Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekelaphambili Yemizamo Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngifisa ukukhuluma nani kusihlwa nje ngesimo samanje sobhubhane lwegciwane le-corona eNingizimu Afrika.

Ngaphambi kokwenza njalo, ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abahloniphe izinsuku ezinhlanu kusuka mhla zingama-25 kuya mhla zingama-29 kuLwezi zokuzilela labo abalahlekelwa izimpilo zabo ngenxa ye-COVID-19 kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulalwa kwabesifazane.

Njengoba sibakhumbula nje, asizinikele ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ethu ukunqanda lolubili lolu bhubhane futhi sisindise izimpilo.

Ubhubhane lomhlaba luyaqhubeka nokudala umonakalo emhlabeni jikelele, ngenxa yezigameko zokusuleleka ezingaphezu kwezigidi ezingama-64 nezigameko zabadlule emhlabeni eziqinisekisiwe ezisondele kwisigidi esisodwa nesigamu.

Sesibone amazwe amaningi emhlabeni jikelele ebhekana nokuqubuka kabusha kwegciwane le-corona, amanye ihlandla lesibili lokuqubuka kwegciwane libe nzima kakhulu kunelokuqala.

Lapho iNingizimu Afrika ike yaba ngeyesihlanu ngamanani aphezulu okusuleleka emhlabeni, njengamanje sesehlele endaweni ye-14 emhlabeni njengoba ukusuleleka kwamanye amazwe kuvele kwakhuphuka ngesivinini.

Nokho, ngaphezu kwenqubekelaphambili esiyenzile, besilokhu sazi ukuthi ihlandla lesibili lokusuleleka lingenzeka eNingizimu Afrika uma singalandeli izinyathelo ezidingekayo ukuthi sizivikele kanye nalabo abaseduzane nathi.

Manje sekunobufakazi obucace bha bokuqubuka futhi kwegciwane ezingxenyeni zezwe lethu, lokho, uma kungabhekwana nakho ngqo nangokuzimisela, kungaholela ekuhluphekeni okukhulu nasekufeni.

Lolu bhubhane seluvele lusikhahlamezile ezweni lethu.

Inani eliphelele labantu abayizi-800 872 liqinisekisiwe ukuthi lasuleleka ngegciwane eNingizimu Afrika kusuka ngoNdasa.

Babalelwa kumaphesenti angama-92 alaba bantu asebeluleme.

Kusuka namuhla, abantu abayizi-21 803 okwaziwa ukuthi babulelwe i-COVID-19 eNingizimu Afrika.

Cishe izinsuku ezi-100, kusuka phakathi noNcwaba, sikwazile ukugcina izinga lokwesuleleka okusha lizinzile, ngezigameko zokusuleleka ezintsha ezingaphansi kwezi-2 000 ngosuku.

Kodwa, lokho sekushintshile emavikini amathathu edlule.

Sekube nokukhuphuka okuphawulekayo kokusuleleka okusha kanye nokukhuphuka kwenani labantu abangeniswa esibhedlela.

Evikini lokuqala likaLwezi, besibhalisa isilinganiso sezigameko ezintsha eziyi-1 500 ngosuku.

Ngeviki lokugcina likaLwezi, leli nani licishe laphindeka kabili ngesilinganiso sezigameko ezintsha eziyizi-2 900 ngosuku.

Izolo, iNingizimu Afrika ibhalise izigameko zokusuleleka ezintsha ezingaphezu kwezi-4 400, okuyinani losuku eliphezulu lokusuleleka kunawowonke kusuka phakathi kukaNcwaba.

Inani eliphelele labantu abangeniswa ezibhedlela manje selingaphezu kwezi-5 800 kuzwelonke futhi liyakhuphuka. 

Emavikini amathathu adlule abantu abangeniswa ezibhedlela bebeyizi-4 900.

Kunezindawo ezintathu zezwe okuyizo ezinalokhu kusuleleka okusha.

OkunguMkhandlu-dolobha i-Nelson Mandela Bay nesifunda i-Sarah Baartman District eMpumalanga Kapa kanye nesifunda i-Garden Route District eNtshonalanga Kapa.

Izinga labantu abangeniswa ezibhedlela kulezi zifunda liyakhuphuka, ngezinye izikhathi kungaqhathaniswa naleso sikhathi sokusuleleka kwehlandla lokuqala lokusuleleka.

EMpumalanga Kapa naseNtshonalanga Kapa sekube nokukhuphuka okubikiwe kwabadlule emhlabeni ngenxa ye-COVID-19 kanye nokufa ngokweqile.

Lokhu kumele kusikhathaze sonke.

Kunezizathu eziningi ezidale ukukhuphuka kokusuleleka ngegciwane.

Abantu abaningi bahamba besuka kwezinye izifundazwe beya kwezinye naphakathi kwesifundazwe bebaningi, ikakhulukazi ngesikhathi samaholidi esizayo. 

Endaweni yase-Garden Route, lokhu futhi kufaka ukuhamba kwabantu abasebenza ngezikhathi ezithile zonyaka abasebenza kwesinye isifundazwe bahlale kwesinye isifundazwe. 

Imibuthano yomphakathi, yamasiko neyenkolo iba nabantu abaningi.

Ezikhathini eziningi le mibuthano ijwayele ukuhanjelwa ngabantu abaningi ukudlula isibalo esivumelekile ngaphansi kweSigaba sokuqala semikhawulo. Okukhathaza kakhulu ukuthi futhi ijwayele ukubanjelwa ezindaweni lapho kungangeni umoya ngokwanele.

Ikakhulukazi emingcwabeni, ejwayele ukulandelwa ngalokhu okubizwa ngemicimbi ye "after tears".

Izibhedlela eziningi kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay usubike ukukhuphuka kwenani labantu abangeniswa ezibhedlela ngenxa yokulimala okudalwe ngutshwala.

Njengoba sasishilo ekuqaleni ukuthi lokhu kungeniswa ezibhedlela ngenxa yotshwala kuphambukisa amandla adingeka ukubhekana nezigameko ezihlobene ne-COVID-19.

Kodwa okukhulu kakhulu okuholela ekusulelekeni ukuthi abantu abaningi abazigqoki izifonyo, futhi abalandeli imigomo efanele yenhlanzeko kanye nokuqhelelana.

Njengoba ngangishilo emhlanganweni wethu womndeni owedlule, esigabeni sokuqapha sokuqala, sinazo izinyathelo esizidingayo ukulawula igciwane.

Kodwa inkinga yethu enkulu ukuthi kunezingxenye zezwe lapho abantu bengahloniphi imikhawulo ebekiwe futhi abazilandeli izinyathelo eziyisisekelo zokuzivikela.

Umsebenzi omkhulu ophuthumayo ophambi kwethu njengamanje ukuthi sinqande ukukhuphuka kokusuleleka ezifundeni ezithintekile eMpumalanga Kapa naseNtshonalanga Kapa, nokuqinisekisa ukuthi isimo esifanayo asenzeki kwezinye izingxenye zezwe.

Ukugwema lokhu siqalisa uhlelo oluzobhekana nokuqubuka futhi kwegciwane esilusungule nethimba leNhlangano Yezempilo Yomhlaba elibhekene nokuqubuka kwegciwane.

Senza ukuthi izibhedlela nemitholampilo zibe nomthamo omkhulu kulezi zindawo.

Selula izingenelelo zezempilo yomphakathi ezifana nokuhlolwa, ukulandelwa komkhondo, ukuhlala ngawedwana kanye nokugonqa. 

Sikhuphula nezinga lemikhankaso yokuqwashisa ngemithethonqubo yezempilo yomphakathi.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kumele sishintshe indlela yethu yokuziphatha manje ukuze sigweme ukuqubuka kwesibili kwegciwane futhi silawule ukubheduka noma ikuphi lapho kwenzeka khona.

Uma sicabanga ngalolu bhubhane njengomlilo wequbula, sidinga ukuthi sisheshe sicishe amalangabi ngaphambi kokuthi aphenduke umlilo osha ubuhwanguhwangu.

Ngaso leso sikhathi, sidinga ukwenza konke okusemandleni ukugcina umnotho uvulekile nokuqhubekela phambili nomzamo wethu wokwakha kabusha nokuvuselela umnotho.

Ngokuhambisana ngendlela ehlukile esilawula ngayo ubhubhane, ngakho-ke sizoqalisa ukusebenza kwezinyathelo ezongeziwe kulezo zindawo ezikhonjwe njengezizinda ezihaqwe igciwane le-corona.

Uma sikhetha izindawo ezihaqwe igciwane, kwabhekwa inani lezigameko ze-COVID-19 ezintsha zokusuleleka ngosuku, izinga lokuhlolelwa igciwane kubantu abahlala kuleyo ndawo, inani labahlonzwe batholakala benalo igciwane, inani labantu abangeniswa ezibhedlela kanye nenani labantu abashonayo.

Ukulandela isincomo soMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona nasemva kokuxoxisana noNdunankulu, izimeya zikamasipala kanye nabaholi bendabuko, iKhabhinethi selinqume ukubeka uMasipala woMkhandlu-dolobha wase-Nelson Mandela Bay njengesizinda esihaqwe igciwane le-corona.

Ukwengeza kwimithethonqubo ekhona yeSigaba Sokuqapha sokuqala, le mikhawulo elandelayo eyengeziwe izobekwa kuMasipala woMkhandlu-dolobha wase-Nelson Mandela Bay kusuka phakathi kwamabili namuhla:
- Umthetho wesikhathi sewashi uzosuka ngehora le-10 ebusuku kanye nehora le-4 ekuseni. 
Lokhu kusho ukuthi - ngaphandle kwezimo eziphuthumayo - akekho umuntu okumele abe ngaphandle kwekhaya lakhe phakathi kwalezi zikhathi. 

Lokhu akuqondisiwe kubasebenzi bomsebenzi oyisidingo ngoba bona bavumelekile ukusebenza ngalamahora.

- Ukuthengiswa kotshwala ezitolo kuzovumeleka kuphela phakathi kwehora le-10 ekuseni kuya kwihora le-6 ntambama kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesine.

- Ukuphuzwa kotshwala ezindaweni zomphakathi, ezifana namabhishi namapaki, akuvumelekile neze. Lokhu kuyadingeka ukugwema imibuthano yomphakathi emikhulu.

- Imibuthano - kubandakanya imibuthano yezenkolo - akumele ithanyelwe ngabantu abangaphezu kwe-100 uma imicimbi ingaphakathi kwesakhiwo kanye nabantu abangaphezu kwama-250 emicimbini yangaphandle. 

Ngaso sonke isikhathi, inani eliphelele labantu endaweni yomcimbi akumele ledlule umthamo ongaphezu kwama-50% wendawo.

- Okokugcina, yonke imicimbi yasemva komngcwabo ayivumelekile.

Lezi zinyathelo ezengeziwe zibalulekile ukunqanda okunye ukuqubuka kwegciwane e-Nelson Mandela Bay, ukugwema ukubheduka okudalwa imibuthano yomphakathi kanye nokuvikela umthamo wokusebenza wezempilo ukuze uhlinzeke ukunakekela kulabo abakudingayo.

Ekunqumeni le mikhawulo, sikhethe ukuthatha izinyathelo ezidingekayo ukusindisa izimpilo ngesikhathi sinciphisa ukuphazamiseka komnotho.

Kulandela izingxoxo ezijulile nabaholi bendabuko, sivumile ukuthi isikhathi sokusokwa eMpumalanga Kapa singaqhubeka.

Lokhu kungenxa yokuthi abaholi bendabuko eMpumalanga Kapa balulethile uhlelo olungenabungozi oluvunywe nguMnyango Wezempilo nezoKwengamela Ngokubambisana kanye Nezendabuko.

Lolu hlelo lubandakanya ukuthotshelwa kwemithetho yezempilo, okubandakanya ukuxilongwa kwamakhwenkwe, ukuhlinzekwa ngezinsiza zokuzivikela nokuhlinzekwa ngamanzi ukuze kube nenhlanzeko nokugwema ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni.

Kodwa-ke, ngenxa yamazinga aphezulu okusuleleka kumasipala, alikho isiko lokusoka elizovumeleka e-Nelson Mandela Bay.

Izinyathelo ezithathiwe e-Nelson Mandela Bay akuzona ezokujezisa abahlali bakhona. 

Asihlosile ukukhuphula ubunzima obubhekene nezakhamuzi zakithi.

Lezi zinyathelo ziyadingeka ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane nokusindisa izimpilo.
Ezinsukwini ezizayo uNgqongqoshe Wezempilo uzovakashela isifunda sase-Sarah Baartman kanye ne-Garden Route ukuzohlola isimo nokuxoxisana nababambiqhaza esifundazweni. 

Ngomphumela ozovela kulolu hlolo kanye nokwenzekile ngesifo kulezi zindawo, uMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona uzonquma okufanele kwenziwe.

Ukuqinisekisa ukuthi sigcina izinyathelo ezikhona zokuzivikela, Isimo Senhlekelele Kazwelonke sizolulwa siye kumhla ziyi-15 kuMasingana 2021 ngokuhambisana noMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele.

Yonke imikhawulo ekhona yeSigaba Sokuqala ilokhu imile ezweni lonke.

Sinazo zonke izikhali esizidingayo ukugwema ukuqubuka kwesibili kwegciwane ezweni lonkana.

Singakwenza lokhu kuphela uma wonke umuntu edlala indima yakhe.

Singaligwema kuphela ihlandla lesibili lokuqubuka kwegciwane uma sonke sihlonipha  imithetho ebekiwe ukuvikela wonke umuntu. 

Ukuze sonke siphephe, labo abephula imithetho kumele bajeziswe.

Sesiyale izikhulu zomthetho ukuthi ziqinisekise ukuthotshelwa komthetho, ngabanikazi, abalawuli kanye nabaphathi bezindawo zokusebenza, izitolo, izikhungo kanye nezakhiwo ukuqinisekisa ukuqhelelana nokugqokwa kwezifonyo. 

Abashayeli bamatekisi nabo balindeleke ukuthi baqinisekise ukuthi bonke abagibeli babo bagqoka izifonyo. 

Ukwengeza, omunye nomunye wethu kuzodingeka ukuthi athobele umthetho wesikhathi sewashi.

Nangezinyathelo zokunqanda ukuqubuka kwesibili kwegciwane ezindaweni eziyizizinda ezihaqwe igciwane, umzamo kazwelonke uyaqhubeka nokuqinisa izingenelelo zezempilo yomphakathi ezifana nokuxilongwa komphakathi, ukukhuphula izinga lokuhlolwa, ukulandelwa komkhondo kanye nokushintsha indlela yokuxhumana nokuziphatha.

Njengoba sasishilo phambilini isikhali esisodwa esizolwa ngaso i-COVID-19 kuzoba umuthi wokugoma. 

Miningi manje imizamo emhlabeni yokuphuthumisa ukwenziwa komuthi wokugoma.

Siyaqhubeka nokusebenzisana nozakwethu emhlabeni ukuqinisekisa ukuthi wonke amazwe ayafinyelela kumgomo osebenzayo futhi othengekayo.

Sizibandakanye nesikhungo seNhlangano Yomhlaba Yezempilo i-COVID-19 Global Vaccine Access Facility - eyaziwa ngokuthi yi- Covax facility - ehlose ukuhlanganyela ngezinsiza nokwabelana nobungozi ekwakhiweni umgomo nokuqinisekisa ukufinyelela ngokulinganayo emgomweni uma usutholakala.

Kuyasigqugquzela ukuthi Isikhwama Sobunye Nobumbano sizonikela izigidi ezingama-R327 ekuthengweni komgomo wezwe.

Siphinde sagqugquzelwa nayimiphumela ethembisayo yokuhlolwa okuthathu kwemigomo ukuthi iyasebenza yini na, okubonise amazinga okusebenza kahle aphakathi kwamaphesenti angama-70 nama-95. 

Silinde isiqinisekiso kubalawuli bezokulapha ukuthi le migomo iphephile, iyasebenza kahle futhi izilungele izidingo zethu. 

ENingizimu Afrika, Iziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo (i-SAHPRA) zizobuyekeza izicelo zokuphasiswa uma sezilethwe ngabenza imigomo bese begunyaza ukusetshenziswa kwayo.

Kodwa asikhumbule ukuthi kuze kwakhiwe umgomo futhi usatshalaliswe, yithina okumele sizivikele kwi-COVID-19.

Esikwenzayo nsuku zonke ikhona okuzosigcina thina nabanye siphephile.

Ngokugqoka isifonyo phakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi.

Ngokulandela umthetho wokuqhelelana nokugwema imibuthano enabantu abaningi nezindawo zangaphakathi ezingangenisi umoya ngokufanele. 

Ngokuhlanza izandla njalo noma ngokusebenzisa isibulali-magciwane sezandla. 

Singazivikela futhi ngokufaka i-app kumakhalekhukhwini i-Covid Alert SA engakwazi ukusazisa uma sike sasondelana negciwane ngalokho kuzosiza ukunqamula leli ketanga lokusuleleka. 

Kuyagquqguzela kakhulu ukuthi i-app i-Covid Alert SA isifakwe yizigidi zabantu baseNingizimu Afrika.

Uma kukhona esikufundile kulolu bhubhane, ubungozi bokwaneliseka. 

Emhlabeni jikelele, amazwe anokusuleleka okwehlile asexegise imikhawulo kanti azobhekana nehlandla lesibili lokubheduka kwegciwane, futhi elinzima kakhulu, okubaphoqe ukuthi baphinde babuyise imikhawulo ekuhambeni, imibuthano kanye nemisebenzi yomnotho.

Uma kunesikhathi sokuqaphelisisa, yiso lesi samanje. 

Isikhathi samaholidi okuphela konyaka siyeza. 

Izikole kanye nezindawo zemfundo ephakeme zizovalela amaholidi asehlobo. 

Abaningi benu bayaphumula emsebenzini futhi maduze nje nizoba semakhaya nemindeni yenu. 

Abaningi benu balungiselela ukuhamba bayohlangana nabangani nezihlobo. 

Ukuhamba kunobungozi obukhulu, obungancishiswa ngokugwema ukuhamba okungenasidingo. 

Singanciphisa futhi ubungozi bokusuleleka ngokugqoka isifonyo kwisithuthi somphakathi, sivule amafasitela emotweni futhi sigcine izindlela zokuzivikela uma sifika. 

Isikhathi sasehlobo ngokwesiko isikhathi semibuthano yomphakathi, ukuthanyelwa kwemicimbi nemikhosi, nokuhlangana nabanye emishadweni, imibuthano yezenkolo futhi ezindaweni zomphakathi nezangasese.

Imibuthano yomphakathi ingaba imicimbi 'yababhebhethekisi'  enobungozi obukhulu bokusulelana ngegciwane. 

Omunye nomunye wethu kumele aqinisekise ukuthi uyaqaphelisisa ukuze agweme ukubhebhethekisa igciwane emindenini yethu, ikakhulukazi abantu abadala. 

Kumele sigcine imibuthano imincane, siyenzele ngaphandle noma endaweni engenisa umoya ngokwanele, siqinisekise ukuqhelelana nokuqgoka izifonyo ngayo yonke indlela.

Kumele sikhumbule ukuthi yize sifuna ukuphumula, leli gciwane aliphumuli neze.

Lo nyaka ube nzima kakhulu kithina njengezwe. 

Usihlolisise indlela esisombulula ngayo izinkinga futhi wafuna ukuzidela okukhulu komunye nomunye wethu. 

Kodwa noma amaholidi eza, asikwazi ukuyekela ukuqapha kwethu.

Uma singazibophezeli ngempilo yethu nempilo yabanye, abantu abaningi basazosuleleka. Abantu abaningi basazofa.

Ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule, abantu abaningi balahlekelwe ngabazali, izingane zakubo, abashade nabo, abangani kanye nabasebenza nabo ngenxa ye-COVID-19. 

Njengesizwe, silahlekelwe abasebenzi abasebenza phambili abanesibindi abebenakekela labo abebesezibhedlela nasemitholampilo. 

Silahlekelwe abasebenzi bemisebenzi ebalulekile abasize ukugcina leli lizwe lisebenza ngesikhathi sokuvalwa kwezwe. 

Silahlekelwe ngothisha abebeya esikoleni zonke izinsuku ukuyokweseka izingane zethu nokuqinisekisa ukuthi abafundi bethu bakamatikuletsheni bayakwazi ukubhala izivivinyo zabo zokugcina.

Kumele senzele bonke labo izimpilo zabo ezaphela ngesihluku ngenxa yaleli gciwane ukuthi singavumeli ukuhlupheka okufanayo nobuhlungu behlele eminye imindeni. 

Kumele senzele abangani bethu nezihlobo nalabo abaseduze kwethu. 

Kumele senzele izwe lethu, ngoba ukuqubuka kwesibili kwegciwane kungabuyisela emuva ukuvuselelwa komnotho wethu, imizamo yethu yokugcina nokusungula imisebenzi, kanye nokuhlinzekwa kwezidingo kubantu. 

Ngaphezu kwakho konke kumele sizenzele thina nomunye nomunye, ngoba sithinteke sonke.

Kusihlwa sime ngobunye nokubumbana nabantu base-Nelson Mandela Bay njengoba besebenza ukunqanda ukubheduka kwegciwane. 

Ngineqholo lokuthi ubuholi baseMpumalanga Kapa benza futhi buzokwenza konke okudingekayo ukwehlisa izinga lokusuleleka futhi.

Ngicela omunye nomunye wenu ukuthi akhumbule labo abalahlekelwa izimpilo zabo kanye nezimpilo eziligugu okusamele sizisindise.

Ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule, siphumelele ekulawuleni igciwane ngokusebenza ngokubambisana.

Silwe nalolu bhubhane ngakho konke esinakho.

Ngemizamo yetho ehlangene, sisindise izinkulungwane zezimpilo ebesingalahlekelwa yizona ngokungenasidingo.

Manje, njengoba inani lokusuleleka liqala likhuphuka futhi, angeke sikwazi ukudela lokhu esesikuzuzile.

Angeke sikwazi ukubuyela ezinsukwini zobumnyama zangoNhlangulana noNtulikazi, lapho ukusuleleka ngegciwane kwakubhebhethekile futhi nezimpilo zemindeni yethu nabangani zazisengcupheni.

Njengoba sazi ukuthi ihlandla lesibili lokuqubuka kwegciwane lingenzeka, siyazi futhi ukuthi alinakugwemeka.

Ngakho-ke kusihlwa, ngiyanicela ukuthi niphinde nizinikele kule mpi. 

Sisengaligwema igciwane ukuthi lingabhebhetheki kakhulu uma sithatha izinyathelo ezifanele manje.

Njengoba senza ekuqaleni kobhubhane, asime ngokubambisana siphinde sisebenze ngokubambisana. 

Sizodlula kulesi sikhathi sobunzima njengoba senza ekuqaleni.

UNkulunkulu Abusise iNingizimu Afrika aphinde avikele abantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore