UMongameli u-Cyril Ramaphosa: Inqubekelaphambili Yemizamo Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane i-COVID-19

Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana neNqubekelaphambili Yemizamo Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ziyi-11 nje kuphela izinsuku eziphelile ngikhulumile nani.

Ngesikhathi ngikhuluma nani ngabika ngezinkomba zokuqubuka kabusha kokutheleleka kwabantu ngegciwane le-corona ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe.

Ngosuku lolo, okwabe kungumhla zi-3 kuZibandlela, izwe laqopha izigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu ezevile kwizi-4 400.

Izolo, mhla ziyi-13 kuZibandlela, siqophe izigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu cishe eziyizi-8 000.

Inani eliphelele lezigameko eziqinisekisiwe zokutheleleka kwabantu ngegciwane le-corona eNingizimu Afrika manje selime kwizi-866 127.

Lezi zibalo zidala ukukhathazeka okukhulu.

Akusekho nokuncane ukungabaza – leli lizwe selingenile ngempela kwihlandla lesibili lokutheleleka kwabantu ngegciwane le-corona.

Uma sibheka izinga lokukhula kwezigameko zokutheleleka kwabantu kula maviki amabili adlule, maningi amathuba okuthi uma singathathi izinyathelo ezisheshayo futhi uma singakwenzi lokho ngokubambisana, ihlandla lesibili lizoba nzima kakhulu kunelokuqala.

Isilinganiso-nani sansuku zonke sezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu ezweni lonkana kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezedlule singaphezulu ngama-74% uma siqhathaniswa nesezinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kwalokho.

Kulesi sikhathi, inani lezigameko ezitsha selikhulile lisuka kwisilinganiso-nani sansuku zonke sezigameko ezibalelwa kwizi-3 800 sayofinyelela ngaphezu kwezigameko eziyizi-6 600 ngosuku.

Isilinganiso-nani sansuku zonke sabantu abashone ngenxa ye-COVID-19 sesikhuphuke cishe ngama-50% esikhathini esifanayo, sisuka ngaphezudlwana nje kancane kwenani labantu abashonile abayi-100 sayofinyelela ngaphezudlwana kwabayi-150.

Izifundazwe ezine ezizihola phambili ekuqubukeni kwehlandla lesibili yiMpumalanga Kapa, iNtshonalanga Kapa, iKwaZulu-Natali kanye ne- Gauteng.

Ngokokuqala ngqa kulolu bhubhane, iningi lezigameko ezitsha likubantu abasha, ikakhulukazi labo abaneminyaka eyi-15 kuya kweyi-19 ubudala.

Kungenzeka ukuthi ziningi izizathu zalokhu kudlondlobala okukhulu kangaka kwesibalo sabantu abathelelekile, kodwa-ke seziqala ukubonakala ngokucacile ezinye zezinto ezinesandla esikhulu kulokhu.

Imibuthano – ikakhulukazi imibuthano lapho abantu bezingcebelekela nje noma bezijabulisa, kanye namadili – iyona engumthombo omkhulukazi wokubheduka kwegciwane.

Kweminingi yale mibuthano, ukuqhelelana kwabantu kuyinto engabonwa neze, izindawo okubuthenwe kuzona zigcwele ngokweqile futhi azingenisi umoya owanele, izibulalimagciwane azikho, futhi abantu abazigqoki izifonyo.

Abantu abaningi baphuza utshwala kule micimbi ‘ebhebhethekisa igciwane okomlilo wequbula’, okuholela ekutheni abantu bagcine bengasaziqikeleli ngendlela efanele izinyathelo zokuzivikela kanye nokuvimbela ukutheleleka.

Idili lomculo lakamuva nje lokubungaza ukuphothulwa kokuhlolwa kukamatikuletsheni, phecelezi, i-Rage Festival, ebelibanjelwe e-Ballito liyisikhumbuzo esibuhlungu kakhulu sokuthi ingaba yingozi kangakanani imibuthano emikhulu. 

Manje sesiyazi ukuthi abantu abasha base-Gauteng ababalelwa kwabayi-1 000 ababehambele lo mcimbi kutholakale ukuthi sebehaqwe yigciwane le-corona. Esingakakwazi-ke wukuthi bangaki abanye abantu abathelelwe ngomunye nomunye walaba asebehaqekile. 

Kuthiwa ingafinyelela kuma-300 imindeni esithelelekile ngenxa yabantu ababehambele lo mcimbi.

Iqiniso elibuhlungu ngalolu bhubhane ukuthi amadili omculo, amakhonsathi kanye nemigidi – okumele kube yimicimbi yentokozo nokuzijabulisa – sekubonakala kahle kamhlophe ukuthi iyona eyimithombo yokutheleleka ngegciwane nesifo, futhi lokhu kuholela nasekushoneni kwabantu imbala.

Okunye okuyimbangela yokutheleleka kwabantu wukukhula kwezinga lokuvakasha nokuhambahamba kwabantu. 

Abantu abaningi abazithobeli izinyathelo zokuvimbela nokunqanda igciwane ngenkathi bevakasha noma behambahamba phakathi kwamadolobha, izindawo zasemakhaya kanye nezinye izindawo ezihlukahlukene.

Kumele sazi ukuthi uma sivakasha kakhulu noma sihambahamba kakhulu, lokho kuwakhuphula kakhulu impela amathuba okusabalala kwegciwane.

Lokho kusho ukuthi kumele uqinisekise ukuthi ugqoka isifonyo uma uhamba ngesithuthi somphakathi futhi uqinisekise nokuthi amafasitela avuliwe ngaso sonke isikhathi.

Kusho futhi ukunciphisa inani labantu ochitha nabo isikhathi uma usendleleni uvakashela umndeni nabangani kwezinye izingxenye zezwe.

Kuphephile ukuchitha isikhathi namalungu omndeni wakho esikhundleni sokuba semibuthanweni emikhulu ngoba lokho kungadala ukuthi lisabalale igciwane.

Ukudlondlobala kakhulu kwenani labantu abathelelekayo, kubangelwa ikakhulukazi ngabantu abangazithobeli izinqubo-nkambiso eziyisisekelo – futhi okulula kakhulu ukuzilandela.

Lezi zinyathelo zisemqoka kakhulu njengoba ukutheleleka kwabantu kuvamise ukubangelwa yilabo bantu asebehaqekile kodwa abangakabonisi izimpawu zokutheleleka, okunokwenzeka bagcine bengenazo ngisho ukuba nazo izimpawu, futhi bangazi nokwazi ukuthi banalo igciwane.

Ukuba phansi kwamazinga okutheleleka kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule kusenze sadembesela, sangakuqikelela kakhulu ukugqoka isifonyo simboze ikhala nomlomo njalo uma siphuma siya ngaphandle emphakathini.

Asisasiboni neze isidingo sokugwema izindawo ezinesiminyaminya, noma siqikelele ukuthi siqhela ngebanga eliyimitha nesigamu kwabanye abantu, noma sigcine amafasitela evuliwe uma sihamba ngezithuthi zomphakathi noma sikhuculule amagciwane kulezo zindawo ezivamise ukusetshenziswa njalo.

Sisheshe sangena emoyeni kaKhisimusi futhi simema abangani nomndeni emicimbini yokuzithokozisa ndawonye.

Kepha-ke nakuba kunjalo, wukwahluleka kwethu ukuthobela ngokuphelele, ngaso sonke isikhathi, izinyathelo zokuzivikela nokuzinakekela eziyisisekelo, osekuholele ekutheni sizithole sesingene kwihlandla lesibili lokuqubuka nokubhebhetheka kwegciwane.

Lezi zinyathelo zokuphepha zingabonakala ziyinto engabalulekile neze kuze kufike isikhathi lapho umuntu omthandayo etheleleka ngegciwane ngenxa yobudedengu bakho.

Isikhathi samaholidi kaKhisimusi manje sekuyisona esibeka impilo nenhlalakahle yesizwe sethu engozini enkulu.

Futhi sibeka engozini ukusimama nokuvuselelwa kabusha komnotho wethu.

Lokhu kungenxa yokuthi ngokujwayelekile isikhathi samaholidi kaKhisimusi yisikhathi semibuthano, sokuvakasha, sokuhlangana nabangani nomndeni, futhi yisikhathi sokuphumula nokunethezeka emva konyaka obunzima futhi unengcindezi.

Maqondana nalokhu-ke, isikhathi samaholidi kaKhisimusi sithi masifane kakhulu nesikhathi sePhasika.

Kufanele kukhumbuleke ukuthi ngesikhathi sePhasika kulo nyaka, sikwazile ukunciphisa inani labantu abathelelekayo ngoba sonke besilokhu siziphethe kahle, siyithobela imikhawulo ebekiwe futhi sizilandela nezinyathelo zezempilo eziyisisekelo.

Mayelana nalokhu-ke, sisihlonipha kakhulu isenzo senkathalo enkulu eyaboniswa ngamabandla ngokuthi amise izinkonzo zePhasika, futhi siyayithokozela impela nendima edlalwe yizo zonke izinkolo unyaka wonke ngenhloso yokuvikela nokusindisa izimpilo zabantu.

Njengalokhu senza ngesikhathi sePhasika, kudingeka ukuthi siphinde futhi siyithobele imigomo yezempilo eyisisekelo.

Uma singenzi izinto ngendlela ehlukile kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi, unyaka ozayo ngeke neze siwungenise ngenjabulo nentokozo, kepha sizowungenisa ngosizi nokudabuka.

Abangani bethu abaningi, izihlobo kanye nozakwethu esisebenza nabo bazotheleleka, abanye bazogula kakhulu futhi ngelishwa abanye bazosishiya emhlabeni.

Ngaphandle uma senza izinto ngendlela ehlukile, lona kuzoba nguKhisimusi wokugcina kubantu abaningi baseNingizimu Afrika.

Ngokuqinisekileyo lokhu kuyinto esingafisi neze ukuthi yenzeke. Sonke sifuna ukuphila futhi sifuna baphile nalabo esibathandayo.

Ngakho-ke kusemqoka kakhulu ukuthi senze konke okusemandleni ethu ukunqanda nokuvimbela ukuqubuka kwehlandla lesibili lokutheleleka futhi sisindise izimpilo zabantu, futhi kusenjalo sivikele nezindlela abaziphilisa ngazo abantu.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ezinsukwini eziyi-11 ezedlule, samemezela i-Nelson Mandela Bay njengendawo ‘eyisizinda lapho lidlange khona kakhulu’ igciwane le-corona,  ngokuhambisana nendlela-kusebenza yethu yokuphatha nokulawula lolu bhubhane ngokubheka ukwehluka kwesimo sendawo ngayinye bese siqondanisa izinyathelo zethu nesimo sendawo leyo.

Bakhona abanye omasipala asebebonise ukudlondlobala okukhulu kwezinga lokutheleleka kwabantu.

UNgqongqoshe Wezempilo uDkt Zwelini Mkhize usezivakashelile lezi zindawo futhi emuva kokufakana imilomo nababambiqhaza abahlukahlukene, iKhabhinethi selinqume ukumemezela lezi zifunda ezimbili ezilandelayo njengezizinda lapho lidlange khona kakhulu igciwane le-corona.

Lezo zifunda yilezi:

- Sarah Baartman District 
- Garden Route District 

Konke lokhu kusho ukuthi kusukela phakathi kwamabili kusihlwa nje kulezi zifunda kuzosebenza imikhawulo engeziwe efanayo naleyo esiyisebenzisa e-Nelson Mandela Bay futhi le mikhawulo izoqhubeka size sibone ngokucacileyo ukwehla kokutheleleka kwabantu futhi kumele kube ngukwehla osekuqhubeke isikhathi eside impela.

Nakuba kuyizona ezidinga ukubhekisiswa ngeso lokhozi lezi zindawo eziyizizinda lapho lidlange khona kakhulu igciwane, isikhathi samaholidi kaKhisimusi sibeka engozini izwe lonkana.

Ngakho-ke besilokhu sibamba izingxoxo zokubonisana nezifundazwe, kubandakanya nomasipala, mayelana nezinyathelo okumele zithathwe ngenhloso yokunqanda ukuqubuka kwehlandla lesibili lokutheleleka kwabantu abaningi kakhulu.

Sekube nezingxoxo ezibanzi zokubonisana ngaphakathi koMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona kanye noMkhandlu kaMongameli Oxhumanisayo, okuyisithangami esiqoqela ndawonye abameleli bakahulumeni kuzwelonke, ohulumeni bezifundazwe kanye nohulumeni basekhaya.

Ngokususela kwizincomo ezitholakale kule mihlangano, iKhabhinethi selinqume ukuthi kumele kubekwe eminye imikhawulo engeziwe ezweni lonkana kusukela phakathi kwamabili kusihlwa nje.

Okokuqala, kumele siqinise isandla ekuqinisekiseni ukuthotshelwa kwemikhawulo ekhona njengamanje yesigaba sokuqapha sokuqala ezweni lonke ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi nangale kwalokho.

Lokhu kubandakanya nesidingo sokuthi abashayeli nabaqhubi banoma yisiphi isithuthi somphakathi baqinisekise ukuthi bonke abagibeli bagqoke izifonyo.

Abaphathi noma abanikazi bezakhiwo, izindawo noma amagceke omsebenzi – kubandakanya izitolo, inxanxathela yezitolo, kanye nezakhiwo zikahulumeni – baphoqelekile ngokomthetho ukuqinisekisa ukuthi wonke amakhasimende agqoka izifonyo ngaphakathi ezindaweni noma ezakhiweni zabo.

Umqashi kumele aqinisekise ukuthi bonke abasebenzi bagqoka izifonyo ngenkathi benza imisebenzi yabo.

Lokhu kubeka isibopho emahlombe abo bonke abanikazi, abaphathi nabaqashi – kanye nathi sonke –  sokuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphephile uma bekunoma yiziphi zalezi zindawo.

Labo abathweswe lesi sibopho abahlulekayo ukuqinisekisa ukuthi abagibeli, amakhasimende noma abasebenzi bayayithobela imithethonqubo ebekiwe kungenzeka bahlawuliswe noma bagqunywe ejele isikhathi esingafinyelela ezinyangeni eziyisithupha.

Okwesibili, sithatha izinyathelo zokunciphisa ubungozi bemicimbi ebhebhethekisa igciwane okomlilo wequbula.

Imikhawulo ekhona njengamanje eqondene nobukhulu bemibuthano ayenele neze ekuvimbeleni ukuminyana ngokweqile kwabantu kulesi simo esikhona njengamanje lapho izigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu zikhula ngesivinini esikhulu.

Ngakho-ke, imibuthano – kubandakanya nemibuthano yezenkolo – akuvumelekile neze ukuthi ihanjelwe ngabantu abevile kwabayi-100 uma umcimbi ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni kanti futhi akumele ihanjelwe ngabantu abangaphezu kwama-250 uma umcimbi ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo.

Ngaso sonke isikhathi, futhi ikakhulukazi ezindaweni zemibuthano ezincane, inani labantu abangaphakathi endaweni akufanele libe ngaphezu kwama-50% omthamo omumathwa yindawo leyo.

Yonke imibuthano kumele ibandakanye ukuqikelela ukuthi endaweni yombuthano kushaya umoya owanele, kunokuqhelelana kwabantu, kugqokwa izifonyo futhi kuhlinzekwa nezibulalimagciwane zezandla.

Ngenxa yamathuba aphakeme okutheleleka kwabantu, ayivumelekile neze yonke imibuthano ebanjwa emuva komngcwabo, kubandakanya namadili okusula izinyembezi, phecelezi ‘ama-after-tears’.

Enye yezinselele ezinkulu kakhulu okumele sibhekane ngqo nayo yizindimbane zabantu abathutheleka emabhishi nasemapaki okungcebeleka ngezinsuku ezingamaholide omphakathi esikhathini samaholidi kaKhisimusi.

Sesibambe izingxoxo zokubonisana nezinhlaka ezihlukahlukene maqondana nalolu daba ukuze sithole indlela-kusebenza ezonciphisa ubungozi bokutheleleka kwabantu abaningi futhi kusenjalo ikwazi nokunciphisa umthelela omubi ongaba khona emabhizinisini asezindaweni ezisogwini.

Ngakho-ke sesivumelane ngokuthi sisebenzise indlela-kusebenza ehlukahlukile, ebukisisa futhi ibhekelele izimo ezihlukahlukene ezikhona ezindaweni ezihlukahlukene zezwe.

Ezindaweni lapho liphakeme khona kakhulu izinga lokutheleleka kwabantu, amabhishi kanye namapaki omphakathi kuzovalwa kuze kuphele isikhathi samaholidi kaKhisimusi, kusukela mhla ziyi-16 kuZibandlela kuze kube ngumhla zi-3 kuMasingana.

Lo mkhawulo uzosebenza esifundazweni saseMpumalanga Kapa sonkana, ngokunjalo futhi nasesifundeni i-Garden Route eNtshonalanga Kapa.

Esifundazweni saKwaZulu-Natali, amabhishi kanye namapaki omphakathi kuzovalwa ngalezo zinsuku ezijwayelekile ezingezimatasa kakhulu kulesi sikhathi sonyaka.

Lezi zinsuku ngumhla ziyi-16, umhla zingama-25, umhla zingama-26 kanye nomhla zingama-31 kuZibandlela 2020, ngokunjalo futhi nomhla lu-1, umhla zi-2 kanye nomhla zi-3 kuMasingana 2021.

Amabhishi namapaki omphakathi aseNyakatho Kapa kanye nawaseNtshonalanga Kapa wona azohlala evulelekile emphakathini ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi – ngaphandle kwamabhishi namapaki omphakathi esifunda i-Garden Route.

Emabhishi, awavumelekile neze amadili omculo, umculo owethulwa bukhoma ngokunjalo futhi nemibukiso yokunandisa eyethulwa bukhoma.

Lawo mabhishi azobe evuliwe wona azovulwa phakathi kwehora lesi-9 ekuseni nehora lesi-6 ntambama.

Iziphathimandla zendawo zizosiqapha ngeso lokhozi nsukuzonke isimo ukuze kuqinisekiswe ukuthotshelwa kwemithethonqubo yemibuthano kanye neyokunqatshelwa kotshwala.

Azovalwa amabhishi namapaki okungcebeleka ezimweni lapho kunabantu abaningi ngokweqile abawahambele noma lapho zingathotshelwa ngendlela efanele izinyathelo zokuphepha.

Azohlala evulelekile emphakathini amapaki kazwelonke nawezifundazwe kanye namanye amapaki lapho sekunezinyathelo kakade zokulawula abantu kanye nemikhawulo yokungena.

Lesi yisimo esinzima kakhulu esidinga ukuqashelwa ngeso lokhozi ngaso sonke isikhathi.

Sengiyalele ukuthi wonke amalungu oMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona kanye nabasebenzi abasemqoka kumele bame ngomumo ukuze kuqinisekiswe ukuqapha nokuhlola isimo ngokuqhubekayo ezweni lonkana. 

Uma kwenzeka siba sibi kakhulu isimo, kuzothathwa izinyathelo ezengeziwe ukuvikela abantu bakithi.

Umkhakha wesithathu esizogxila kuwona kulesi sikhathi wukunqanda imicimbi ebhebhethekisa igciwane okomlilo wequbula kanye nokunciphisa umthwalo phezu kwezinsizakalo zokunakekelwa kwezempilo obangelwa wukuphuzwa kotshwala ngokweqile nangaphandle kwenkathalo.

Ngakho-ke, kuzoqaliswa lezi zinyathelo ezilandelayo:

Amahora esikhathi sewashi azokwelulwa, kusukela ngehora le-11 kusihlwa kuze kuyoshaya ihora lesine ekuseni.

Izindawo ezingenzi umsebenzi ongumongo, kubandakanya izindawo zokudlela kanye nezindawo zokucima ukoma kuzomele zivale ngehora le-10 ebusuku ukuze abasebenzi bakwazi ukufinyelela emakhaya ngaphambi kokuqala kwesikhathi sewashi.

Isikhathi sewashi kuhloswe ngaso ukuvimbela imibuthano eqhubeka kuze kube sebusuku kakhulu, futhi kusenjalo sivumela izindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma kanye namathaveni ukuthi aqhubeke nebhizinisi lawo futhi azitholele ingeniso-mali.

Kumele sonke sikhumbule ukuthi amahora esikhathi sewashi azosebenza nangosuku olwandulela uKhisimusi kanye nosuku olwandulela uNcibijane. Lokhu kusho ukuthi sonke kumele senze izinguquko kwindlela esigubha ngayo lezi zinsuku ezikhethekile.

Ukudayiswa kotshwala ezitolo ezidayisa utshwala kuzovunyelwa kuphela phakathi kwehora le-10 ekuseni nehora lesithupha ntambama kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesine.

Izindawo okwenziwa kuzona iwayini kanye namapulazi ewayini abhalisiwe zona zingaqhubeka nokuhlinzeka ngethuba lokunambitha iwayini kanye nokudayisa ngezimpelasonto iwayini elithengwa ngamakhasimende ahambe nalo. Lo mgomo okhethekile wenziwa ngenxa yegalelo elisemqoka lalezi zindawo emkhakheni wezokuvakasha ezingxenyeni eziningana zezwe.

Akuvumelekile nakancane ukuphuzwa kotshwala kuzo zonke izindawo zomphakathi, ezinjengamabhishi namapaki.

Ngeke neze sivumele izindimbane zabantu ukuthi zibuthane endaweni eyodwa ngaphandle kokuqiniseka ukuthi kuleyo ndawo kunezindlela zokulawula noma izinqubo-nkambiso ezifanele.

Imikhawulo yalesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi izobuyekezwa ngasekuqaleni kukaMasingana ngokubheka isimo sobhubhane ezweni.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ekuhlonzeni izinyathelo okumele sizithathe ukubhekana nokutheleleka kwabantu kwehlandla lesibili, sizamile ukuthi silinganise ngokucophelela isidingo sokusindisa izimpilo zabantu kanye nesidingo sokuvikela izindlela abaziphilisa ngazo abantu.

Ukuvalwa thaqa kwezwe lonkana esakwenza ekuqaleni kobhubhane kwakuhloswe ngakho ukubambezela ukusabalala kwegciwane ukuze silungise ngokwanele uhlelo lwethu lwezempilo ukuze lukwazi ukubhekana nokutheleleka kwabantu okukhulayo. 

Ngaleso sikhathi sasingakakulungeli ukubhekana nokukhula ngokushesha kwezigameko zokutheleleka kwabantu kanye nenani labantu abalaliswa esibhedlela.

Sasifuna ukuthola imishini nempahla yokusebenza eyanele, sakhe izindawo zokunakekela iziguli ezengeziwe ezikhungweni zethu zezempilo, siqeqeshe abasebenzi bethu bezempilo futhi siqinisekise ukuthi zikhona izinhlelo zokuqapha kanye nokubhekana nezimo eziguqukayo eziphathelene nobhubhane.

Ukuvalwa kwezwe ngokuphelele kwakudingeke kakhulu ukuze kubanjezelwe ukubhebhetheka kobhubhane kodwa-ke manje lokho ngeke kusaba nosizo olufanayo.

Kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, siqhamuke nezinyathelo ezihlukahlukene zokwenza ngcono amandla ethu okubhekana negciwane.

Ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwabasebenzi bethu bezempilo, abasebenzi bakahulumeni, ongoti bezokwelapha kanye nabeluleki bezesayensi, sikwazile ukuhlela kahle zonke izinsiza zethu ukuze sivikele abantu baseNingizimu Afrika futhi sinakekele labo abakudingayo.

Izinyathelo esazithatha ekuqaleni kobhubhane, kanye nezinyathelo zokuzivikela ezathathwa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika, zisivumelile kakade ukuthi sikwazi ukusindisa izimpilo zabantu abaningi.

Manje, kumele sivikele izinzuzo esizenzile futhi sisebenzisane ekunqandeni ihlandla lesibili lokutheleleka kwabantu.

Njengoba senzile kusukela ekuqaleni, kumele izinyathelo zethu zincike kubufakazi bezesayensi obuhle esibutholayo.

Njengalokhu odokotela, abahlengikazi kanye nabasebenzi abasekhaleni lempi yokulwisana nobhubhane besebenza ngokuzikhandla okukhulu futhi bengaphumuli ukuze bavikele thina, nathi kumele sisebenze ngokuzikhandla okukhulu ngenhloso yokubavikela.

Kuze kube manje, bangaphezu kwezi-38 000 abasebenzi bezempilo emkhakheni kahulumeni abahloliwe kwatholakala ukuthi bahaqwe yigciwane le-corona. Kulaba, cishe bayizi-5 000 abalaliswa esibhedlela.

Okubuhlungu wukuthi bangama-391 abasebenzi bezempilo abashonile emkhakheni kahulumeni.

Njengesizwe, kumele sikubone futhi sikuvume ukuthi ngempela basenzele lukhulu laba bantu abanesibindi esingaka futhi abazimisele kakhulu emsebenzini wabo, kanye nemindeni yabo, ngoba phela ngaphandle kwabo ngabe asikho lapho sikhona njengamanje.

Ngenkathi sibhekana ngqo nehlandla lesibili lokutheleleka kwabantu, kumele senze konke okusemandleni ethu ukweseka nokuvikela abasebenzi bethu bezempilo.

Ngaphandle kokuthi manje siziphathe ngendlela efanele, ngaphandle kokuthi ngaso sonke isikhathi silandele izinyathelo zokuzivikela eziyisisekelo, unyaka omusha esizongena kuwona uzoba unyaka wosizi nobunzima obukhulu.

Nakuba kunemikhawulo esivimbelayo ekwenzeni izinto eziningi esijwayele ukuzenza, lesi sikhathi sonyaka singaba yisikhathi sentokozo futhi ngokunjalo sibe yisikhathi esiphephile.

Kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi, ngiyaninxusa ukuthi imigubho yenu ibe yimicimbi emincane futhi nibagweme abantu abaningi ngokweqile.

Uma nichitha isikhathi nabanye abanyu, ngiyaninxusa ukuthi lokho nikwenzele ngaphandle, nithokozele isimo sezulu esihlabahlosile saseNingizimu Afrika, noma-ke okungenani niqinisekise ukuthi nisendaweni engenisa umoya owanele.

Ngiyaninxusa ukuthi nigqoke izifonyo ezimboza ikhala nomlomo uma nisemphakathini, noma uma ninabanye abantu okungebona abantu enihlala nabo.

Akusizi ngalutho ukugqoka isifonyo usibeke esilevini sakho, usigcine ekhukhwini lakho noma usehlise uma ukhuluma nomunye umuntu.

Khumbula ukuhlanza izandla zakho njalo ngesipho namanzi okungenani imizuzwana engama-20 noma uzisule ngesibulalimagciwane.

Zama ukungavakashi kakhulu. Futhi uma uvakasha, qinisekisa ukuthi ukuvakasha kwakho ukwenza ngendlela ephephile.

Uma uzovakashela abangani kanye nomndeni, nciphisa inani labantu osondelana nabo okungenani esikhathini esiyiviki elilodwa ngaphambi kokuthi uvakashe futhi zama ukuchitha isikhathi namalungu omndeni wakho osondelene nawo kakhulu noma uchithe isikhathi neqembu labantu elincane ngangokunokwenzeka.

Siyazi ukuthi i-COVID-19 ibahlasela ngezindlela ezahlukene abantu.

Ngokusho kweNhlangano Yezempilo Emhlabeni, abantu abaningi kungenzeka babe nezimpawu ezingakhahlamezi kakhulu futhi bazolulama ngaphandle kokulaliswa esibhedlela.

Izimpawu ezivame kakhulu yimfiva, ukukhwehlela okomile kanye nokukhathala. Izimpawu ezingavamisile, kodwa ezingamukhahlamezi kakhulu umuntu, yizinhlungu emzimbeni, umphimbo obuhlungu kanye nokungakwazi ukunambitha noma ukungalizwa iphunga.

Uma unalezi zimpawu, kumele ugonqe, ungasondeli kwabanye abantu.

Uma uphethwe yizimpawu ezikhahlamezayo kakhulu, njengokuphefumula kanzima noma ukuphelelwa umoya, izinhlungu esifubeni, ukungakwazi ukukhuluma noma ukunyakaza, kumele uthole ngokushesha usizo lokwelashwa.

Ukhumbule ukuthi uma uhlolwa kutholakala ukuthi unalo igciwane le-corona noma uma uke wasondelana kakhulu nomuntu ohloliwe kwatholakala ukuthi unegciwane, kumele ugonqe ngokushesha futhi ungasondeli kwabanye abantu.

Njengoba sishilo esikhathini esedlule indlela yokuzivikela okuyiyona esiyonqoba ngayo i-COVID-19 wumgomo. 

INingizimu Afrika seyiziphothulile zonke izinqubo ezidingekayo zokuqinisekisa ukubamba kwayo iqhaza ohlelweni lomhlaba wonke lweNhlangano Yezempilo Emhlabeni lokuhlinzekwa komgomo we-COVID-19 olubizwa nge-Global Vaccine Access Facility.

Lolu hlelo – olwaziwa nge-COVAX – luhlanganisa ndawonye izinsiza futhi lwabelana ngobungozi bokwenziwa komgomo ukuze kuqinisekiswe ukufinyelela kwamazwe ngokulinganayo kwimigomo uma isitholakala.

Njengengxenye yalolu hlelo, kulindeleke ukuthi iNingizimu Afrika ithole imigomo yokuqala ezonikezwa abantu bakuleli abangama-10% engxenyeni yokuqala yonyaka ozayo.

Futhi izwe lethu liyingxenye yethimba lase-Afrika elijutshwe umsebenzi wokuthola umgomo, i-African Vaccine Acquisition Task Team, okuyithimba elenza imizamo yokuthola ezinye izindlela zoxhasomali okuhloswe ngazo ukuthola imigomo ezosetshenziswa emazweni ase-Afrika, ngale kwe-COVAX.

UNgqongqoshe Wezempilo uyingxenye yaleli thimba elijutshiwe futhi uzama ukuthola ubambiswano nomkhakha ozimele, okungubambiswano olusebenzisa izindlela-kusebenza ezintsha, ukuze kuqinisekiswe ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukuthola umgomo ohambelana nezimo zethu.

Amaviki ambalwa ezayo azoba yisivivinyo esikhulu ekuphikeleleni nokuzimisela kwethu kanye nokuzithiba.

Lesi sikhathi sidinga ukuthi omunye nomunye wethu enze izinto ngendlela ehlukile kuneminyaka edlule ngoba phela lo nyaka awufani neze neminye iminyaka esidlule kuyona ngaphambilini.

Lokhu kuzodinga ukuthi sikhohlwe ngezinye izinto zokuzijabulisa nokuzithokozisa zesikhashana ukuze sizivikele futhi sivikele nabanye, futhi ukuze siqinisekise ukuthi eminyakeni ezayo sizithokozela sindawonye izikhathi ezinjalo. 

Ngiqinisekile ukuthi uma omunye nomunye wethu engadlala indima yakhe, uma sonke ngothi lwethu singalandela izinyathelo zokuzivikela eziyisisekelo, sonke singaba nesikhathi samaholidi kaKhisimusi esiyintokozo – futhi, okusemqoka kakhulu, sonke singaba nonyaka omusha onentokozo, impilo enhle kanye nempumelelo.

Nonke nginifisela isikhathi samaholidi kaKhisimusi esinezibusiso, nonke nihlale niphephile futhi ningumqemane, futhi sengathi unyaka omusha singawungenisa njengesizwe esibumbene, esizimisele futhi esingagudluki nakancane kulokho esiphokophele kukona.

Sengathi uNkulunkulu angayibusisa iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore