Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obanjwe Nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-23 kuMandulo 2020

A.           Ezisematheni

1.            Ezakamuva mayelana seSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19)

1.1.        Enkulumweni yakhe ebhekiswe esizweni ayethula ngoLwesithathu, mhla ziyi-16 kuMandulo 2020, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wamemezela isinyathelo sokuthi ukuvalwa kwezwe kuzokwehliselwa eSigabeni Sokuqapha Sokuqala kusukela ngoMsombuluko mhla zingama-21 kuMandulo 2020. Lokhu sekuvule eminye futhi imisebenzi yezomnotho ezweni, okuyinto ezolekelela kakhulu ekwakheni kabusha umnotho kanye nokubuyisa ukukhula kwawo futhi kwakhiwe namathuba omsebenzi adingeka kakhulu.

1.2.        Izimemezelo ezenziwa nguMongameli zamukelwa ngezandla ezifudumele yimikhakha yonke yomphakathi waseNingizimu Afrika – kufaka phakathi ezemisebenzi, amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nezinhlangano zepolitiki.

1.3.        Imithethonqubo yesimo senhlekelele sikazwelonke eyaqalisa ukusebenza kwezimemezelo zikaMongameli, yashicilelwa kusomqulu kahulumeni ngoLwesihlanu mhla ziyi-18 kuMandulo 2020. Le mithethonqubo yaxegisa imikhawulo ethile ebibekiwe kusukela ngoNdasa 2020 ngenhloso yokuvimbela ukusabalala kwegciwane. Lokhu kubandakanya, phakathi kokunye, inani labantu elivumelekile emibuthanweni yomphakathi, emicimbini kanye nasemingcwabeni, ngokunjalo futhi nokuvulwa kwemingcele yezwe ukuze abantu bakwazi ukuvakasha nokuhamba phakathi kwamazwe ase-Afrika kanye namazwe omhlaba wonke jikelele, kusukela mhla lu-1 kuMfumfu 2020.

1.4.        IKhabhinethi likhuthaza ukuthi kube nokunye futhi ukubonisana nokufakana imilomo nobuholi bendabuko ukuze kuxazululwe ukungaboni ngaso linye okukhona mayelana nezindaba eziphathelene nezikole zokusoka kanye nemikhuba nezinkambiso ezihlobene nalokhu, njengoba lokhu kusalokhu kunqatshelwe naseSigabeni Sokuqapha Sokuqala. Ulwazi oluthe xaxa mayelana nemithethonqubo eshicilelwe ngokusemthethweni luyatholakala kuwebhusayithi kahulumeni (www.gov.za).

1.5.        IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokulandela izinqubo-nkambiso zezempilo zokuzivikela ku-COVID-19 ezinjengokugcina ukuqhelelana kwabantu, ukugqoka isifonyo uma besemphakathini kanye nokugeza izandla njalo ngensipho namanzi noma ngesibulali-magciwane sezandla esine-alkhoholi.

1.6.        IKhabhinethi liyabakhuthaza futhi abantu ukuthi bafake komakhalekhukhwini babo uhlelo-kusebenza lobuchwepheshe olubizwa nge-COVID Alert mobile app olutholakala ku-Apple App Store noma ku-Google Play Store. Le app – engakhokhelwa ntela ezinkampanini zomakhalekhukhwini futhi ongayifaka kumakhalekhukwini wakho ngaphandle kokukhokhiswa izindleko zedatha – izothuthukisa ukulandelwa komkhondo wabantu ngokuthi iqwashise futhi ixwayise abasebenzisi bayo uma beke basondelana nabanye abasebenzisi bayo abahloliwe kwatholakala ukuthi bathelelekile nge-COVID-19 ezinsukwini eziyi-14 ezedlule.  Le App ayiyiqoqi imininingwane eqondene nomuntu ngqo ngokwakhe futhi ayiwulandeli umkhondo womuntu ngenhloso yokuthola ukuthi ukuphi nendawo.

2.            Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF)

2.1.        IKhabhinethi lisalokhu lizimisele ukulwisana nesihlava se-GBVF ngokuthi liqinise izinhlaka zeqoqwana leminyango kahulumeni eyengamele ezokuphepha nokuvikeleka; uhlaka lwezinqubomgomo nemithetho; ukuhlinzekwa kokwesekwa ngokwengqondo nangokwezenhlalo kanye nezinhlelo zokweseka nokushabashekela izidingo nezimfuno zabantu emiphakathini. 

2.2.        Ngokususela kwimininingwane etholakale eMbuthweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), kuyinto edabukisayo impela ukuthi uhulumeni usehlonze izindawo ezingama-30 eziyizizinda lapho idlange khona kakhulu i-GBVF ezweni lonkana. IKhabhinethi seliyiqinisekisile imiphakathi ekhahlamezekile ukuthi ngokusebenzisana namaphoyisa, kuzoqiniswa izinyathelo zokungenelela kulokhu ukuze kuqinisekiswe ukuvikelwa kanye nokuphepha kwabesifazane nezingane.

2.3.        IKhabhinethi liwamukelile futhi lawuthokozela impela umnikelo wesamba esiyizigidi ezingama-50 zamarandi ovela ezweni lase-Bhrithane, phecelezi, i-United Kingdom, okungumnikelo ozokwelula imizamo eqhubekayo yeSikhwama Sobambiswano yokubhekana nokukhahlamezeka komnotho okwesabekayo okudalwe wubhubhane i-COVID-19. Lezi zimali zizogxila emiklamweni esekela futhi egqugquzela abesifazane.

2.4.        IKhabhinethi liphinde lazwakalisa ukukhathazeka kwalo futhi ngemibiko eshaqisayo yezigameko zokushushumbiswa kwabantu ezibandakanya abesifazane nezingane kuleli. Amaphoyisa akusukumele phezulu lokhu futhi ayawaphenya wonke amacala abikiwe aphathelene nokushushumbiswa kwabantu nezidakamizwa.

2.5.        IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa ngokushesha ngalezi zenzo zobugebengu ezinyantisayo esikhundleni sokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, ngoba phela lokhu kwenza ukuthi kube nzima kwabomthetho ukusabela ngokushesha futhi ngendlela efanele. Umphakathi uyaxwayiswa futhi ukuthi uyeke ukusabalalisa izindaba ezingamanga aluhlaza, ngoba phela lokhu kungadala ukuthi abantu babe netwetwe kungenasidingo, okungakhuphula imimoya futhi kugqugquzele udlame emphakathini wethu.

2.6.        Noma ngubani onolwazi mayelana nobugebengu kumele axhumane ne-SAPS kule nombolo ye-Crime Stop ethi: 08600 10111 noma asebenzise uhlelo-kusebenza lobuchwepheshe lwamahhala i-MySAPS Application, okunguhlelo-kusebenza angazifakela lona umuntu kunoma iyiphi i-iPhone noma i-smartphone (umakhalekhukhwini onobuchwepheshe besimanjemanje).

3.            Ukucekelwa phansi nokwebiwa kwengqalasizinda yomphakathi

3.1.        IKhabhinethi liyakuthokozela impela ukuboshwa kamuva nje kwabasolwa eGoli naseKapa ababandakanyekayo ekwebiweni kwamakhebula ethusi kanye namakhebula amasiginali alawula ukuhamba kwezitimela. Amaphoyisa futhi aphuthumile ababopha ngokushesha abantu ababandakanyekayo esehlakalweni sokucekelwa phansi komgwaqo omkhulu endaweni yaseMsinga, KwaZulu-Natali. 

3.2.        IKhabhinethi liyishayela ihlombe impumelelo yamaphoyisa maqondana nokwebiwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yezitimela; futhi okuyicala elibomvu lobugebengu, okunezigameko lapho lokhu kuholele ekutheni kulahleke imiphefumulo yabantu abangenacala ngenxa yokungqubuzana kwezitimela.

3.3.        Ingqalasizinda yomphakathi isalokhu iyinsika nesisekelo sokuqhuba umnotho wethu. Isalokhu iyingxenye esemqoka kakhulu emkhankasweni wethu wokukhulisa umnotho kanye nokudala amathuba omsebenzi adingeka kakhulu. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibike emaphoyiseni lezi zenzo zobugebengu.

4.            Izinsizakalo ezitholakala nge-inthanethi zoPhiko Lwezibonelelo Zomphakathi lwaseNingizimu Afrika (i-SASSA)

4.1.        IKhabhinethi likuthokozele ukwethulwa, okwenziwe ngu-SASSA, kwephothali (intuba yesizindalwazi) yokufaka izicelo zezibonelelo zikahulumeni nge-inthanethi, okuyiphothali evumela ukuthi abantu bakwazi ukufaka izicelo ku-https://services.sassa.gov.za. Le phothali – ezoqala ngokusetshenziselwa ukulinga nokuhlola ukuthi kungenzeka ngempumelelo yini ukufakwa nge-inthanethi kwezicelo zezibonelelo zezingane, nezibonelelo zabadala kanye nezibonelelo zosingamzali abakhulisa izingane ezingazalwa yibona – izokongela abahlomuli bezibonelelo imali abebezoyisebenzisa ezintweni zokugibela futhi ibalekelele ekugwemeni ubunzima nokuphazamiseka okubangelwa wukuma emgqeni.

4.2.        IKhabhinethi liyabakhuthaza abafakizicelo abasha ukuthi basebenzise le ndlela yokufaka isicelo, umuntu azenzela futhi azilawulele yona ngokwakhe, njengoba ilekelela ekuqedeni ubungcuphe obungaba khona bokutheleleka nge-COVID-19 ezindaweni zomphakathi ezinesiminyaminya sabantu futhi ezigcwele ngokweqile.

5.            Umhlangano wesiGungu-Jikelele seNhlangano Yezizwe (i-UNGA)

5.1.        NgoLwesibili mhla zingama-22 kuMandulo 2020, uMongameli u-Ramaphosa ubebambe iqhaza kwiNkulumo-mpendulwano ye-UNGA ebibanjwe ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi eMhlanganweni we-UNGA wehlandla lama-75 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ingomuso Esililangazelelayo, i-UN Esiyidingayo: Siqinisekisa Kabusha Ukuzibophezela Kwethu Sonke Ekusebenzeni Ngokubambisana Njengamazwe Ahlukahlukene”.

5.2.        IKhabhinethi linxusa ukuba lo mgubho usetshenziswe njengethuba lokuletha izinguquko ezidingeka kakhulu eMkhandlwini Wezokuvikela we-UN (i-UNSC) ukuze isimo sawo sibonise ukuhambisana nezimo ezikhona emhlabeni ezikhathini zanamuhla.

5.3.        INingizimu Afrika izokwengamela i-UNSC okwesibili ngoZibandlela 2020 njengoba izobe iphothula ihlandla layo lesithathu njengelungu elikhethiweyo le-UNSC.

6.            Umhlangano woNgqongqoshe Bezohwebo Nokutshalwa Kwezimali Bamazwe e-G20

6.1.        IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yoMhlangano woNgqongqoshe Bezohwebo Nokutshalwa Kwezimali Bamazwe e-G20 obusingathwe yi-Saudi Arabia ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi ngoLwesibili mhla zingama-22 kuMandulo 2020. Lo mhlangano waqoqela ndawonye oNgqongqoshe Bezohwebo abavela emazweni asemqoka kakhulu emnothweni womhlaba, kubandakanya iMelika, China, Japan, India, Brazil kanye ne-Germany. INingizimu Afrika yabe imelwe nguNgqongqoshe Wezohwebo, Ezezimboni kanye Nezokuncintisana, u-Ebrahim Patel.

6.2.        Esitatimendeni sawo, lomhlangano wachaza kafushane ngokubaluleka kokugxila emikhiqizweni yezomnotho ehlukahlukene, okuyisona sisekelo sokwesekwa okuhloswe ngakho ukwakha amandla okukhiqiza ngaphakathi ezweni emikhakheni esemqoka, kubandakanya nomkhakha wezemithi yokwelapha kanye nowezokudla.

6.3.        Lo mhlangano wasekela futhi nezinyathelo zokugqugquzela ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane namabhizinisi asafufusa kwezomnotho futhi umhlangano wavuma ukuthi ngempela bukhona ubungcuphe obudalwa wukuhwebelana ngokungemthetho kanye nokushushumbiswa kwemikhiqizo.

7.            Umhlangano Womkhandlu WoNgqongqoshe be-Southern African Customs Union (i-SACU)

7.1.        IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yoMhlangano Womkhandlu WoNgqongqoshe be-SACU owabanjwa ngoMsombuluko mhla zingama-21 kuMandulo 2020. ONgqongqoshe Bezezimali kanye Nabezohwebo base-Namibia, Botswana, Eswatini, Lesotho kanye neNingizimu Afrika bawethamela lo mhlangano, kanti usihlalo wawo kwabe kunguNgqongqoshe Wezezimali u-Tito Mboweni, futhi iNingizimu Afrika yabe imelwe nguNgqongqoshe u-Patel.

7.2.        Umkhandlu wabhunga ngendima ye-SACU maqondana neSivumelwano esisha  Sokuhwebelana Mahhala phakathi Kwamazwe ase-Afrika futhi wabe usunquma ukuthi umsebenzi ozokwenziwa ngumkhandlu esikhathini esizayo uzogxila ekwakheni nokuthuthukisa amazwe e-SACU ukuze abe yizizinda ezinohlonze zokukhiqizwa kwempahla nezokusungulwa kwezindlela zokusebenza ezintsha kanye nemikhiqizo emisha, futhi okuyizizinda ezingahlinzeka ngezimpahla nezinsizakalo ezwekazini lonkana.

B.           Izinqumo zeKhabhinethi

1.            Umbiko weKhomishana kaMongameli eqondene noGuquko Lwezimboni Lwesine Olugxile Kubuchwepheshe Besimanjemanje (i-PC4IR)

1.1.        IKhabhinethi lakugunyaza ukushicilelwa koMbiko we-PC4IR kuSomqulu Kahulumeni. Lo mbiko wenza iziphakamiso mayelana nokuvuselela nokuqinisa kabusha izinhloso zezwe zokusungulwa nokuthuthukiswa kwezimboni kanye nokuthuthukisa amandla okuncintisana kwethu kwezomnotho emhlabeni wonke jikelele kanye nakuleli zwekazi ngenhloso yokuphucula nokuthuthukisa ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke.

1.2.        Izinto ezisemqoka kakhulu okuyizona eziqhuba iQhingasu le-PC4IR zibandakanya ukuncintisana kwezomnotho, ukubhekana ngqo nezinselelo zokuhlinzekwa kwezidingongqangi, ukutshalwa kwezimali ekuthuthukiseni nokuhlomisa abasebenzi ngamandla namakhono okusebenza kanye nokubhekana ne-COVID-19.

1.3.        Lokhu kuqalisa ukusebenza kwezinto ezashiwo eNkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe yowezi-2018, eyayalela ukuthi iKhomishana Yoguquko Lwezimboni Olugxile Kubuchwepheshe Besimanjemanje kuyodingeka ukuthi ikwazi ukubhekana nokuthuthuka kobuchwepheshe okwenzeka ngesivinini esisheshayo futhi iqinisekise ukuchuma nokuphumelela kwesizwe.

2.            Umkhankaso Wenyanga Yezokuthutha yowezi-2020

2.1.        IKhabhinethi lilugunyazile uhlelo lomkhankaso weNyanga Yezokuthutha yowezi-2020 oluzobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ngokuhlanganyela Sibumba Ikusasa Lezokuthutha”. Ngowezi-2005 iKhabhinethi lakugunyaza ukuthi inyanga kaMfumfu isetshenziselwe ukuqwashisa ngezokuthutha njengomunye wemikhakha esemqoka kakhulu enegalelo ekuthuthukiseni nasekusimamiseni umnotho. 

2.2.        Uhlelo lwalo nyaka luzogxila emikhakheni emithathu, okuyilena, (1) izimo ezikhona kanye nemisebenzi eyenziwayo emkhakheni wezokuthutha, maqondana nokuvulwa kabusha komnotho esikhathini lapho kusabhekwene nobhubhane lwe-COVID-19; (2) ukuphepha kuzo zonke izinhlobo zezokuthutha, kanye (3) noguquko, ukuhlonyiswa nokuthuthukiswa kanye nokwenziwa kwemboni yezokuthutha ibe yimboni ehlelekile.

2.3.        Lolu hlelo lukazwelonke oluzoqhubeka inyanga yonke luzogxila emikhakheni ehlukahlukene yemboni yezokuthutha. Lokhu kuzofinyelela kuvuthondaba ngokubanjwa komhlangano kazwelonke wezamatekisi ongukhukhulelangoqo, phecelezi i-National Taxi Lekgotla, ekupheleni kukaMfumfu 2020, okungumhlangano ozohlanganisa yonke imibono nezinqumo ezathathwa emihlanganweni yezifundazwe yezamatekisi, ama-Provincial Taxi Makgotla. 

C.           Imithethosivivinywa

1.            Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo sowezi-2020

1.1.        IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo sowezi-2020 sithunyelwe ePhalamende. Lezi zichibiyelo ziphathelene ikakhulukazi nokwenza lokho okwayalelwa esinqumweni seNkantolo Yomthethosisekelo esakhishwa kwiSahlulelo sika-Phaahla mhla zi-3 kuNhlaba 2019.

1.2.        Izichibiyelo ziqinisa ilungelo lokubhekana nokuqulwa nokwahlulelwa kwamacala ngendlela engachemile futhi enobulungiswa njengoba lokhu kulindelekile njengokuyalela kweSigaba sama-35(3)(n) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ekusetshenzisweni kweSigaba se-136(1) soMthetho Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, wonyaka we-1998 (uMthetho we-111 wonyaka we-1998).

2.            Isichibiyelo Somthethosivivinywa wezoMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) wezi-2020

2.1.        IKhabhinethi likugunyazile ukuthi lo Mthethosivivinywa ushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho we-SAPS, wonyaka we-1995 (uMthetho wama-68 wonyaka we-1995), ukuze uhambelane noMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996 futhi kuqinisekiswe ukuthi umsebenzi wamaphoyisa wenziwa kahle kakhulu futhi ngobunyoninco. 

2.2.        Uhlinzekela, phakathi kokunye, uhlaka lwezinqubomgomo nemithetho yokuphathwa nokulawulwa kombutho wamaphoyisa kanye nokusungulwa kwezinhlangano zabahlali ezisebenzisana namaphoyisa emiphakathini abahlala kuyona. UMthethosivivinywa uzosebenzisa futhi nezincomo ezaphuma kwiKhomishana Yophenyo yase-Marikana eyabe iholwa yiJaji eselathatha umhlalaphansi u-Ian Farlam.

D.           Imicimbi ezayo

USuku Lwamagugu

1.1.        Namuhla, njengoba zingama-24 kuMandulo 2020 kugujwa uSuku Lwamagugu ngaphansi kwesiqubulo seNyanga Yamagugu esithi: “Sibungaza Amagugu Angabantu Abaphilayo baseNingizimu Afrika”.

 UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo eqondiswe esizweni, ezosakazwa kumabonakude.

1.2.        Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi basebenzise iNyanga Yamagugu ukubungaza amasiko kanye namagugu ethu anothile, futhi bazibandakanye emisebenzini yokwakha isizwe kanye nokuletha ubumbano emphakathini. UMongameli u-Ramaphosa ubakhuthazile abantu baseNingizimu Afrika ukuthi nabo babe yingxenye yesimangaliso somdanso  oshisa izikhotha emhlabeni wonke jikelele kulezi zinsuku,  ngokuthi bazibandakanye kwinselelo yokudansa umdanso we-Jerusalema ngoSuku Lwamagugu.

1.3.        IKhabhinethi lizwakalise ukulithokozela kakhulu ikhono nobuhlakani obumangalisayo buka-Master KG (igama lakhe langempela okungu-Kgaogelo Moagi) ekukhiqizeni ingoma esihloko sithi Jerusalema, okuyingoma edume kakhulu okucula kuyona nomculi futhi ongumbhali wezingoma, uNomcebo Zikode. IKhabhinethi liyababonga ngokuwaveza obala amakhono nobuciko obumangalisayo baleli lizwe, kuleli noni lengoma eshisa izikhotha emhlabeni wonke. BangamaNxusa ethu asemthethweni ezobuCiko Namasiko asimele emhlabeni wonke jikelele.

E.            Imiyalezo

1.            Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lithumele amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba:

1.1.        umseshi ongumakadebona, usigaxamabhande u-Lieutenant-Colonel Charl Kinnear, owabulawelwa ngaphandle komuzi wakhe e-Bishop Lavis eKapa. Bese kuphele amashumi amathathu eminyaka esebenzela i-SAPS ngokuzinikela okukhulu futhi ubephenya amacala obugebengu obuhleliwe kuleli.

1.2.        uSayitsheni u-Thabile Mapoma, obulawe ngesihluku esesabekayo eKhayelitsha esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.

1.3.        ilungu loMkhandlu Wesigungu Sabaphathi Senhlangano Yebhola Lombhoxo yaseNingizimu Afrika (i-SA Rugby), uMnu Monde Tabata, obeseneminyaka engama-60 ubudala. UMnu Tabata ubenentshisekelo enkulu ekuqinisekiseni ingomuso lebhola lombhoxo elibandakanya umuntu wonke futhi elinempumelelo eNingizimu Afrika.

1.4.        uMfundisi Emmanuel Motolla webandla i-Zion Christian Church (i-ZCC). IKhabhinethi liphinde futhi ladlulisa amazwi enduduzo kumalungu e-ZCC futhi lifisa sengathi uSomandla angabapha amandla futhi abenze baqine kulesi sikhathi esinzima.

F.            Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.            I-Ejensi Yokuxhaswa Kwamabhizinisi Amancane Ngezimali (i-sefa):

a.            Mnu Mxolisi Dalukhanyo Matshamba oqashwe njengoMphathi Omkhulu;

b.            Nksz Sedzani Mudau (oqokwe njengoMqondisi Ongekho Ezingeni Lokuphatha kwiBhodi ye-sefa);

c.            Nksz Ziyanda Buthelezi-Ngcobo (oqokwe njengoMqondisi Ongekho Ezingeni Lokuphatha kwibhodi ye-sefa); kanye no

d.            Nksz Hilda-Marie Tsoadi (omele iSikhungo Sezokuthuthukiswa Kwezimboni kwiBhodi ye-sefa).

2.            I-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-Seda):

a.            Dkt Joy Ndlovu oqokwe njengoSihlalo weBhodi ye-Seda; kanye no

b.            Dkt Stella Bvuma (oqokwe njengoMqondisi Ongekho Ezingeni Lokuphatha kwiBhodi ye-Seda).

3.            Ukwelulwa kwenkontileka yokuqashwa isikhathi esinqunyiwe ka-Mnu Ian van Niekerk njengoMphathi Wezimali Omkhulu (u-CFO) we-Broadband Infraco.

4.            Mnu Molatlhegi Khunou Kgauwe oqashwe njengo-CFO we-Ejensi Yombuso Yezobuchwepheshe Bolwazi.

5.            Nksz Marelize Potgieter oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Wophiko Lwezokuphathwa Kwenkantolo eHhovisi leNhloko Yamajaji.

6.            Mnu Brightboy Nhlakanipho Nkontwana oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lwezokuxoxisana, Ubudlelwane Babasebenzi Nabaqashi kanye Nezemiholo eMnyangweni Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo.

Imibuzo: Nksz Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore