Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-13 kuNhlolanja 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyi-13 kuNhlolanja 2019 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni
1. Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA)


1.1.  IKhabhinethi lamukela i-SoNA kaMongameli uCyril Ramaphosa yonyaka wezi-2019, okube ngeyama-25 selokhu kwaqala Ukuhlangana Kwezindlu ZePhalamende Zombili Ngokuhlanganyela okokuqala eNingizimu Afrika yentando yeningi labantu. Iningi lezakhamizi zaseNingizimu Afrika lamukela le nkulumo, eqhubeka nokuletha ithemba nokuvuselwa kabusha. 

1.2. UMongameli Ramaphosa ukhulume ngenqubekela phambili ebe khona onyakeni odlule. Akhelwa phezu kwale mpumelelo, uMongameli uchaze imikhakha okuzogxilwa kuyo kulo nyaka. Lokhu kubandakanya ukuqhubeka kwezindlela zokungenelela ukusheshisa ukukhula komnotho obandakanyayo nokwakha amathuba emisebenzi; ukuthuthukisa uhlelo lokufunda lwethu nokuthuthukisa amakhono ekusasa nokuthatha isinyathelo sokulwa nenkohlakalo nokulawulwa kombuso yidlanzana.

1.3. Ngesonto elizayo, uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni uzochaza ngohlelo lwezimali lapho ethula Inkulumo Yesabelomali. Ngokusebenzisa amavoti esabelomali seminyango kahulumeni, oNgqongqoshe bazochaza izinhlelo zabo zokusebenza ezizophumelelisa i-SoNA kaMongameli. 

1.4. IKhabhinethi lisazibophelele ekuholeni izwe lethu liqonde ekuphumeleliseni Umbono wezi-2030 woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), uhlelo lokuqeda ububha nokunciphisa ukungalingani nokungabibikho kwamathuba emisebenzi ezweni ngowezi-2030.

2. Ingqungquthelo Yezezimayini Zase-Afrika

2.1. INingizimu Afrika iphumelele ukusingatha Ingqungquthela Yezotshalomali Lwezimayini Zase-Afrika yama-25 ebanjwa minyaka yonke, okuwumhlangano omkhulukazi emhlabeni wababambiqhaza nabathathizinqumo kwezezimayini. Ngenhloso yokuheha utshalomali kwezezimayini, kulo nyaka Ingqungquthela beyibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukukhuthaza Ukuthuthuka Komnotho Osimeme Wase-Afrika".

2.2. IKhabhinethi lamukela isivumelwano sababambiqhaza kwezezimayini esisayiniwe. Lesi sivumelwano sizoba negalelo elikhulu ekukhuthazweni kotshalomali oluvela kumazwe angaphandle olungena ngqo emikhakheni eyahlukene embonini yezezimayini.

2.3. Uhulumeni, ngokusebenzisa uHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP) ngaphansi koMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti), uhlonze umkhakha wezokuhlomula ngezimayini njengomkhakha onenqwaba yamathuba angasetshenziswa abatshalimali ukuze bakhulise umkhakha wezimayini. Lokhu kuhlinzeka ngethuba elikhulu lokuba negalelo ekukhuliseni umnotho wezwe, ukwakha amathuba omsebenzi, uguquko nokuqeda ububha.

3. U-Eskom
3.1. UNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni uPravin Gordan wazise iKhabhinethi ngokuncishiswa kwamandla kagesi kwakamuva okube nomthelela emnothweni wezwe lonke. Lokhu kuphazamiseka kube nomthelela omubi kakhulu emakhaya nasemnothweni waseNingizimu Afrika.   

3.2. Ukuhlinzekwa ngogesi kwaseNingizimu Afrika kusayisidingo esikhulu futhi isimo samanje se-Eskom sibeka izwe nozinzo kwezezimali nasemnothweni engcupheni enkulu. Ukucazwa uka-Eskom ube yizikhungo ezintathu ezahlukene Eziyimabhizinisi Kahulumeni ngokugcwele – isikhungo sokuphehla nokukhiqiza ugesi; esokuthumela ugesi kanye nesokusabalalisa ugesi kumakhasimende - kuyadingeka ukuze lesi sikhungo sikagesi kanye nezwe kusimame isikhathi eside. 

3.3. Ebhekana nesimo sakamuva, uMongameli Ramaphosa uqoke Ikomidi LeKhabhinethi Elikhethekile eliqondene no-Eskom eliholwa yiPhini likaMongameli futhi elakhiwe ngoNgqongqoshe abahlukene okungowezamaBhizinisi Kahulumeni; Owezamandla; Owezezimali; Owezokuthutha; Owezokuphepha Kombuso Nowezamaphoyisa. Leli komidi lizobhekana nezindaba ze-Eskom nsukuzonke futhi lithumele imibiko yansukuzonke kuMongameli nangalokho okumele kwenziwe ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kukagesi.

3.4. Leli thimba kulindeleke ukuthi lihlangane nababambiqhaza ukusiza ukubuyisela uzinzo nokucaba indlela eyaphambili kube kuqinisekiswa ukuthi kunezindleko ezincane ezikhokhwa abathengi nabakhokhintela.

4. Ilungelo lokuvota

4.1. IKhabhinethi lihalalisela zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi izinkulungwane zabantu abasha abazobe bevota okokuqala, abazibandakanye ekubhaliseleni ukuvota ngempelasonto lokugcina lokubhalisela ukuvota lamhla zingama-26 nama-27 kuMasingana 2019 ngaphambi kokuba izwe libambe ukhetho lwentando yeningi labantu lwesithupha lukazwelonke nolwezifundazwe mhla ziyisi-8 kuNhlaba 2019. 

4.2. IKhabhinethi limema bonke abantu abafanelwe wukuvota ngokomthetho ukuthi basebenzise ilungelo labo ngobuhlakani futhi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezingakubhaliseli ukuvota ukuthi zibhalise emahhovisi eKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC) avuliwe ezweni lonke. Ungakwazi nokubheka isimo sokubhalisela ukuvota ngokuthumela i-SMS nenombolo kaMazisi yakho ku-32810 (i-SMS ibiza i-R1) noma ufake insizakusebenza (i-app) yeselula yamahhala ye-IEC yabavoti bese uyisebenzisele ukubheka imininingwane yokubhalisa yakho.

4.3. Selokhu izwe lethu lathola inkululeko nokubuswa ngentando yeningilabantu, sakhe intando yeningi labantu elandela umthethosisekelo ephumelele enezikhungo eziqinisekisa amalungelo ethu ayisisekelo. Phezu kwakho konke, kuqaliswe izinhlelo zokuguqula umnotho ngokwesu nokubhekana nenqwaba yezinselele zethu zezenhlalomnotho. Ukhetho oluzayo luyithuba lokuthi isizukulwane esisha sabantu abasha baseNingizimu Afrika sisebenzise ilungelo laso lokuvota, nokuba novo kwikusasa labo nelezwe lethu.

5. Uwoyela negesi etholwe yi-Total 

5.1. Njengengxenye yemizamo kazwelonke yokukhulisa umnotho nokwakha amathuba omsebenzi, uhulumeni - ngokusebenzisa i-Operation Phakisa: Umnotho Wasolwandle - ulawule amathuba asemkhakheni kawoyela negesi ezweni ukuze ukhule umnotho futhi kube notshalomali. INingizimu Afrika inowoyela ongase ukhiphe imiphongolo eyizigidigidi eziyisishiyagalolunye nama-60 tcf (i-trillion cubic feet) noma igesi esolwandle elinganiswa nowoyela oyimiphongolo eyizigidigidi eziyi-11.

5.2. IKhabhinethi likushayele ihlombe ukutholakala kwegesi olwandle yinkampani i-Total, ongase ube nemiphongolo eyisigidigidi zezimbiwaphansi, okuzokuxhasa kakhulu ukuphakelwa kwezwe ngowoyela negesi.

5.3. Lokhu kutholwe yile nkampani emuva kokumba ngenhloso yokuthola okuthile e-Brulpadda ku-Outeniqua Basin, okulinganiselwa kumakhilomitha (ama-km) ayi-175 uma usuka ogwini lwaseNingizimu Afrika.

6. Umhlangano Ojwayelekile wama-32 weNhlangano yase-Afrika (i-AU)

6.1.  IKhabhinethi lihalalisela uMongameli Ramaphosa ngokuqokwa njengoSihlalo we-AU wonyaka wezi-2020. Uzongena ezicathulweni zikaMongameli wase-Egypt u-Abdel Fattah el-Sisi, osesihlalweni njengamanje onyakeni wezi-2019.
 
6.2. UMongameli Ramaphosa ebehola ithimba laseNingizimu Afrika eMhlanganweni Ojwayelekile wama-32 Wokuhlangana koMongameli Bamazwe noHulumeni be-AU, obubanjelwe e-Addis Ababa, e-Federal Democratic Republic of Ethopia kusukela mhla ziyi-15 kuMasingana kuya kumhla ziyi-11 kuNhlolanja 2019, ngaphansi kwesiqubulo esithi "Abacashe kwamanye amazwe, Ababuyele Emakhaya kanye Nabantu Asebephenduke Ondingasithebeni Ngaphakathi: Kubhekwe Ezisombululweni Zesikhathi Eside kuya Ekuthuthisweni Ngokwempoqo e-Afrika". Lokhu kuhlinzeka ngendawo yokubheka nokudidiyela imbangelangqandi ephoqa abantu ukuthi basaphazeke beshiya amakhaya abo e-Afrika.

6.3. INingizimu Afrika yethule Incwadi yayo Yokugunyaza Ngokusemthethweni Isivumelwano Sesizinda Sokuhwebelwano Mahhala Kwamazwe Ezwekazi lase-Afrika (i-AfCFTA) engqungqutheleni. Izinkinga ezidingidiwe zibandakanye ukushintshwa kwesikhungo nokuxhasa uphiko lwezwekazi; Ukuthula Nezokuvikela Ezwenikazi; ukuthuthukisa okuhambisana ne-AfCFTA; kanye nezingxoxo zesivumelwano sokusebenzisana esisha phakathi kwamazwe ase-Afrika, e-Caribbean nawe-Pacific kanye neNhlangano yase-Europe (i-EU) Emuva kowezi-2020. 

6.4. Kulo nyaka, uMongameli Ramaphosa kulindeleke nokuthi angene esihlalweni somhlangano weKomidi Lomongameli Bamazwe Nohulumeni ngoGuquguquko Lwesimo Sezulu (i-CAHOSCC). I-CAHOSCC yasungulwa ngowezi-2009 yiNhlangano ye-AU yoMongameli Bamazwe noHulumeni ukuhola Isimo Se-Afrika Okuvunyelwene Ngaso Ngoguquguquko Lwesimo Sezulu kanye nezingxoxo ngoguquguquko lwesimo sezulu somhlaba jikelele. 

6.5. Uma uMongameli Ramaphosa esengena esihlalweni, uyosebenzisana nabanye omongameli ukuqinisekisa ukuphumelela kokuqaliswa kwengqophamlando Yesivumelwano Sase-Paris sokungenelela nokujwayelwa komthelela woguquguquko lwesimo sezulu. Ngokusebenzisa i-CAHOSCC, i-Afrika izoba negalelo elikhulu ezinhlelweni zomhlaba jikelele zokukhipha ikhabhoni encane nokwakha indawo ekwazi ukubezelela isimo sezulu.

7. Imfundo Ephakeme 

7.1.  IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kumndeni nabangani bomfundi waseNyuvesi Yobuchwepheshe yaseThekwini (i-DUT), uMlungisi Madonsela. Ukuphazamiseka kokufunda nokuvalwa kwezikhungo zemfundo ephakeme, ikakhulukazi KwaZulu-Natali, okugcine sekudlula nomphefumulo walo mfundi, kuyisimo esikhathaza kakhulu.  

7.2. IKhabhinethi limema bonke ababambiqhaza ukuthi baxazulule izinkinga ngendlela enokuthula. Izwe lethu lidinga abantu abasha abafundile abazofaka isandla entuthukweni yethu. 

7.3. Uhulumeni, ngokusebenzisa uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, usiza izikhungo zemfundo ephakeme lapho kunezinselele khona. UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uNaledi Pandor ukhiphe nomyalelo wokuthi abaphathi beSikimuu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali (i-NSFAS) ukuthi bakubeke eqhulwini ukuphendula yonke imibuzo yabafundi.

8. Ukutholakala kwesifo samatele (i-FMD)

8.1. Ekuvikeleni isimo sempilo sezwe, iKhabhinethi lanelisekile ngesixazululo nokungenelela ekugwemeni ukusabalala kwe-FMD Esifundeni saseVhembe, eLimpopo. UMnyango Wezolimo, Ezmahlathi Nezokudoba, ubambisene neNhlangano Yezenyama Ebovu kanye nabanye ababambiqhaza, ubhekene nokuxazulula le nkinga ngendlela edidiyele. 

8.2. Ukugoma kuqale mhla ziyi-14 kuMasingana 2019, emiphakathini enemihlambi ethelelekile, kanye nemihlambi esezindaweni ezizungeze izigodi ezikuma-20 km. Kuze kube manje, isibalo somhlambi ogonyiwe sisonke singaphezu kwezi-10 000; zifakwa izimpawu ukuze zibonakale phakathi kwezinye.

9. Ingqungquthela Yamafilimu yaseNingizimu Afrika

9.1. Imboni yezamafilimu eNingizimu Afrika seyinesikhathi eside ihlonishwa ngokufaka isandla ekukhuleni komnotho nokwakhiwa kwemisebenzi eNingizimu Afrika. Imboni yezobuciko namasiko, ikakhulukazi umkhakha wezamafilimu, nawo ubamba iqhaza elisemqoka ekuthuthukiseni umlando waseNingizimu Afrika nokuba negalelo ezinhlelweni zokwakha izwe nokubumba umphakathi.

9.2. Ngokulandela le ndlela, iKhabhinethi lamukela Ingqungquthela Yamafilimu yaseNingizimu Afrika yokuqala, ebanjwe kusukela kumhla ziyisi-5 kuNhlolanja 2019 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Uguquko namasu amasha kumaFilimu aseNingizimu Afrika/Embonini Yokubukelwayo Nokulalelwayo kanye Noguquko Lwezimboni Lwesine Olugxile Ekusetshenzisweni Kobuxhakaxhaka Nobuchwepheshe Besimanjemanje (i-4IR). Ingabe sesilulungele ushintsho?"

9.3. Imiphumela yeNgqungquthela kulindeleke ukuthi ibe ngegalelo ekwakheni nasekulungiseni indawo ukuze imboni iphumelele. Uhulumeni usazibophelele ekuxhaseni imisebenzi ngokusebenzisa Inhlangano Yokuthuthukisa Izimboni (i-IDC) ne-dti. 

B.  Izinqumo ZeKhabhinethi

10. Ubumbano lomphakathi nokwakhiwa kwesizwe


10.1. Njengoba izwe lethu selenze okuningi kusukela ngowe-1994, izithiyo ezingabambeki ezisuselwa kumehluko ngokobuhlanga, ngokwesimo somnotho nangokwamasiko kuyaqhubeka nokudelela umsebenzi ongaka esisewenzile. Maqondana nalokhu, iKhabhinethi ligunyaze Umqondo Ongokwepolitiki, ohlinzeka ngohlaka lomthetho nenqubomgomo yokweseka ubumbano lomphakathi nokwakhiwa kwesizwe kubhekwe phambili. 

10.2. Lolu hlaka luzoba nomthelela omkhulu ekuqaliseni izimpokophelo ze-NDP ezibandakanya lokhu: "abantu ababumbene kanye nomphakathi obumbene okungasizo izimpokophelo zezwe kuphela; kuphinde kube yindlela yokuqeda ububha." 

10.3. Zonke izinhlaka zomphakathi zikhuthazwa ukuthi zeseke lolu hlaka lwenqubomgomo ngokubungaza ukwehlukahlukana kwethu nokwenza umphakathi oshintsha umlando wokuqonwa kwezwe nobandlululo.

10.4. Umnyango Wezobuciko Namasiko uzobamba Ingqungquthela Yokubumba Umphakathi ekupheleni kukaNdasa 2019 eGoli lapho imikhakha enhlobonhlobo yomphakathi - okubandakanya izinhlangano zomphakathi, umkhakha wabasebenzi, amabhizinisi, izifundiswa nezincithabuchopho, abazenkolo nabamithombo yezindaba - izozibophelela kwiphrojekthi yokwenza umphakathi ubambene nokwakhiwa kwesizwe. Ukubonisana nale mikhakha kuzokwenziwa kuNhlolanja namaphakathi noNdasa 2019.

C. IMithethosivivinywa

11. Isichibiyelo Somthethosivivinywa  Wezingane wezi-2019


11.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wezingane wezi-2019 ePhalamende ukuqinisa umsebenzi wezwe wokuvikela amalungelo ezingane. 

11.2. Ngonyaka wezi-2017 Isikhungo Somthetho Wezingane, i-Centre for Child Law, safaka enkantolo uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ngodaba lokusilela emuva kokunakekelwa kwezingane ngosingabazali.

11.3. Inkantolo Ephakeme yanquma ukuthi uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, phakathi kokunye, ulungise futhi wethule ePhalamende izichibiyelo ezidingekayo kuMthetho Wezingane, wezi-2005 (uMthetho 13 wezi-2004) noma noMthetho Wezibonelelo Zikahulumeni, wezi-2004 (uMthetho 13 wezi-2004) ukuhlinzeka ngesisombululo sezomthetho esinzulu sokubhekana nezinselele zokunakekelwa kwezingane wosingamzali.

11.4.  Zonke izingane kumele zithokozele izinsiza okuhloswe ngazo ukulawula ukuphepha kwazo, nokunakekelwa kanye nokuvikelwa, kanye nohlelo lwezibonelelo zikahulumeni olusebenza kahle. Kunokungalingani okuningi ohlelweni lwamanje lokunakekelwa nokuvikelwa kwezingane. Lo Mthethosivivinyo udingida, phakathi kokunye, izinselele eziqondene nokuhlinzeka nokuphathwa kokunakekelwa kwezingane abasingamzali kanye nezinye izindaba eziqondene nokunakekelwa nokuvikelwa kwezingane.

D. Imicimbi Ezayo
12.  INgqungquthela Yomnotho Wobuchwepheshe Be-inthanethi

12.1.  Isinyathelo somhlaba jikelele sokucubungula ubuchwepheshe esikhuthazwe i-4IR siletha amathuba amasha sokuthuthukisa izwe kanye nomnotho walo. Ukuze singasali ezinhlelweni zobuchwepheshe obusha, izwe lizosingatha iNgqungquthela Yomnotho Wobuchwepheshe Be-inthanethi kuNdasa 2019. 

12.2. Le ngqungquthela iqhutshwa ngaphansi kohlelo lwe-4IR South Africa (i-4IRSA), ngokubambisana phakathi koMnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, u-Telkom, iNyuvesi yase-Witwatersrand, iNyuvesi yaseGoli kanye neNyuvesi i-Fort Hare.

12.3. I-#4IRSA ihlose ukudingida izinselele iNingizimu Afrika ebhekene nazo Esikhathini Sobuchwepheshe Be-Inthanethi ukuze kutholakale izindlela zokusiza izwe ezihambisanayo nezididiyele. 

13. 2019 Imiklomelo Yemithombo Yezindaba yeNhlangano yokuThuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) 

13.1. Njengengxenye yokukhuthaza ukudidiyela kwesifunda, ukubambisana nokwazisa umsebenzi ophuma phambili wobuntatheli, abemithombo yezindaba eNingizimu ne-Afrika bayamenywa ukuthi bathumele amagama abantu abazongenela umncintiswano Wemiklomelo Yezemithombo Yabezindaba ye-SADC yowezi-2019 ungakadluli umhla zingama-28 kuNhlolanja 2019. Le miklomelo isemkhakheni wezamaphephandaba, umsakazo, umabonakude nobuntatheli bokuthatha izithombe. 

E. Imiyalezo
14.  Amazwi Enduduzo

14.1. IKhabhinethi nalo njengoMongameli Ramaphosa kanye nazo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika lidlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani babafundi abashone lapho kubhidlika indawo yokuhamba esikoleni i-Hoërskool Driehoek e-Vanderbijlpark ngoLwesihlanu, mhla lu-1 kuNhlolanja 2019. IKhabhinethi lifisela bonke abafundi abalimele ukululama ngokushesha. 

15. Ukuhalalisa

15.1. IKhabhinethi lihalalisele:

  • iSoweto Gospel Choir ngokwenza iNingizimu Afrika iphinde iziqhenye ngabo kulandela ukuwina i-Grammy yokuba ne-albhamu yomculo ephume phambili emhlabeni jikelele. Leli qembu elikhiphe i-albhamu ethi Freedom – renditions of well-known liberation struggle songs. Le Ndondo ye-Grammy ingeyesithathu etholwe yileli qembu.
  • Ibhange Lentuthuko laseNingizimu ne-Afrika (i-DBSA) ngokuwina Indondo Yohlelo Lwamandla Avuselelwayo e-Afrika esikhungweni esise-London, i-Project Finance International. I-DBSA ihlonishelwe uhlelo loxhaso lwayo lwamaphrojekthi kagesi ovuselelwayo ayi-14 ngoHlelo lwezwe Lwabakhiqizi Abazimele Bamandla Kagesi Ovuselelekayo.
  •  Ososayensi ababili bethu abawine Izindondo ezibalulekile ze-AU Kwame Nkrumah Yobunyoningco Kwezesayensi 2018 ebeyise-Addis Ababa, e-Ethopia mhla ziyi-11 kuNhlolanja 2019;

USolz. Aletta Schutte uwine umklomelo wesifunda Wososayensi Besifazane oyizi-US$20 000 esigabeni Sesayensi Yokuphila Neyomhlaba. UwuSolwazi we-Physiology eNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga. USlz. Schutte une-SARChl Yokutholakala Sisaqala Nokufikeleka Kwesifo Senhliziyo e-Afrika, lo sihlalo wocwaningo uxhaswe wuMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe (i-DST). Ucwaningo lwakhe lugxile kumfutho wegazi ophezulu nokuthuthuka kwabantu base-Afrika.  

USolz. David Mark Richardson uwine indondo yomhlaba jikelele i-US$100 000 esigabeni seSayensi Yomhlaba Nempilo. Uwusolwazi ohlonishwayo ezifundweni ze-Ecology eNyuvesi yaseStellenbosch, futhi unguMqondisi wesikhungo se-DST socwaningo kuzwelonke sobunyoningco bemvelo evela ezindaweni engasiyo eyemvelo, i-DST-National Research Foundation of Excellence for Invasion Biology. Ucwaningo lwakhe luqondene nokuqonda izinkinga eziqondene nezinhlobo zezihlahla ezingasizo ezasendaweni ezizimilelayo.

  •  Iqembu lebhola laseNingizimu Afrika labadlali bebhola likanobhutshuzwayo abaneminyaka engaphansi kwama-20, Amajita, ngokuphumelela ukungenelela umqhudelwano weNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2019 Yabaneminyaka Engaphansi Kwama-20, ozobanjelwa ePoland kuNhlaba 2019. Amajita athole indawo yawo kulandela ukuphumelela emidlalweni eyandulela umdlalo wamanqamu kwi-Africa Cup of Nations Yabadlali Abaneminyaka Engaphansi Kwama-20 yeNhlangano Kanobhutshuzwayo yase-Afrika (i-CAF) eqhubekayo eNiger njengamanje. 

Imibuzo: Nkz Phumla Williams - iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi (we-GCIS) 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore