UMongameli u-Cyril Ramaphosa: Inqubekelaphambili yeNingizimu Afrika emizamweni kazwelonke yokunqanda ubhubhane lwegciwane le-Corona (i-COVID-19)

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sinezinsuku eziyishumi nanye singenile onyakeni omusha.

Ngiyaphinda futhi, ngifisela wonke umuntu okuhle kodwa onyakeni wezi-2021.

Siqala lo nyaka ngethemba elikhulu - ithemba lokuthi sizobuyisela isizwe sakithi empilweni, ithemba lokuthi unyaka omusha uzolethela abantu bakithi ukukhululeka nokududuzeka, nokuthi izimpilo kanye nezindlela zokuziphilisa zizophinde zakheke.

Kodwa, uma sizofeza izifiso zethu zonyaka, kumele sibumbane ukuze sizonqoba ubhubhane lwegciwane le-corona olubhubhisayo, olusibelesele nolujule kakhulu.

Ubhubhane ezweni lakithi seluyingozi kakhulu.

Inani lezigameko ezintsha zokusuleleka, abantu abangeniswa ezibhedlela kanye nabashonayo seliphezulu manje ukwedlula isikhathi lapho kwaqala ukubikwa ngesigameko sokuqala segciwane ezweni lakithi ngoNdasa wezi-2020.

Kusukela ngoNcibijane, sesiqophe cishe izigameko ezintsha zokusuleleka ngegciwane le-corona eziyizi-190 000.

Izwe seliqophe inani labashonayo ngenxa ye-COVID-19 elingaphezu kwezi-4 600 kulo nyaka.

Kusukela kwaqubuka ubhubhane, iNingizimu Afrika isiqophe inani elihlanganisiwe lezigameko ze-COVID-19 elingaphezu kwesigidi esi-1.2.

Sesiqophe inani labashonayo elingaphezu kwezi-33 000 kanye nabanye abantu abangaphezu kwezi-148 000 asebengeniswe ezibhedlela.

Njengesilinganiso senanibantu, isifundazwe esinesilinganisonani esiphezulu sezigameko zegciwane ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule iKwaZulu Natali, ilandelwa iNtshonalanga Kapa, i-Gauteng, i-Limpopo kanye neMpumalanga.

Izigameko ezintsha zokusuleleka KwaZulu Natali kanye naseNtshonalanga Kapa zikhule ngesivinini futhi sezedlule inani eliphezulu kakhulu langesikhathi sehlandla lokuqala.

Ukusuleleka ngegciwane e-Gauteng kuyanda kakhulu futhi kulindeleke ukuthi kukhuphuke kakhulu njengoba abahlali base-Gauteng bezobuyela esifundazweni emuva kwamaholide kakhisimuzi.

Noma kunjalo, kusiqinisa idolo ukuthi izinga lokusuleleka okusha eMpumalanga Kapa, noma lisesephezulu, lehlile manje uma liqhathaniswa naphakathi noZibandlela.

Ezingxenyeni eziningi zezwe, izinga labantu abangeniswa ezibhedlela likhuphuke kakhulu uma liqhathaniswa nehlandla lokuqala.

Njengamanje kunabantu abangaphezu kwezi-15 000 abane-COVID-19 abasezibhedlela ezweni lonke, lokho okuletha ingcindezi ezikhungweni zezempilo, kubasebenzi kanye nezinsizakusebenza.

Ingxenye yokuthathu yeziguli ze-COVID-19 ezisezibhedlela zixhunywe emishinini esiza ngomoya wokuphefumula.

Ngakho-ke, kuzogxilwa kakhulu ezikhungweni zethu zezempilo ukuze kwandiswe ukuhlinzekwa kwemishini esiza ukuphefumula nokusebenzisa imibhede yezibhedlela zesikhashana.

Izikhala zomsebenzi zokwengeza ezazivulekile ziyavalwa, nezinsizakusebenza zokuzivikela ziqashwe ngeso lokhozi ngokuhlanganyela neHhovisi Elibhekele Ukuthotshelwa koMthetho Wezempilo.

Ucwaningo olwenziwe ngososayensi lubonise ukuthi ukukhula okukhulu kokusuleleka ngegciwane kudalwa igciwane elehlukile legciwane le-corona elaziwa ngokuthi i-501.v2.

Leli gciwane latholakala okokuqala eNingizimu Afrika ngoLwezi.

Siyazi ukuthi leli gciwane elehlukile elisha libhebhetheka ngesivinini esidlula igciwane laphambilini.

Lokhu kuchaza iqiniso lokuthi abantu abaningi sebesuleleke kakhulu esikhathini esifishane.

Ulwazi oluvelayo lubonisa ukuthi leli gciwane elehlukile elisha aligulisani kakhulu njengaleli gciwane lasekuqaleni.

Kodwa liyayibeka ingcindezi ohlelweni lwezempilo ngoba izigameko zokwesuleleka ngegciwane zikhuphuka ngesivinini esikhulu futhi nezibhedlela zigcwala ngokushesha.

Kodwa enye yezinto ezibaluleke kakhulu esiyaziyo ngaleli gciwane elehlukile elisha ukuthi singakugwema ukusulelana ngalo ngokusebenzisa izinyathelo ezifanayo nalezo ebesilokhu sizisebenzisa ukuzivikela thina kanye nabanye.

Kumele sikhumbule ukuthi leli gciwane litholakala emoyeni.

Ngakho-ke kumele sigweme lokhu okuchazwa njengo-C abathathu – ama-closed spaces (okuyizindawo ezivalekile), ama-crowded places (izindawo ezinesiminyaminya) kanye ne-close contact (ukusondelana nabanye abantu).

Ngenxa yokuthi igciwane elisha lingasuleleka kubantu abaningi kalula, kubalulekile ukuthi siqaphelisise izindawo esiya kuzo kanye nenani labantu esihlangana nabo.

Akumele siyekele nasinye sezimiso zezempilo ebesilokhu sizilandela.

Kukho konke, igciwane elisha lisho ukuthi kumele sikhuthale kakhulu, sithobele umthetho kakhulu futhi singashintshi ekulandeleni imihlahlandlela efanele yezempilo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngaphandle kobunzima bobhubhane ezweni lakithi, asiphelile amandla.

Njengoba sibonisile ezinyangeni eziyi-10 ezedlule, izenzo zethu zinawo umthelela endleleni nobungako besifo.

Sibonisile ukuthi uma sibambisene, singawenza umehluko.

Njengoba siqala lo nyaka omusha, ngakho-ke masivule indlela eya ekusindeni.

Masivumelane ngokuthi yini okumele siyenze - futhi sizoyenza - ukuze sinqobe lolu bhubhane ngonyaka wezi-2021.

Okokuqala, kumele senze konke okusemandleni ethu ukubambezela izinga lokubhebhetheka kwegciwane, njengoba senza phambilini, sehlise izinga lokusuleleka.

Okwesibili, sizoqalisa ngohlelo olukhulu lokugoma ukuze sizogwema ukutheleleka ngegciwane kubantu bakithi futhi ngalokho sizonciphisa ukubhebhetheka kwegciwane.

Uma sigxila kule misebenzi ephezulu emibili, uma sisebenza ngokuphuthuma nangokwenjongo, sizokwazi ukugwema ukusuleleka okuningi kwegciwane, sisindise izimpilo eziningi, sakhe kabusha umnotho wethu futhi ekugcineni sinqobe lesi sifo.

Umsebenzi wokuqala - ukunciphisa izinga lokusuleleka ngegciwane - sinawo wonke amathuluzi esiwadingayo.

Siyakwazi okumele sikwenze ngamunye, njengemindeni, njengezinkampani, njengemiphakathi.

Ngiyagqugquzeleka kakhulu ngendlela abantu abalisabelele ngayo ikhwela lokugqoka izifonyo njalo uma besezindaweni zomphakathi, njengoba sazi ukuthi lena enye yezindlela ezihamba phambili zokugwema ukusulelana ngegciwane.

Ngifisa ukubonga bonke labo bantu baseNingizimu Afrika abagqoka izifonyo ngaphandle kokwenza iphutha.

Manje ukudlula esinye isikhathi, kumele ngamunye sithathe isinqumo esiqondile sokugwema ukuhlangana okungenasidingo nabanye abantu.

Ngithanda ukuthatha umzuzu ukuthi ngikhulume ngqo ngodaba lwemingcwabo, nokulokhu kutholakala ukuthi yizikhathi 'ezingababhebhethekisi'.

Ukusingatha umngcwabo ukuphelezela othandiweyo osishiyile kugxilile kithina sonke.

Kunemikhuba ethile esiyenzayo ngokuhambisana namasiko nosikompilo lwethu; hhayi nje kuphela ngosuku lomngcwabo kodwa ezinsukwini eziholela ekufihleni.

Kodwa yizo zonke izinto esingeke sikwazi ukuzenza ngalesi sikhathi.

Sibanjwe ubhubhane olushabalalisayo futhi konke lokhu ebesijwayele ukukwenza kwenyusa ukuvuleleka engozini - thina ngokwethu, umndeni olahlekelwe kanye nemindeni yethu emakhaya.

Kuzoba khona isikhathi lapho sizokwazi ukuya ekhaya losishiyile emhlabeni ukuyoduduza, nokulilela ngendlela elungile omakhelwane, abangani nezihlobo zethu.

Kodwa okwamanje, kuhle kakhulu futhi kuphephe kakhulu ukuhlala ekhaya.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Mhla zingama-28 kuZibandlela 2020, samemezela ukuthi iNingizimu Afrika ibekwa Esigabeni Sokuqapha sesi-3 esishintshiwe ukunqanda ukukhuphuka ngesivinini kokusuleleka ngegciwane.

Saphinde samemezela ukuthi izindawo eziningi eMpumalanga Kapa, eNtshonalanga Kapa, KwaZulu Natali, e-Gauteng, eLimpopo naseNyakatho Ntshonalanga zahlonzwa njengezizinda lapho lidlange khona igciwane.

Sesibe nethuba lokubuyekeza izinyathelo ezazibekiwe njengengxenye yesigaba sesithathu esishintshiwe ngokuhambisana nesimo samanje sobhubhane.

Siphinde futhi safakana imilomo nabaholi bezenkolo, izinhlangano zomphakathi, amabhizinisi, ezabasebenzi nabamele uhulumeni wesifundazwe nowasekhaya kanye nobuholi bendabuko ngomthelela walezi zinyathelo.

Ngokwezincomo zoMkhandlu KaZwelonke Olawula Igciwane le-Corona, iKhabhinethi selinqume ukugcina izwe esigabeni sokuqapha sesi-3 esishintshiwe.

Ngakho-ke izinyathelo eziningi ezamenyezelwa ngomhla wama-28 kuZibandlela 2020 zizohlala zinjalo.

  • Ngokubuka ubungozi bokusabalala kokusuleleka ngegciwane, imibuthano eminingi yangaphakathi nangaphandle angeke ivumeleke. Lokhu kubandakanya imibuthano yomphakathi, imibuthano yezenkolo, imicimbi yezepolitiki, imihlangano yomkhandlu wamasiko kanye nemibuthano ezinkundleni zemidlalo.

Njengaphambilini, lokhu akubandakanyi imingcwabo kanye neminye imikhawulo njengoba kubekiwe kwimithethonqubo, njengezindawo zokudlela, izindawo zokugcina amagugu kanye nezindawo zokuzivocavoca.

  • Imingcwabo akumele ibe nabantu abedlula ama-50, futhi kumele kube nokuqhelelana, ukuhlanzwa kwezandla ngesibulali-magciwane kanye nokugqokwa kwezifonyo.
  • Umthetho wesikhathi sewashi usuzoqala ngehora lesi-9 ebusuku usheshe uphele, ngehora lesi-5 ekuseni.
  • Kuseyimpoqo ukuthi wonke umuntu agqoke isifonyo ezindaweni zomphakathi.
  • Ukudayiswa kotshwala ezitolo kanye nasezindaweni zokuphuzela akukavumeleki.

Abosizo lwezempilo ezingxenyeni eziningi zezwe babike ukuthi ukumiswa kokudayiswa kotshwala kwehlise ngokubonakalayo inani lezigameko zokulimala ezibhedlela zethu esikhathini sikaNcibijane.

Kubaluleke kakhulu ukuthi siqhubeke sivikele abasebenzi bethu bezempilo kulesi sikhathi esibaluleke kakhulu.

  •  Wonke amabhishi, amadamu, amachibi, imifula, amapaki omphakathi kanye nezindawo zokubhukuda zomphakathi ezindaweni eziyizizinda zizovalwa ukuthi zingasetshenziswa umphakathi. Njengaphambilini, izingadi ezinezitshalo, amapaki kazwelonke kanye namanye amapaki lapho izinyathelo zokulawula nomkhawulo wokungena ubekiwe zingahlala zivuliwe.

Enye yezinselele esinayo njengoba sekuphela amaholidi kakhisimuzi isiminyaminya esisemingceleni yezwe lakithi.

Lokhu kwenze abantu abaningi bavuleleka ekusulelekeni ngegciwane njengoba belinde ukuthi kuhlolwe ukungena kwabo ezweni futhi sekube nzima ukuqinisekisa ukuthi izidingo zezempilo zikhona, ngenxa yabantu abaningi abafika bengenabo ubufakazi bokuhlolelwa i-COVID-19.

Ukunciphisa ukuminyana nobungozi obukhulu bokusulelana ngegciwane, iKhabhinethi isinqume ukuthi imingcele engama-20 engenela kuleli lizwe evuliwe njengamanje ivalwe ukungena nokuphuma kukawonkewonke kuze kube umhla we-15 kuNhlolanja.

Lokhu kubandakanya imingcele ehlezi igcwele eyisithupha, i-Beitbridge, i-Lebombo, i-Maseru Bridge, i-Oshoek, i-Ficksburg kanye ne-Kopfontein.

Abantu kodwa basazovumeleka ukungena noma ukuphuma ezweni ngalezi zizathu:

  • ukuthuthwa kukawoyela, impahla ethwelwe ngomkhumbi kanye nezimpahla,
  • uma udinga ukwelashwa okuphuthumayo ngesimo esingahle sikubulale,
  • ukubuya kwabantu baseNingizimu Afrika, izakhamuzi zalapha noma abantu abanezimvume,
  • amanxusa,
  • ukuhamba kwabantu basemazweni angaphandle,
  • abagibeli bansuku zonke abasuka emazweni angomakhelwane abafunda eNingizimu Afrika.

Uhlu olugcwele lwabavumelekile luzoshicilelwa kwimithethonqubo.

Kuyadingeka ukuthi sigcine izinyathelo zeSigaba Sokuqapha sesi-3 size sedlule izinga eliphezulu lokusuleleka okusha futhi sesinesiqiniseko sokuthi izinga lokwesuleleka selehle ngokwenele ukusivumela ukuthi sixegise ngokuphephile imikhawulo ebekiwe.

Ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami emphakathini wezenkolo ikakhulukazi ngokusekela kwabo kanye nokuqondisisa ngesikhathi salolu bhubhane.

Izinhlangano zenkolo azigcinanga nje ngokubeka umkhawulo noma ukushintsha indlela yokukhonza neminye imisebenzi, ziphinde zahlinzeka ngokweluleka, ukweseka, izinhlelo zokuphakela ukudla abaswele kanye nosizo lwezenhlalo emiphakathini.

Ngesikhathi lapho abantu bedinga ukududuzeka enyameni nasemphefumulweni, kubuhlungu ngempela ukuthi imikhawulo kwezenkolo neminye imibuthano isalokhu imile.

Ucwaningo lubonise ubungozi obuningi obuvela ezinkonzweni kanye neminye imibuthano. Lokhu kubandakanya ubungozi obuhambisana nezindawo ezivalekile, abantu abaningi, ukusondelana, ukuhlala endaweni eyodwa isikhathi eside, nokukhuluma nokucula kakhulu.

Sizoqhubeka nezingxoxo nabaholi bezenkolo zokuthi sisifeza kanjani ngokuphepha isifiso sabantu bakithi abaningi sokukhonza emabandleni ngesikhathi sisebenza ngokubambisana ukugcina impilo.

Njengoba izikole nezinye izikhungo zemfundo zilungiselela ukuqala unyaka omusha wokufunda, kunokukhathazeka okuqondakalayo mayelana nokuthi ngabe lokhu kuyinto enhle na njengoba siphakathi kwehlandla lesibili lokusuleleka ngegciwane.

Umkhandlu kaZwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona ubhekane nalo lolu daba, futhi sizonikeza umhlahlandlela ngalolu daba ezinsukwini ezizayo.

Njengoba izwe libuyela emsebenzini emuva kokuphumula ngamaholidi, kubaluleke kakhulu ukuthi zonke izindawo zokusebenzela ziqinisekise ukuthi ziyaqhubeka nokuba nezimiso zokuphepha nokuthi ziyathotshelwa.

Umsebenzi wethu wesibili njengoba sibheke ekululameni ukugwema ukutheleleka kubantu bakithi ngohlelo olukhulu lokugoma.

Ukwakhiwa kwemigomo eyehlukene esebenzayo ikhona okubalulekile kakhulu okuphambili futhi okunika ithemba kusukela kwaqubuka ubhubhane lomhlaba.

Besihlale sisho ukuthi umgomo osebenzayo uzoshintsha izinto.

Imigomo izonikeza abantu basemhlabeni indlela yokulawula ubhubhane lwegciwane le-corona.

Umuntu ogomile unamathuba amancane kakhulu okugula futhi abulawe yi-COVID-19.

Uma abantu abaningi sebegomile, sizofika esigabeni esibizwa ngokuthi 'i-herd immunity' (ukuvikeleka kwabantu abaningi) noma 'i-population immunity'.

Lapha ilapho abantu abaningi bevikelekile ekuthelelekeni ngegciwane ukuze kuzovikeleka labo abangagomile, lokho okuzokwenza ukuthi ukubhebhetheka kwegciwane kulawuleke.

Ngesikhathi izinga langempela elidingekayo labantu abazogoma lingaziwa, ososayensi balinganisela ukuthi singafika ezingeni lokuvikeleka kwabantu abaningi uma kungagoma abantu abalinganiselwa kumaphesenti angama-67.

Lokhu kulingana nabantu abalinganiselwa kwizigidi ezingama-40 eNingizimu Afrika.

Sibeke isu lomgomo elicacile ukuze ufinyelele kuzona zonke izingxenye zezwe.

Lona kuzoba ngumsebenzi omkhulukazi nonzima oseke wenziwa emlandweni wezwe lethu.

Uzoba nzima kakhulu ukudlula uhlelo lokulashwa kwe-HIV noma ngisho ukhetho lwethu lukazwelonke, olwezifundazwe nolwasemakhaya ngokwenani labantu okumele kufinyelelwe kubona esikhathini esifishane.

Uzodinga ukuzibandakanya okubonakalayo kwazo zonke izinhlaka zikahulumeni, yonke imikhakha yomphakathi nazo zonke izakhamuzi kanye nabahlali bezwe lakithi.

Isu lethu linezingxenye eziningi.

Ingxenye yokuqala yesu lethu ukuthola umgomo owenele ukuze sizokwazi ukuthi kuvikeleke abantu abaningi.

Siyaqhubeka nokuthola imigomo ngezindlela ezintathu: ngesikhungo se-COVAX yeNhlangano Yezempilo Emhlabeni, ngohlelo lomgomo loBumbano Lwamazwe ase-Afrika kanye nokuxoxisana ngqo nabakhiqizi bomgomo.

Njengoba ngabika phambilini, iNingizimu Afrika iyingxenye yesikhungo somhlaba se-COVAX, lapho amazwe aletha izinsiza zawo ukuzosekela ukwakhiwa kwemigomo ngombono wokuqinisekisa ukuthi wonke amazwe athola ngokulinganayo umgomo osebenzayo.

Sizothola imithamo yomgomo wabantu bakithi abangamaphesenti ayi-10 ku-COVAX.

Njengosihlalo woBumbano Lwamazwe ase-Afrika, sasungula ukubunjwa kweThimba Elibhekene Nokutholakala Komgomo e-Afrika ukuze litholele izwekazi imithamo yomgomo. Le migomo izothengwa ngobuningi futhi amazwe ase-Afrika azokwazi ukuthenga imithamo yomgomo kulesi sikhungo.

Kulinganiselwa ukuthi i-Afrika yonkana izodinga imithamo eyizigidigidi ezi-1.5 ukugoma abantu ababekelwe kumaphesenti angama-60.

Ngokuxoxisana kanzulu nabakhiqizi bomgomo, iThimba selenze umsebenzi omkhulu kakhulu wokutholela amazwe ezwenikazi imithamo yomgomo.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika ubelokhu futhi exoxisana ngqo nabakhiqizi abehlukene bomgomo ezinyangeni eziyisithupha.

Ngokubheka ukudingeka kwemigomo emhlabeni kanye namandla amakhulu okuthenga amazwe acebile anawo, sihlola zonke izindlela zokuthola imigomo eminingi ngokushesha.

Ngesikhathi kusenokuxoxisana okuthembisayo okwehlukene nabakhiqizi abaningi abehlukene okusamele kuphothulwe, kuze kube namuhla sinemithamo eyizigidi ezingama-20 ezothunyelwa kwisigamu sokuqala sonyaka.

Sizokwenza ezinye izimemezelo uma siphothula izingxoxo zethu nabakhiqizi bomgomo.

Ingxenye yesibili yesu lethu ukuqoka amaqembu abantu abaseqhulwini okumele bagonywe uma sithola umgomo kulo nyaka.

Esigabeni soku-1, ngeqoqo lokuqala lomgomo, sizobeka eqhulwini abasebenzi bezempilo abasebenza phambili abalinganiselwa kwisigidi esi-1.2.

Esigabeni sesi-2, uma sithola eminye imigomo, sizobeka eqhulwini abasebenzi abenza imisebenzi ebaluleke kakhulu abafana nothisha, amaphoyisa, abasebenzi bakamasipala kanye nabanye abasebenzi abasebenza phambili. Sizophinde sibeke eqhulwini abantu abasezikhungweni ezifana namakhaya anakekela abantu abadala, amakhaya anakekela abangenamakhaya kanye namajele, abantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala kanye nabantu abanezifo eziyimbelesela. Inani eliphelele esihlele ukufinyelela kulo kulesi sigaba lilinganiselwa kwizigidi eziyi-16 zabantu.

Esigabeni sesi-3, ngokwanda komgomo ovela kubakhiqizi, sesizobe sesigoma abantu abadala abasele abalinganiselwa kwizigidi ezingama-22.5 zabantu.

Sizobe-ke sesifinyelele kubantu baseNingizimu Afrika abalinganiselwa kwizigidi ezingama-40, lokhu okuthathwa njengesilinganiso sabantu abaningi abavikelekile.

Ingxenye yesithathu yesu lethu ukusabalalisa imigomo ezweni lonke nokuyinikeza labo abaqokiwe ukuthi bayithole.

Sesisungule ikomidi likazwelonke lokuxhumanisa, elizohlanganisa iminyango ebalulekile kahulumeni, umkhakha ozimele kanye nabanye ababambiqhaza ukuze lizophatha ukuqaliswa kokusebenza kwesu lethu likazwelonke.

Sizokhipha imigomo ezibhedlela, emitholampilo, ezinhlelweni zomphakathi nemitholampilo engomahambangendlwana, kanye nasezindaweni zangasese ezifana namahhovisi odokotela, amakhemisi nezindawo zokusebenzela.

Sesibe nezingxoxo ezehlukene nababambiqhaza emavikini aqeda kudlula ukuqinisekisa umkhankaso womgomo ohlelwe kahle nobandakanya wonke umuntu.

Ubudlelwano sebakhekile phakathi kukahulumeni, izikimu zokwelashwa kanye nomkhakha ozimele ukwesekela ukutholwa, ukuxhasa ngezimali kanye nokusabalalisa imigomo.

Sibona iqhaza elibaluleke kakhulu labasebenzi, abaholi bendabuko kanye nomphakathi wezenkolo ekusabalalisweni kolwazi oluyilo ngemigomo nokuqinisekisa ukubamba iqhaza ohlelweni lomgomo.

Siyayemukela imibono eyenziwe umphakathi, izifundiswa kanye nabanye ekusungulweni kwesu likazwelonke elisebenzayo, ngisho noma le mibono bekungukugxeka uhulumeni.

Sihlanganisa zonke izinsiza kanye nomthamo wezwe lethu kube umzamo owodwa obhekiswe ekwenzeni ukuthi imigomo itholakale.

Lokhu kubambisana, okungenye eyingqayizivele emlandweni wethu, kubalulekile kakhulu njengoba sisebenza ukuhlangana ngobunye ukunqoba impi ye-COVID-19.

Kusekhona abanye ezweni lethu abasemanqika ngemigomo, futhi kunolwazi olungelona iqiniso kanye nemibono yetulo esatshalaliswayo mayelana nemigomo ye-COVID-19.

Kodwa imigomo selokhu yasetshenziswa ukuqeda izifo ezifana nengxibongo novendle. Abantwana ngokwezikhathi ezithile bayagonyelwa izifo eziningi ezifana nozagiga, isimungumungwane, futhi abavakashi bahlezi begonyelwa izifo ezifana ne-yellow fever.

Wonke umgomo ozosetshenziswa ohlelweni lwethu kumele ukuthi uvunyelwe yiziPhathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika, okufaka izindlela eziqinile zesayensi ukuqinisekisa ukuphepha nokusebenza kwanoma iliphi ikhambi noma ukwelashwa.

Isu lomgomo laseNingizimu Afrika liqhubeka kahle kakhulu.

Ngokuqondekayo, sonke sifuna ukwazi ukuthi imigomo izofika nini.

Njengoba sisebenza ukuthola imigomo eyanele ngesikhathi edingeka kakhulu emhlabeni, sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lokhu kwenzeka obala nokuthi lonke ulwazi luyatholakala.

Ngicela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe yingxenye yomsebenzi omkhulu wokuqalisa ukugomela igciwane le-corona.

Yize kuzoba nzima, kuzodida futhi kuzokhathaza, kubaluleke kakhulu ukuthi lokhu sikwenze ngokubambisana, senzele izwe lethu kanye nenhlalakahle yabo bonke abantu bakithi.

-----

Njengoba sihamba sonke endleleni eya ekunqobeni ubhubhane lwegciwane le-corona, akumele silibale isidingo sokusukuma ngokuphuthuma nangokuzimisela ukuqeda udlame olwenziwa amadoda kwabesifazane nezingane.

Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane kuwubhubhane lwesibili ezweni lakithi.

Izinhlelo zokuqalisa izingenelelo zokushintsha indlela yenhlalo nendlela yokuziphatha ziyaqala.

Isibonelo, uhulumeni usebenza ngokubambisana nezinhlangano ezehlukene zomphakathi ukukhuthaza abashayeli bamatekisi nomasheli ngokubaqwashisa ngezobulili, izinkambiso zobulili, ubudoda obungalungile kanye ne-GBVF emzamweni wokushintsha indlela yokuziphatha.

Kwesinye isibonelo, izinhlangano zenkolo zisungule umkhankaso wokuqwashisa abaholi bezenkolo ngokuthanda izwe, udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nesonto. Lokhu kubandakanya uhlelo lapho abaholi baqeqeshelwa ukuthi baphelezele izisulu zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kusukela ngesikhathi zibika isehlakalo kuze kube zidluliselwa phambili. Izishoshovu zenkolo nazo ziqeqeshelwa ukusekela abesifazane enkantolo.

Imizamo iyaqhubeka yokusekela ukuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho ikakhulukazi ngesikhathi se-COVID-19. Lokhu kubandakanya ukuqeqesha osomabhizinisi besifazane ukuthi bakwazi ukuthi bafinyelele emathubeni omsebenzi kahulumeni.

Ukuqeda ukuhlukunyezwa emsebenzini, iNingizimu Afrika isebenza ukuqinisa i-ILO Convention 190, eza nendlela yomhlaba yokuvikela abesifazane kanye nabanye ababuthakathaka endaweni yomsebenzi.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Cishe isigamu sonyaka sesidlulile selokhu ngakhuluma nani ngesivunguvungu segciwane le-corona esasiphephula isizwe sakithi.

Ngathi isivunguvungu segciwane le-corona sinolaka futhi sibhubhisa ngendlela esingakaze siyibone ngaphambili.

Manje sesiphakathi nesivunguvungu.

Asazi ukuthi sizovunguza isikhathi esingakanani noma sizoba nzima kangakanani.

Kodwa siyazi sidinga ukuthi senzeni ukuphuma kulesi sivunguvungu.

Siyakwazi okudingeka sikwenze ukuze sizivikele kanye nalabo abaseduzane nathi.

Siyazi yini okudingeka siyenze - njengesizwe, njengezwekazi nanjengomphakathi emhlabeni jikelele - ukuze sinqobe lolu bhubhane.

Kumele sibe nenjongo efanayo, siqonde ukuthi esikwenzayo ngamunye kubalulekile kithina, emindenini yethu, emiphakathini kanye nasekuhlaleni.

Uma sisebenza ngokubambisana njengoba senzile kulezi zinyanga eziningi, uma sigcina isinqumo sethu, sizobona unyaka omusha sonke ebesiwufisa.

Sizothola ukuthula, induduzo, ukuphumula kanye nempilo enhle sonke esiyifunayo.

Sizokwakha kabusha izimpilo zethu kanye nesizwe sakithi.

Engathi uNkulunkulu angaqhubeka nokubusisa iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

 

Share this page

Similar categories to explore