Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obanjwe Nge-inthanethi mhla zingama-26 kuNhlangulana 2020

1. Uhlelo Lokutakula Ibhizinisi Lwe-South African Airways (i-SAA)

1.1 IKhabhinethi lithole umbiko we-IMC ngenqubekela phambili yohlelo lokutakula ibhizinisi lwe-SAA, ngaphansi kukaNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Pravin Gordhan, ongusihlalo waleli komidi.

1.2 IKhabhinethi liqhubeka nokuthi ivoti lokuvuma lalabo abakweletwayo, lokweseka ukuqedwa kwenqubo yohlelo lokutakula ibhizinisi, lingasebenza kangcono futhi lingasheshisa ukuze le nkampani yamabhanoyi kazwelonke ikwazi ukuhlela izimo zayo kabusha okubandakanya ibhizinisi layo, isikweletu kanye nezinye izindleko. IKhabhinethi likholwa wukuthi ibhizinisi lamabhanoyi elihlelwe kabusha lizoqhuba uhlelo loguquko olunjengokungabibikho kwamathuba okuthuthukisa abaqhubi bezindiza abangabantu abamnyama emuva kweminyaka engama-26 yentandoyeningi labantu.  

1.3 Yeseka isiphakamiso senkampani entsha yamabhanoyi kanye nezinhlelo okuvunyelwene ngazo zokuthola uxhasomali emithonjeni enhlobonhlobo, okubandakanya abalingani kwezamabhizinisi abangase babe khona ukuze kutholakale inkampani entsha yamabhanoyi.  Yiyona kuphela indlela engaphumelela yenkampani yamabhanoyi entsha engasebenza, egcinekayo, nencintisanayo engahlinzeka ngemisebenzi edidiyele, yesifunda neyamazwe ngamazwe.


2. Ezomnotho

2.1 IKhabhinethi liyasamukela isichibiyelo sesabelomali sokwengezela sowezi-2020/2021 esethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali uNgqongqoshe Tito Mboweni ngoLwesithathu, zingama-24 kuNhlangulana 2020. Lesi sichibiyelo besidingeka ngenxa yobhubhane lwegciwane le-Corona (i-COVID-19) kanye nokuzika komnotho okudalekile.  Lesi Sabelomali Sokwengezela sendlale umgwaqo wokuzinzisa isikweletu sokuthuthukisa izindlela esisebenzisa ngayo izimali nokwakha isisekelo sokufukula umnotho.

2.2 IKhabinethi likholwa wukuthi izibopho ezimenyezelwe uNgqongqoshe uMboweni zizoqinisa umnotho wethu ukuze ube sendleleni enozinzo negcinekayo, ikakhulukazi uma bonke abantu behlanganyela nohulumeni lapho ziqaliswa.

3.  Isimo Sakamuva se-COVID-19

3.1 IKhabhinethi lithole umbiko wenqubekela phambili ovela kuMkhandlu Kazwelonke Olawula Igciwane le-Corona i-National Coronavirus Command Council. Njengengxenye yokubhekana neSigaba sesi-3 esinobungozi obulawulekayo esimweni sokuvalwa kukazwelonke, kwethulwe izichibiyelo zemithethonqubo ngokoMthetho Wokuphathwa Kwenhlekelele, 2002 (uMthetho 57 wezi-2002). 

3.2 Njengoba iKhabhinethi lamukele umsebenzi onzulu okubanjenwe nawo ukuze kugcinwe uzinzo phakathi kokugcinwa kwesimo sokuphila kanye nokuhlenga izimpilo zabantu, ligunyaze ukushicilelwa kwezichibiyelo eziqondene nokuvulwa kwezindawo zokudlela, amahhotela kanye nezindawo zokugembula.

3.3 IKhabhinethi liyaphinda lisinxusa sonke ukuthi sibambisane ukuze kunqandwe ukusabalala kokudluliseka kwalesi sifo emiphakathini yethu ngokuhlonipha imithetho yezempilo enjengokuvama ukugeza izandla, ukuziqhelelanisa nabantu kanye nokugqoka isifonyo uma usemphakathini.


4. Udlame Olubhekiswe Kubantu Bobulili Obuthile (i-GBV) 

4.1 IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngokwanda kwamacala e-GBV ezweni lonke. Njengoba kusanda kuqubuka ukubulawa kwabantu besifazane nezingane, linxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babumbane basebenzisane ukuze kunqandwe lo mkhuba omubi. IKhabhinethi lincoma abomthetho ngokuthatha izinyathelo ngokushesha ngokubopha abanye balabo basolwa futhi linxuse abomthetho ukuthi baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ukuze kuboshwe labo ababandakanyeka kulokhu kubulawa kwabantu ngesihluku.

4.2 IKhabhinethi alinqikazi ekuzibophezeleni kwalo ekuqaliseni ngokugcwele izindlela ezinhlobonhlobo zokungenelela ezakhiwe zisuselwa kuHlelo Lwesu Lukazwelonke lwe-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane. IKomidi Elihlanganise Ongqongqoshe osihlalo walo kunguNgqongqoshe Osehhovisi LikaMongameli Obhekele Abantu Besifazane, Abantu Abasha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, uNksz. Maite Nkoana-Mashabane, liyaqhubeka nokuhola izindlela ezinhlobonhlobo zokungenelela zikahulumeni. Nokho, indlela yokungenelela esebenza kakhulu idinga ukuthi zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zibambe iqhaza ukuze kuqedwe isihlava sodlame olubhekiswe kumalungu omphakathi abuthaka kakhulu. 

5. INgqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Egcinekayo yaseNingizimu Afrika (i-SIDSSA)

5.1 IKhabhinethi lamukela i-SIDSSA yokuqala ebibanjwe nge-inthanethi kuleli sonto, ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Utshalomali olubhekiswe kwingqalasizinda ukuze kube nempumelelo ehlanganyelwe: manje, ngokulandelayo nangokuzayo".  
I-SIDSSA iyinkundla ehlanganisa ababambiqhaza abasemqoka emkhakheni wezotshalomali lwengqalasizinda, abakhele emgomweni owodwa osemqoka wokusheshisa uhlelo lokutakula ezomnotho ngokusebenzisa ingqalasizinda. Ukungenelela kwingqalasizinda kusasemqoka ohlelweni lokutakula umnotho waseNingizimu Afrika.

5.2 Ngale nqubo, sekuhlolwe imisebenzi engama-276 isiyonke.  Lokhu kwakha imisebenzi yotshalomali kwingqalasizinda esemqoka enendlela yokuphindaphinda yokudala amathuba omsebenzi nokuthuthukisa umnotho.  

5.3 Kule misebenzi, engamashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili  eseyilungele utshalomali futhi ebandakanya izimboni ezinomthelela wokuphindaphinda omkhulu kwezamandla; amanzi; ezokuthutha; ezolwazi nobuchwepheshe bezokuxhumana; ezokuhlaliswa kwabantu; ezolimo kanye nokusetshenziswa kwezolimo.

5.4 Le misebenzi izoxhaswa ngenye yemikhakha emithathu - ezohwebo, ezoxhasomali oluhlanganisile nokwabiwa kwemali. Njengengxenye yohlelo lokutakulwa kwezomnotho, umoya wezwe wokuhlanganyela komkhakha ozimele nokahulumeni uyaqhubeka nokugxila ekubhekaneni nokungalingani okukhulu, ukuguqula umnotho nokudala imisebenzi edingeka kakhulu. 

Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1. Amalungu eBhodi Elizimele Lomthetho Wabacwaningimabhuku:
1.1. Nksz. Martie Janse van Rensburg (Oqokwe Kabusha);
1.2.  Mnu. Iqbal Motala (Oqokwe Kabusha);
1.3. Mnu. Madoda Petros (Oqokwe Kabusha);
1.4. Nksz. Nombulelo Gumata;
1.5. Nksz. Thembeka Semane;
1.6. Mnu. Roy Andersen;
1.7. Mnu. Preston Speckmann;
1.8. Nksz. Jesmane Boggenpoels;
1.9. Mnu. Shauket Fakie; and
1.10 Solz. Nirupa Padia.


2. Amalungu eBhodi leNhlangano Yomshwalense Wobungozi Obukhethekile eNingizimu Afrika i-South African Special Risk Insurance Association:
2.1. Mnu. Moss Ngoasheng (USihlalo);
2.2. Nksz. Priscilla Mokonyane (Iphini LikaSihlalo);
2.3. Nksz. Moipone Ramoipone;
2.4. Mnu. Desmond Marumo;
2.5. Nksz. Japhtaline Mantuka Maisela;
2.6. Mnu. Christiaan Johannes van Dyk;
2.7. Mnu. Enos Ngutshane;
2.8. Mnu. Reginald Haman;
2.9. Mnu. Sathie Gounden;
2.10. Nksz. Margret Mosibudi Phiri;
2.11. Nksz. Refilwe Moletsane; and
2.12. Nksz. Nolwandile Mgoqi-Mbalo.


Imibuzo: Nksz. Phumla Williams – UMkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore