Inkulumo kaMongameli Cyril Ramaphosa: Ukwelulwa kwesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yegciwane i-COVID-19 kuze kube sekupheleni kukaMbasa

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Namuhla ebusuku, phakathi kwamabili, kuzobe sekuphele amaviki amabili izwe lethu langena esikhathini sokuvalwa kwezwe lonkana, okuyinto esingakaze neze siyibone yenzeka esikhathini esedlule, njengomzamo wokunqanda ukusabalala nokubhebhetheka kwegciwane le-corona.

Ngokuqhubeka kwalawa maviki amabili adlule, izimpilo zenu ziphazamiseke kakhulu, nihlangabezane nobunzima obesabekayo futhi nizithole nibhekene nesimo songabazane nokuthandabuza okukhulu.

Imingcele yethu siyivale thanqa ukuze bangangeni kuleli abantu bakwamanye amazwe, izingane zethu zihleli emakhaya aziyi ezikoleni, amabhizinisi amile awasebenzi, abantu abaningi sebelahlekelwe yimiholo yabo kanye nemali engenayo, futhi nomnotho wethu umile nse.

Kepha-ke nakuba nibhekene nezinselele ezinkulu kangaka ezithena amandla, nina, abantu baseNingizimu Afrika, nibonise ukubekezela okukhulu nesibindi esimangalisayo.

Nikuhloniphile ukuvalwa kwezwe futhi abaningi benu bayithobelile imithethonqubo ebekiweyo.
Niyamukelile imikhawulo enzima evimbela ukuhamba kwenu futhi evimbela nokwenziwa kwezinto zansuku zonke umuntu avamise ukuzenza ngokukhululeka, okuyinkululeko sonke ebesiyithatha kalula nje, singayigqizi qakala.
Lokho nikwenze ngoba niwuqonda kahle kamhlophe umthelela omubi kakhulu ozobangelwa yilesi sifo empilweni nenhlalakahle yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika uma singathathi izinyathelo ezinqala.

Niyaqonda futhi ukuthi kumele senze konke okusemandleni ethu ukugwema ukulahleka kwemiphefumulo eminingi ngokwesabekayo, okuyinto enokwenzeka uma sisonga izandla singenzi lutho.

Ngithanda ukuzibongela kakhulu kinina ngokubambisana nathi, nokuzibophezela kwenu, futhi ngaphezu kwakho konke, ngokubekezela kwenu.

Ngithanda ukunibonga ngokubonisa omunye nomunye wenu kanye nomhlaba wonkana ukuthi thina bantu baseNingizimu Afrika singabantu abakwaziyo ukuhlangana sibumbane futhi sibe munye ezikhathini lapho sibhekene nobunzima obesabekayo.

Ngasekuqaleni kosuku namhlanje ngibe nomhlangano, ohambe kahle kakhulu, noNdunankulu bezifundazwe zakuleli mayelana nomsebenzi abawenzayo ezifundazweni nasezifundeni ukunqanda ukusabalala nokubhebhetheka kwaleli gciwane.

Ngiphinde futhi ngafakana imilomo nabaholi bamaqembu ethu ezepolitiki amelwe ePhalamende, futhi bonke ngothi lwabo bazwakalise ukweseka imizamo eyenziwayo ukulwisana nalolu bhubhane.

Ngalokho-ke sibonisa kahle kamhlophe ukuthi thina siyakwazi ukusebenzisana, kungakhathalekile ukuthi umuntu uphuma kuliphi iqembu, ngenhloso yokubhekana ngqo nalesi simo esinobungozi kakhulu kithina sonke.

Kusukela ekumemezeleni kwami ukuvalwa kwezwe emavikini amabili adlule, sesisibi kakhulu isimo emhlabeni wonke jikelele ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane le-corona okomlilo wequbula.

Emavikini amabili adlule, bebeyizi-340 000 abantu obesekuqinisekisiwe ukuthi bahaqwe yigciwane le-corona emhlabeni. 

Manje sebeyisigidi nesigamu abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bathelelekile emhlabeni wonke jikelele.

Bangaphezu kwezi-90 000 emhlabeni wonke abantu asebelahlekelwe yizimpilo zabo ngenxa yalesi sifo.

Izinhlelo zezempilo zamazwe amaningi sezikhahlamezeke kakhulu.
Ngisho nalawo mazwe athuthuke kakhulu emhlabeni ayahluleka ukwelapha izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu abahlaselwe yilesi sifo.

Lawa mazwe azithola ebhekene nobunzima bokuthola izinsiza-kwelapha kanye nabasebenzi abadingekayo ukubhekana nalolu bhubhane.

Umthelela omubi kakhulu walokhu wukuthi sekufe abantu abaningi ngenxa yalesi sifo.
Ubufakazi balesi simo obuqanda ikhanda futhi obubonakala ngokusobala emhlabeni wonke jikelele budala itwetwe elikhulu.
Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi isinqumo sethu sokumemezela isimo esiphuthumayo kuzwelonke kanye nokumisa ukusebenza kwezwe lonkana yisinqumo esifanelekile futhi esithathwe ngesikhathi esifanele.

Nakuba kusesekuseni kakhulu ukuthi singenza uhlaziyo-simo oluphelele mayelana nokuqhubeka nokubhebhetheka kwalesi sifo eNingizimu Afrika, kunobufakazi obanele obubonisayo ukuthi ukuvalwa kwezwe kubonisa izithelo ezinhle.

Kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe, izinga lokuhlonzwa kwabantu abasha esebehaqwe yilesi sifo eNingizimu Afrika selehle kakhulu.

Kusukela kubantu abayi-1 170 obese kuqinisekisiwe ukuthi sebehaqekile mhla zingama-27 kuNdasa, namuhla isibalo sabantu asebehaqekile sesime kwabayi-1 934.

Emavikini amabili ngaphambi kokuvalwa kwezwe, isilinganiso-nani sansuku zonke sokukhula kwesibalo sabantu abasha asebehaqekile besime cishe kuma-42%.

Kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe, isilinganiso-nani sansuku zonke sokukhula kwesibalo sabantu abathelelekile cishe sesime kuma-4%.

Lokhu kubonisa inqubekela phambili enohlonze impela, kepha-ke kusobala ukuthi kunesidingo esikhulu sokuthi kukhuliswe isibalo sabantu abahlolelwa leli gciwane ukuze kutholakale isithombe esicacile sezinga lokutheleleka kwabantu.

Izinyathelo esizithathile – njengokuvala imingcele yezwe lethu kanye nokunqabela ukubanjwa kwemibuthano – ngokunjalo futhi nezinguquko okumele zenziwe ngomunye nomunye wethu maqondana nendlela esiziphatha ngayo nesenza ngayo izinto, nakho sekulekelele kakhulu impela ekunciphiseni ukusabalala kwegciwane.

Kodwa-ke iseyinde kakhulu indlela okumele siyihambe emzabalazweni wokulwisana negciwane le-corona.
Sisesesigabeni sokuqala emzabalazweni omkhulukazi odinga ukuthi sisebenzise zonke izinsiza-kusebenza esinazo futhi senze konke okusemandleni ethu ukubhekana nalesi sifo.

Ngeke neze kulunge ukuthi sithele phansi umzimba. Akumele neze sizitshele ukuthi sesingakhululeka ngoba sibona sengathi kuyehla ukubhebhetheka kwegciwane.

Emavikini nezinyanga ezizayo, kumele siziqinise kakhulu izinyathelo zethu zokulwisana naleli gciwane futhi sikhulise izinhlelo zethu ukuze zisabalale zifinyelele kubantu abaningi impela.

Sithola izifundo eziwusizo kakhulu kulokho esikubonile kwenzeka kwamanye amazwe futhi kusenjalo sithola izifundo kubufakazi esesinabo manje mayelana nokukhula nokusabalala kwalolu bhubhane eNingizimu Afrika.

Lokhu esesikufundile kusinikeza isizathu esisobala futhi esinohlonze sokuthi kumele siqhubeke ngendlela ebonisa ukucophelela nobunyoninco obukhulu ukuze umsebenzi wethu ube nezithelo ezinhle.

Ngamafuphi nje, uma singaxhamazela siqede ukuvalwa kwezwe singakafiki isikhathi esifanele noma lokho sikwenze esithubeni nje ngaphandle kokucabangisisa kahle, singabeka izwe engcupheni yokuthi sibuye ngamandla lesi sifo futhi singabe sisalawuleka.

Singazibeka engcupheni yokucekela phansi wonke umsebenzi omuhle esesiwenzile kulawa maviki ambalwa adlulile, futhi sikwenze kube yize leze konke ukuzinikela nokubekezela kwethu okukhulu esesidlule kukhona.

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,
Kusihlwa nje, ngime phambi kwenu ukuzoninxusa ukuthi niqhubeke nokubekezela.

Futhi kumele ngininxuse ukuthi niqhubeke kakhudlwana nokuzidela ukuze izwe lethu likwazi ukugqashula amaketanga alesi simo esinzima elibhekene naso futhi ukuze kuphephiswe izimpilo zabantu abayizinkulungwane ngezinkulungwane kuleli.

Emva kokucubungula ngokucophelela ubufakazi obukhona njengamanje, uMkhandlu Kazwelonke Olawula Impi Yokulwisana Negciwane le-Corona usuthathe isinqumo sokwelula isikhathi sokuvalwa kwezwe lonkana ngamaviki amabili angeziwe, ngaphezu kwezinsuku ezingama-21 ebezibekiwe ekuqaleni.

Lokhu kusho ukuthi iningi lezinyathelo ezikhona njengamanje zokuvalwa kwezwe zisazoqhubeka zisebenze kuze kube sekupheleni kukaMbasa.

Sizosebenzisa lezi zinsuku ezizayo ukuhlola nokuhlaziya ukuthi sizoziqalisa kanjani izinyathelo ezizoncika esimweni sokuncipha kobungozi ngokuhamba kwesikhathi ezizovumela ukuthi siqale ukuvuselela umnotho ngokwezigaba ngezigaba, okuyinto ezovumela ukuthi imikhakha ethile iqale ukusebenza ngaphansi kwezimo ezizolawulwa ngesandla esiqinile.

Futhi sizosebenzisa lesi sikhathi ukuthuthukisa nokuqinisa izinhlelo zethu zokungenelela emkhakheni wezokwelashwa komphakathi.

Lesi sinqumo sokwelula ukuvalwa kwezwe akusona neze isinqumo esisithathe kalula ngaphandle kwenkathalo.

NjengoMongameli wenu, ngiwazi kahle kamhlophe umthwalo omkhulu futhi osindayo ozobekwa yilesi sinqumo phezu kwamahlombe enu.

Futhi ngiwubona ngokusobala nomthelela walokhu phezu komnotho wezwe.

Kodwa-ke ngiyazi, njengoba nazi nani, ukuthi uma singazithathi njengamanje lezi zinyathelo ezinzima, futhi uma singaqhubeki sithi ukubambelela kulesi sinqumo isikhashana esengeziwe, ubhubhane lwegciwane le-corona luzosabalala kakhulu ezweni lakithi futhi ekugcineni lubhuqabhuqe isizwe.

Sonke sifuna ukuthi umnotho uqale ukusebenza futhi ubuyele esimweni sawo, sifuna ukuthi abantu babuyele emsebenzini, sifuna izingane zethu zibuyele esikoleni, futhi sifuna ukuthi sikwazi ukuphinda futhi sizihambele ngokukhululeka.

Kodwa-ke into eseqhulwini njengamanje kithina kusalokhu kuwukunciphisa isivinini sokubhebhetheka nokusabalala kwegciwane kanye nokugwema ukufa kwabantu abaningi.

Lokhu kumele sikwenze sibe futhi ngakolunye uhlangothi sivimbela ukuwohloka komnotho wezwe futhi sisindise abantu bakithi ekubhuqabhuqweni yindlala.

Sizimisele ukuphishekela kokubili, ukuphephisa izimpilo zabantu kanye nokuvikela indlela abaziphilisa ngayo.
Iqhingasu lethu lakhiwe yizingxenye ezintathu:

-    Okokuqala yizinyathelo nezinhlelo ezinohlonze emkhakheni wezempilo yomphakathi okuhloswe ngazo ukunciphisa isivinini sokutheleleka kwabantu.
-    Okwesibili uhlelo olubanzi lwezinyathelo zomnotho okuhloswe ngazo ukweseka amabhizinisi kanye nabantu abakhahlanyezwe yilolu bhubhane.
-    Okwesithathu wuhlelo lokwandiswa nokwelulwa kwezibonelelo zikahulumeni ukuze kwesekwe futhi kulekelelwe abantu abahlwempu kanye nalawo makhaya antulayo futhi adinga ukubhekelelwa kakhudlwana.
Njengohulumeni, ngokubambisana nezinkampani kanye nabanye abantu esisebenzisana nabo, sisebenzisa lesi sikhathi sokuvalwa kwezwe ukuthuthukisa nokuqinisa iqhingasu lethu lezempilo yomphakathi ukuze kulawulwe igciwane le-corona.
Indlela-kusebenza esizoyisebenzisa wukuphuma siyobheka futhi sixilonge abantu abanezimpawu zegciwane emphakathini bese sibathatha siyobahlola esibhedlela, emitholampilo ejwayelekile kanye nemitholampilo engomahambanendlwana, ngenhloso yokuthi sikwazi ukubagcina ngabodwana labo asebethelelekile, futhi sinakekele labo abagulayo ezikhungweni zethu zezempilo.

Lokhu kumele sikwenze ngamandla nomdlandla omkhulu futhi sikwenze ngendlela ehlelekile.
Sisebenzise leli viki eledlule ukuthuthukisa izindlela zethu zokuxilonga nokuhlola abantu ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe.

Kulawa maviki amabili ezayo, sizoqalisa uhlelo lokuxilonga nokuhlola kuzo zonke izifundazwe zakuleli, futhi sizogxila kakhulu kuleyo miphakathi ebuthaka nesengcupheni kakhulu.

Labo okuzotholakala ukuthi sebehaqekile futhi abangakwazi ukuhlala ngabodwana emakhaya bazogcinwa ezikhungweni ezikhethekile ezihlonziwe futhi njengamanje ezilungiswayo ukuze zibe sesimweni sokwamukela nokugcina abantu abazohlaliswa ngabodwana.

Ngaso sonke isikhathi, sizowahlonipha futhi siwathobele amalungelo esintu abo bonke abantu.

Masingabacwasi labo bantu osekutholakale ukuthi sebehaqekile.

Ukuqinisekisa ukuthi amaqhingasu ethu alawulwa kahle futhi ahambelana kahle kanye nokuqinisekisa ukuthi asekelwe phezu kwemininingo ebanzi futhi yakamuva enembayo ebonisa isimo njengoba sinjalo emphakathini esikhathini samanje, sesisungule isiKhungo Sokuhlinzeka Ngolwazi Oluphathelene ne-COVID-19 esingaphansi koMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nolwezezimboni.
Lesi sikhungo esisezingeni lomhlaba sizogcina futhi siqaphe ngamehlo okhozi lonke ulwazi oluphathelene nokuxilongwa, ukuhlolwa, ukuhlaliswa ngabodwana kwabantu asebehaqekile kanye nokulaliswa kwabo ezibhedlela ezweni lonkana.

Lesi sikhungo sesiqalile kakade ukuhlonza izizinda nezindawo lapho kubonakala khona ukutheleleka kwabantu ngesivivini esikhulu.

Lesi sikhungo silandela umkhondo wokusabalala nokuhlasela ngamandla kwalesi sifo, futhi lokho-ke kuyasilekelela ekutheni sikwazi ukugxila futhi sihlinzeke ngezinsiza kulezo zindawo lapho lolu sizo ludingeka khona kakhulu.
Sisebenzisana nezinkampani zobuchwepheshe bukamakhalekhukhwini kanye nezinye izikhungo ukuthola umkhondo kanye nokufinyelela kulabo bantu abahloliwe kwatholakala ukuthi sebehaqwe yileli gciwane kanye nalabo bantu abake baxhumana noma basondelana nabo.

Njengengxenye yesigaba sesibili seqhingasu lethu, sesiqhamuke nezinyathelo ezihlukahlukene zokweseka amabhizinisi abhekene nobunzima, abasebenzi okungenzeka bangayitholi imiholo yabo, abantu abazisebenzayo kanye nalabo abathengisa emgwaqeni.

Eziningi zalezi zinyathelo zisetshenziswa emabhizinisini amakhulu ngokunjalo futhi nasemabhizinisini amancane.

Isikhwama Somshwalense Wabantu Abalahlekelwe Umsebenzi sesibeke eceleni isamba semali eyizigidigidi ezingama-40 zamarandi okuhloswe ngaso ukulekelela labo basebenzi abangakwazi ukusebenza, njengengxenye yemizamo yokuvimbela ukulahleka kwemisebenzi ngenxa yokuvalwa kwezwe.

Kuze kube manje, sesikhokhe imali eyizigidi ezingama-356 zamarandi.

Ngithanda ukubashayela ihlombe bonke labo baqashi abaqhubekayo nokuholela abasebenzi babo kulesi sikhathi esinzima kangaka, ngokunjalo futhi nalabo baqashi abasebenzisana nezinyunyana zabasebenzi kanye nohulumeni ukulekelela abasebenzi ukuthi bathole imihlomulo yabo.

Ngithanda ukuwanxusa wonke amabhizinisi ukuthi aqhubeke nokukhokhela labo abawahlinzeka ngempahla nezinsizakalo, ngangokusemandleni awo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo bahlinzeki bempahla nezinsizakalo bayaqhubeka nokusebenza futhi baholele abasebenzi babo kanye nabahlinzeki babo.

Mayelana nalokhu-ke, ngithanda ukuwanxusa wonke amabhizinisi amakhulu ukuthi angasebenzisi umbandela wokuzikhulula esibophweni sokufeza imigomo yezivumelwano azenzile, ngokubeka isizathu sokuthi abhekene nesimo esingaphezu kwamandla awo esibangelwe nguMdali noma esibangelwe yinhlekelele yemvelo (force majeure) futhi ngenxa yaleso sizathu-ke ayeke ukukhokhela lezo zinkampani noma abantu abawahlinzeka ngempahla nezinsizakalo futhi ayeke nokukhokha imali yokuqasha indawo asebenzela kuyona, futhi-ke okuyisenzo esingadala uchungechunge lokuchaphazeleka kwawo wonke amanye amabhizinisi athembele kulowo msebenzi webhizinisi.

Kumele senze konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi umnotho oyisisekelo uyaqhubeka nokusebenza futhi sigxile ekwesekeni nokulekelela lawo mabhizinisi amancane aludinga ngempela usizo lolo.

Isikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni sesibeke eceleni isamba semali eyizigidigidi ezintathu zamarandi okuhloswe ngayo ukuthenga izinsiza-kwelapha ezisemqoka futhi ezidingeka kakhulu.

Lesi sikhungo sesigunyaze uxhasomali oluyizigidi eziyi-130 zamarandi futhi kubhekeke ukuthi sigunyaze olunye uxhasomali oluyizigidi ezingama-400 zamarandi kuleli viki elizayo oluqondiswe ezinkampanini ezafaka izicelo zokuxhaswa ngezimali ngaphansi kwalolu xhasomali olukhethekile.

Uphiko Lokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Amancane selugunyaze ukuhlehliswa kwezinkokhelo zemali-mboleko isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha.

Isikhungo sosizo lwezikweletu oluqondiswe emabhizinisini amancane kanye nesikhungo sokukhuliswa kwamabhizinisi njengamanje zicubungula izicelo ezifakiwe zosizo.

Kunesamba semali ekhona njengamanje eyizigidi ezingama-500 zamarandi okuhloswe ngayo ukweseka nokulekelela amabhizinisi.

Uhulumeni wabe kabusha imali eyisamba esiyizigidigidi ezingu-1.2 zamarandi okuhloswe ngaso ukuxhasa abalimi abancane kanye nokulekelela ekuqinisekiseni ukuthi kuleli lizwe kunokudla okwanele ngaso sonke isikhathi.

Ngaphezu kwalezi zinyathelo zokuxhasa ngezimali, iBhange-ngodla seliwehlisile amazinga enzalo yemali-mboleko futhi selithathe nezinyathelo zokufaka imali emnothweni wezwe ukuze izwe lihlale linemali eyanele emgodlagodleni walo wezimali ukuze likwazi ukukhokhela izidingo zalo.

Enye yezinselele ezinkulu ezibhekene nawo wonke amazwe emhlabeni wukuntuleka kwezinsiza-kwelapha zokulwisana negciwane le-corona.

Njengezwe, kudingeke ukuthi sithembele emandleni ethu okuhlinzeka ngalezi zimpahla, kodwa-ke futhi kube nesidingo sokuthi ezinye zazo sizithenge kwamanye amazwe.

Kulawa maviki ambalwa adlule, sibone umkhankaso omkhulukazi wamabhizinisi aseNingizimu Afrika, abasebenzi, izifundiswa kanye nezikhungo zikahulumeni wokukhulisa umthamo wokukhiqizwa kwempahla nemishini yokwelapha kanye neminye edingekayo ekulwisaneni negciwane le-corona.

Ukwenza nje isibonelo, sesisungule uMklamo Kazwelonke Wemishini Yokuphefumula okuhloswe ngawo ukuhlanganisa ngokushesha izinsiza zobuchwepheshe nezezimboni zezwe lethu ukuze kwakhiwe imishini yokuphefumula ngesifonyo, okuyimishini yokuphefumula engasetshenziswa ukulekelela nokweseka iziguli esezihlaselwe yilesi sifo. 

Eminye imiklamo igxile ekukhuphuleni umthamo wokukhiqizwa kwezifonyo zobuso zokuvikela abantu egciwaneni, izibulali-magciwane zezandla kanye nemikhiqizo yokwelapha neyokuzivikela engasetshenziswa ngabasebenzi bezempilo kanye nomphakathi wonkana.
Njengengxenye yesithathu yezinyathelo zethu zokulwisana negciwane le-corona, senza izinhlelo zokuhlinzeka ngezidingo eziyisisekelo njengamanzi kanye nokuqinisekisa ukuthi labo bantu abampofu kakhulu baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokuhlinzekwa ngokudla.

Sesikwelulile futhi nokuhlinzekwa kwezijumbana zokudla futhi saxhasa izitodlwana eziyiziphaza ngosizo lwezimali.

Kuze kube manje uhulumeni usehlinzeke ngamathangi okugcina amanzi ayizi-11 000 emiphakathini eswele amanzi ezweni lonke, futhi amaningi alawa mathangi asexhunyiwe.

Ngaphezu kwalokho, sekuhlinzekwe amaloli athwala amanzi ayi-1 000 azothutha amanzi awahambise kubantu.

Kunabantu abaningi impela abayimizulane engenamakhaya asebehlinzekwe ngendawo yokuhlala ezikhungweni zokufihla ikhanda eziyi-154.

Kuyintokozo kimina ukubika ukuthi isiKhwama Sobunye Nobambiswano – esasungulelwa ukunxenxa nokuqoqa uxhasomali oluvela ezinkampanini, ezinhlanganweni kanye nabantu ukuze kulwiswane nobhubhane lwegciwane le-corona – njengamanje sesikwazile ukuqoqa isamba semali ebalelwa ku-2.2 wezigidigidi zamarandi.

Lesi sikhwama sesabe isamba esiyisigidigidi esisodwa samarandi ukuthenga amagilavu angenamagciwane, izivikela-buso, izifonyo ezikhethekile zabasebenzi bezempilo, izinsiza-kuhlola kanye nemishini yokuphefumula.
Isikhungo futhi sizokwaba izimali ezizosetshenziswa ekulekeleleni amakhaya antulayo futhi asengcupheni, ngaphezu kwesamba esiyizigidi ezingama-400 zamarandi esibekwe eceleni nguhulumeni ukuze kuhlinzekwe izibonelelo zoSizo Olubhekiswe Emiphakathini Ebhekene Nobunzima.

Yonke le mizamo, nakuba idingeka futhi incomeka kakhulu, ngeke neze yanele ekulekeleleni nokuvikela ngokwanele abantu abadla imbuya ngothi ekukhahlanyezweni yilolu bhubhane.

Futhi ngeke ikwazi ukuhlinzeka ngosizo oludingwa ngamabhizinisi kanye nabasebenzi bawo.

Kuzodingeka ukuthi kuqhanyukwe nezinyathelo ezengeziwe futhi ezinohlonze kulama viki nezinyanga ezizayo ukuze kulekelelwe lawo mabhizinisi azolahlekelwa yimali engenayo ngokunjalo futhi nabantu ngokuhlukahlukana kwabo.

Sibhekene nesimo esidinga ukuthi sithathe izinyathelo ezisheshayo futhi sisebenzise nezindlela eziyingqayizivele, okuyisimo esidinga ukuthi kusetshenziswe izindlela-kusebenza ezintsha nobunyoninco futhi kusetshenziswe zonke izinsiza esinazo.
IKhabhinethi lihlanganisa iphakheji ebanzi yezinyathelo zomnotho eziphuthumayo ukuze kubhekwane ngqo nakho kokubili, ubunzima obukhulukazi obukhona njengamanje kanye nezinselele ezinkulukazi ezikhona kwezomnotho okumele sizame ukuzitholela ikhambi lokuzixazulula kulezi zinyanga ezizayo.

Ezinye izimemezelo eziqondene nesigaba esilandelayo seqhingasu lezomnotho nokuhlinzeka imiphakathi ngosizo zizokwenziwa ngokuhamba kwesikhathi.

Ingxenye esemqoka kakhulu yemizamo yethu yokubhekana nalesi simo esiphuthumayo wumgomo wobunye nobambiswano.
Emphakathini wonkana wakuleli, sekunezinkampani kanye nabantu abahlukahlukene asebesukumile bahlinzeka ngosizo lwezimali kanye nezinye izinhlobo zosizo.

Njengomzamo wokulekelela nokufaka isandla kulokho, sesithathe isinqumo sokuthi uMongameli, iPhini likaMongameli, oNgqongqoshe kanye namaPhini oNgqongqoshe omunye nomunye wabo uzoncishiselwa umholo wakhe ngengxenye eyodwa kokuthathu kulezi zinyanga ezintathu ezizayo.

Le ngxenye yomholo wabo izonikelwa esiKhwameni Sobunye Nobambiswano.

Siyabanxusa labo abasesikhundleni eziphezulu kuhulumeni kanye nabaphathi abakhulu bezinkampani ezizimele ukuthi nabo babonise isenzo sobubele esifanayo futhi belule baphinde basabalalise lo mzamo kazwelonke ukuze ufinyelele kubantu abaningi abahlukahlukene.

Mayelana nalokhu-ke, siwemukela ngezandla ezimhlophe umnikelo womakhalekhukhwini abayizi-20 000 ovela kwabakwa-Vodacom oqondiswe kubasebenzi bezempilo abayingxenye yomsebenzi wokuxilonga abantu kanye nokulandela umkhondo wabantu abathelelekile kanye nalabo abake baxhumana noma basondelana nabo emiphakathini yakuleli.

Njengoba sigcizelelile phambilini, siyaphinda futhi siyagcizelela ukuthi umzabalazo wethu wokulwisana negciwane le-corona udinga ukuthi thina sonke kube nezinguquko ezinqala esizenzayo kwindlela esiziphatha ngayo kanye nendlela esenza ngayo izinto.

Imithetho esebenzayo njengamanje izoqhubeka isebenze kuze kufike isikhathi lapho sesilinqobile igciwane le-corona.

Ukuxhawulana, ukwangana, ukuhlala eduze komunye umuntu kanye nezinye izinhlobo zokuxhumana nokusondelana ngokomzimba yizinto ezenza ukuthi lisabalale igciwane lingene kubantu abahlukahlukene, ngakho-ke kumele sikugweme lokhu.

Kumele siqhubeke nokugeza izandla njalo futhi sizigezisise ngamanzi nensipho noma ngezibulali-magciwane.

Ukuze sihlale siphephile futhi sigcine nabanye abantu bephephile kumele siqhubeke nokuhlonipha noma yimiphi imikhawulo evimbela ukuhambahamba kwethu kanye naleyo ebekwe phezu kwempilo yethu yansuku zonke.

Kulawa maviki amabili adlule, bengifakana imilomo nabanye abaholi base-Afrika mayelana nokwenziwa komzamo ohambelanayo futhi odidiyelwe wokulwisana negciwane le-corona kanye nokweseka abantu bakithi kanye neminotho yamazwe ethu.

Sesisungule isiKhwama Senhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) Sezinyathelo Zokulwisana ne-COVID-19 okuhloswe ngaso ukuqoqa izinsiza nezimali ezidingekayo ukuze kusekelwe lo mzamo.

Sizamile ukunxenxa nokunxusa abaholi bamazwe omhlaba, nakuba nabo bebhekene nobunzima balolu bhubhane emazweni abo, ukuthi bafake isandla ngokuxhasa leli zwekazi ngezinsiza-kwelapha ezisemqoka futhi ezidingeka kakhulu futhi basekele nephakheji ebanzi yokukhuthaza nokuvuselela iminotho yamazwe ase-Afrika.

Njengoba sibhekene nalesi sifo ezweni lethu, siyingxenye yomzamo omkhulukazi wamazwe omhlaba wonkana ohlanganisa futhi uqoqele ndawonye isintu sonkana ngezindlela abantu abaningi abebengakaze nje baze bacabanje ukuthi zinokwenzeka ngempumelelo.

Kubantu abayizigidigidi emhlabeni wonke jikelele, futhi nakithina lapha eNingizimu Afrika, igciwane le-corona selishintshe yonke into.

Ngeke neze sikwazi ukuqhubeka nokusebenza ngendlela ebesenza ngayo izinto ngaphambilini.

Njengohulumeni, njengezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO), njengamaqembu ezepolitiki, njengamabhizinisi amakhulu namancane, njengezikhungo zezimali, njengezinhlangano zomphakathi futhi njengabantu baseNingizimu Afrika kumele siguqule indlela esenza ngayo izinto ukuze ihambelane nesimo sezinto esisha esibhekene naso njengamanje.

Uma sesiphumile kulobu bunzima obukhulu esibhekene nabo, kuzodingeka ukuthi izwe lethu liqalise inqubo enohlonze yokuvuselela nokwakha kabusha.

Ukuze sikwazi ukwenza kanjalo, kuzodingeka ukuthi sisebenzise izinsiza esinazo kuleli: okuyizinsiza zemvelo eziyinsada kuleli, ingqalasizinda yethu ethuthukile neseqophelweni eliphakeme kakhulu, izimakethe zethu zezimali ezinohlonze, amandla namakhono ethu aziwayo kwezobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana, kanye nezindimbane zabantu bakuleli abanamakhono nesiphiwo.

Sizosebenzisa amandla namakhono ethu aziwayo kwezokuqanjwa nokusungulwa kwezinto ezintsha, amandla ethu okuhlangana sibambane ngezandla uma sibhekene nobunzima, kanye nokuzibophezela kwethu ekutheni silekelelane futhi siqinisekise ingomuso elifanayo kithina sonke. 
Sizothatha izifundo kulokho esikubone kwenzeka kwamanye amazwe omhlaba kanye nakubufakazi bezesayensi obuhle kakhulu obukhona, kodwa-ke nakuba kunjalo sizoqhamuka neyethu indlela eyingqayizivele yaseNingizimu Afrika yokubhekana nalesi simo, okuyindlela esebenzisa amandla namakhono ethu njengesizwe.

Leli viki liyisikhathi esingcwele kubantu abaningi baseNingizimu Afrika.

Kwabaningi, kuzoba nzima ukuchitha lesi sikhathi bengekho eduze kwabangani nemindeni yabo.

Ngiyaninxusa ukuthi kusihlwa nje nibakhumbule bonke labo bantu bakuleli ababuthaka futhi abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana, abahluphekile kanye nalabo abahleli bodwana. 

Ngiyaninxusa ukuthi nibaphe lokho eningabapha kona ukunciphisa umthwalo nobunzima ababhekene nabo.

Ngiyaninxusa ukuthi nifake isandla futhi nilekelele esiKhwameni Sobunye Nobumbano nganoma iyiphi indlela eningalekelela ngayo.

Lesi yisikhathi esinzima kithi sonke.

Kepha-ke nakuba kunjalo umyalezo wePhasika yilowo esiwuthwele ngaphakathi ezinhliziyweni zethu kusihlwa nje.

Lona ngumyalezo wethemba, ukusimama kanye nokuzalwa kabusha.

Njengoba sisonke kulolu hambo, njengoba sizabalazela ukunqoba lolu bhubhane, sisalokhu sinamandla, siyimbumba futhi sizimisele ukuphumelela.

Kukhulu lokhu enicelwa ukuthi nikwenze futhi okudingeka kinina, futhi kungaphezulu kakhulu kwalokho obekumele kucelwe kinina.
Kodwa-ke siyazi ukuthi isimo esibhekene naso yisimo sokukhetha phakathi kokufa nokuphila, ngakho-ke akumele siphazame nakancane.
Sizovuka futhi siphinde sisimame.
Sizonqoba.
UNkulunkulu makayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.
 

Share this page

Similar categories to explore