IKhabhinethi lihlangane ngoLwesihlanu, mhla wesi-8 kuZibandlela 2023 ukuyodingida ngezindaba ezasala kuMhlangano weKhabhinethi owawubanjwe mhla wama-29 kuLwezi 2023.

A. Ezisematheni

1.IMbizo kaMongameli ye-11 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda – eSifundeni sase-Lejweleputswa eFreyistata.

1.1    ​​​​​IKhabhinethi liyiphawulile inqubekelaphambili eyenziwa nguhulumeni ukuthi abhekane nezinselele zokulethwa kwezidingonqangi ezibhekene nabantu bakithi kanye nendlela umphakathi ozizwa ngayo ngesikhathi seZimbizo zikaMongameli. Ikakhulukazi inqubekelaphambili eyenziwe nguMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) eholele ekuqokweni kwe-Vaal Central Water njenge-Ejenti Ebhekelele Umsebenzi ezobheka iZinselele zengqalasizinda Yezokuthuthwa Kwendle kuMasipala Wendawo wase-Matjhabeng, obukade ungasasebenzi iminyaka engaphezu kweyishumi. Igunya lokungenelela lehlukaniswa kaThathu (3), okuyilokhu (i) iZihlanzimanzi (ama-WWTW), (ii) Iziteshi ezimpompa indle kanye (iii) naMapayipi Nezitamukoko Zendle. I-DWS isithole imali yeminyaka emine ukuthi iqede umsebenzi olindelekile. Ukufika manje i-DWS isisebenzise iZigidi ezingama-R394 kulokhu okulandelayo:

 1.2 Ukulungiswa noma ukwenziwa kangcono kweZihlanzimanzi (ama-WWTW). 

  • Okungama-WWTW ayi-11 esewonke nayisi-9 angasebenzi. 
  • I-WWTW eyodwa (i-Theronia) yaphothulwa ngoNhlaba wezi-2023.
  • Osonkontileka ababili baqokiwe ukuthi basebenze kwiSihlanzimanzi sase-Thabong nesase-Kutlwanong. 
  • Ukulungiswa kweSihlanzimazi sase-Thabong kusele ngama-50% ukuthi kuphothulwe.
  • Ukulungiswa kweSihlanzimanzi sase-Kutlwanong kusele ngama-23% ukuthi kuphothulwe.

1.3 Ukulungiswa kweZiteshi Ezimpompa Indle: 

  • Zingama-57 seziphelele kanti ezingama-52 azisebenzi. 
  • Osonkontileka abayi-10 baqokiwe ukuthi balungise iziteshi zokumpompa ezingama-26 kanti kusele ngama-34% ukuthi kuphothulwe.

 1.4 Ukuvulwa kwamapayipi athutha indle kanye nezitamukoko eziminyelene:

  • Amapayipi endle ayi-1 543 km, acinene.
  • Osonkontileka abayisi-7 baqokelwe e-Kutlwanong, e-Thabong ext 1,2,3&4, nase-Henneman.
  • Amapayipi endle alinganiselwa ku-128km kwangama-463 km asekhucululiwe.
  • I-DWS ibheka indlela yokuthenga imishini kanye nezinsizakusebenza ezizosiza umasipala ngemisebenzi kanye nokunakekelwa ukuze kuzoncipha ukuchitheka kwendle.

1.5 Izinkinga zokuphakelwa kwamanzi koMasipala Bendawo i-Matjhabeng kanye ne-Nala ezidalwa ukuguga kwengqalasizinda kanye namanzi amaningi avuzayo, kanye neNgqalasizinda ebinganakekelwa iminyaka elinganiselwa kweyi-10 kanye nokungakhokhelwa kwezinsizakalo. UMnyango ubeke izigidi ezingama-R243.7 ngoMfumfu wezi-2023 ukuze kuzolungiswa ama-WWTW ase-Balkfontein nase-Virginia kanye namapayipi amanzi. Izinkampani ezinhlanu sezivele zilethile ama-oda okulungisa iziteshi zokumpompa kanye negumbi le-chlorine kwiZihlanzimanzi. 

2. Ukukhishwa kwabantu baseNingizimu Afrika e-Gaza 

2.1 IKhabhinethi lamukele ukubuya ekhaya kwabantu baseNingizimu Afrika abayi-19 abebevaleleke e-Gaza. INingizimu Afrika idlulisa ukubonga kuHulumeni wase-Egypt ngokuvumela izakhamuzi zakithi ukuthi zedlule ngomgudu we-Rafah Crossing ophumela ezweni labo.

2.2 INingizimu Afrika inxusa ukubekwa kwezikhali njengamanje futhi okungunomphela kanye nokuqala kwezingxoxo ezizoqeda udlame oluqubuka ngenxa yolawulo lwezempi futhi licela ukuthi kube nesisombululo esizosebenzela wonke umuntu nesizoba ngunomphela.

3. Ukuphela kweminyaka eyi-10 kwadlula emhlabeni uMongameli u-Nelson Mandela

3.1 IKhabhinethi lihlanganyele nesizwe ekukhumbuleni impilo kanye nomlando kababa wesizwe futhi owaba nguMongameli wethu wokuqala owakhethwa ngentando yeningi labantu, u-Nelson Mandela.

3.2 Njengoba siphokophelele phambili kwingqophamlando yeMinyaka engama-30 yeNkululeko ngowezi-2024, kanjalo nokhetho lwesikhombisa lukaZwelonke kanye neZifundazwe, singasho nje singananazi ukuthi intando yethu yeningi labantu isalokhu inamandla. 

B. Ezakamuva zeKhabhinethi

1. Okuqhubekayo ngeSikhwama Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi (i-NSFAS)

1.1 ​​​​​Njengengxenye yokuqinisekisa ukuthi sime ngomumo uma unyaka wokufunda wezi-2024 kulaba abaqede umatikuletsheni uqala, iKhabhinethi litshelwe kafushane ngezinyathelo ezibekiwe ukugwema izinselele ezibekhona ku-NSFAS ngonyaka wokufunda wezi-2023. UNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uzokhipha imininingwane egcwele ngezinyathelo ezizothathwa ukwenza ngcono ukusebenza kwe-NSFAS. 

2. UMklamo we-PetroSA Wokubuyiselwa kwe-GTL

2.1 IKhabhinethi litshelwe ngezakamuva ngenqubekelaphambili ngomsebenzi wokubuyiselwa kwendawo yokucwenga i-Mossel Bay GTL njengengxenye ebalulekile yeqhingasu lokuguqula umsebenzi e-PetroSA. IKhabhinethi litshelwe ngenqubo elandelwa yi-CEF ukuthola okuzosetshenzisanwa nabo abanezinsiza zokusebenza kanye nemali yokweseka i-PetroSA ekubuyiseni ukusebenza ngokuphelele kwesicwengi. Loyo oyokhethwa ukuthi kusetshenzisanwe naye uzoba yingxenye yobungozi kanye nezinzuzo zokubuyiselwa kwesicwengi. 

2.2 Ukubuyiselwa kwesicwengi kunamandla okugcina okungenani imisebenzi eyizi-2 000, kanye namanye amathuba emisebenzi ayizi-4 000 ngesikhathi sokwakhiwa kwaso. 

IKhabhinethi ligunyaze isincomo se-PetroSA sokukhetha i-GazpromBank Africa njengabatshalizimali okuzosetshenzisanwa nabo ukulungisa isicwengi kanye nokukhiqiza. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi ukukhethwa kwe-GazpromBank kume kwiSinqumo Esingujuqu Sotshalomali esizophuma odabeni lwamabhizinisi enza kahle ngokwezimali, kanjalo nemigomo nemibandlela okubhekwe ukuthi iphothulwe ngoMbasa wezi-2024. 

C. Izinqumo zeKhabhinethi

1. UMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla

1.1 IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza ukushicilelwa koMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla, ocacisa indlela yokubhekana nezinselele eziqhamukayo ohlelweni lokuthuthwa kwempahla nokuhloswe ngawo ukuguqula indlelakusebenza esikhathini eside.  Izinselele ezikhona ohlelweni lokusebenza lokuthutha kwempahla lubonisa ingqinamba enkulu ekukhuleni komnotho nasekusungulweni kwemisebenzi. Umphumela walokhu uyazwakala kakhulu ekulahlekelweni yimisebenzi emikhakheni yezimayini neyokukhiqiza.

1.2 Okubekwe eqhulwini njengamanje ngukuletha uzinzo kanye nokwenza ngcono ukusebenza kojantshi bezitimela ezithutha impahla, nebonisa ukuba yisithiyo esikhulu ekuthunyelweni kwempahla kwamanye amazwe. Indlela ehamba phambili yokuqaliswa kwezingenelelo zesikhathi esifushane izokwengamela ukusebenza kangcono kwiMigudu emihlanu (5), ngokuhambisana nohlelo loKuguqula indlela yokusebenza egunyaziwe yakwa-Transnet ecacisa izinyathelo zesikhathi esifushane nesiphakathi zokwenza ngcono ukusebenza kanye nokuletha uzinzo ezimalini zenkampani. UMhlahlandlela ucacisa izindawo ezintathu okufanele kungenelelwe kuzona ukuze kuzoba ngcono ukusebenza kwezitimela:

1.2.1 Ukusebenza nokwenziwa ngcono kwamaguzu: Lokhu kubandakanya ukubuyiswa kwemishini edonsa izitimela ukuthi isebenze ngokwezivumelwano ne-Original Equipment Manufacturers (ama-OEM) ukuqinisekisa ukuthunyelwa kwemishini yokukhanda, noma ngokuqokwa kwe-OEM ezongenelela.

1.2.2 Ukuvikeleka nokuphepha kwezitimela - okubandakanya ukusebenzisana nabomthetho. 

1.2.3 Uhlelo lotshalomali lokuqhuba umsebenzi oluzosetshenziselwa izinhlelo zokunweba kanye nokusimamisa ukusebenza.

1.3 Ukwengeza kulokhu, uMhlahlandlela ucacisa indlela yokuqalisa izethembiso ezenziwa kwiNqubomgomo Kazwelonke Yezezitimela kanye neNqubomgomo Kazwelonke Yamachweba Entengiselwano kanye nezinhlelo zokuguqula indlelakusebenza yokuthuthwa kwempahla.

2. UHlaka Olusahlongozwa Lokusebenzisana Nomkhakha Ozimele Wezitimela

2.1 IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza uHlaka Olusahlongozwa Lokusebenzisana Nomkhakha Ozimele Wezitimela.  Lolu Hlaka kuhloswe ngalo ukuletha indlela yesikhashana yokusebenza kanye nendlela yokuthatha izinqumo esikhathini esizayo ukuze kuzovumeleka ukubandakanywa komkhakha ozimele kwindlelakusebenza yengqalasizinda yezitimela. Ngokubheka izinselele ezikhona ngaphakathi kwingqalasizinda yezitimela, uHlaka lwe-PSP yezitimela lwethula ukuqaliswa kokusebenzisana nomkhakha ozimele ngokusebenzisa amathuba okuhloswe ngawo ukulungisa ingqalasizinda yezitimela kuqala.

2.2 UHlaka lwe-PSP yezitimela luncome ukwamukelwa ukuphatha ngokubambisana kanye nendlela edidiyelwe yokubandakanywa komkhakha ozimele wezezitimela ukuthi kuqaliswe. Ngokunjalo, le ndlela ihambisana ngokuphelele ne-PFMA kanye noMthetho Wezinkampani kanti futhi izodinga uphiko lwe-PSP ngaphakathi kuMnyango Wezokuthutha kanye neNkampani kaHulumeni Yezezitimela (i-SOC) ukuthi ishicilele isitatimende esigunyazwe uHlelo Lokulawula Umnotho Wezitimela (wesikhashana).

2.3 Ngokugunyazwa koHlaka lwe-PSP Yezitimela, uMnyango Wezokuthutha uzosungula uphiko lwe-PSP oluzothola luphinde lubeke phambili imiklamo bese luqhamuka nohlelo lokuqalisa ukusebenza kwezinhlelo ze-PSP. 

3. UHlelo Lukagesi Oludidiyelwe (i-IRP) lwezi-2023

3.1 IKhabhinethi licubungule lwaphinde lagunyaza ukushicilelwa koHlelo Lukagesi Oludidiyelwe lwezi-2023 ukuze umphakathi uzophawula ngalo futhi kuxoxiswane ngalo.  I-IRP yezi-2023 ehlongozwayo ibuyekeza i-IRP yangowezi-2019 futhi ifaka izikhathi ezizayo ezimbili, okungunyaka wezi-2030 kanye nowezi-2050. Ukuhlawumbisela okuningana okwakuqukethwe kwi-IRP yangowezi-2019 sekuguqukile, kubandakanya nokuhlawumbiselwa kokufuneka kukagesi, indlela esetshenziswa ngu-Eskom ukubheka ugesi okhona, uhlelo luka-Eskom lokuvala iziphehlimandla zelahle, kanjalo nezindleko zobuchwepheshe obusha besiphehlimandla. 

3.2 Isikhathi sowezi-2030 (Isikhathi Sokuqala) sigxile ekubhekaneni nezingqinamba eziqhamuka ekuphehlweni kwamandla kagesi, kanti isikhathi sowezi-2031 kuya kowezi-2050 (isikhathi Sesibili) sigxile ekucwaningeni izindlela ezididiyelwe zokuthunyelwa kukagesi ukuze kuzoqinisekiswa ukuthunyelwa kukagesi okusimeme. 

3.3 Isikhathi Sokuqala – kusungulwe izimo ezinhlanu zaphinde zahlolisiswa ngokubuka isimo sokulungela imiklamo okumele iqalwe. Izimo ezibhekiwe zibandakanya kuqala i-RMIPPPP, i-REIPPPP 5 kanye nemiklamo yamabhizinisi okuyimanje iyaqhubeka. Okwesibili, zonke izinhlelo zemiklamo esezinosuku olubekiwe lokuqala umsebenzi (i-COD) kanye nendawo ebekiwe.  Okwesithathu, zonke izinhlelo zemiklamo ebandakanya leyo enganawo umthamo kagesi obekiwe, i-COD, kanye nendawo ebekiwe. Ukwengeza kulokhu, izimo ezimbili, esisodwa esinezeluleko kanye nohlelo lwegesi, bese kuthi esinye sona sesekwe ekusebenzeni kwesiphehlimandla ngokuhambisana nohlelo lokuvuselelwa kwezamandla olubonisiwe.

3.4 Isikhathi Sesibili, kucutshungulwe izindlela zokuthumela ugesi eziyisithupha ukuze zizohlolisisa umphumela wobuchwepheshe bezamandla obehlukene ukuqinisekisa ukuthunyelwa kukagesi kuleli lizwe okungezukumba eqolo emnothweni. Indlela okwelulekwe ngayo isungula izinga lokuqhathanisa nezinye izindlela futhi ibheke ukuthi izindleko zibe phansi. Ezinye izindlela eziyisihlanu zesekwe phezu kwezimiso zenqubomgomo ethile futhi zakheke ukuthi zikwazi ukuhlola isimo.  Lezi zimiso zenqubomgomo zakhiwa ngokugxila endleleni yokuphehla ugesi enciphisa ukukhishwa kwekhabhoni, ukuvalwa kweziphehlimandla zelahle ezikhona uma kudlula unyaka wezi-2035, kanye nokuhlola ubuchwepheshe belahle obungangcolisi imvelo kubandakanya ukungakhiphi ikhabhoni. 

4. INqubomgomo Kazwelonke Esahlongozwa Yamalayisensi Amabhizinisi

4.1 IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza iNqubomgomo Kazwelonke esahlongozwa Yamalayisensi Amabhizinisi ukuze umphakathi uzophawula ngayo.  INqubomgomo Kazwelonke esahlongozwa Yamalayisensi Amabhizinisi kuhloswe ngayo phakathi kokunye, lokhu okulandelayo:

4.1.1 Ukuhlinzekwa kwamalayisensi okuqhuba amabhizinisi ngendlela eneqiniso, ecace bha futhi elandela umthetho nangendlela ezovumela izakhamuzi ukuthi zibambe iqhaza kwezomnotho. 

4.1.2 Ukuqinisekisa nokucacisa ilungelo leNingizimu Afrika kuphela lokukhetha imibandela yamalayisensi okuqhuba amabhizinisi ngokuhambisana nalokho okudingwa ilizwe lonke.

4.1.3 Ukuthuthukiswa nokuqaliswa kwezinhlelo zamalayisensi ngendlela enobuchule nesebenzayo enganciphisi nje kuphela umthwalo wokulawula, kodwa ephinde icijise imiphakathi ebinganakiwe, ngesikhathi inciphisa umthwalo wokuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa kanye nokulawula ukuqhuba ibhizinisi ngendlela elula

D. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa weNkampani eyi-SOC

1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa weNkampani eyi-SOC. Lo Mthethosivivinywa uhlongoza lokhu okulandelayo:

1.1.1 Ukuhlanganiswa kwamasheya kaHulumeni ezinkampanini eziphethwe nguhulumeni. 

1.1.2 Ukusungulwa kwenkampani i-State’s Asset Management SOC Ltd njengenkampani ezophatha amasheya ombuso ama-SOE, bese kuthi umbuso kube nguwona wodwa ongumnini-masheya

E.Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisiswe ngokufanele.

1. UMphathi Omkhulu we-Road Traffic Management Corporation

1.1 Ukuqashwa futhi kuka-Adv. Makhosini Msibi njengoMphathi Omkhulu we-Road Traffic Management Corporation (i-RTMC) isikhathi esiyiminyaka emithathu.

2. Amalungu e-Vaal-Orange Catchment Management Agency

2.1 Mnu. Desmond Solomon Fransman (uSihlalo);

2.2 Nks. Tsakane Zwane (iPhini likaSihlalo);

2.3 Mnu. Hubert Thompson;

2.4 Nks. Nontuthuzelo Njeza

2.5 Mnu. Nakana Lazarous Masoka;

2.6 Nks. Ponatshego Lizzy Mothibi 

2.7 Nks. Doris Liana Theresia Dondur; 

2.8 Nks. Dichikane Rachel Mashego; kanye  

2.9 noMnu. Louis Van Oudtshoorn. 

3. Ongene esikhundleni soMqondisi ongeyena uMphathi we-Road Accident Fund Board

3.1 Mnu. Khotso James Sello 

4. Abaqondisi Abangebona Abaphathi be-Road Traffic Infringement Agency Board

4.1 Mnu. Bonolo Molemo Ramokhele (uSihlalo)  ophinde wabekwa

4.2 Dkt. Dorcus Khosa-Shikwambana (ophinde wabekwa)

4.3 UMmeli Sibongile Mzinyathi (ophinde wabekwa)

5. Amalungu e-Railway Safety Regulator Board

5.1 Nks. Nompumelelo Sibongile Ekeke (uSihlalo) – ophinde wabekwa

5.2 Mnu. Sisa Lunga Mtwa (iPhini likaSihlalo) – ophinde wabekwa

5.3 UMmeli Johannes Collen Weapond (ophinde wabekwa)

5.4 Nks. Zamakhanya Makhanya;

5.5 Nks. Nolitha Pieterson;

5.6 Slz. Tshepo Herbet Mongalo;

5.7 Mnu. Lungi Maminza;  

5.8 Mnu. Tawana Mopeli; 

5.9 Nks. Sibusisiwe Nomfundo Molefe 

5.10 Nks. Xoliswa Njokweni - Mlotywa

6. Abaqondisi Abangebona Abaphathi beBhosi Elilawula i-Passenger Rail Agency of South Africa

6.1 Nks. Nosizwe Nokwe-Macamo (ophinde wabekwa)

6.2 UMmeli Simanga Sethene (ophinde wabekwa)

6.3 Mnu. Mukhuba Matodzi (ophinde wabekwa)

6.4 Nks. Thinavhuyo N Mpye (ophinde wabekwa)

6.5 Dkt. Reabetswe Kgoroeadira

6.6 USolwazi Jan Havenga

6.7 Nks. Happy Ralinala

6.8 Mnu. Johannes Boy Nobunga

F. Imicimbi ezayo

1. USuku Lokubuyisana Lukazwelonke

1.1 UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo emcimbini wokubungaza uSuku Lokubuyisana Lukazwelonke ozoba mhla we-16 kuZibandlela 2023 e-Thohoyandou Stadium kuMasipala wase-Thulamela, eSifundeni sase-Vhembe, eLimpopo.

G. Imiyalezo

Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

1. Mnu. Dan Marokane ngokuqokelwa esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu wakwa-Eskom 

2. Mnu. Othniel Tshepo Monaheng njengoMphathi Omkhulu wase-DENEL 

3. I-Blitzboks ngokuhlabana ngesicoco se-Dubai Sevens futhi iKhabhinethi libafisela okuhle kodwa njengoba belungiselela i-Cape Town Sevens mhla wesi-9 kuya mhla we-10 kuZibandlela 2023.

Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:

1. Abasebenzi basemayini abayi-13 abadlule emhlabeni emva kokulimala engozini eyenzeke kamuva emayini e-Impala Platinum. Amagama alaba basebenzi basemayini abashone kule ngozi yilawa: uKhayalethu Joel Bhekamane, uVuyani Dangazele, uMgcineni Dlabone, uMncedisi Hukwana, u-Eric Fanisile Libada, uMorena Mohlomi, u-Petrus Nare, uMandisi Nkulwana, uZwelethu Nomsuka, uReselebedi Elias Ntoi, uSiyabulela Nzume, uLethola Qeba, kanye noMarumo Shasha.

2. Isishoshovu esingumsebenzi wezempilo, umcwaningi kanye nesifundiswa esinguSolwazi Harry Seftel, osebenze iminyaka engaphezu kwengama-50 eNyuvesi yase-Witwatersrand eMnyangweni Wezokufundela Ubudokotela, waphinde wazinikela ekufundiseni odokotela kanye nabacwaningi.

3. U-Jermaine Craig, umsebenzi owaziwayo kwezezindaba, intatheli kanye nomphathi waphambilini wezokuxhumana weKomiti Elalihlela Indebe Yomhlaba ye-FIFA ngowezi-2010.

Umyalezo kaKhisimuzi

IKhabhinethi lifisela bonke Abantu baseNingizimu Afrika kanye nezivakashi ezivakashele izwe lethu, amaholidi anokuphumula. Khumbula Ukuhlala Uphephile emigwaqeni ngokushayela ngesivinini esivumelekile, ukuvula igebe elanele emotweni oyilandelayo, kanye nokuthatha ikhefu uma ushayela ibanga elide. Sithanda ukuphinde sinxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale bephephile futhi bavikele impahla yabo kodwa uhulumeni usalokhu eqinisekisa ukuthi izinhlelo ezibekiwe ukugcina abantu baseNingizimu Afrika nabobonke abasezweni lethu bephephile ngesikhathi samaholide zizoba yimpumelelo.

Kubobonke abezindaba abasisizile ukuthi sedlulise izinqumo zeKhabhinethi ezibalulekile, siyabonga ngokusebenzisana kulo nyaka futhi sizokuthokozela ukuphinde sisebenzisane ngonyaka wezi-2024.

Imibuzo:

Nks Nomonde Mnukwa
iBamba likaSomlomo kaHulumeni

Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Sikhishwe: uPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)

Usuku: uLwesine, mhla we-11 kuZibandlela 2023

www.gcis.gov.za; www.gov.za

Share this page

Similar categories to explore