Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-7 kuLwezi, 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyi-7 kuLwezi 2018 eTuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. INgqungquthela KaMongameli Yodlame Olubhekiswe Kubantu Bobulili Obuthile Nokubulawa Kwabantu Besifazane 

1.1. IKhabhinethi lamukela izingxoxo ezibe nempumelelo ezibanjwe eNgqungqutheleni KaMongameli Yodlame Olubhekiswe Kubantu Bobulili Obuthile Nokubulawa Kwabantu Besifazane ngomhla woku-1 kuya kolwe-2 kuLwezi. INgqungquthela iqinisekise ukuthi ukuphuthuma kokuphoqa ukuvumelana ngezindlela zokubhekana nenkinga yodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, ukucwaswa kwabantu besifazane kanye nokungalingani ngokobulili. 

1.2. UHulumeni uvume ukubuyekeza izinhlelo zikazwelonke ukuqeda udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokuthuthukiswa koHlelo Lomsebenzi LukaZwelonke ngodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile. Uzibophezele ekusebenzisaneni nabo bonke ababambiqhaza ukuqinisekisa ukuthi siwehlisa kakhulu amazinga odlame olubhekiswe kwabobulili obuthile (i-GBV) - size sibuqede nya. 
1.3.    IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisebenzisane ukuze kushintshwe izindlela zokucabanga, izinqubo kanye nezikhungo ukuze kuqedwe udlame olubhekiswe kubantu besifazane.

2. Utshalomali

2.1. IKhabhinethi lamukela iNgqungquthela Yotshalomali ebe nempumelelo ebanjwe kuMfumfu e-Sandton, eGoli. INgqungquthela Yotshalomali yenze iNingizimu Afrika yakwazi ukwethenjiswa ngemali  ezizigidigidi ezingama-290 zamarandi yotshalomali yimikhakha ehlukahlukene kwezomnotho. Lokhu kwengeza phezu kwemali ezizigidigidi ezingaphezu kwama-400 amarandi iNingizimu Afrika eyethenjiswe ngayo emkhankasweni wotshalomali owaqhutshwa amanxusa akhethekile otshalomali kanye namazwe anhlobonhlobo ngesikhathi ehanjelwe wuhulumeni.

2.2. Le Ngqungquthela ihanjelwe amanxusa angaphezu kwezi-1 000, ayephuma emazweni angaphezu kwama-35. Umoya wawumuhle, nezwe labonakalisa amathuba amasha otshalomali kanye nezinhlelo zezinqubomgomo ezisiza ukwakha indawo elungele utshalomali oluhle. 

2.3. IKhabhinethi lihalalisela ithimba elisebenze kule Ngqungquthela futhi likulangazelele ukuthola imibiko ngokuqhubekayo njalo maqondana nokufezekisa izethembiso.  

2.4. Njengoba iNingizimu Afrika ne-Afrika iqhubekela phambili ekukhuliseni umnotho wezwekazi, iKhabhinethi liphinda lamukela iNgqungquthela Yotshalomali yase-Afrika yokuqala, esiqhubekayo esizophela mhla ziyi-9 kuLwezi, eGoli.

Ingqungquthela Yotshalomali yase-Afrika yasungulwa yiBhange Lentuthuko Lase-Afrika (i-African Development Bank). Ngayo kuhloswe ukuba nempumelelo yamanje ngokuhlanganisa uhulumeni kanye notshalomali lwemikhakha ezimele ukuze kuqalwe indlela entsha yokukhula yeZwekazi lase-Afrika lilonke.  

2.5.    INgqungquthela ye-G20 nge-Afrika esanda kubanjwa iqhubeka nokuxhasa amathuba okukhula ngezivumelwano ezinhlobonhlobo ezikhuthaza utshalomali lomkhakha ozimele kanye nokubamba iqhaza kwezomnotho emazweni ase-Afrika njengengxenye yeSivumelwano ne-Afrika (i-CwA). Isihlalo se-CwA sibanjwe ngokubambisana yiNingizimu Afrika ne-Germany ngaphansi kweThimba lase-Afrika Lokweluleka i-G20.   
2.6.    IKhabhinethi lamukele nokwethulwa kwemboni i-Phuthaditjhaba Industrial Park, ebize izigidi ezingama-50 zamarandi, kamuva eFreyistata ezokhuthaza imisebenzi yezimboni futhi yandise ukwakhiwa kwemisebenzi nokukhula kuleso sifundazwe.
2.7.    IKhabhinethi linesiqiniseko sokuthi umphumela walo msebenzi kuzoba wukunciphisa izinselele zokushoda kwamathuba omsebenzi izwe elibhekene nawo, ngokuvuselela ithemba.  

3. Ukwakhiwa Kwamathuba Omsebenzi

3.1. Uhulumeni unyuse amasokisi kwezokwakhelwa kwabantu abasha kanye nezakhamizi zaseNingizimu Afrika imisebenzi, kugxilwe emnothweni wasemalokishini nowasezindaweni zasemakhaya, kanye namabhizinisi abantu besifazane nentsha okuyibo abavame ukuthwala umthwalo wezinselele eziqondene nezomnotho.

3.2. IKhabhinethi lethemba ukuthi uhlelo lwezindlela zokungenelela, ezizofaka izigidigigi ezingama-50 zamarandi emikhakheni ebalulekile njengezolimo, ingqalasizinda yomphakathi, umnotho wasemalokishini nowasezindaweni zasemakhaya, okuzohlinzeka ngamathuba okwakha imisebenzi nokuvuselela umnotho ngendlela egcinekayo. 

3.3. Lokhu kwengeza phezu kwemiphumela yeNgqungquthela Yemisebenzi lapho uhulumeni, amabhizinisi nabasebenzi izibophezele ekwenzeni okulandelayo: ukuthenga imikhiqizo yakuleli; ukusebenzisa indlela enamandla ukwandisa impahla ethengiselwa amanye amazwe; ukungenelela ohlelweni lwezolimo kusukela ekuqaleni komsebenzi kuya ekuthengiseni ngemikhiqizo yezolimo kanye nokwesekwa kwamabhizinisi amancane naphakathi nendawo ukuze kuthuthukiswe ezemisebenzi.

3.4. IKhabhinethi likholwa wukuthi lezi zinhlelo zokungenelela zibalulekile ukubhekana nokutholakele Ocwaningweni Lwezemisebenzi Lwekota lwangekota yesithathu yowezi-2018, olukhombise ukukhula kwezemisebenzi kanye nokwanda kwesibalo sabantu abangasebenzi. Esikhathini sezinyanga ezintathu, iyizi-92 000 imisebenzi eyakhiwe. Nokho, ngenxa 'yabafunimsebenzi ababelahle ithemba' bangaphambilini abayizi-131 000 ababuyele ekufuneni umsebenzi, izinga lokusweleka kwemisebenzi nalo likhuphuke nge-0.3% laya kuma-27.5%.

3.5. Ngokwesikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) imisebenzi yande  emkhakheni wezohwebo lwamabhizinisi nezokwakha, yaphela emkhakheni wezokuvukuza, wezokukhiqiza, wezokuthutha kanye nemizi. Sehlile isibalo sabantu abasebenza emkhakheni okusetshenzwa ngokugcwele kuyo, sakhuphuka emkhakheni okusetshenziswa kuwo ngokungagcwele.

4. Ukugubha Iminyaka engama-20 yoMthetho Wezokuncintisana 

4.1. IKhabhinethi lazisa ukuthi uMthetho Wezokuncintisana sewufinyelele onyakeni wama-20 waqala ukusebenza kuMfumfu 1998. Esikhathini seminyaka engama-20, izikhulu zezokuncintisana zibone impumelelo enkulu ekulweni nogombela kwesabo abanyusa intengo abangahambisani nokuncintisana, ukusetshenziswa ngokungafanele kwamandla ezinkampani ezinkulu kanye nokuvikelwa komphakathi ngesikhathi kuhlangana amabhizinisi. Izikhulu zezokuncintisana zikhiphele izinkampani eziphula uMthetho izijeziso ezingaphezu kwezigididi eziyi-8 zamarandi. Ihhovisi likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho, ngokusebenzisa izindlela ezikuMthetho Wezokuncintisana, lakhe isikhwama esikhethekile sokuthuthukisa amabhizinisi amancane, abahlinzeki bakuleli kanye nokungena kwabalimi abayibantu abansundu ohlelweni lomnotho, esinemali engaphezu kwezigidigidi eziyi-5 zamarandi. 

4.2. IKhabhinethi lihalalisela izikhulu zezokuncintisana ngomsebenzi owenziwe kwezomnotho kubabambiqhaza abasha nokukhuthaza ukusungulwa kwamabhizinisi amasha nokuncintisana.

5. Umhlangano woMkhandlu woNgqongqoshe (i-COM) we-18 wenhlangano i-Indian Ocean Rim Association (i-IORA)

5.1. IKhabhinethi lihalalisela uMnyango  Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana ngokusingatha uMhlangano woMkhandlu woNgqongqoshe (i-COM) we-18 wenhlangano i-Indian Ocean Rim Association (i-IORA) owabanjwa eDurban, KwaZulu-Natali ngomhla we-02 kuLwezi 2018 ngaphansi kwesiqubulo esithi: Ukuhlanganisa Abantu base-Afrika, e-Asia, e-Australasia nase-Middle East ngokubambisana okunzulu ukuze kube Nokuthula, Uzinzo Nentuthuko Esimeme".

5.2. Omunye wemiphumela yomhlangano we-18 we-IORA kwaba Isimemezelo Esikhethekile sokuhlonipha uMongameli Nelson Mandela ophinde abe ngumsunguli we-IORA. Lokhu kuholele ekusungulweni “koHlelo Lokufundela Umsebenzi Usemsebenzini i-IORA Nelson Mandela 'Yiba Wukhondolo”” okulindeleke ukuthi lwethulwe ngokusemthethweni kuNtulikazi 2019. Lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa nokuhlomisa abantu abasha baku-IORA ngamathuba okusebenza emkhakheni abawufundele.

6. Ukulwa Nobugebengu 

6.1. IKhabhinethi lamukela ukwethulwa, kwakamuva, koPhiko Olulwisana Namaqembu Ezigelekeqe e-Hanover Park, eNtshonalanga Kapa, wuMongameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kwengezele ekungeneleleni kukahulumeni kuzoba nomsebenzi omkhulu ekubhekaneni ngendlela enzulu nenkinga yamaqembu ezigelekeqe kanye nobugebengu obuhambisana nezidakamizwa obukhungethe imiphakathi.

6.2. Lolu phiko lunamalungu aqeqeshelwe ukubhekana nezimo ezinobungozi obukhulu njengoba evela emaphikweni okubhekana nezimo ngobuchule (amaBherethi), ithimba lokubhekana nemisebenzi ekhethekile (i-special task force) kanye nophiko lwezokungenelela kuzwelonke (i-national intervention unit). Emshikashikeni wokulwa nobugebengu, le ndlela yokungenelela eholwa nguhulumeni izokwethulwa ezweni lonke.  

6.3. IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nezinhlangano zomthetho ukugcina ukuphepha nokuvikeleka okubaluleke kakhulu ukuze kube nentuthuko emiphakathini. Lisazinikele ekuqinisekiseni ukuthi imiphakathi iphephile futhi izizwela iphephile ezindaweni ehlala kuzo.

7. Isikhathi Sokuqoqwa Kwentela 

7.1. IKhabhinethi libonga bonke abakhokhintela ngokuthumela imibhalo yokuqoqwa kwentela kwaminyaka yonke yesikhathi sokuqoqwa kwentela ngowezi-2017/18, esivalwe ngomhla zingama-31 kuMfumfu 2018. Imali eqoqiwe ngentela isawumthombo wesikhwama esiqinisekisa ukuthi uhulumeni angahlinzeka umphakathi ngemisebenzi. 

8. Isikimu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali (i-NFSAS)

8.1. IKhabhinethi likhumbuza bonke abafundi abafuna ukufaka izicelo Esikimini Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali (i-NFSAS) ngosizo lwezimali ngowezi-2019 ukuthi izicelo ezifakwa nge-inthanethi zivalwa ngomhla zingama-30 kuLwezi 2018.

8.2. Ngomhla lu-1 kuMandulo 2018, izicelo zavulelwa abafundi abafanelekile abafisa ukuqhuba izifundo zabo ngowezi-2019 ezifundweni ezigunyaziwe kunoma eyiphi inyuvesi kahulumeni noma ekolishi Lokufundela Umsebenzi Wezobuchwepheshe Bezandla Nokuqeqeshwa (i-TVET) eNingizimu Afrika. 

8.3.    Abafundi bakhuthazwa kakhulu ukuthi bethule izicelo nge-inthanethi noma baye emahhovisi eNhlangano Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA) ngaphambi kosuku lokuvala.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

9. IKhabhinethi ligunyaze Uhlaka Lohlelosu ukuze kuqhutshwe izintshisekelo ezingokohlelosu zeNingizimu Afrika emhlabeni jikelele njengoba liqondene nezohwebo, utshalomali kanye nezimboni. Lolu hlelosu luhlose ukuqinisekisa ukuthi ukubonisana namanye amazwe kuwusizo kuzinqubomgomo ezibalulekile zasezweni ezinjengokuqedwa kobumpofu, ukungabibikho kwemisebenzi kanye nokungalingani. 

Lolu hlelo lukhuthaza ukuthi iNingizimu Afrika ibe nentshisekelo yokudidiyela ezentuthuko e-Afrika iyonke ngokwesekwa wuhlelosu oluholwa wutshalomali nokwakha ombimbi ngokohlelosu ukuqhuba umsebenzi wayo. Luphinde luqinise ubudlelwane bezohwebo kanye nobezotshalomali namazwe asethuthukile futhi luhehe utshalomali olungena ngaphakathi ezweni, ukudluliswa kwamakhono  nobuchwepheshe kanye nezimpahla ezithengiselwa amazwe angaphandle ezinenzuzo eningi. 

10. IKhabhinethi ligunyaze ukukhushulwa komholo wonyaka wamalungu eKhomishana Yamalungelo Esintu yaseNingizimu Afrika (i-SAHRC). UMthetho WeKhomishana Yamalungelo Esintu yaseNingizimu Afrika, wezi-2013 uhlinzeka ngokuthi umholo, isibonelelo sezindleko kanye neminye imigomo nemibandela yehhovisi inqunywa nguMongameli ngokubonisana neKhabhinethi noNgqongqoshe Wezezimali.

C. Imicimbi Ezayo
11. Inhlangano Yemisebenzi Yamazwe Ngamanzwe (i-ILO)

IKhomishana Yomhlaba Jikelele Esezingeni Eliphezulu eqondene neMisebenzi Yakusasa yeNhlangano Yemisebenzi Yamazwe Ngamazwe (i-ILO) izobamba umhlangano wokugcina wayo we-15 kuya ku-17 kuLwezi 2018. Osihlalo bale Khomishana nguMongomeli uCyril Ramaphosa nozakwabo wase-Sweden uStefan Löfven. Ikhomishana Yomhlaba Jikelele Esezingeni Eliphezulu, ehlelwe yi-ILO ngowezi-2017, ibhekene nomsebenzi wokuhlola izinguquko ezisheshayo eziqhubeka emisebenzini, ohlonza izinselele ezisemqoka kanye nalokho okumele kwenziwe ukwenza ikusasa lomsebenzi libe ngcono futhi lilingane. Umsebenzi weKhomisana Yomhlaba Jikelele uhambisana nokugxila kukahulumeni ekwakheni imisebenzi efanele negcinekayo, kanye nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi intsha yaseNingizimu Afrika iba namakhono adingekayo ukuphumelela emkhakheni wezemisebenzi oshintshashintshayo. 

12. Umbukiso i-China International Import Expo (i-CIIE)

IKhabhinethi lamukela ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika njengezwe eliyisimenywa esihloniphekile embukisweni i-China International Import Expo (CIIE) obanjelwe e-Shanghai. UNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni u-Rob Davies, uhola ithimba lezinhlangano ezingama-27 zaseNingizimu Afrika. Lezi zinhlangano zixhaswe wuMnyango Wezohwebo Nezezimboni ngosizo loHlelo i-Export Marketing and Investment Assistance (i-EMIA) Scheme.

Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kubeka izwe esimweni esingcono sokuthuthukisa amandla ayo kwezohwebo notshalomali futhi silangazelele ukubona izinkampani ezibukisa kulo mbukiso wemikhakha enhlobonhlobo, ebandakanya umkhakha wezenqubo yokuqhutshwa kwemisebenzi yezolimo, owezicathulo kanye nesikhumba, owezobunjiniyela, owezamakhemikhali kaphethilomu, owezingxenye zezitimela, owezokuvikela, kanye nowezolwazi kwezobuchwepheshe bezokuxhumana (i-ICT), abuya ekhaya nama-oda okuthenga. Usaqhubeka uMbukiso, iNingizimu Afrika iphinde yasingatha umhlangano wezotshalomali ogxile emathubeni asemkhakheni wezokukhiqiza. 

13. Isonto Lokugxila Ezimbizweni Kuzwelonke

Amasonto amabili azayo okusebenza kukahulumeni azoba yiSonto le-9 Lokugxila Ezimbizweni Kuzwelonke, elilawulwa uPhiko Lohlelo LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS). Amalungu Omkhandlu Kazwelonke (iKhabhinethi) kanye nabaholi basesifundazweni nakohulumeni basekhaya bazohambela imihlangano yomphakathi neZimbizo elizweni jikelele. Lolu hlelo lwesikhathi esizoqala ngomhla we-12 kuya kumhla zingama-25 kuLwezi 2018 luzoshicilelwa ku-www.gov.za.

Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi zisebenzise lezi zinkundla ukubonisana nezikhulu ngezinkinga zokuhlinzekwa kwezinsazakalo ukuqinisekisa ukuthi ukusebenzisana ekuthuthukiseni imiphakathi yethu. 

D. Amazwi Enduduzo

14. IKhabhinethi lithi 'dudu' emindenini nezihlobo zabo bonke abashone kuchunguchunge lwemililo ebeyiku-Garden Route nezindawo ezizungeze leyo ndawo, kanye nabaseMpumalanga Kapa. Lo mlilo udlule nomphefumulo ka-Nico Heynes, owayengumshayelibhanoyi we-Working on Fire. Uphinde waholela ekushoneni kwabanye abantu abayizishiyagalolunye kanye nokuthutha kwabantu abalinganiselwa kuzi-2000. Kushabalale inqwaba yemizi kanye nomhlaba omkhulu obekungatshalwa kuwo. IKhabhinethi lincoma ukungenelela kwezicishamlilo kanye nezikhulu zezokulawulwa komonakalo, zibambisene noMbutho Wamasosha Asemoyeni WaseNingizimu Afrika kanye ne-Working on Fire abasebenze ngokuzikhandla ukuhlenga izimpilo nokulawula umlilo. 

15. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kuHulumeni kanye nabantu  base-Indonesia kulandela ukuphahlazeka kwebhanoyi elidlule nemiphefumulo yabantu abayi-189 emuva kokusuka kunkabadolobha yase-Indonesia, eJakarta.

E. Ukuhalalisa

16. IKhabhinethi lihalalisela iNingizimu Afrika ngokukhethwa ngokwesekwa ukuthi isebenze ngaphansi koMkhandlu weNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yengqalasizinda Yezokuxhumana (i-ITU) ngoMsombuluko, ngomhla wesi-5 kuLwezi 2018 ngesikhathi sePlenipotentiary Conference ye-ITU e-Dubai. 

IKhabhinethi lihalalisela uMnu. Mandla Mchunu weSikhungo Esizimele esibhekelele ezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa) okhethwe ukusebenzela iBhodi Lokulawula Imisebe ye-ITU kanye noNksz. Doreen Bogdan-Martin ngokukhethwa kwakhe njengoMqondisi weSikhungo Sokuthuthukisa Ingqalasizinga Yezokuxhumana, futhi ongowesifazane wokuqala ukuba ngomunye wabaphathi abakhulu be-ITU selokhu yasungulwa ngowe-1865. 

INingizimu Afrika ithotshiswe wukwethenjwa ngamanye amazwe ukuthi ubeyingxenye  yabaphathi abakhulu be-ITU eminyakeni emine ezayo. Sizosebenzisa lezi zikhundla ukuqhuba uhlelo lwezentuthuko nokwakha umphakathi onolwazi esikhathini sobuchwepheshe besimanje.

17. IKhabhinethi lihalalisela ne-Federal Democratic Republic of Ethopia ngokukhetha umongameli wabo wesifazane wokuqala, uMhlonishwa uSahle-Work Zewde, okunguye kuphela omongameli wesifazane ezwenikazi lase-Afrika. INingizimu Afrika izoqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bayo nezwe lase-Ethopia emikhakheni eminingi ebandakanya ezohwebo, ezepolikiti nobudlelwano kwezomnotho.
 
18. IKhabhinethi lidlulisela amazwi okuhalalisa kuMongameli u-Paul Biya, owagcotshwa njengomongameli ihlandla lesikhombisa. IKhabhinethi linxusa bonke abantu base-Cameroon ukusebenzisana ekutholeni izisombululo ngenqubo yokuxoxisana. IKhabhinethi lilangazelele ukwakha ubudlelwano bezepolitiki, ezomnotho nezohwebo phakathi kweNingizimu Afrika ne-Cameroon. 

19. IKhabhinethi lihalalisela abantu base-Brazil ngokubamba ukhetho ngempumelelo olubeke ukhethelwe ukuba nguMongameli we-Federative Republic of Brazil, uMhlonishwa u-Jair Bolsonaro njengoMongameli wase-Brazil omusha. 

20. IKhabhinethi lidlulisela izilokotho ezinhle kuyo yonke imiphakathi yama-Hindu eNingizimu Afrika agubha u-Diwali noma u-Deepavali. Lo ngumgubho wezenkolo obungaza impumelelo yokuhle kokubi, ulwazi nobuhlakani kunobuwula kanye nempumelelo yokukhanya kunobumnyama. Ukukhanya okungcwele kukaNkulunkulu makubusise iNingizimu Afrika ngokuthula, impumelelo, injabulo, ukuphumelela kanye nokwaneliseka, njengoba sonke sidlala izindima zethu ukuhlanganisa ukuthula nobumbano ezweni lethu elinenkolo kanye namasiko ahlukahlukene.

F. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
21.    Ukuqokwa kabusha kukaNksz. Nomfundo Maseti njengeLungu Elilawula Ngokugcwele, elibhekele ukulawulwa kweGesi-Ehamba Ngamapayipi, ukusebenza eBhodini le-NERSA.  
22.    Abantu abalandelayo baqokwe eMkhandlwini Wobuchwepheshe Bezokwakha:
a.    Absalom Mosabeni Molobe (Usihlalo);
b.    Nksz. Maphefo K Mogodi (Iphini Likasihlalo);
c.    Nksz. Zandile Yvonne Mathe;
d.    Dkt. Jenitha Badul;
e.    Ngwako Edward Hutamo;
f.    Nksz. Noninzi Qina;
g.    Gert Hendrik Meyer;
h.    Jerry Leigh Magolius;
i.    Hendrik Ndlovu;
j.    Dkt. Keith Ivor Jacobs;
k.    Adv Boitumelo Tlhakung;
l.    Inge Maree Vieira;
m.    Sinenhlanhla Thuleleni Mthembu;
n.    Dkt. Prittish Dala
o.    Ulandi Exner
p.    Nksz. Florence Rabada;
q.    Nksz. Noluthando Hazel Molao; kanye
r.    noDkt. Claire Deacon.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore