Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wesi-9 kuNhlangulana 2021

A.    Ezisematheni

1.    Ukukhishwa komgomo weSifo seGciwane le-Corona (i-COVID-19) 
1.1.    IKhabhinethi liyamukele inqubekela-phambili yemigomo ye-COVID-19 okuthe ngoLwesibili, mhla we-8 kuNhlangulana 2021 yafinyelela kwisi-1 524 589 nemigomo yakwa-Pfizer eyedlule isigidi eyayibekelwe sona ngesi-1 045 245 okuyinani eliyisimanga. Ukwengeza kulokhu, abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu babhalisile kuHlelo Lokubhalisela Ukugoma Lwe-inthanethi, okuyisona sizathu sokuthokoza ekulweni kwethu nokubhebhetheka kwegciwane. 
1.2.    Ukusebenzisana nomkhakha ozimele ohlelweni lokugoma nakulolonke nje uhlelo lwe-COVID-19 kuqinisa imizamo kazwelonke ekuqinisekiseni ukuthi imigomo esindisa izimpilo kanye nomyalezo ngezinyathelo zokuphepha kubhubhane lwe-COVID-19 ifinyelela kubantu abaningi. 
1.3.    IKhabhinethi lamukele ukugunyazwa komgomo we-COVID-19 wakwa-Sinovac ukuze usetshenziswe ngokuphuthuma yiNhlangano Yezempilo Yomhlaba, lokho okuvumela Iziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika ukuthi zicubungule isicelo esivela kwa-Sinovac.
1.4.    IKhabhinethi likhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale beqaphile futhi bathobele imikhawulo ngaphansi kweSigaba Sokuqapha Sesibili sokuvalwa kwezwe. Ihlandla lesithathu liseduzane kakhulu futhi sinawo amandla okunciphisa izinga lokwesuleleka. Kumele sizibophezele ekugqokeni izifonyo uma siphakathi kwabantu, sigcine igebe elingangemitha nesigamu kwabanye abantu, sihlanze izandla njalo-nje ngamanzi nensipho noma ngesibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%, nokugwema izindawo zomphakathi kanye nemibuthano enabantu abaningi.

2.    Ucwaningo Lwabasebenzi Olwenziwa njalo ngeKota (i-QLFS)
2.1.    IKhabhinethi iyibonile imiphumela ye-QLFS yekota yokuqala yowezi-2021 ebonisa ukuthi inani labantu abasebenzayo alikaguquki lisalokhu limile kwizigidi eziyi-15.0, lehla kancane ngezi-28 000 ekoteni yokuqala kowezi-2021. Inani labantu abangasebenzi nalo lilokhu lingaguquki kwizigidi eziyisi-7.2 uma kuqhathaniswa nekota yesine yowezi-2020 (elenyuke ngezi-8 000). Inani labantu asebephelelwe ithemba abasafuna umsebenzi likhule ngezi-201 000 (6.9%) phakathi kwamakota amabili, nenani elikhule ngezi-164 000 labantu abangenagalelo emnothweni.
2.2.    Lezi zinguquko ezincane ziholele ekukhuleni kwezinga ngokusemthethweni labantu abangasebenzi ngamaphesenti angu-0.1 kusuka kuma-32.5% kwikota yesine yangowezi-2020 kuya kuma-32.6% kwikota yokuqala yangowezi-2021 – okuyizinga eliphezulu kakhulu selokhu kwaqala i-QLFS ngowezi-2008. Izinga labantu abangasebenzi ngokuchazwa ngokujulile mayelana ngokungasebenzi likhuphuke ngamaphesenti angu-0.6 laya kuma-43.2% kwiKota yokuqala yowezi-2021 uma kuqhathaniswa neKota yesine yowezi-2020.

2.3.    Izinga labantu abangasebenzi entsheni (iminyaka eyi-15 kuya kuma-34) lalingama-46.3% kwiKota yokuqala ngowezi-2021. Izinga laliyi-9% kwabaneziqu zasenyuvesi. Imisebenzi emkhakheni ohlelekile ikhule ngezi-79 000 ngesikhathi eminye imikhakha yabhekana nokwehla kwemisebenzi ngekota yokuqala yezi-2021. Imisebenzi emkhakheni ongahlelekile yehle ngezi-19 000 (0.8%); Emakhaya azimele ngezi-70 000 (5.8%), nemisebenzi Kwezolimo yehle ngezi-18 000 (2.2%).
2.4.    Ezinye izimboni zisungule imisebenzi ngesikhathi ezinye zilahlekelwe imisebenzi phakathi kweKota yesine ngowezi-2020 neKota yokuqala ngowezi-2021, lokho okuholele ekwehleni kwemisebenzi ngezi-28 000 seyiyonke. Imisebenzi yenyuka Kwezezimali (yenyuka ngezi-215 000) nezinye izimboni ezaba nemisebenzi kubandakanya Ezemiphakathi Nezenhlalo (ngezi-16 000), Ezezinsiza (ngezi-16 000), Izimayini (ngezi-12 000) kanye neZokukhiqiza (ngezi-7 000). Ukulahleka kwemisebenzi kwabonakala embonini Yezokwakha (ngezi-87 000), Yezohwebo (ngezi-84 000), Emakhaya azimele (ngezi-70 000), Kwezokuthutha (ngezi-40 000) kanye Nezolimo (ngezi-18 000).

3.    Imiphumela Yesamba Semikhiqizo Yasekhaya (i-GDP) 
3.1.    Umnotho waseNingizimu Afrika ukhule nge-1.1% kwikota yokuqala yowezi-2021 (ngoMasingana kuya kuNdasa), okuholele ezingeni lokukhula lonyaka lama-4.6%. Lokhu kulandela ukukhula okubuyekeziwe kwe-1.4% (konyaka: okungama-5.8%) ku-GDP yangempela kwikota yesine ngowezi-2020.
3.2.    Izimboni zezimali, zezimayini kanye nezohwebo izona ebezihamba phambili ohlangothini lwemikhiqizo (imikhiqizo ephakelwayo) lwezomnotho, ngesikhathi izindleko zasekhaya kanye nezinguquko ohlwini lwempahla lusize ukukhuthaza ukukhula ohlangothini lwezindleko (imikhiqizo efunwayo).                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                                        
3.3.    Yize lokhu kube ikota yesithathu elandelana yokukhula okuhle, umnotho waseNingizimu Afrika mncane ngama-2.7% kunalokho owawuyikho ngekota yokuqala kowezi-2020.

4.    Ukutholakala kogesi
4.1.    IKhabhinethi liyayibona intukuthelo yabantu baseNingizimu Afrika ngokucima kukagesi okuqhubekayo ngenxa yokwehluleka kokusebenza kwamanethiwekhi kagesi kwingqalasizinda yakwa-Eskom. IKhabhinethi isalokhu izinikele ekuqalisweni koHlelo Oluhlanganisile Lwezinsiza lowezi-2030, okuhloswe ngalo ukuhlukanisa ukuhlanganiswa kukagesi ozonciphisa ukuthembela kumthombo wogesi owodwa noma emibalwa. 
4.2.    I-DMRE isivule Ithuba Lesihlanu Lokufaka Izicelo zoMkhiqizi Ozimele Kagesi Ovuselelekayo ozokhiqiza ugesi ongama-megawatts ayizi-2 600 womoya kanye namandla elanga ukusekela isizinda sikagesi sikazwelonke. Izinguquko zemithethonqubo yogesi sezivumele omasipala abanamandla ukuthi bazithengele ugesi wabo kwabanye abakhiqizi bogesi. Lokhu kuzokwehlisa ingcindezi kugesi wakwa-Eskom.

5.    Imibhikisho 
5.1.    IKhabhinethi liyayigxeka kakhulu imibhikisho yakamuva enodlame eSoweto esiholele ekuvalweni thaqa komphakathi futhi linxusa ababhikishi ukuthi behlise umoya futhi bazibambe. 
5.2.    Yize ilungelo lokubhikisha ngokuthula liyingxenye ebaluleke kakhulu emphakathini wentando yabantu, kumele lisetshenziswe ngokulandela umthetho lingahlukumezi amalungelo abanye abantu.
5.3.    Uhulumeni uzinikele ekusebenzisaneni nemiphakathi kulolonke izwe ukuthuthukisa izimo abaphila kuzona. 

6.    Ukunqandwa kobugebengu
6.1.    IKhabhinethi lincoma umsebenzi wethimba eliqondisa izigwegwe elashaqa izidakamizwa ze-cocaine elinganiselwa kuma-800kg enani elilinganiselwa kwizigidi ezingama-R400. 
6.2.    IKhabhinethi lidlulise ukukhathazeka ngokwenyuka kwezigameko ezibikiwe zokuqhunyiswa kwamasondo ezimoto emigwaqeni enguthelawayeka kuleli lizwe nasemigwaqeni engasese, osekuholele ekubanjweni kwenkunzi nasekubulaweni kwabanye abashayeli. IKhabhinethi licela abomthetho ukuthi baqinise imizamo yabo ekuboshweni kwalezi zigilamkhuba zalobu bugebengu obesabekayo.
6.3.    IKhabhinethi licela amalungu omphakathi ukuthi abike ngobugebengu, kubandakanya nobugebengu obuhlobene nezidakamizwa, emaphoyiseni futhi bangazithatheli umthetho ngezandla zabo noma ubulungiswa ezandleni zabo.  

7.    Ikomidi Labaphathi Bombuso base-Afrika kanye Nohulumeni elibhekele Ukuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-CAHOSCC)
7.1.    UMongameli u-Ramaphosa, ngokwesikhundla sakhe njengoMxhumanisi we-CAHOSCC, ube yingxenye yomhlangano obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesibili, mhla wesi-8 kuNhlangulana 2021. Umhlangano wamukela uMbiko Wabaxhumanisi be-CAHOSCC ngokubaluleka kokuthi i-Afrika ilungiselele iNkomfa yama-26 Yamaqembu eNgqungquthela Yohlaka Lwezizwe Ezihlangene emayelana Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC COP 26), okuqhubekayo emsebenzini wezinhlelo Zokuguquguquka Kwesimo Sezulu e-Afrika, kanjalo noHlelo Lokugqugquzela Ezemvelo e-Afrika. 
7.2.    Ingqungquthela iqinisekisa ukuthi umphakathi wasemhlabeni jikelele udinga ukukhuphula imizamo yawo, ikhuphule izinga lokuvelela bese usekela amazwe asathuthuka ngezindlela zokuqalisa izinyathelo zesimo sezulu ngokubheka ukuzibophezela kwethu okwehlukahlukene. Wonke amazwe ase-Afrika adinga ukwesekwa yilabo esibambisene nabo emhlabeni jikelele futhi isikhathi sethu sokuthuthuka kumele sihlonishwe ukuze sizozuza amaphupho esiwahlosile ngesimo sezulu kanye nezifiso zethu, ngesikhathi nathi sifaka igalelo lethu emzamweni womhlaba.
7.3.    Umhlangano uqinisekise isidingo sokwaziwa kwezimo zethu zikazwelonke ezehlukile kanye namandla ethu njengoba kungeke kulindeleke ukuthi i-Afrika ifinyelele kumnqamulajuqu ofanayo njengamazwe athuthukile ukuguqula iminotho yethu nokungatshali izimali kwizimbiwa. Lokhu kubalulekile, ikakhulukazi ngokubona amazinga aphezulu okungalingani, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nezidingo zokuthuthuka kulolonke iZwekazi, ikakhulukazi phakathi kwabantu besifazane nentsha. Ngaphezu kwalokho, sidinga ukuthumela uphawu olucacile lokuthi ukuqaliswa kokusebenza kanye nokufisa ukusebenza ngokulingana nokunciphisa, ukujwayela kanye nokweseka.  

8. Isinqumo Somkhandlu Wamalungelo Abantu Wezizwe Ezihlangene (i-UN) ngeZindawo ZasePhalestina
8.1. IKhabhinethi lamukele ukwamukelwa kweSinqumo Somkhandlu Wamalungelo Abantu we-UN ekuqinisekiseni ukuhlonishwa komthetho womhlaba wamalungelo abantu kanye nomthetho womhlaba wokusiza abantu ezindaweni zasePhalestina, kubandakanya ne-East Jerusalem nakwa-Israel. 
8.2. Isinqumo siphinde sinxuse ukusungulwa okuphuthumayo kwekhomishana yamazwe ngamazwe ezimele ezophenya zonke izinsolo zokwephulwa kwamalungelo abantu. IKhabhinethi ligcizelele ukubaluleka kwesisombululo nje futhi esizobakhona njalo kwingxabano yakwa-Israel nasePhalestina esibhekele ukubakhona kwemibuso emibili. 

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke ngenxa ye-COVID-19 kuze kube ngumhla we-15 kuNtulikazi 2021. Ukwelulwa kuhambisana neSahluko 27(5)(c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (Umthetho 57 wezi-2002). 
1.2.    Ukwelulwa kuvumela izwe ukuthi liqhubeke nezingenelelo okungezona imithi ekulweni ne-COVID-19.  

2.    Imibiko NgeNqubekela-phambili ekuqalisweni kokusebenza koHlaka Lweqhingasu Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF)
2.1.    IKhabhinethi igunyaze imibiko yemisebenzi ngokuqaliswa kwe-MTSF yangowezi-2019 kuya kowezi-2024 ehlanganiswe uMnyango Wezokuhlela Nokuhlolwa Komsebenzi.   
2.2.    Ubhubhane lwe-COVID-19 lube nomthelela ekuqalisweni kwe-MTSF, imisebenzi eminingi ezindaweni ebezibekwe eqhulwini beyilokhu imile ngesikhathi sokubuyekezwa, ngesikhathi kunokubambezeleka okubonakalayo kweminye imisebenzi eminye ngenxa yokuhlelwa kabusha kwesabelo-mali. 
2.3.    Imibiko yokusebenza izodluliselwa emphakathini futhi oNgqongqoshe bamaklasta bazobamba izithangami ezehlukene zabezindaba ukucacisa imibiko ngempumelelo kanye nezingenelelo eziqhubekayo zokuthuthukisa ukusebenza.

3.    Umqulu Wohlaka Lwamagugu Kazwelonke aseNingizimu Afrika
3.1.    IKhabhinethi igunyaze Umqulu Wohlaka Lwamagugu Kazwelonke aseNingizimu Afrika ezingxoxweni zalo ngezindaba zalapha ekhaya nezamazwe ngamazwe. Umqulu wohlaka ususwa kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996 kanye ne-NDP.
3.2.    Umqulu ucacisa phakathi kokunye ukuthi izwe limephi emandleni alo okuzibusa kanye nokuhleleka komthethosisekelo; ukuphepha kanye nokuphatheka kahle kwezakhamuzi zalo; ukuchuma kwalo kwezomnotho nendlela izwe elizokwakha ngayo i-Afrika engcono nomhlaba ongcono.
3.3.    Umqulu uzodluliselwa emphakathini ngewebhusayithi kahulumeni kanye neyoMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana. 

C.    Imicimbi Ezayo

1.    Ingqungquthela Yabaholi be-G7   
1.1.    IKhabhinethi liyathemba kakhulu ukuthi ukuba yingxenye kweNingizimu Afrika kwiNgqungquthela Yabaholi be-G7 e-United Kingdom kusuka mhla we-11 kuya mhla we-13 kuNhlangulana 2021, iholwa nguMhlonishwa uMongameli u-Cyril Ramaphosa, kuyithuba lokusekela izinkinga eziningi zezwe lethu kanye nezwekazi.
1.2.    Imibuthano efana neNgqungquthela Yabaholi be-G7 ingamathuba abalulekile eNingizimu Afrika ukuthi igqugquzele umbono wayo womhlaba omuhle nonokuthula. INingizimu Afrika izogqamisa ngokukhahlamezeka kwezomnotho nenhlalo okudalwe ubhubhane, futhi izophinde ibonise ukuthi sivuka kanjani kulokhu kukhahlamezeka ngenxa yezezimali kanye nemithetho yezenhlalo. 
1.3.    INingizimu Afrika izophinde isebenzise iNgqungquthela Yabaholi be-G7 ukuqhubeka nokunxenxa ukumiswa kwesikhashana kweSivumelwano Samalungelo Abaqambi Nabakhiqizi eNhlanganweni Yomhlaba Yezokuhweba ukuze kuzoqinisekiswa ukufinyelela ngokulinganayo kwimigomo ye-COVID-19. Lokhu kuzokwenza ukuthi amazwe akwazi ukuzikhiqizela imigomo yawo futhi kuphendle nendlela yokuthuthukisa imboni yasekhaya yokukhiqizwa kwemithi ezweni lakithi kanye nasezwenikazi. 


D.    Imiyalezo 
1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela laba: 
•    Mnu Pitso Mosimane (Umqeqeshi u-Pitso), ngokundizisa ifulegi leNingizimu Afrika phezulu ngokuhola iqembu likanobhutshuzwayo eliphezulu kwizwekazi, i-Al Ahly, lize linqobe kwindebe ye-African Super Cup. Umphathi waphambilini weqembu le-Mamelodi Sundowns uzuze lesi sicoco sakhe sesine ne-Al Ahly kusuka afika eqenjini elise-Cairo, e-Egypt ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

2.    Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 
•    Mnu MacDonald Ndodana Mathunjwa, umlingisi owaziwayo obelingisa ku-Home Affairs, Generations, Soul City, Intsika naku-Bones of Bones. 
•    Mnu Mabi Gabriel Thobejane, owayengomunye wabaculi bomculo we-jazz. 
•    Mnu Ben Kruger, ingqalabutho yomlingisi, umbhali kanye nomdidiyeli owaziwa kakhulu ngokulingisa ku-Binnelanders. 
•    Nks Shaleen Surtie-Richards, umlingisi osezuze okuningi owaziwa kakhulu ngokulingisa kumdlalo wangowe-1988 i-Fiela se Kind, nangokulingisa ku-Egoli: Place of Gold naku-7de Laan.
•    Nks Ivy Cikizwa Gcina, osesebenze ezinhlakeni eziningi ngesikhathi sakhe elwa nombuso wobandlululo, kubandakanya nokusebenza kwinhlangano i-Port Elizabeth Black Civic Organisation kanye nelungu laphambilini lePhalamende lokuqala lentando yabantu (ngowe-1994 kuya kowe-1999).

E.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    Mnu Nhlanhla Michael Mabaso njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokunikezela Ngolwazi kuMnyango Wezasekhaya. 
2.    Ukuqashwa kwamalungu eBhodi Elizimele Labalawuli Labacwaningi-mabhuku iminyaka eyisihlanu:
a.    Mnu Fulvio Tonelli;
b.    Nks Ruth Benjamin-Swales;
c.    Nks Thabiso Kutumela;
d.    Nks Nalini Maharaj;
e.    Mnu Prostas Phili;
f.    Nks Zine Mshengu;
g.    Mnu Eugene Zungu;
h.    Nks Chuma Mjali;
i.    Mnu Richard Hawkins; kanye no
j.    Nks Naidene Ford-Hoon.
3.    UMongameli ubeke uMnu. Hlengani Mathebula njengoSihlalo weBhodi Labaqondisi be-Media Development and Diversity Agency. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore