Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhlaka 27 Nhlaba 2015

1. Usuku Lwe-Afrika

1.1. IKhabhinethi ithanda ukubonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza kwimigubho Yosuku Lwe-Afrika Yangonyaka Wezi-2015, nebibonisa ukuzimisela kwethu ukwakha i-Afrika ebumbene, enokuthula nenenqubekelaphambili.

1.2. IKhabhinethi iyaphinda futhi ihlaba ikhwelo elenziwa nguMongameli u-Jacob Zuma kuzona zonke izikhungo zaseNingizimu Afrika kanye nezinkampani ukuthi kufanele zindizise ndawonye ifulegi Lenhlangano Yamazwe Obumbano Ase-Afrika (i-AU) kanye nefulegi laseNingizimu Afrika. Lokhu kuzobe kuhambisana nesidingo sokwamukela umbono we-Afrika ebumbene, enenqubekelaphambili nenokuthula.

2. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

2.1. IKhabhinethi ithanda ukukhumbuza abantu baseNingizimu Afrika kanye nabantu bokufika kuleli abahamba nabantwana abancane ukuthi uMthetho Wamapasipoti Namadokhumenti Okuhamba uzoqala ukusebenza ngomhlaka 1 Nhlangulana 2015.

2.2. Ngaphansi kwalo mthetho omusha, abazali abahamba nabantwana babo kudingeka ukuthi babonise izitifiketi zokuzalwa kwabantwana ezingafingqiwe. Lokhu kuyingxenye yohlelo lokuzibophezela kukahulumeni ekuphephiseni kanye nasekuqhakambiseni izifiso nezimfuno zabantwana futhi kuyindlela yokuvimbela ukushushunjiswa kwabantwana.

3. Izinqumo ZeKhabhinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi iphasise Inqubomgomo Kazwelonke Yezokuthuthwa Kwabafundi, nehlinzeka ngemihlahlandlela yokuhlinzeka ngensizakalo yomphakathi yokuthuthwa kwabafundi uma beya noma bebuya ezikoleni. Ukuqala kwayo ukusebenza kuyokwenza ukuthi kube nohlelo oluhlangene lokuthuthwa kwabafundi noluhlinzeka ngamazinga ohlobo lwezimoto okumele mazisetshenziselwe ukuthutha kwabafundi kanye nezinhlaka zezimali okumele mazinqunywe emkhakheni wezokuthuthwa kwabafundi uma beya noma bebuya ezikoleni. Le nqubomgomo iphinda futhi ihambisane noMthetho Wezikole waseNingizimu Afrika, we-1996 (uMthetho Nombolo 84 we-1996).

3.2. IKhabhinethi iphasise ukuthi kuyokwethulwa Umbiko weNingizimu Afrika Ngenqubekelaphambili phakathi kweminyaka ye-1994 kuya kowezi-2014 Ekufezekisweni Kwesivumelwano Esibalulekile Sokulingana Ngokobulili e-Afrika Kwisigungu Sonobhala Ku-AU. Lo mbiko ulungiselela Ingqungquthela Yezinhloko Zamazwe e-AU neyobanjwa ngoNhlangulana 2015.

Lo mbiko, obhekele isikhathi esiyiminyaka ephakathi konyaka we-1994 kuya kowezi-2014, uhlola uphinde ubuyekeze ukusebenza kwemithetho yethu, izinqubomgomo zethu kanye nezinhlelo ezasungulwa ukukhulisa amathuba okumeleleka, ukuhlinzeka ngezinsizakalo ezinqala, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukuncishiswa kobubha, ukuqedwa kodlame, kanye nokuvikelwa kwamalungelo esintu kwabesifazane namantombazane.

3.3. IKhabhinethi igunyaze Inqubomgomo Kazwelonke Yentsha yowezi-2020 (i-NYP2020). Le nqubomgomo ingena esikhundleni Senqubomgomo Kazwelonke Yentsha yezi-2009-2014 nesiphelelwe yisikhathi. Le nqubomgomo yasungulwa ngemuva kokubonisana okuningi nabantu abasha baseNingizimu Afrika abavela kuzona zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye kuleli. Le nqubomgomo izoba yingxenye yesisekelo sentuthuko Yamasu Okuthuthukisa Intsha adidiyelwe.

3.4. IKhabhinethi iye yethulelwa umbiko kafushane mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekusungulweni kwe-Property Management Trading Entity (i-PMTE). Inhloso yale nhlangano ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhiwo zikaHulumeni ziphathwa kahle nangendlela efanele. IKhabhinethi yenelisekile ngentuthuko kanye nokulungiswa kwemodeli yebhizinisi ye-PMTE, nezosiza ukwenza ngcono izingabunjalo lezakhiwo zikahulumeni.

IKhabhinethi iphinde yemukela isicelo sokwenyuselwa esikhundleni kukaMnu P Serote ukuthi abambe izintambo njengenhloko ye-PMTE, uMnu M Govender abe Yinhloko Yezinhlaka Zokusebenza Nokuphathwa Kokuthengiswa Kwezindlu bese kuthi uNks BS Mathews yena asebenze njengenhloko Yezinsizakalo Zerejista Yokubhaliswa Kokuthengwa Kwezindlu.

4. Imicimbi ezayo

4.1. INingizimu Afrika izoba yizwe lapho kuzobanjelwa khona Ingqungquthela ye-AU eSandton Convention Centre kusukela mhla ziyisi-7 kuya mhla ziyi-15 Nhlangulana 2015 ngaphansi kwesihloko esithi: “Unyaka Wokunika Amandla Abesifazane kanye Nentuthuko okubheke kwi-Ajenda yezi-2063 yase-Afrika”. Imisebenzi ezokwenzeka ngaleli sonto ifaka phakathi Umhlangano Wabaholi Bamazwe  nesiyobanjwa kusukela mhla ziyi-14 kuya mhla ziyi-15 Nhlangulana 2015.

IRiphabhlikhi yaseZimbabwe, nengusihlalo Wenhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika (i-AU) wonyaka wezi-2015, izoba ngusihlalo wengqunquthela kanye neminye imihlangano ehambisana nayo. Le ngqungquthela izogxila kakhulu ekufezekisweni kwezinqumo ezathathwa Kwingqungquthela eyayingoMasingana 2015, nefaka phakathi i-Ajenda yowezi-2063 kanye Nohlelo Lwayo Lokuqala Lweminyaka eyi-10 Yokwenza ; Isimo Sokuthula kanye Nokuphepha Ezwenikazi Lase-Afrika, kuhlanganisa Nobushokobezi; Ukuphiwa Amandla Kwabesifazane kanye Nentuthuko; Ezinye Izindlela Zokuthola Ukuxhaswa Kwe-AU; Ukubumbana kanye nokwenza ukuthi kusebenze isikhungo Sokulawula Izifo kanye Nokuzigwema e-Afrika ngonyaka wezi-2015.

UMongameli uZuma uzohambela ukubekwa ngokusemthethweni kukaMongameli waseNigeria uMohammadu Buhari e-Abuja, eNigeria ngomhla zingama-29 Nhlaba 2015.

4.2. Isithangami Somnotho Wezwe e-Afrika sizohlala eKapa kusukela mhla zi-3 kuya mhla zi-5 Nhlangulana 2015 ngaphansi kwesihloko esithi: “Ngalesiya sikhathi kanye Namanje: Ukucabanga Kabusha Ngekusasa le-Afrika.”

IKhabhinethi iyabemukela bonke abaholi bezepolitiki kanye nabamabhizinisi abavela kulo lonke izwekazi lase-Afrika kanye nakwezinye izingxenye zomhlaba njengoba lokhu kuhlangana kuzobe kuhloswe ngakho ukugubha iminyaka engama-25 yoguquko e-Afrika.

INingizimu Afrika imagange ukubamba iqhaza ezingxoxweni ezizoba khona maqondana nokusheshiswa kokukhuliswa komnotho ombandakanya wonke umuntu kanye nentuthuko e-Afrika. Leli zwekazi lingezinye zezifunda ezikhula kakhulu emhlabeni jikelele futhi liyindawo enhle nefiswa kakhulu yilabo abafisa ukutshala izimali kuyo.

4.3. Iphini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa, njengoSihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wengculaza (i-AIDS) eNingizimu Afrika, uzokwethula inkulumo yakhe ekuvulweni Kwengqungquthela Yesikhombisa Yomkhandlu Kazwelonke Wengculaza eNingizimu Afrika ozobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre e-Durban kusukela mhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-12 Nhlangulana 2015 ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukucabanga, Ukucubungula Nokucolisisa”.

Le ngqungquthela, nebanjwa njalo ngemuva kweminyaka emibili, isiphenduke isikali sikahulumeni kanye nabantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibheke ukuthi ngabe sebehambe ibanga elingakanani ekulweni nokulawula ukutheleleka ngeGciwane Lesandulelangculazi (-HIV). Le ngqungquthela iphinda futhi ihlinzeke ngethuba kubantu abasebenza emkhakheni we-HIV ne-AIDS, Kowezifo Ezithathelana Ngocansi (ama-STI) kanye Nakowesifo Sofuba (i-TB) ukuthi babelane ngolwazi nalokho asebedlule kukho kuhlanganisa nemibono yabo.

INingizimu Afrika inohlelo olukhulu kunazo zonke lokuhlinzeka ngemishanguzo yokudambisa isandulelangculazi (ama-ARV) emhlabeni jikelele, kanti bebeyizigidi ezintathu abantu abadla ama-ARV kuleli ngoZibandlela 2014. Lokhu kubambe elikhulu kakhulu iqhaza ekwehlikeni kwezinga labantu abasha abatheleleka nge-HIV kanye nokushona kwabantu ngenxa ye-AIDS, futhi kuye kwenza nokuthi abantwana abancane bakwazi ukuphila isikhathi eside ne-HIV. Ukuhlela ngokukhuthala yikhona okudlale indima enkulu yokuphumelela kwalolu hlelo oluphambili, noluqinisekisa ukuthi ahlale ekhona njalo ama-ARV ezikhungweni zezempilo zomphakathi.

INingizimu Afrika, ngokumelwa nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe (i-DST), isitshale izimali eziningi kakhulu ocwaningweni lokuthi kutholakale ikhambi lokulwa ne-HIV. Ukutshala izimali kwe-DST ocwaningweni lokulwa ne-HIV kwaqala ngonyaka we-1999 ngenkathi thina, ngokubambisana noMnyango Wezempilo, sisungula Uhlelo Lokuqala Lokuthola Umjovo LwaseNingizimu Afrika.

Ngonyaka wezi-2009, i-DST iye yelula ukweseka kwayo ucwaningo nge-HIV ukuthi kufake izinhlaka ezifana nokuhlonza isifo, ama-ARV, ikhambi lokulwa negciwane kuhlanganisa ne-HIV (i-microbicide), ukwengeza kwimijovo ebizanywa. Siye sakha Inkundla YaseNingizimu Afrika Yokucwaninga Nge-HIV kanye Nokusungula Izinto Ezintsha (i-SHARP) ukuze sikwazi ukuxhasa ucwaningo oluhamba phambili ekulweni ne-HIV ne-AIDS kanye nokwenza lula ukusungulwa kwezisombululo ezintsha ekulweni nalolu bhubhane.

Njengamanje sesekela inqwaba yamaprojekthi alwa ne-HIV ezigabeni ezehlukene zentuthuko kanti lawa maprojekthi angaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi Ukubambisana Kokusungulwa Kwamacebo Ezempilo,  nolufaka phakathi i-SHARP ngaphansi koMkhandu Wocwaningo Lwezemithi eNingizimu Afrika. Indima yalolu hlelo ukwenza kube lula ukuxhumana kwabacwaningi be-HIV ne-AIDS eNingizimu Afrika, kanye nokwakha Inethiwekhi Kazwelonke Yokubambisana Kwezikhungo Ezicwaninga nge-HIV ne-AIDS.

Njengamanje kunamaprojekthi amaningi ezikhungo eziningi ezahlukene, ezinhlaka eziningi ezahlukene akuthuthukisa imikhiqizo ethile ebhekene nokuhlonzwa kwezifo, imijovo yokulwa nezifo kanye namakhambi okulwa igciwane kuhlanganisa ne-HIV, okumanje ayazanywa ukuze kuphunyeleliswe izinhloso ze-SHARP. INingizimu Afrika ikubeke kwabaseduzane nenhliziyo yayo ukubaluleka kokulwa ne-AIDS, kanti ukuvikela lesi sifo yikhona kanye okungumongo Wecebo Likazwelonke Lokuvikela i-HIV, ama-STI kanye ne-TB (eleminyaka yezi-2012-2016).

4.4. Uhlelo Lwenyanga Yezemvelo

Ngenyanga kaNhlangulana iNingizimu Afrika izogubha izinsuku ezibalulekile kwezemvelo. Le migubho izoholwa nguMnyango Wezemvelo, kanti ngomhla zi-5 kuNhlangulana, siyogubha Usuku Lwezemvelo Emhlabeni Jikelele oluyobanjelwa eKimberley, esifundazweni saseNyakatho Kapa.  

Usuku Lomhlaba Lwezilwandle luyobanjelwa eBloemfontein, eFreystata mhla ziyisi-8 kuNhlangulana, kanti siyolubungaza ngokuhlanganyela nophathina bethu abehlukene ekufezekisweni kwe-Operation Phakisa Umnotho Wasolwandle ngokuthi sabelane nomphakathi wendawo ngamathuba akhona emnothweni wasolwandle kanye nakwindawo ezisondelene nawo.  

Ngomhla ziyi-17 kuNhlangulana, iNingizimu Afrika izogubha Usuku Lomhlaba Lokulwa Nokushiywa Kwezindawo Ezivundile Ziwugwadule eNquthu, esifundazweni saKwaZulu-Natali. Zonke lezi zinsuku zokubungaza ezemvelo kuhloswe ngazo ukuqwashisa umphakathi mayelana nemvelo kanti futhi kuzobe kugqugquzelwa nabantu abasha kuzona zonke izifundazwe okuzobanjelwa kuzo le micimbi futhi baziswa nangamathuba akhona kulo mkhakha wezemvelo.

4.5 Ukwethulwa KweFTA Yezifunda Ezintathu e-Sharm-el-Shaik

Indawo Yezifunda Ezintathu, i-COMESA, EAC kanye ne-SADC, Ezihwebelana Ngaphandle Kokukhokhisana Intela (i-TFTA) izokwethulwa mhla ziyi-10 Nhlangulana 2015 e-Sharm-el-Shaik, eGibhithe. I-TFTA izokuvula amathuba okuhweba nokuhwebelana kumazwe angama-26, kanti lawa mazwe anabantu abathi uma sebehlanganisiwe babe ngaphezu kwezigidi ezingama-625 bese kuthi isamba somkhiqizo walamazwe (i-GDP) sibe ngaphezu kwetriliyoni yamadola aseMelika.

Ukwethulwa kwe-TFTA kuwuphawu lokufinyelela emaphethelweni kwezingxoxo Zesivumelwano Sokuhwebelana Ngaphandle Kokukhokisana Intela nesibeka imithetho kanye nohlaka okufanele ukuthi kusetshenzwe ngaphansi kwalo uma kunqunywa izimali zokuhwebelana kanti kuningi nokunye okuyokwenziwa. Izingxoxo mayelana nezimali kanye nemithetho emalungana nalapho kudabuka khona umkhiqizo kuzoqhubeka njengengxenye ye-ajenda ezohlala ingashintshi.

Ukwethulwa kwe-TFTA kukhombisa impumelelo enkulu Kwizwekazi lase-Afrika kanti kwenziwa ngenxa yoHlelo Lokusebenza lase-Lagos le-AU kanye neSivumelwano sase-Abuja nokuhloswe ngazo ukwakha Umphakathi Osingethe Umnotho Wase-Afrika. Sikholwa ukuthi lokhu kuthumela umyalezo onamandla noqinile wokuthi i-Afrika izibophezele kwizingxoxo zayo zokuditshaniswa komnotho kanye nokwakha isimo esivumayo ukuthi abantu bakwazi ukuhweba nokuhwebelana kanye nokutshala izimali ngaphansi kwaso.

Izingxoxo zokusungulwa kwe-TFTA zaqala ngoNhlangulana 2011 Kwingqungquthela eyayinganyelwe nguMongameli u-Jacob Zuma e-Sandton, eNingizimu Afrika.   

4.6 Ukwethulwa kwezingxoxo ze-FTAyeZwekazi lase-Afrika Kwingqungquthela ye-AU ngoNhlangulana.

Ukwethulwa kwezingxoxo Zesivumelwano Sokuhwebelana Ngaphandle Kokukhokisana Intela Ezwenikazi Lase-Afrika (i-CFTA) Yingqungquthela ye-AU kuyokwenzeka mhla ziyi-15 Nhlangulana 2015 eGoli, eNingizimu Afrika.

I-CFTA le, iyokwakha amathuba okuhweba nokuhwebelana kubantu abangaphezu kwezigidigidi ezingaphezu kuka-1.3 kanti ne-GDP uma isihlangane engaphezu kwezigidigidi ezi-2 zamadola aseMelika. Iyokwakhela kulokho osekuzuzwe yiTFTA kanye nenqubekelaphambili eminothweni yemiphakathi kulezi sifunda. Lesi sivumelwano siyophinda futhi sinikeze abahwebi kanye nabatshali zimali ithuba lokufinyelela kwimakethe ekhulayo futhi sihlinzeke ngokukhula kokuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika.

5. Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye noqinisekiswa kokufaneleka kwabo kulezi zikhundla kwavunywa.

5.1. Izithunywa ezimele uMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni Kwibhodi Eyisipesheli Yezokweluleka Ngezindawo Zezomnotho:
a) Nks Jacky Molisane (ilungu elikhethiwe);
b) Nks Nontsikelelo Rose Mbono (ilungu elingummeleli).

5.2. Dkt Reginald Cassius Lubisi – uMqondisi-Jikelele eHhovisini likaMongameli kanye Nonobhala weKhabhinethi (ivuselelwe iminyaka emihlanu).
5.3. Mnu Christopher Kobla Gavor – UMlinganisi-Jikelele: uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams (Ibamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore