UMongameli Cyril Ramaphosa: Ulwazi lwakamuva maqondana nesimo sokuphepha nokuvikeleka ezweni

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
 
Phambilini namuhla bengivakashele izindawo ezilandelayo, KwaMashu, Springfield, Mobeni kanye naseMlazi KwaZulu-Natali, okuyizindawo kulezi zinsuku ezimbadlwana ezedlule ezikhahlanyezwe wudlame nokucekelwa phansi kwempahla okungakaze kubonakale ngaphambilini.
 
Imigwaqo nezakhiwo engizibonile zibonisa ngokucacileyo umphumela osabekayo futhi omubi kakhulu wezenzo zokutatshwa nokuphangwa kwempahla kanye nesiphithiphithi esihambisana nobudlova. 
 
Kodwa-ke okubuhlungu kakhulu wumthelela omubi kakhulu walezi zigameko ezimpilweni zabantu, kwizindlela zabo zokuziphilisa kanye nokuphepha nokuvikeleka kwabo.
 
Umonakalo nomthelela wokukhahlamezeka kakhulu kwabantu kanye nokubhubha nokulimala kwezindimbane zabantu kulolu dlame kuzothatha isikhathi eside ukuthi kulungiseke.
 
Manje sekucacile ukuthi izigameko zangeviki eledlule bekuyizigameko ezenziwe ngenhloso, ebezilawulwa ngendlela ehambelanayo futhi ezihlelwe kahle zokuhlasela umbuso wethu wentando yabantu.
 
Isengcupheni inqubo yokusebenza komthethosisekelo nokubekwa kwawo eqhulwini kuleli.
 
Lezi ziphithiphithi nenxushunxushu ekhona njengamanje kanye nezenzo zokugqugquzela nokubhebhezela udlame kuwukwephulwa ngqo kwezimiso zoMthethosisekelo kanye nemigomo yokukhonya komthetho.
 
Izenzo lezi kuhloswe ngazo ukuwisa umnotho nokudala inxushunxushu emphakathini kanye nokuwuthena amandla kakhulu umbuso wentando yabantu, ngisho nokuwuqumba phansi imbala.
 
Labo abangobhongoza balokhu bebeshaya sengathi lezi yizenzo zokuzwakalisa izikhalazo eziphathelene nezepolitiki kanti bona bahlose ukufaka abantu umoya wezikhova ukuze bavukele umbuso. 
 
Bahlose ukusebenzisa izimo zenhlalo nezomnotho abaphila ngaphansi kwazo abantu abaningi baseNingizimu Afrika – okuyizimo esezizimbi kakhulu kusukela kwabheduka ubhubhane lwegciwane le-corona – futhi ngalokho bafake umoya wezikhova kwizakhamuzi zakuleli kanye nezinhlaka zezigilamkhuba nemigulukudu ukuze laba bazibandakanye ezenzweni zokuphanga nokuzitapela impahla.
 
Le nxushunxushu eqhubekayo njengamanje isetshenziswa njengetulo lokufihla izenzo zokucekelwa phansi komnotho ngokuthi kuhlaselwe amaloli, amafemu, izakhiwo okugcinwa kuzona impahla kanye nenye ingqalasizinda edingekayo ukuze umnotho wethu usebenze kahle futhi kuhlinzekwe ngezinsiza kubantu bakithi.
 
Ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, izindaba ezingamanga kanye nolwazi olungelona neze iqiniso bahlose ukubhebhezela ukubhekana ngeziqu zamehlo nenzondo kanye nodlame phakathi kwezinhlanga ezahlukene zakuleli. 
 
Okubi kakhulu wukuthi bahlose ukusebenzisa abantu abampofu kanye nalabo abadla imbuya ngothi ngenhloso yokuzihlomulisa bona ngokwabo kulokhu.
 
Kepha-ke nakuba kube nezigameko zokucekelwa phansi kwempahla ebezithe chithi saka kuleli, lo mzamo wokuvukelwa kombuso uhlulekile ukuthola ukuxhaswa nokwesekwa okuvela kubantu abaningi bakuleli.
 
Lokhu kubhuntshile ngenxa yemizamo eyenziwe umbutho wethu wezokuphepha nokuvikeleka, futhi kubhuntshile ngoba bavele bangayingena nje leyo abantu baseNingizimu Afrika futhi basukumile bavikela umbuso wethu wentando yabantu esawuthola kanzima.
 
Ngizibonele ngawami ukuzibophezela nokuzinikela kwabantu ngenkathi ngihambahamba emigwaqeni yaseThekwini.
 
Ngibone abantu bekhuculula imigwaqo, bakha izimpilo zabo kabusha futhi bebumbene ngokwahlukahlukana kwabo – abasha nabadala, amadoda nabesifazane, abamnyama nabamhlophe.
 
Bazwakalise ukukuthokozela kakhulu ukwesekwa ngamalungu ombutho wezokuphepha nokuvikeleka futhi bakubeke kwacaca kimina ukuthi bame ndawonye, bayimbumba futhi bazosebenzisana nohulumeni ukubuyisa uzinzo nesimo esijwayelekile kuleli.
 
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
 
Kusukela kwaqubuka lolu dlame okungenani bangama-212 abantu asebelahlekelwe yimiphefumulo yabo.
 
Kulaba, bayi-180 abashone ezigamekweni ezenzeke KwaZulu-Natali, kanti futhi bangama-32 abashonile e-Gauteng.
 
UMbutho Wamaphoyisa waseNingizimu Afrika uphenya amacala okubulala ayi-131 futhi usuvule amadokodo ophenyo maqondana nokufa kwabantu abangama-81.
 
Imicabango nemithandazo yethu isemindenini yalabo abalahlekelwe yimiphefumulo yabo kulolu dlame olungenangqondo. Lobu wubuhlungu obungadingekile neze nje ukuthi kube nomndeni noma umphakathi odlula kubona.
 
Kusukela zaqala lezi zinxushunxushu uHlaka Lukazwelonke Lokusebenza Ngokuhlanganyela kanye Nezobunhloli (i-NatJoints) seluqophe izigameko ezingaphezu kwe-118 zodlame emphakathini, ukungqongqiswa kwempahla, ukuphanga nokuzitapela impahla kanye nezinye izehlakalo ezihlobene nothuthuva nezibhelu.
 
Lezi zigameko bezigxile ikakhulukazi e-Gauteng naKwaZulu-Natali. 
 
Kusukela esikhathini lapho belubhoke kakhulu uthuthuva nezibhelu ngoMsombuluko nangoLwesibili, selehle kakhulu inani lezigameko futhi sekunozinzo nokuthula ezindaweni eziningi kulezo ebezikhahlamezekile.
 
Bangaphezu kwezi-2,550 abantu asebeboshiwe mayelana nalolu thuthuva nezibhelu futhi kwenziwa amalungiselelo akhethekile okuqinisekisa ukuthi aqulwa ngokushesha lawa macala.
 
Ukucekelwa phansi kwezakhiwo ngokunjalo futhi nokwebiwa kwempahla sekudale izindleko ezibalelwa kwizigidigidi ngezigidigidi zamarandi kumabhizinisi, abathengi kanye nezwe lonkana.
 
Ngokusho kwemibiko yokuqala ehlanganiswe yi-NatJoints, mkhulu kakhulu umonakalo owenzeke ezakhiweni nezizinda zokuthenga eziyi-161 ezinenxanxathela yezitolo, izakhiwo zokugcina impahla eziyi-11, amafemu ayisishiyagalombili kanye nezitolo ezidayisa utshwala namabhizinisi asabalalisa utshwala ayi-161.
 
Lokhu akufaki phakathi umonakalo owenzeke emigwaqeni nakwenye ingqalasizinda.
 
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
 
Njengohulumeni, kumele sivume ukuthi besingakulungele neze ukubhekana nomkhankaso ohlelekile wodlame emphakathini, nokucekelwa phansi kwempahla kanye nomonakalo ongaka obekuhloswe ngawo ukufezekisa izinhloso ezithile.
 
Nakuba sizincoma izenzo zobuqhawe zamalungu ombutho wezokuphepha nokuvikeleka abeyidudula emphakathini, kumele sikuvume ukuthi besingenawo amandla kanye nezinhlelo ezimi ngomumo zokuthatha izinyathelo ezisheshayo futhi ezinohlonze ukunqanda lesi simo.
 
Amaphoyisa ethu abebhekene nesimo esinzima futhi abonise ukuzithiba okuncomekayo impela ukuvimbela ukulahleka kwemiphefumulo yabantu kanye nokubhebhezeleka kwesimo sibe mazonzo kakhulu.
 
Kodwa-ke, emva kokutshalwa kwamasosha angeziwe, akwazile ukubuyisa uzinzo nokuthula ngokushesha ezindaweni eziningi ebezikhahlamezekile.
 
Uma seyidlulile le nxushunxushu, sizoqalisa inqubo enohlonze futhi ejulile yokubuyekeza ukulungela kwethu ukubhekana nezimo ezinjengalezi kanye namandla ethu okuthatha izinyathelo ezifanelekile.
 
Okwamanje izinto eziseqhulwini kithina yilezi:
 
Okokuqala, wukuletha uzinzo ezweni futhi sibuyisele isimo kwesejwayelekile,
 
Okwesibili, wukuqinisekisa ukuvikeleka kwempahla esemqoka edingeka kakhulu kanye nengqalasizinda,
 
Okwesithathu, wukuhlinzeka ngosizo kanye nokweseka izinhlelo zokuvuselela nokwakha kabusha,
 
Okwesine, wukukhuthaza izakhamuzi ukuthi zibambe iqhaza ngenkuthalo emizamweni yokuvikela imiphefumulo yabantu, nezindlela zokuziphilisa kanye nombuso wentando yabantu.
 
Ngenhloso yokubuyisa ukuthula nozinzo ezweni, silikhuphule kakhulu inani lamasosha namaphoyisa ajutshwe ukuthi asebenze emphakathini e-Gauteng kanye naKwaZulu-Natali.
 
Sengigunyaze ukutshalwa kwamalungu oMbutho Kazwelonke Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) ayizi-25,000 ukuze alekelele amaphoyisa emsebenzini wawo.
 
Kuleli nani, ayizi-10,000 amasosha aseqalile ukusebenza emphakathini futhi lawo asele kulindeleke ukuthi afinyelele ezindaweni ezihlukahlukene ajutshwe kuzonangokuqhubeka kwempelasonto.
 
Kunenqubekela-phambili ephawulekayo impela eyenzekayo ekuvikelweni kwengqalasizinda yethu yezokuthuthwa nokuthunyelwa kwempahla:
•    Usuphinde wavulwa futhi umgwaqo onguthelawayeka u-N3 phakathi kweTheku ne-Gauteng futhi sekutshalwe amasosha ukuqinisekisa ukuthi ihlala ivuliwe imizila yokuthunyelwa kwempahla esemqoka.
•    Amasosha asebenzisana namabhizinisi ukuqinisekisa ukuthuthwa nokuthunyelwa ngokuphepha kukaphethiloli, ukudla, i-oksijini, imithi yokwelapha, amakhemikhali kanye nezinye izimpahla ezisemqoka kakhulu.
•    Kwenziwa izinhlelo zokubuyisela esimweni esejwayelekile ukusebenza kwesikhumulo semikhumbi saseThekwini kanye nesase-Richards Bay ukuze uqale kabusha umsebenzi wokuthunyelwa kwempahla emazweni angaphandle ngokunjalo futhi nomsebenzi wokungeniswa kwempahla evela kwamanye amazwe kuleli.
•    Sekukhishwe imithethonqubo ngokwemigomo yoMthetho Wezokuncintisana ezovumela amafemu abandakanyeka emsebenzini wokuhlinzekwa kwezimpahla ezisemqoka ukuthi abelane ngolwazi mayelana nokutholakala kanye nokudingeka kwezimpahla ezithile. Lokhu kuzolekelela ekuvimbeleni ukushoda nokuntuleka kwezimpahla ezisemqoka futhi kukhuthaze nokusatshalaliswa ngendlela elinganayo ezweni lonkana kwezimpahla ezisemqoka eziyindlala.
 
Lezi zinyathelo zizoqinisekisa ukuthi ziyaqhubeka nokusebenza kahle izinqubo zokuphakelwa nokuhlinzekwa kwempahla nezinsizakalo.
 
Ngithanda ukugcizelela ukuthi akukho neze ukuntuleka kokudla noma kwempahla esemqoka ezingxenyeni eziningi zezwe, futhi ukuthenga kwabantu izimpahla ezithile ngobuningi ngoba benovalo lokuthi zizophela kuzokwenza nje ukuthi isimo sibe sibi kakhulu kunakuqala.
 
Ngaphezu kokulekelela amaphoyisa emsebenzini wawo wokugcina uzinzo nokuthula, amalungu e-SANDF ajutshwe ukuba avikele nezakhiwo ezisemqoka kanye nezizinda zamabhizinisi ezibaluleke kakhulu ekusebenzeni komnotho kanye nokuhlinzekwa kwezakhamuzi ngezinsiza ngaphandle kokuphazamiseka.
 
Amathimba akhethekile ezimpiko eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho asebenza ubusuku nemini ngenhloso yokuthungatha futhi abophe labo abebehlela futhi balawule lolu dlame.
 
Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi laba bantu babhekana nengalo yomthetho.
 
Sekube nekhwelo elishaywe yizinhlaka eziningana lokuthi kumenyezelwe isimo esiphuthumayo ezweni ukuze kunqandwe lolu dlambedlu nokucekelwa phansi kwempahla.
 
Leli khwelo liyinto ezwakalayo impela uma kubhekwa amazinga nobukhulu besiphithiphithi nenxushunxushu ekhona emphakathini. 
 
Owethu umbono uthi isimo esiphuthumayo kumele simenyezelwe kuphela uma sesibonile ukuthi yonke eminye imizamo yokuletha uzinzo nokubuyisela isimo kwesejwayelekile iyahluleka.
 
Ukumenyezelwa kwesimo esiphuthumayo ezweni kuyokwenza ukuthi kubekwe imikhawulo enohlonze ewanciphisa kakhulu amalungelo ayisisekelo aqukethwe kuMthethosisekelo, futhi akekho neze uhulumeni ongathanda ukwenza lokhu ngaphandle uma kudingeke ngempela.
 
Okwamanje, kungumbono wethu oqinile impela ukuthi ukutshalwa kwamasosha ethu, esebenzisana nemiphakathi kanye nezinye izinhlaka zomphakathi okubanjiswene nazo kuzokwazi ukubuyisa uzinzo nokuthula futhi kuvimbele ukuqubuka kolunye futhi udlame.
 
Sizoyicisha le mililo ebhebhethekayo futhi size sicishe ngisho nelahle lokugcina elivuthayo.
 
Sizobahlonza futhi sibathathele izinyathelo bonke labo abokhele leli langabi lomlilo, kanye nalabo abalibhebhethekisayo. 
 
Sizobathola labo abagqugquzele lolu dlame. Bazophendula ngezenzo zabo. Akekho noyedwa umuntu esizomvumela ukuthi adale inxushunxushu nezibhelu ezweni lethu aphunyule engenamnyocu.
 
Ngeke neze sivumele nanoma yimuphi umuntu noma iqembu ukuthi libukele phansi futhi lidelele amandla negunya likahulumeni okhethwe ngentando yeningi labantu.
 
Nakuba amasosha ethu eseqalile kancane kancane ukulawula isimo nokusibuyisela kwesejwayelekile emphakathini, imithelela yalolu dlame isazobakhahlameza kakhulu bonke abantu baseNingizimu Afrika kulezi zinsuku, amaviki kanye nezinyanga ezizayo.
 
Kuzothatha isikhathi eside ukulungisa umonakalo owenzekile kwingqalasizinda yethu yezomnotho esemqoka.
 
Lokho-ke kuzoba nomthelela ekutholakaleni kokudla, uphethiloli, imithi yokwelapha kanye nezinye izimpahla ezisemqoka, hhayi nje kuphela eNingizimu Afrika kodwa esifundeni sezwekazi sonkana.
 
Udlame nokucekelwa phansi kwempahla kwenze umonakalo omkhulu kakhulu emnothweni wethu, esikhathini lapho sitabalasa sizama ngamandla ukusimama kumthelela wobhubhane lwesifo segciwane le-corona.
 
Lucekele phansi amabhizinisi futhi noma kanjani luzoholela kokunye futhi ukulahleka kwemisebenzi.
 
Ekugcineni, lokho kuzokwenza ukuthi ububha budlange kakhulu kunakuqala futhi kufake izigidi ngezigidi zabantu baseNingizimu Afrika ebunzimeni obukhulu kakhulu kunalobu obukhona njengamanje.
 
Izenzo ebezithe chithi saka zokutatshwa nokuphangwa kwempahla kungenzeka zikubhebhezele kakhulu ukutheleleka kwabantu nge-COVID-19.
 
Lezi zigameko seziphazamise futhi nohlelo lwethu lokugomela i-COVID-19 KwaZulu-Natali kanye nase-Gauteng esikhathini lapho lolu hlelo beseluqala ukuqhubeka ngomdlandla nesivinini. 
 
Manje, kusemqoka kakhulu ukuthi sithathe izinyathelo ezengeziwe ukuhlinzeka ngosizo emakhaya abantu futhi silekelele namabhizinisi afake isitokwe futhi akhe kabusha.
 
Sisohlelweni lokuhlinzeka usizo oluphuthumayo lokudla emakhaya abantu. Sihlose ikakhulu ukuhlinzeka ngalolu sizo kulezo zindawo ezikhahlanyezwe kakhulu wukutatshwa nokuphangwa kwempahla kanye nakulabo bantu abangakwazi ukuthola ukudla. 
 
IMinyango Yezifundazwe Yezokuthuthukiswa Komphakathi kanye ne-SASSA izosebenzisa isabelomali sayo esisele ohlelweni lokuHlinzekwa Kwemiphakathi Ekhahlamezekile Ngosizo, phecelezi, i-Social Relief of Distress programme ukweseka abantu ngokubapha izijumbana zokudla, imali engukheshe kanye namavawusha okudla.
 
Sisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi wonke amahhovisi e-SASSA abevaliwe ayavulwa, futhi ayasebenza. Izikhungo okuholelwa kuzona imali yempesheni nezibonelelomali zikahulumeni kulindeleke ukuthi ziqale futhi ukusebenza kusukela mhla ziyi-19 kuNtulikazi kuzo zonke izindawo osekuqinisekisiwe ukuthi ziphephile futhi sekungasetshenzwa kuzona. 
 
Ngenhloso yokulekelela maqondana nezidingo eziphuthumayo zemiphakathi ekhahlamezekile, isiKhwama Sobambiswano (i-Solidarity Fund) sesisungule isiKhwama Somhawu Nesisa Esihlinzeka Ngosizo Esimweni Senhlekelele, phecelezi i-Humanitarian Crisis Relief Fund, ukulekelela labo abaswele kakhulu futhi abaludinga ngempela usizo kulesi sikhathi. Siyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baseseke lesi sikhwama.
 
Siyaluthokozela usizo lwezinkampani eziningi, izinhlangano kanye namaqembu ezenkolo aseqalile ukuhlinzeka ngosizo emindenini esebunzimeni.
 
Izinhlaka esibambisene nazo emphakathini zibamba imihlangano yokubhunga nokuxoxisana ngezinyathelo eziningana ezingaqaliswa ngenhloso yokuhlinzeka ngosizo olusheshayo ngokusebenzisa leyo madlana ekhona esingayisebenzisela lokhu.
 
Lokhu kubandakanya ukuhlinzekwa kosizo lokudla oluphuthumayo kanye nezinye izinhlobo zosizo kulabo ababhekene nobunzima obukhulu kanye nenhlupheko.
 
Sizowalekelela futhi namabhizinisi akithi amancane, kubandakanya nalawo asemalokishini kanye nasezindaweni ezisemakhaya, ukuze akwazi ukusimama kulo monakalo ahlangabezane nawo. 
 
Osomabhizinisi bethu bahlinzeka ngezimpahla nezinsizakalo ezisemqoka emiphakathini yethu, futhi sizobalekelela ukuthi bakhe kabusha amabhizinisi abo.
 
EHhovisi likaMongameli kanye nasemnyangweni kaMgcinimafa Kazwelonke kunethimba elimatasa nomsebenzi wokwakha nokuhlanganisa iphakheji yosizo ebanzi ezothunyelwa kwiKhabhinethi ukuze ifakelwe izibuko.
 
Khona maduze nje sizobe sesisesimweni sokwenza ezinye izimemezelo mayelana nalokhu.
 
Okwamanje, kusemqoka kakhulu ukuthi sibuyisele ngokushesha okukhulu uhlelo lokugonywa kwabantu esimweni salo, futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukufezekisa lokhu.
 
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
 
Nakuba isimo sesibuyelile kwesejwayelekile ezindaweni eziningi zase-Gauteng naKwaZulu-Natali, busekhona ubungozi boqobo obubhekene nezwe lethu kanye nombuso wethu wentando yabantu.
 
Abakaboshwa obhongoza nabahleli balo mkhankaso wodlame nokucekelwa phansi kwempahla futhi awakahlakazwa amanethiwekhi abo.
 
Ngakho-ke kumele sihlale siqaphile futhi singayivumeli neze noma yimiphi imizamo yokugqugquzela nokubhebhezela ukuqubuka kolunye futhi udlame. 
 
Sikwamukela ngezandla ezimhlophe ukwesekwa okuqinile okuvela kubaholi bezenkolo, bendabuko, bamaqembu ezepolitiki, babasebenzi kanye nabamabhizinisi.
 
Sibashayela ihlombe labo bantu, izinhlangano kanye nemiphakathi esukumele phezulu yasebenzisa izindlela zokuthula ukubuyisa uzinzo noxolo kanye nokuvikela izimpilo zabantu, impahla kanye nengqalasizinda.
 
Siyababonga bonke labo bantu abaqhubekile nokwenza imisebenzi yabo ngaphansi kwezimo ezinzima futhi ezinobungozi, behlinzeka izinsizakalo kubantu bakithi kanye nesizwe sethu – okungabomthetho, abasebenzi bezempilo, osonhlalakahle, onogada, abasebenzi bomasipala kanye nabanye abasebenzi bakahulumeni abaningi abasekhaleni lokuhlinzekwa kwezinsiza nezinsizakalo.
 
Siyazibonga izintatheli ebezilokhu zisibikela njalo ngenkathi kuqhubeka lezi zigameko, futhi ngalokho zilekelela ekuqinisekiseni ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayaziswa ngokuqhubekayo futhi bahlonyiswa ngolwazi.
 
Sinxusa imiphakathi ezweni lonkana ukuthi isebenzisane namaphoyisa ngokusebenzisa iziNhlangano Zomphakathi Ezilekelela Amaphoyisa Emsebenzini wawo (ama-CPF). 
 
Akekho umuntu okumele azithathele umthetho ezandleni zakhe.
 
Kumele siqaphele ukuthi asizibandakanyi ezenzweni zokuzithathela umthetho ezandleni zethu futhi senze noma yini engabhebhethekisa ukungqubuzana nokubhekana ngeziqu zamehlo.
 
Siyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagqugquzele ukuthula nokuzithiba, futhi bayeke ukwabelana ngolwazi olungamanga futhi babikele amaphoyisa ngokushesha mayelana nanoma yiziphi izigameko zodlame eziqubukayo.
 
Ngokwenza lezi zinto ezincane nje eziyisisekelo, sonke singasebenzela ukuvikela iNingizimu Afrika.
Kulolu suku lwangeSonto oluzayo, abantu baseNingizimu Afrika bazohlanganyela nabanye abantu emhlabeni wonke jikelele ukubungaza uSuku luka-Nelson Mandela.
 
Njengoba sigcizelela ukuzibophezela kwethu kumbuso wethu wentando yabantu, masisebenzise uSuku lukaMandela ukuhlinzeka ngokudla kulabo bantu abakhahlanyezwe kakhulu yinhlupheko ezweni lethu, sikhuculule imigwaqo yethu futhi siqale nomsebenzi wokwakha kabusha.
 
Nakuba amasosha ebalulekile ekugcineni ukuthula nozinzo, lokhu kuhlaselwa kombuso wethu wentando yabantu kuzogcina kubhuntshile ngoba phela abantu baseNingizimu Afrika ngeke neze bakuvumele.
 
Uma sime ndawonye futhi sibumbene, akukho ukuvukelwa kombuso noma udlame olungaphumelela kuleli.
 
Sisemzabalazweni wokuvikela umbuso wethu wentando yabantu, uMthethosisekelo wethu, izindlela zethu zokuziphilisa kanye nokuphepha kwethu.
 
Ngeke neze kulunge uma singayinqobi lempi.
 
Uma sibheka emuva kulo mzuzu emlandweni wethu, kumele sikusho kugcwale umlomo ukuthi sabhekana ngqo nobungozi obukhulu futhi sabunqoba sonke ngokuhlanganyela.
 
Masibe ngofakazi bamandla nokuqina kombuso wethu wentando yabantu, hhayi ofakazi bokuwa nokuwohloka kwawo.
 
Masikhulume ngokunqoba koMthethosisekelo, hhayi ukucekelwa phansi kwawo.
 
Ngeke neze sikuvumele ukuhluleka nokubhuntsha kwalo mklamo omkhulukazi wesintu, okungumbuso wethu wentando yabantu baseNingizimu Afrika.
 
Okokugcina, ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yalaba bantu baseNingizimu Afrika abalandelayo abadlule emhlabeni kulezi nsuku ezimbalwa ezedlule: 

INkosi uSipho Mahlangu (uSihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko),   uTsepo Tshola (ongomunye wabaculi bethu abayizihlabani abaphuma phambili), uSlz Ben Ngubane (uNdunankulu waphambilini wesifundazwe saKwaZulu-Natali), u-Aubrey Mokoena (umholi woMkhankaso Wokukhululwa kukaMandela Ejele futhi owabe eyiLungu lePhalamende phambilini), uKhehla Mthembu (umholi webhizinisi), uDkt u-Sam Gulube (uNobhala Wezokuvikela waphambilini), u-Geoff Makhubo (iMeya yaseGoli), UDkt u-Vanguard Mkosana (uMqondisi-Jikelele Womnyango Wezabasebenzi waphambilini) kanye no-Michael Zuma (umfowabo omncane kaMongameli waphambilini uZuma). 

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.
 
Ngiyabonga.
 

Share this page

Similar categories to explore