umlando wakhe ngezenzo zokusiza abantu kanye nezinhlelo zokweseka labo abalinyazwe kakhulu wumthelela wegciwane.

2. Isikhathi Sentela

2.1. Isikhathi sentela sowezi-2021 sizovulwa ngoLwesine, mhla lu-1 kuNtulikazi 2021 kuze kube wuLwesibili, zingama-23 kuNtulikazi 2021. Abakhokhintela bakhuthazwa ukuthi bafake izimbuyiselo zentela zabo ngohlelo lwe-eFiling (www.sars.gov.za) noma nge-South African Revenue Service Mobi-App .

2.2. Kulo nyaka kunenqwaba yabakhokhintela abangabantu ngabanye abazohlolwa ngokwenqubo yokuzenzekela ukuze inqubo ibe lulanyana. Ukuthunyelwa kwezimbuyiselo zentela ngesikhathi nangokuyikho kuqinisekisa ukuthi abakhokhintela balandela imithetho futhi basiza uhulumeni ahlinzeke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngezidingo-ngqangi.

E. Imiyalezo

1. Amazwi Okuhalalisa

  • IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa futhi lafisela abalandelayo okuhle:
  • UMnu. Nicholas Dlamini, ongumuntu omnyama wokuqala waseNingizimu Afrika ongenele umncintiswano we-Tour de France.
  • I-Kaizer Chiefs FC ngokuthola indawo yokuba semdlalweni wamanqamu weLigi Yoshampeni base-Afrika be-CAF ozobanjwa e-Morocco ngoMgqibelo, ziyi-17 kuNtulikazi 2021, kanye noMqeqeshi uPitso ngokuhola i-Ahl Aly FC yaseGibhithe kuwo lo Mdlalo Wamanqamu woShampeni be-CAF.
  • UMnu. Lesetja Kganyago, uMphathi Webhange-ngodla laseNingizimu Afrika (i-SARB), oklonyeliswe ngokuba wuMphathi Webhange-ngodla Wonyaka we-Central Bank Government ngowezi-2021 eMiklomelweni yase-Afrika yezama-Bhange. Ngaphansi kobuholi bakhe, i-SARB ithathe izinqumo eziphume phambili ekubhekaneni nomthelela we-COVID-19 kwezomnotho.
  • UDkt. Ngwako Stephen Sebopetsa, uThishomkhulu wasikole samabanga aphansi i-Rathaga Primary School ngaphansi kweSekhethi yase-Rakwadu, esiFundeni saseMpumalanga i-Mopani, e-Limpopo, ngokuklonyeliswa ngeNdondo yoThishomkhulu Emhlabeni Jikelele ngobuholi obuphuma phambili, umsebenzi omuhle kakhulu kanye negalelo lakhe emkhakheni wezemfundo.
  • I-SARB, ngokubungaza iminyaka elikhulu okwenzeke ngoLwesithathu, zingama-30 kuNhlangulana 2021. Leli bhange lavula iminyango yalo okokuqala ngqa zingama-30 kuNhlangulana 1921 futhi liyibhange elihlanganisile elidala kunawo wonke e-Afrika. I-SARB inomsebenzi osemqoka omiswe ngokomthethosisekelo wokugcina uzinzo emananini ukuze kube nokukhula ngokwezomnotho okulinganisayo nokugcinekayo. Ibhange likhiphe u-R5 owuhlweza omusha wokubungaza iminyaka eyi-100 laba khona.

2. Amazwi enduduzo

  • IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:
  • UDkt. Jabu Mabuza (63), usomabhizinisi ophumelele eNingizimu Afrika kanye nomholi wezamabhizinisi osebenze njengeSikhulu Esiphezulu (i-CEO) ye-Tsogo Sun Holdings, uSihlalo weBhodi le-Eskom kanye noMongameli Wobumbano Kwezamabhizinisi eNingizimu Afrika (i-Business Unity of South Africa).
  • USolz. Mzilikazi Khumalo (89) nomkakhe uMama u-Rose Khumalo (88). USolz. Khumalo ebehlonishwa kakhulu eNingizimu Afrika kwezemfundo, ezamasiko kanye nasemphakathini. Ubaziwa nangokuba wumhleli owusaziwayo kwezamaciko ezinsumansumane, umqambi wamaculo wamakwayi kanye nomqondisi wamakwaya. Usize ukuhlanganisa i-opera yesiZulu yokuqala, ethi Princess Magogo kaDinuzulu. Okunye okusemqoka wukuthi uSolz. Khumalo wayeyingxenye yekomidi elahlanganisa umkhuleko othi Nkosi Sikelel' i-Afrika kanye neculo lesizwe lesikhathi sobandlululo elithi Die Stem, ukuze libe yingxenye yeCulo Lesizwe laseNingizimu Afrika emuva kobandlululo.

F. Oqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. UNksz. Tirhane Alinah Fosi njengo-CEO weMisebenzi Yezokuphrinta kaHulumeni (i-Government Printing Works), iminyaka emihlanu.

Imibuzo:
Phumla Williams – USomlomo WeKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore