ISitatimende Somhlangano Wekhabhinethi obubanjwe ngobuchwepheshe be-inthanethi ngoLwesithathu, mhla wama-22 kuNhlangulana 2022

A.    Ezisematheni

1.    Ukuguquguquka Kwesimo Sezulu 

1.1.    IKhabhinethi yamukele uhambo lokuvakashela eNingizimu Afrika kuka-Mnu Alok Sharma, uMongameli wama-26 weNgqungquthela Yezokuguquguquka Kwesimo Sezulu yeNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UN), kusuka mhla ziyi-19 kuya mhla zingama-21 kuNhlangulana 2022, kanye nokuhlola kwakhe isimo seNingizimu Afrika ukuthi ibonise ukuzinikela okucacile ekuqinisekiseni ukungangcoliswa kwemvelo. 
1.2.    Ngowezi-2021, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wahlanganyela nabanye abaholi ekumemezeleni ingqophamlando yokusebenzisana nohulumeni base-France, e-Germany, e-United Kingdom kanye nowase-United States, kanjalo nowase-European Union, ukweseka ukuguqukela emnothweni onekhabhoni encane kanye nomphakathi omelana nesimo sezulu. 
1.3.    INingizimu Afrika ibilokhu isebenza kanzima ekulungiseleleni ukuguqukela nasekuyeni kwimithombo engangcolisi umkhathi ezifana nehayidrojini engangcolisi imvelo, i-biomass, amandla omoya, amandla adonswa elangeni kanye nasemanzini, phakathi kwezinye zamandla avuselelekayo. Le nhlanganisela yamandla ivumela ukuhambisana phakathi kwemithombo yezamandla ukuze kuqinisekiswe ukuthembeka kwamandla azohlangabezana nezidingo zamandla zezwe ezikhulayo.

2.    Ukugomela iSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19)

2.1.    IKhabhinethi yamukele ukwehla okubonakalayo kwabantu abatheleleka nge-COVID-19 eNingizimu Afrika emavikini ambalwa edlule futhi igqugquzele bonke abantu abafanelekile ukuthi baqhubeke bagome, lokho okusiza ukugwema ukugula kakhulu, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa imbala. 
2.2.    Ingxenye yabo bonke abantu abadala eNingizimu Afrika sebethole okungenani umthamo owodwa womgomo we-COVID-19 kuze kube manje. Uhulumeni uhlose ukusebenzisa imali ebolekwe kamuva nje enenzalo ephansi esanda kugunyazwa yiBhange Lomhlaba ukuthenga eminye imigomo ye-COVID-19 ukuqinisekisa ukuthi isizwe sivikeleke ngokwanele egciwaneni.
2.3.    IKhabhinethi iphinde yacubungula udaba oluhlobene nokuqhubekayo ekulawulweni kobhubhane lwe-COVID-19, ikakhulukazi ngenqubekelaphambili eyenziwayo ukuthi sibuyele ngokuphelele emisebenzini yezenhlalo-mnotho eyejwayelekile. UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Joe Phaahla, uzohlinzeka ngeminye imininingwane.

3.    Usuku Lukazwelonke Lwentsha   

3.1.    IKhabhinethi ibonge bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuhlanganyela emibungazweni yoSuku Lukazwelonke Lwentsha ngoLwesine, mhla we-16 kuNhlangulana 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sigqugquzela izindlela zokuphila ezisimeme kanye nokuzimelelela ingomuso elingcono kwabantu abasha." Umoya wentshisekelo kanye nokuzimelela okuboniswe intsha kulolonke izwe nakanjani yikho okuyimbangela yokubungaza kanye nokuba nethemba lekusasa elingcono.
3.2.    Njengoba iNyanga Kazwelonke Yentsha iya ekupheleni, masiqinise imizamo yethu yokuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayafinyelela ezinhlelweni zokubeseka eziningi ezihlinzekwa nguhulumeni futhi sibheke ukuzibandakanya kwabo emnothweni. 
3.3.    Ezemisebenzi Kahulumeni, njengomqashi omkhulukazi, usebhekane nale nselele ngokuvulela labo abaqede izifundo zabo ezikhungweni eziphakeme abangasebenzi ukuthi bafunde umsebenzi bathole isipiliyoni ngokusebenzisa uhlelo lwe-Public Service Graduate Internship and Learnership Programme. Uhulumeni uphinde waqalisa iSikhwama Sokusungula Imisebenzini Emiphakathini (i-SEF) futhi wavuselela imizamo yokusungulwa kwemisebenzi yoHlelo Lukazwelonke Lokusiza Intsha (i-NYS) ngayinye ezodonsela abantu abasha abayizi-50 000 emnothweni.
3.4.    Le mizamo angeke nje kuphela isize ngesipiliyoni somsebenzi esidingekayo kodwa izogcizelela ukubaluleka kwezakhamuzi ezisebenzayo. I-SEF isebenzisana nezinhlangano ezingekho kuhulumeni (ama-NGO) ngesikhathi i-NYS ifaka ohlwini abantu abasha emisebenzini esiza imiphakathi kulolonke leli lizwe. 

4.    Ezokuthutha  
   
4.1.    IKhabhinethi yamukele iQhingasu Elinamaphuzu ayi-11 okubhekana nokuvalwa kwemigwaqo kanye nokuqashwa kwabantu bakwamanye amazwe njengabashayeli bamaloli. Iqhingasu, elaqhamuka neKomidi Longqongqoshe Lezemigwaqo Nokuthuthwa Kwempahla (i-IMC) ngokubambisana nababambiqhaza embonini yezemigwaqo nokuthuthwa kwempahla, ligqugquzela phakathi kokunye ukuthotshelwa kwezidingo zezimvume zokuhamba kanye nokuthotshelwa kwemithetho yezabasebenzi.
4.2.    I-IMC yasungulelwa ukubhekana nokunyuka kwezinga lokuvalwa kwemigwaqo kanye nemibhikisho eyenziwa abashayeli bamaloli baseNingizimu Afrika abangeneme. Imibhikisho nokuvalwa kwemigwaqo kuphazamisa kakhulu ukuhamba, kufake itwetwe kubatshalizimali bangaphandle futhi ikakhulukazi, kuthunaza umnotho kanye nokuthunyelwa kwempahla ebalulekile esebenzisa imigwaqo esuke ivaliwe.

5.    Ukuswelakala kwamanzi kuMkhandludolobha i-Nelson Mandela Bay (i-NMB)

5.1.    IKhabhinethi yamukele ukungenelela koMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) kuMkhandludodlobha i-NMB eMpumalanga Kapa ukugwema ukwehla kweZinga Lamanzi emadamini njengoba lesi sifundazwe sibhekene nokuswelakala kwamanzi okunzima okuqale ngowezi-2015. I-DWS isebenzisana nesifundazwe ukuqalisa izinyathelo zesikhathi esifishane, esiphakathi neside ukubhekana nokuqeda umthelela wesomiso ongaba khona.
5.2.    IKhabhinethi iphinde yanxusa abahlali base-NMB ukuthi bathobele imithetho yamanzi ebekwe kumasipala wendawo ukuqinisekisa ukutholakala kwamanzi. Phezu kwakho konke, ukusetshenziswa kwamanzi kufanele kuncishiswe ngamalitha ayizigidi ezingama-50 ngosuku, kusuka ezingeni lamanje elingamalitha ayizigidi ezingama-280 ngosuku kuye emalitheni ayizigidi ezingama-230 ngosuku.

6.    Ubugebengu nenkohlakalo   

6.1.    IKhabhinethi yamukele ukuboshwa kwakamuva kwesikhulu soMnyango Wezasekhaya ehhovisi elise-Benoni ngokukhiphela owokufika wase-Bangladeshi iphasiphothi yomgunyathi. Isikhulu lesi, okunguSibongile Simelane, uthole ibheyili yezi-R5 000 eNkantolo kaMantshi yase-Benoni ngoLwesibili, mhla wama-21 kuNhlangulana 2022. Owokufika wase-Bangladeshi, uMnu Fahim Kazi, wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi ezama ukuphuma kuleli mhla we-12 kuNhlaba 2022 esebenzisa igama elithi, ‘u-Lebogang Ndlovu’.
6.2.    UMnyango Wezasekhaya (i-DHA) isanda kuxosha umlingisi we-Lithuanian, uNks Ieva Andrejevaite, obefuna ukuhlukumeza abaphathi abalawula ababaleki eNingizimu Afrika ngesikhathi eziqambela udaba lokufuna ukufaka isicelo sokukhoseliswa ngenxa "yempi ese-Ukraine".
6.3.    IKhabhinethi iyawuncoma kakhulu umsebenzi owenziwe uPhiko lwe-DHA Olulwisana Nenkohlakalo. Ishayela ihlombe futhi igqugquzela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokubika lezi zenzo zobugebengu. Izenzo ezingekho emthethweni zabantu baseNingizimu Afrika abadayisa ubunikazi babo zinomthelela omubi kakhulu ekuvikelekeni kwezwe kanye nesimo senhlalo-mnotho.
6.4.    Uhulumeni uzoqhubeka nokubhekana kanzima nanoma ngubani obandakanyeka ezenzweni ezingekho emthethweni ezibukela phansi imithetho yethu yokungena nokuphuma kuleli lizwe, ngaphandle kokusaba ukwenzelela.
6.5.    IKhabhinethi iphinde yamukela ukulahlwa yicala nokugwetshwa kothisha waseThekwini, uNks Nomusa Precious Gabuza (37) – owagwetshwa iminyaka emithathu azoyidonsa ngaphandle kanye neminyaka emine engaphakathi, kwalengiswa kuyoyonke emithathu, eNkantolo kaMantshi yaseMlazi KwaZulu Natali - ngokuphula uMthetho Wezokhetho Lohulumeni Basekhaya, wangowezi-2000 (UMthetho wama-27 wezi-2000). Njengothisha wasesikoleni esasisetshenziswa njengesikhungo sokuvota ngesikhathi Sokhetho Lomasipala ngoMfumfu ngowezi-2021, uNks Gabuza uwavumile amacala okukhwabanisa amavoti angama-24, kufaka phakathi ayi-12 oKhetho Lomasipala namanye ayi-12 oKhetho Lwesigceme.
6.6.    Ukulahlwa yicala nokugwetshwa kubonisa ukuzinikela kweKhomishini Yezokhetho eNingizimu Afrika ukungenelela ngesikhathi kanye nokubhekana nemiphumela yesimo. Lokhu futhi kuyisiqinisekiso sezindlela zokusebenza kwezokhetho, ezilokhu ziqinile selokhu kwethulwa i-Voter Management Device evimbela ukuthi umuntu avote kabili.
6.7.    IKhabhinethi iqinisekise ukuthi ukhetho lungummongo wentando yeningi labantu futhi kumele luvikelwe ngazo zonke izindlela. 

7.     Ingqungquthela ye-12 YoNgqongqoshe (i-MC12) yeNhlangano Yezohwebo Yomhlaba (i-WTO)

7.1.    IKhabhinethi yamukele imiphumela ye-WTO MC12 ebibanjwe e-Geneva, e-Switzerland kusuka mhla ziyi-12 kuya mhla ziyi-17 kuNhlangulana 2022, ikakhulukazi isinqumo sokuthi amazwe afanelekile angeqa ngaphezulu ilungelo lobunikazi bemigomo ye-COVID-19 kuze kube ngowezi-2027. Isinqumo sokudlulisela lokhu kwezokwelashwa nokuhlonzwa kwe-COVID-19 simiswe izinyanga eziyisithupha.
7.2.    INingizimu Afrika beyilokhu ihamba phambili esicelweni sokuthi i-WTO isuse amalungelo obunikazi emigomweni ye-COVID-19 lokho okuzoqinisekisa ukufinyelela okulinganayo emigomweni futhi kuvumele namazwe anekhono lokuzikhiqizela imigomo ukuthi enze njalo.
7.3.    Ingqungquthela iphinde yazinikela kwinqubo evulelekile nebandakanya wonke umuntu ukuguqula yonke imisebenzi yayo futhi yavuma ukuhwebelana okuzobhekana nezinto ezifana nezempilo, ukubeka imikhawulo kuxhaso lwezokudoba, ukumiswa kwesikhashana kokuthengisa ngobuchwepheshe be-inthanethi kanye nokutholakala kokudla.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Inqubekelaphambili oHlelweni Lokushintshela Ekusakazeni Ngedijithali (i-BDM)

1.1.    IKhabhinethi ibikelwe ngezakamuva oHlelweni lwe-BDM futhi yayiphawula inqubekelaphambili esiyenziwe ngokuxhunywa kwamabhokisi njengengxenye yokushintshela ekusakazeni ngedijithali kusukwa kwi-analogi.
1.2.    IKhabhinethi iphinde yagcizelela ukuphuthuma kokuphothula i-BDM ukuze kuzovuleka amagagasi omoya adingwa omakhalekhukhwini, kanye neminye imisebenzi ehlobene nobunye ubuchwepheshe bolwazi nezokuxhumana. 
1.3.    UNgqongqoshe Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali uKhumbudzo Ntshavheni uzoba nesithangami sabezindaba kusasa (ngoLwesihlanu, mhla wama-24 kuNhlangulana) ukunikeza ngeminye imininingwane.

2.    UMbiko Kazwelonke Wonyaka Ngesimo Samalungelo Ezingane 

2.1.    IKhabhinethi igunyaze uMbiko wesibili kazwelonke Wonyaka Ngesimo samalungelo Ezingane ukuthi ushicilelwe. Umbiko lo uhlinzeka ngezakamuva ekuqalisweni kweQhingasu Likazwelonke Lezingane lesikhathi sangowezi-2019 kuya ngowezi-2024.  
2.2.    Umbiko ugqamisa lokho okuzuzwe ngesikhathi sangowezi-2020 kuya kowezi-2021. Uphinde ugqamise izingxenye ezisenezinselele, kubandakanya ukuphepha kwezingane kanye negebe elikhona phakathi kwabadla imbuya ngothi kanye nalabo abadla izambane likapondo uma kubhekwa ezinganeni. Umbiko uphinde ubonise ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 luzithinte kanjani izingane ngalesi sikhathi. 
2.3.    Izinyathelo zokungenelela eziqaliswa nguhulumeni sihlose ukugcina amalungelo ezingane, njengokubeka koMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996. Ziphinde zeseke izibopho zezwe kwiZivumelwano ze-UN ngaMalungelo Ezingane (i-UNCRC) kanye noSomqulu Wase-Afrika weNhlalakahle Yezingane (i-ACRWC). INingizimu Afrika yasayina kokubili i-UNCRC kanye ne-ACRWC. 
2.4.    Umbiko wahlanganiswa ngokuxoxisana neminyango kahulumeni kanye nababambiqhaza abaningi abafanelekile emazingeni kazwelonke nakwizifundazwe. Umbiko ogcwele uzofakwa kwiwebhusayithi yoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi: www.dsd.gov.za.

3.    Umbiko Ohlanganisiwe weNingizimu Afrika wesithathu kuya kowesithupha oya ku-UNCRC

3.1.    IKhabhinethi ikugunyazile ukubekwa ezithebeni koMbiko wesithathu kuya kowesithupha ku-UNCRC. Lo mbiko ulandela uMbiko wesibili owethulelwa i-UNCRC ngowezi-2014.
3.2.    Umbiko uhlanganiswe ngokulandela iSihloko sama-44 se-UNCRC, futhi uqukethe okuboniwe kanye nezincomo ezenziwe kumbiko owedlule. I-UNCRC yathumela lokho eyakuthola kanye nezincomo zezwe ngowezi-2016.
3.3.    Ukuhlanganiswa kwawo kwenziwa ngokuxoxisana nayoyonke iminyango efanele kanye nababambiqhaza ezweni lonkana. Umbiko ogcwele uzokhishelwa umphakathi uma usudlule ezithebeni ze-UNCRC.

4.    Umbiko kazwelonke ngokuqaliswa koHlelo Olusha Lokuthuthukiswa Kwamadolobha i-New Urban Agenda

4.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa kombiko kazwelonke wokuqala waseNingizimu Afrika ngokuQaliswa koHlelo Olusha Lokuthuthukiswa Kwamadolobha oHlelweni Lokuhlaliswa Kwabantu lwe-UN (i-UN-Habitat). I-UN-Habitat yamukela UHlelo lwayo Olusha Lokuthuthukiswa Kwamadolobha kwiNgqungquthela yayo Yokwakha kanye Nokuthuthukiswa Okusimeme Kwamadolobha ngoMfumfu ngowezi-2016. Amazwe angamalungu ayelindeleke ukuthi alethe imibiko yenqubekelaphambili ngokuzithandela.
4.2.    INingizimu Afrika yakweseka ukwamukelwa koHlelo Olusha Lokuthuthukiswa Kwamadolobha futhi yalandelisa ngokuqalisa ukulisebenzisa oHlakeni Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwamadolobha (i-IUDF). I-IUDF ihlose ukuhlahla indlela ekuthuthukisweni kwezindawo zamadolobha ezifaka wonke umuntu, ezinamandla nekuphilekayo kuzona. 
4.3.    Umbiko wenqubekelaphambili wahlanganiswa ngokuxoxisana nezinhlaka zikahulumeni kuzwelonke, ezifundazweni nasemakhaya, kanye nama-NGO afanele.

5.    IQhingasu Elididiyelwe Lokuthuthukiswa Kwentsha (i-IYDS)

5.1.    IKhabhinethi igunyaze ukuqaliswa kwe-IYDS. Leli qhingasu lingumphumela weNqubomgomo Kazwelonke Yentsha yangowezi-2020 kuya kowezi-2030. Icacisa izinyathelo, imiklamo kanye nezinhlelo okumele zithathwe ngababambiqhaza abehlukahlukene abaphuma ezinhlanganweni zentsha.
5.2.    Iphinde ibhekane nokunciphisa ukuphindaphinda izingenelelo zikahulumeni futhi iphinde ibe ngumhlahlandlela wokuthi umphakathi kanye nomkhakha ozimele ungabeseka kanjani abantu abasha ukuthi bafinyelele emathubeni. Ukuhlanganiswa kwaleli qhingasu kubandakanya imibono eyehlukene ephuma kwimikhakha eyehlukene yomphakathi.

6.    UMthetho Odingidwayo Osahlongozwa Ngokongiwa Kwemvelo kanye Nokusetshenziswa Okusimeme Kwezitshalo Nezilwane Eziphilayo eNingizimu Afrika.

6.1.    IKhabhinethi igunyaze uMthetho Odingidwayo osahlongozwa Ngokongiwa Kwemvelo kanye Nokusetshenziswa Okusimeme Kwezitshalo Nezilwane Eziphilayo eNingizimu Afrika ukuthi umphakathi uphawule ngawo. Izitshalo nezilwane eziphilayo eNingizimu Afrika kunikeza ngesisekelo esibalulekile ekukhuleni nasekuthuthukeni komnotho, futhi zibucayi kakhulu ezindleleni zokuziphilisa zabantu.  
6.2.    UMthetho Osadingidwa ungumphumela wezincomo ezenziwa iThimba Eliphezulu Lezingcweti elabekwa ngowezi-2019 ukubuyekeza izinqubomgomo zethu esinazo, imithetho kanye nemikhuba esenza ngayo ezindabeni ezihlobene nezitshalo nezilwane ezibalulekile.  
6.3.    Umbiko ubeke isincomo sokuthuthukiswa kwenqubomgomo egcwele yokongiwa kwemvelo nokusetshenziswa okusimeme kwezitshalo nezilwane eziphilayo zakuleli lizwe. Le nqubomgomo izoqalisa ukusebenza kuzozonke izinhlaka zikahulumeni. Ukongiwa kwemvelo kubalulekile emkhankasweni wezwe wokuqhubela phambili ukukhula komnotho nokusungulwa kwemisebenzi.

7.    IQhingasu Ngenyama Yenyamazane 

7.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthetho Ohlongozwayo weQhingasu Ngenyama Yenyamazane ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Leli qhingasu lihlose ukufaka emthethweni futhi liguqule imboni yenyama yenyamazane. Liphinde lihlose ukufaka igalelo ekutholakaleni kokudla ngendlela esimeme.
7.2.    Imboni yenyama yenyamazane ngokuvamile iyimboni engahlelekile esebenza ngokwehlukana phakathi. Iqhingasu elihlongoziwe lihlinzeka ngesu lokuliqalisa elizokwenza ukuthi umkhakha lo uhleleke futhi uqine njengomhlinzeki wokudla kanye nomkhakha okhulisa umnotho lokho okuzosiza ukusungula amathuba omsebenzi.

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezezindaba Zendabuko wangowezi-2022

1.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezezindaba Zendabuko wangowezi-2022 ePhalamende ukuze kuzoqhutshekwa nokuthi udingidwe. Izichibiyelo zihlose ukubuyekeza uMthetho Wamasiko Nobuholi babaThwa, wangowezi-2019 (uMthetho wesi-3 wezi-2019), owaqala ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa 2021.

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wokuvikelwa kweNtando Yeningi Labantu Engumthethosisekelo kuMaphekula kanye nezenzo Ezihlobene nakho wangowezi-2022.

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wokuvikelwa kweNtando Yeningi Labantu Engumthethosisekelo kuMaphekula kanye nezenzo Ezihlobene nakho wangowezi-2022 ePhalamende ukuthi kuqhutshekwe udingidwe. Uma sewamukelwe, lo Mthethosivivinywa uzochibiyela uMthetho wamanje Wokuvikelwa kweNtando Yeningi Labantu Engumthethosisekelo kuMaphekula kanye nezenzo Ezihlobene nakho, wangowezi-2004 (uMthetho wama-33 wangowezi-2004).
2.2.    Lo Mthethosivivinywa udlule emphakathini waphawula ngawo emva kokuthi wagunyazwa iKhabhinethi ngoNhlaba ngowezi-2021. Izichibiyelo zihlose ukulinganisa izindlela zaleli lizwe zokulwa nobuphekula nezindlela zomhlaba ezibekiwe. Ziphinde zaphendula iziqeshana iNkantolo Yomthethosisekelo ezithole ukuthi azihambisani nomthethosisekelo.
2.3.    Njengezwe elisayine kuMkhandlu Wezokuvikela we-UN, iNingizimu Afrika ibophezelekile ukuthi ithathe imithetho yamazwe ngamazwe ekuhloswe ngayo ukuqinisa izindlela zokulwa nobuphekula emhlabeni iyisebenzise kuleli. 

D.    Imicimbi Ezayo

1.    INgqungquthela ye-14 ye-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS)

1.1.    UMongameli u-Ramaphosa uzohola ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kwiNgqungquthela Yabaholi ye-14 ye-BRICS ezobanjwa ngobuchwepheshe be-inthanethi ezosingathwa iRiphabhulikhi yaseShayina kusukela ngoLwesine, mhla wama-23 kuya kuLwesihlanu, mhla wama-24 kuNhlangulana 2022. 
1.2.    Ubulungu bethu be-BRICS buyaqhubeka nokuzuzela izwe. Ngonyaka odlule impahla engaphezu kwama-17% yaseNingizimu Afrika yathunyelwa kwamanye amazwe angamalungu e-BRICS, futhi impahla engaphezu kwama-29% evela kwamanye amazwe ibibuya kula mazwe. Inani laloku kuhwebelana liyaqhubeka nokukhula, ngenani eliphelele lokuhweba kweNingizimu Afrika namanye amazwe elifika kwizigidigidi ezingama-R702 ngowezi-2021, lisuka kwizigidigidi ezingama-R487 ngowezi-2017. 
1.3.    Ukusebenzisana namalungu e-BRICS ezingxenyeni ezehlukene ezifana nezempilo kanye nokuhweba okuthuthukile kukhulise imboni yethu yasekhaya, futhi kwazuza wonke amalungu e-BRICS. Utshalomali lwethu kwimiklamo yokuthuthukiswa kwengqalasizinda nemizamo yokunciphisa ubungozi uma kuqhutshwa ibhizinisi luhlose ukukhuphula impahla ethunyelwa kozakwethu abaku-BRICS.

2.    Isikole Esifundisa Ngokuphathwa Komnotho 

2.1.    ISikole Sikahulumeni Kuzwelonke (i-NSG) izosingatha uHlelo lwesithathu Lwesikole Sokufundiswa Ngokuphathwa Komnotho esizofundisa Abaphathi Bezepolitiki eGoli kusuka mhla wama-27 kuNhlangulana kuya kumhla lu-1 kuNtulikazi 2022. Sizohanjelwa ngoNgqongqoshe base-Côte d'Ivoire; e-South Sudan naseNingizimu Afrika; kanye nabaQondisi-Jikelele abasuka e-Lesotho, e-Zambia, e-Democratic Republic of Congo, e-Tanzania nase-Ghana. Osodolobha baseNingizimu Afrika, kanye namakomidi osodolobha nesigungu esiphezulu, nabo bazohambela lezi zifundo. 
2.2.    Abaphathi abaphezulu bezepolitiki abasuka emazweni ahlukene balindeleke ukuthi babelane ngemibono kanye nezifundo ezisuselwa ezigamekweni ezehlukene abahlangabezana nazo emsebenzini wabo wansuku zonke.
2.3.    I-NSG ihlanganisele amalungu eziphathimandla lolu hlelo lonyaka ngowezi-2020, njengengxenye yokweseka ukuzinikela kukahulumeni ekwakheni umbuso onekhono. Phakathi kwezinye izinto, luhlose ukucijisa iziphathimandla ngaphakathi kwazo zontathu izinhlaka zikahulumeni ngobuholi obuthuthukisiwe kanye nangamakhono okwengamela ukuze zizokwazi ukuphinde zihlolisise izinselele ezibhekene nohulumeni ezicindezela ukubandakanywa kwawo wonke umuntu kanye nokukhula komnotho okusimeme.

3.    USuku Lomhlaba Lokubungaza u-Nelson Mandela 

3.1.    Kulo nyaka uSuku Lokubungaza u-Nelson Mandela, mhla ziyi-18 kuNtulikazi 2022  
luzogujwa ngaphansi kwesiqubulo somhlaba wonke esithi: "Yenza lokho okwaziyo ukukwenza, ngalokho onakho, noma ikuphi lapho ukhona".
3.2.    Leli ikhwelo elicacile kubantu ukuthi beseke futhi babambe iqhaza emkhankasweni wokufaka igalelo kwizingenelelo ezisimeme ezizoba nomthelela oyohlale uhleli.
3.3.    Esinye sezingenelelo saminyaka yonke iNkulumo-mpendulwano Yentsha ye-Nelson Mandela noHlelo Lokuhola Ngobuqotho olugxile ezihlokweni ezithinta abantu abasha eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.

4.    Isikhathi seNtela 

4.1.    Isikhathi sentela sangowezi-2022 sizovulwa kusuka lu-1 kuNtulikazi kuya mhla zingama-24 kuMfumfu 2022. Abakhokhintela bayagqugquzelwa ukuthi bagcwalise amaphepha okubuyiswa kwentela ku-eFiling (www.sarsefiling.co.za) noma basebenzise i-MobiApp yoPhiko Lwezokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika (u-SARS). 
4.2.    Kulo nyaka u-SARS uzoqhubeka nokuthi uzenzele wona uhlolo lwabakhokhintela, okuwuhlelo abalenza bona ukusiza ukwenza lula ukubuyiswa kwamaphepha entela. Ngowezi-2021 bangaphezu kwezigidi ezintathu abakhokhinteka abahlolwa ngalolu hlelo oluzenzelayo.
4.3.    Le ndlela yokubuyisa intela eyenzeka ngesikhathi futhi enembayo ayiqinisekisi nje kuphela ukuthi abakhokhintela balandela umthetho, kodwa iphinde isize uhulumeni ukuhambisa izidingonqangi kubantu baseNingizimu Afrika abazidinga kakhulu.

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 

  • IJaji u-Owen Lloyd Rogers kulandela ukubekwa kwakhe kamuva njengeJaji leNkantolo Yomthethosisekelo eNingizimu Afrika.
  • IKhabhinethi ihlanganyele noMongameli u-Ramaphosa ekufiseleni uMongameli waphambilini uThabo Mbeki uSuku Lokuzalwa oluhle lweminyaka engama-80, alubungaze mhla we-18 kuNhlangulana 2022. UMnu Mbeki wayefisa ikusasa eliqhakazile nelihle kubobonke abantu baseNingizimu Afrika.

F.    Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    Abaqondisi abangebona abaphathi be-South African Civil Aviation Authority Board:
a.    Mnu Ernest Khosa;
b.    Nks Bulelwa Koyana;
c.    Mnu Surendra Sooklal; kanye no-
d.    Nks Rejoice Edith Phewa.

2.    Amalungu e-Office of Disclosure of the Home Loan and Mortgage Disclosure: 
a.    Nks Kenosi Pearl Louisa Selane (uSihlalo);
b.    Nks Catharina Maria Van der Sandt;
c.    Mnu Errol Vincent Magerman;
d.    UMmeli Mandla Dludlu;
e.    Mnu Matsobane Gabriel Mello;
f.    Nks Palesa Mawasha;
g.    Nks Penelope Anne Beck-Paxton;
h.    Nks Sphiwe Dorris Mayinga;
i.    Nks Tshifhiwa Victor Mphigalale; kanye no-
j.    Mnu Zuko Ncemane.


Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore