UMongameli u-Cyril Ramaphosa: Inqubekelaphambili emzamweni kazwelonke wokunqanda ubhubhane lwegciwane le-Corona (i-COVID-19)

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekunesikhathi sagcina ukuba nomhlangano wethu womndeni njengesizwe.

Sekuyizinyanga eziningi manje selokhu kwabheduka igciwane le-corona eNingizimu Afrika.

Ubhubhane ludale ubunzima kubo bonke abantu bakithi.

Emva kwesikhathi eside sokungaqiniseki nokukhathazeka, sonke sifisa ukubuyela empilweni ejwayelekile.

Ngiyazi ukuthi abaningi bethu bayahlupheka ngenxa yokukhathazwa igciwane le-corona.

Inkinga ukuthi sesiqalile ukukhohlwa ukuthi igciwane lisekhona phakathi kwethu.

Njengoba ngikhuluma nani kusihlwa nje, ubhubhane lwe-COVID-19 luya luba lubi kakhulu emhlabeni jikelele.

Umhlaba usuqophe inani eliphezulu kunawowonke lezigameko ezintsha zeviki kusuka kwaqala ubhubhane nenani eliphezulu kakhulu labadlula emhlabeni ngeviki.

Bangaphezu kwezigidi ezingama-51 abantu asebesuleleke ngegciwane emhlabeni jikelele, okungenani bayisigidi esi-1.2 abantu asebedlule emhlabeni.

Amazwe amaningi abhekene nehlandla lesibili lokwesuleleka, osekube nzima kakhulu ukudlula elokuqala.

Esikubonayo kuliqiniso elibabayo: lokuthi i-COVID-19 kusekude ukuthi iphele.

Isalokhu ikhona la. Futhi izohlala ikhona phakathi kwethu isikhathi eside esiseza.

NjengeNingizimu Afrika, sibekezelele lokhu ebesithemba ukuthi isona sikhathi esinzima kakhulu.

Ekuphakameni kobhubhane, ngoNtulikazi, besiqopha izigameko ezintsha zokusuleleka ezibalelwa ezi-12 000 ngosuku.

Ezinyangeni ezingaphezu kwezimbili manje, inani lezigameko ezintsha zokusuleleka zilokhu zime kweziyizi-2 000 ngosuku.

Inani labantu abashonayo lilokhu lehla kancane, kanjalo nenani labantu abadinga ukulaliswa ezibhedlela.

Inani eliphelele labantu abemukelwa ezibhedlela lehlile emavikini ayi-14 alandelanayo.

Lokhu kungenxa yezinqumo zezinyathelo esazithatha ekuqaleni kobhubhane, negalelo elifakwe yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekulweni naleli gciwane.

Kumele sibonge abasebenzi abasebenza phambili abasebenza ezikhungweni zokwelapha ngokuzidela nangesibindi, baya emiphakathini ukuyoxilonga nokuhlola, abagcine ukuthula kanye nozinzo, futhi abagcine imisebenzi ebalulekile iqhubeka nokusebenza.

Kusuka kwinqubekelaphambili esesiyenzile, kusuka ezifundweni esizifundile, manje sesiyazi ukuthi ngaphansi kwesigaba sokuqapha sokuqala sinazo zonke izikhali esizidingayo zokulwa nokukhuphuka kwegciwane.

Uma nje sisalandela imithethomgomo yezempilo edingekayo kanye nemikhawulo esasele - ngabanye ngabanye, njengamabhizinisi, njengezikhungo - akumele kube nesidingo sokubuyela esigabeni sokuqapha esiphezulu.

Kumele siziqhenye ngendlela esibhekene ngayo negciwane njengesizwe, ebonwe ngobubanzi futhi yanconywa ngabaningi emhlabeni jikelele.

Ngibe nomhlangano nge-inthanethi izolo nabaholi bamabhizinisi bomhlaba abehlukene abanezinkampani ezisebenza emazweni amaningi emhlabeni jikelele. Bonke bayishayele ihlombe indlela iNingizimu Afrika elawule ngayo ubhubhane.

Ngesikhathi lokhu kusayinqubekelaphambili eyamukelekile, kumele sikwamukele ukuthi lolu bhubhane kuze kube manje selukhahlameze impilo kanye nendlela yokuphila kwabantu bakithi.

Kuze kube manje, iNingizimu Afrika isiqophe izigameko zegciwane le-corona eziyizi- 742 394.

Kulaba bantu, abangaphezu kwama-92% sebeluleme.

Kodwa ingozi esagqemeka yona kusuka kwabheduka lolu bhubhane yizigameko eziqinisekisiwe zabantu abadlula emhlabeni eziyizi- 20 011 ngenxa ye-COVID-19.

Ngesikhathi sinezinga labashonayo eliphansi uma kuqhathaniswa namanye amazwe amaningi, angeke siqale sibale ukulahlekelwa nosizi okudalwe yilokhu kufa.

Kusuka kuqala lesi simo esibucayi, inhloso yethu kwakungukusindisa izimpilo nokuvikela indlela yokuziphilisa.

Njengoba sakha kabusha izwe lethu sisephakathi kwalolu bhubhane, lokhu kumele kuhlale kungukukhathazeka kwethu okukhulu.

Yize ukusuleleka kulawulekile, abantu abaningi basalokhu besuleleka nsuku zonke futhi sisalokhu sisengozini.

Siyabona ukuthi ukusuleleka ngokushesha nokuyisimanga kungakhuphuka kanjani emazweni amaningi.

Siyabona futhi ukuthi izinhlelo zezempilo zingakhungatheka kanjani uma zibhekene nokukhuphuka kokusuleleka.

Ukukhuphuka kokusuleleka kwamanye alawa mazwe sekuholele ekubuyiseni imikhawulo eqinile.

Sibonile futhi kwamanye amazwe ukuthi ukukhuphuka kwegciwane kuwashabalalise kanjani amathemba okuvuselela umnotho ngokushesha.

Kumele senze konke okusemandleni ukuthi sigweme lokhu kungenzeki ezweni lethu.

Uma kumele sigweme ukukhuphuka kokusuleleka ezweni lethu kunezindawo ezimbalwa okumele siziqaphele.

Eyokuqala isendaweni yaseMpumalanga Kapa, ebonisa izimpawu zokukhuphuka kwegciwane.

Evikini eledlule, inani lezigameko ezintsha esifundazweni laliphezulu ngama-50% ukudlula iviki elingaphambili.

Inani eliphelele lezigameko ezintsha ezinsukwini eziyi-14 ezedlule zazibalelwa ngaphezu kwe-145% ukudlula ezinsukwini eziyi-14 ezedlula.

La manani akhuphukayo adalwa amanani amakhulu akuMasipala i-Nelson Mandela kanye nesiFunda i-Sarah Baartman ikakhulukazi.

Enyangeni eyedlule, sekube nokukhula kwenani labantu abangeniswa ezibhedlela esifundazweni.

Ubufakazi bukhombisa ukuthi amanani akhuphukayo eMpumalanga Kapa kungenzeka adalwe ukuqubuka kwegciwane ezikhungweni zemfundo ephakeme ezifana namanyuvesi, izikole kanye nabantu abethamela imibuthano enabantu abaningi.

Uma lokhu kuhlanganiswa nokungalandeli imithethomgomo yokuqhelelana, ukugqoka isifonyo kanye nezinye izinyathelo zenhlanzeko, lokhu kusidalela isimo sokukhuphuka kokusuleleka.

Nabantu abaningi abahamba phakathi kweMpumalanga Kapa kanye nezinye izifundazwe - ikakhulukazi iNtshonalanga Kapa - angeke kube isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi lokukhuphuka kokusuleleka kubhebhethekele kwezinye izingxenye zezwe.

Ngakho-ke sidinga ukuthatha izinyathelo zokunqanda ukukhuphuka kokusuleleka.
 
Ukubhekana nokukhuphuka kokusuleleka, siqalisa ukusebenza kohlelo oluzobhekana nokukhuphuka kokusuleleka olwasungulwa ngokusebenzisana nethimba elalithunywe iNhlangano Yomhlaba Yezempilo eNingizimu Afrika.

Ukungenelela kubandakanya amathimba anakekela ngezempilo eyisisekelo ukuqinisa ukulandelwa komkhondo, ukugqugquzelwa komphakathi kwansuku zonke, ukuqinisekisa ukuma ngomumo kwezikhungo zezempilo, kanye nokulungela ukubhekana nokuqubuka okungenzeka kumaklasta.

Sizobe sisebenzisana nohulumeni bezifundazwe, omasipala kanye nezinye izikhungo eMpumalanga Kapa kulezi zinsuku ezizayo namaviki ukuqinisekisa ukuthi lokhu kubhebhetheka kuyanqandwa futhi kuyalawulwa.

Esikubonayo eMpumalanga Kapa kumele kusivule amehlo sonke, ukuthi angeke sikwazi ukukhululeka futhi ngeke sikwazi ukuneliseka.

Ngakho-ke sibeke iso kwinqubekelaphambili ezindaweni ezibhekene namazinga amakhulu kakhulu ezigameko ezintsha zokusuleleka.

Izindawo ezibhekene namazinga aphezulu kakhulu ezigameko ezintsha zokusuleleka zibandakanya i-Lejweleputswa kanye ne-Mangaung eFreyistata, e-Frances Baard nase-Pixley ka Seme eNyakatho Kapa, kanye nase-Garden Route nakuMasipala Wedolobha laseKapa eNtshonalanga Kapa.

Ukuqinisekisa ukuthi sigcina zonke izinyathelo ezidingekayo zokuzivikela, kudingeka ukuthi, njengoba kudingwa Umthetho Wokulawulwa KweNhlekelele, selule Isimo Senhlekelele Kazwelonke ngenye inyanga ukuya mhla ziyi-15 kuZibandlela 2020.

Indawo yesibili ekhathazayo okumele ukuthi siyiqaphele isikhathi samaholide azayo, lapho abantu baseNingizimu Afrika abaningi bevakashela ezinye izingxenye zezwe futhi lapho abantu bayaye babe nemibuthano yomphakathi.

Konke lokhu, uma kwenziwa ngokungaqapheli, kubeka engcupheni enkulu ukulawula kwethu ubhubhane.

Kodwa singaligwema ihlandla lesibili legciwane uma omunye nomunye eba negalelo, uma sikhumbula ukuthi sidinga ukwenzani ukuzigcina thina kanye nabanye siphephile.

Kusuka emadolobhenikazi amakhulu kanye nomasipala kuya emadolobheni amancane nasemakhaya, sonke siyazi ngaleli gciwane.

Kusuka kumfundi weBanga lika-R kuya kumsebenzi wasembonini, kusuka kumfundi wasenyuvesi kuya kugogo nomkhulu ekhaya, sonke siyazi ukuthi igciwane le-corona lingabhebhetheka kanjani.

Ngakho-ke engikucelayo komunye nomunye wenu kusihlwa nje akusiyo into entsha. Nginicela ukuthi nenze lokhu enaziyo ukuthi kumele kwenziwe.

Siyazi ukuthi leli gciwane lisulelana uma uthintana nabanye abantu.

Ake sikhumbule ukuthi lisulelana ngezinhlayiya ezincane ezisuka emakhaleni ethu nasemlonyeni uma sikhuluma, sikhwehlela, sithimula noma siphefumulela phezulu.

Siyakwazi sonke futhi okumele sikwenze ukuze sizivikele thina nalabo abaseduzane nathi.

Isifonyo sendwangu, esemboza ikhala nomlomo, kusengesinye sezikhali zethu esihamba phambili.

Ngiyazi ngesinye isikhathi lokhu kuba nzima.

Izifonyo zibuye zishise futhi zenze singakhululeki.

Zenza kube nzima ukubona abanye abantu noma ukuzwa ngokucacile ukuthi omunye umuntu uthini.

Kodwa izifonyo zendwangu zishibhile, manje seziyatholakala cishe yonke indawo, ukukhathazwa ukusigqoka, kungcono kakhulu kunokusuleleka noma usulele abanye.

Ukugqoka isifonyo ngaso sonke isikhathi uma siphuma ekhaya, kungcono kakhulu kunehlandla lesibili legciwane.

Futhi kungcono kakhulu kunokubuyela ekuvalweni kwezwe futhi kungcono kunokuvalwa komnotho.

Iningi lokuqubuka kokusuleleka kuhlobene nemibuthano ebanjelwa ngaphakathi kwezakhiwo lapho kungekho ukungena nokuphuma komoya futhi kungekho ukuqhelelana.

Kunjalo ngamaholide azayo kuyaqondakala ukuthi sizofuna ukuba nemindeni nabangani. Kube unyaka onengcindezi nohlukumezayo. Sifuna ukuhlangana futhi sixhumane nabanye.

Kodwa lokhu akusho ukuthi kumele siyeke ukuqaphela.

Kumele sikhumbule ukuthi wonke umuntu esihlangana naye lokho kukhuphula amathuba okusuleleka.

Kumele sigweme imibuthano enabantu abaningi. Okungcono singahlangana ngamaqembu amancane.

Uma kumele siphume, kumele sinciphise ukuthintana nabanye abantu.

Bengilokhu ngikhathazekile futhi ngithukile ngalokhu ebengihlale ngikubona ezinkundleni zokuxhumana ngisho nakumabonakude lapho abantu bebesingathe imicimbi emikhulu, imibuthano kanye nemicimbi yokuzijabulisa engathi igciwane alisekho.

Bengilokhu ngibona izithombe zezindawo zokubambela imicimbi yangaphakathi zigcwele ziphuphuma ngabantu abangazigqokile izifonyo futhi kungekho nokubonisa ukuqhelelana.

Le micimbi iyona ebhebhethekisa kakhulu igciwane okumele igwenywe ngoba lokhu kungukuziphatha okuyingozi.

Imithetho efanayo eyayibekwe uma kuqala ukuvalwa kwezwe kumele isebenze manje.

Futhi njengoba sesisehlobo sekulula kakhulu ukuhlangana ngaphandle noma emagumbini avulwe amafasitela.

Njengoba sishilo phambilini ukuthi sidinga ukusebenzisa izikhali ezehlukene ezisemgodlagodleni wethu ukulwa naleli gciwane.

Singaphinde sisebenzise ubuchwepheshe ukulwa negciwane.

Ngicela omunye nomunye wenu ukuthi ahlanganyele nabantu baseNingizimu Afrika abayizi-700 000 asebefake i-app kamakhalekhukhwini i-Covid Alert SA.

I-app i-Covid Alert SA ingakwazi ukukwazisa uma uke waba sendaweni enegciwane - kungaba setekisini, enxanxatheleni yezitolo noma embuthanweni wabantu - futhi ikwenza lokho ngaphandle kokukhipha imininingwane yendawo okuyo noma yakho.

I-app imahhala komakhalekhukhwini, ngakho-ke angeke ukhokhe lutho ukuze uzivikele wena nabanye.

Ngokufaka i-app, usiza ukwenza ukuthi igciwane libonakale nokunqamula iketanga lokusulelana.

Sizothanda ukunxusa zonke izinhlangano ukuthi zigqugquzele abasebenzi kanye nezivakashi zazo ukuthi zifake i-app uma zingena emahhovivi azo, ezitolo, ezikoleni, emanyuvesi kanye nezinye izindawo ezivalekile.

Ukwengeza kulezi zinyathelo okumele sizithathe ukugwema ukukhuphuka kwegciwane, siqinisa izingenelelo zezempilo yomphakathi.

Ukuhlola kubaluleke kakhulu uma sifuna ukugwema ngempumelelo ukukhuphuka kwegciwane.

Ngaphandle kwezingqinamba zomthamo wokuhlola ebesibhekane nazo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, manje sesisebenza ukukhuphula ngokubonakalayo amanani okuhlolwa okwenziwa ngosuku.

Zonke izibhedlela, ezikahulumeni nezizimele, kumele zihlole iziguli ezilaliswe khona ngokuhambisana nomhlahlandlela obuyekeziwe.

Sizophinde sinwebe uhlelo lokuxilongwa komphakathi kanye nokuhlola ezindaweni lapho igciwane lidlange khona.

Ikhambi elisebenzayo neliphephile isona sikhali sethu esikhulu ekulweni ne-COVID-19, futhi njengamanje maningi amakhambi asahlolwa futhi asasungulwa emhlabeni jikelele.

Ukufinyelela ngokulingana ekhambini elisebenzayo kubaluleke kakhulu ekunqandeni okuyimpumelelo kwalolu bhubhane.

Ekuqaleni kwaleli viki, umhlaba ubone ushintsho emkhakheni wezesayensi mayelana nokusungulwa kwekhambi.

Lobu ngubufakazi bokuqala bokuthi ikhambi elisebenzayo legciwane le-corona lizoba khona.

Nokuthi imininingwane yokuqala evela kucwaningo iveza ukuthi amathuba okuthi lisebenze angaba ngaphezu kwama-90%.

Lokhu kushintsha umbono wethu ngekusasa lobhubhane lwegciwane le-corona.

Le nqubekelaphambili iletha ithemba elisha ekulweni kwethu negciwane.

INingizimu Afrika isebenzisana nezinkampani ezahlukene ezenza imithi emazweni amaningi ukuze itholele abantu bakithi ikhambi eliphephile nelisebenzayo kanye nokusiza ekutholakaleni kwekhambi kulolonke izwekazi.

Sisebenza neZikhungo zase-Afrika Zokulawula nokuGwema Izifo ukuthola nokuxhasa ikhambi lezwekazi lase-Afrika.

Kulinganiselwa ukuthi i-Afrika izodinga izigidigidi ezingaba yi- $12 kanye nezigidi ezingama-750 zemithamo yekhambi elisebenzayo.

Ekuqaleni kwaleli viki, ngokwesikhundla sami njengoSihlalo Wezizwe Ezibumbene, ngasungula iThimba lase-Afrika Elizosebenza Ukuthola Ikhambi le-COVID-19 ukuze lihole lo msebenzi.

UNgqongqoshe wethu Wezempilo uzosebenza kuleli thimba ngokubambisana nezinye izakhamuzi ezivelele zezwekazi lakithi.

INingizimu Afrika iphinde yaqokwa esihlalweni sokubambisana se-ACT-A emhlabeni jikelele - okuyimizamo yokuqalisa ukubheka ukufinyelela kwizingenelelo zokuqamba kabusha - okubandakanya amakhambi - kuwo wonke amazwe.

Amazwe kuzomele alethe uxhasomali ukuze kuzotholakala amakhambi ukuze kugwenywe okunye ukubhebhetheka kwegciwane le-corona.

Ekukhumbuleni ikhono lezwe lakithi lokukhiqiza enye yezinkampani ezihamba phambili eyenza imithi emhlabeni, i-Johnson & Johnson, isingene esivumelwaneni sokuqala nenkampani yalapha ekhaya, i-Aspen Pharmacare, ukuze kukhiqizwe futhi ipakishe ikhambi elisahlolwa.

I-Aspen inamandla okukhiqiza imithamo eyizigidi ezingama-300 yekhambi elisahlolwa endaweni yayo ese-Nelson Mandela Bay. Lona ngumkhiqizo wokwelapha ozosindisa izimpilo ozodingeka emhlabeni jikelele, ozokhiqizwa abasebenzi baseNingizimu Afrika.

Lena ngenye yenqubekelaphambili eyenziwe i-Biovac, okuyinkampani eyenza imithi yalapha ekhaya esebenzisana nohulumeni waseNingizimu Afrika.

I-Biovac isezingxoxweni ezithe thuthu nabakhiqizi bomhlaba bekhambi okuzokwenza ukuthi nayo ikwazi ukukhiqiza lapha ekhaya ikhambi le-COVID-19 ukuze iqinisekise ukusatshalaliswa okwanele ezweni lakithi nasezwenikazi.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ekuqaleni kwalesi simo esibucayi, sabhekana nokusindisa izimpilo kanye nokuvikela izindlela zokuphila kwabantu.

Kungakho ngoMbasa sethula uhlelo lokusiza ngomnotho nenhlalo ukuze sinciphise ukukhahlamezeka okwadalwa ubhubhane ezinkampanini, kubasebenzi, emakhaya nasemiphakathini.

Lokhu kungenelela kwakubaluleke kakhulu ukugcina amabhizinisi esebenza, ukuvikela imisebenzi kanye nokugwema izigidi zabantu ukuthi zibulawe indlala.

Manje, njengoba umnotho wethu ubulokhu uvuleka kancane kancane nemikhawulo ekuhambeni nasemisebenzini ixegisiwe, sikwazile ukususa ukuqaphela kwethu kulezi zinyathelo eziphuthumayo sabhekana nesu elihamba phambili lokwakha kabusha umnotho.

Ngezingenelelo ezehlukene esizenzayo ukubhekana nobhubhane lwe-COVID-19, siyasuka ekunikeni usizo siya ekuvuseleleni.

Njengoba umnotho uqala ukusimama, eziningi zezinyathelo zohlelo lokusiza ziyehla kancane kancane.

Siyazama - ngezinsiza zethu ezinganele - ukuqinisekisa ukuthi lolu ushintsho olwenzeka kancane kancane.

Sibonile ukuthi ezinye izimboni azikasebenzi ngokugcwele futhi kuzothatha isikhathi eside ukuthi imisebenzi eminingi ibuyele futhi.

Yingakho selule Isibonelelo Esiyisipesheli se-COVID-19 ngezinye izinyanga ezintathu, kuze kube uMasingana wangowezi-2021.

Lokhu kuzonikezela ngemalingeniso edingekayo kubantu abalinganiselwa kwizigidi eziyisithupha abangasebenzi futhi abangatholi isibonelelo sikahulumeni.

Kulandela izingxoxo ezijulile nesibambisene nabo emphakathini, i-UIF inwebe Izibonelelo ze-COVID-19 ze-UIF ngenye inyanga, ukuya mhla ziyi-15 kuMfumfu 2020.

Izingxoxo ziyaqhubeka nesibambisene nabo emphakathini ekusekeleni amabhizinisi athwele kanzima ukuya phambili, ngokungakhohlwa ngesidingo sokuqinisekisa ukuthi i-UIF inoxhasomali olwanele ukuhlangabezana nokukhuphuka kwezicelo zabangasebenzi ezilindelekile.

Uhlelo lwe-UIF lwe-COVID-19 selukhokhe imali ecishe ibe izigidigidi ezingama-R53 kubasebenzi abayizigidi ezi-4.7.

Lezi zinhlelo zokusiza bezidingekile ukuze kuvikelwe labo ababuthakathaka esikhathini sobunzima, kodwa kuzomele ziphele.

Uhlelo lokusiza lube yisisekelo sokuvuselelwa ngamandla komnotho, lwanciphisa ukulahleka kwemisebenzi nokugcina amabhizinisi amaningi esebenza uma kungenjalo ebezophoqeleka ukuthi avalwe.

Njengoba sishintshela ezingeni elisha ekuphenduleni kwethu, indlela eyodwa eya phambili ukuvuselelwa komnotho okusheshayo nokusimeme.

Ngakho-ke sisebenza ukuvumela zonke izingxenye zomnotho ukuthi zibuyele zisebenze ngokugcwele ngokushesha nangokuphepha.

Sichibiyela imithethonqubo yesigaba sokuqapha sokuqala ukubuyisela izikhathi zokuthengisa ezijwayelekile zokuthengiswa kotshwala ezitolo.

Sivula futhi ukuvakashela amazwe angaphandle ukuya kuwowonke amazwe ngokulandela imithetho yezempilo kanye nokuveza isitifiketi esifakazela ukuthi uhloliwe watholakala ungenayo i-COVID-19.

Ngokusebenzisa ukuhlola okusheshayo kanye nokuqaphelisisa sihlose ukunciphisa ukubhebhetheka kokusuleleka uma kungeniswa impahla kuleli lizwe.

Silindele ukuthi lezi zinyathelo zizosiza kakhulu amabhizinisi asemikhakheni yezokuvakasha nokungcebeleka.

Sigxile ngokungapheli amandla ekuqalisweni kokusebenza kohlelo lwethu, ukulandela okumbalwa okuseqhulwini okunomthelela omkhulu kanye nokuqinisekisa ukuthi siyakwenza lokhu.

Uhlelo lwethu lwengqalasizinda luyaqhubeka ngesivinini, ngokusekelwa okukhulu ngabomkhakha ozimele kanye nezikhungo zentuthuko.

Izinhlelo eziningi ezesekwe ngoHlelo LukaHulumeni Lokusungula Imisebenzi sezivele ziqalile, futhi nokuqashwa kweminye sekuqalile.

Phakathi kwazo, uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uqale ukuqasha abasizi bothisha nabasizi bezikole, kugxilwe kakhulu entsheni engasebenzi kuzozonke izifundazwe.

Ngeviki elizayo, sizobe sisingathe iNgqungquthela Yotshalomali YaseNingizimu Afrika yesithathu, okuyinkomba ebalulekile yokubaluleka kwezwe njengendawo yokutshala izimali kwabatshalizimali balapha ekhaya nabamanye amazwe.

Sizoqhubeka nokuqhubekela phambili ohlelweni lokwakha kabusha nokuvuselela umnotho, kubandakanya ngokuqalisa kokusebenza kwezinguquko zezakhiwo ukushintsha isimo sethu somnotho.

Ngezenzo zethu manje singaqinisekisa ukuthi sihlala sisendleleni yokuvuselela.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sesilahlekelwe izimpilo eziningi ngenxa yalolu bhubhane.

Abaningi bethu bavalelise kwabathandiweyo babo, umngani noma asebenza naye.

Uma sibheka emuva onyakeni wobuhlungu nosizi, kubalulekile njengesizwe ukuthi kumele sihloniphe futhi sikhumbule bonke labo abathathwa yilesi sifo.

Kuzoba kuhle ukuthi ngesikhathi Sezinsuku eziyi-16 Zokulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nabantwana - okulubhubhane lwesibili esibhekene nalo - sibonise ukukhumbula kwethu bonke labo abedlula emhlabeni ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19 kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

IKhabhinethi selinqume ukuthi kusuka mhla wama-25 kuya kuma-29 kuLwezi, isizwe kumele singene ezinsukwini ezinhlanu zokuzilela izisulu ze-COVID-19.

Amafulegi esizwe azondizela phansi kulolonke izwe kusuka ngehora lesithupha ekuseni kuya ehoreni lesithupha ntambama kusuka ngoLwesithathu mhla wama-25 kuLwezi kuya ngeSonto mhla wama-29 kuLwezi.

Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagqoke amabhande asezandleni amnyama noma ezinye izimpawu zokuzila ukubonisa inhlonipho yethu kulabo asebesishiyile.

Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukubonisa ubumbano futhi bakwenze lokhu njengesikhumbuzo samadoda nabafazi bakuleli lizwe, ekuboniseni usizi esikulo sonke njengesizwe, futhi njengesiqiniseko sokuzimisela ukunqoba lesi sifo esilimazayo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Njengoba ngikhuluma nani kusihlwa nje, izwe selithole izindaba ezibuhlungu kakhulu zokudlula emhlabeni koMcwaningi-mabhuku Omkhulu obesephuma esikhundleni uMnu Kimi Makwetu.

Ngesikhathi sakhe sokusebenza njengoMcwaningi-mabhuku Omkhulu, uMnu Makwetu wasebenzela izwe lakhe ngokuzinikela, ngokwehlukile nangobuqotho.

Imicabango nemikhuleko yethu inomndeni wakhe ngalesi sikhathi sosizi olungaka.

Njengesizwe, masiqhubeke senze lokho esaziyo ukuthi kumele sikwenze ukuzigcina thina nabanye siphephile.

Masiqhubeke sibonise ukuthi singabantu abaphikelelayo futhi abanesibindi.

Masibonise ukuthi siyanakekelana osizini, ekuguleni nasekufeni.

Izenzo zethu ngabanye ngabanye emavikini ambalwa azayo nezinyanga ezizonquma ngomnotho wesizwe sethu.

Izenzo okumele sizithathe ziqonde ngqo, kodwa azincane.

Zingasindisa futhi ziyazisindisa izimpilo.

Masiqhubeke sisebenze ngokubambisana njengomndeni omkhulu waseNingizimu Afrika okumele siwugcine, siwuvuselele siphinde siwakhe.

Engathi uNkulunkulu angabusisa izwe lethu iNingizimu Afrika enhle futhi avikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore