Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyisi-7 kuNcwaba 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyisi-7 kuNcwaba 2019 e-Union Buildings ePitoli 

A.    Izindaba Ezisematheni
1.    Izithembiso zoMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebenzi (i-NEDLAC)

1.1.  IKhabhinethi lisalokhu likhathazeke njalo ngamazinga okuntuleka kwamathuba omsebenzi aphakeme, kanye nezibalo zokukhula komnotho eziphansi kakhulu ezweni lethu. Imiphumela yoCwaningo Lwenani Labasebenzi Kuleli Lwekota yesibili yowezi-2019 ekhishwe wuPhiko Lwezezibalo eNingizimu Afrika (i-StatSA), ibonisa ukuthi izinga-silinganiso elisemthethweni lokuntuleka kwamathuba omsebenzi likhule ngama-1.4% layofinyelela kuma-29,0% uma liqhathaniswa nezinga-silinganiso lekota yokuqala yowezi-2019. 
1.2.  IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ekubhekaneni nezinselelo ezithikameza ukukhula komnotho wakuleli futhi okwenza umnotho ungakwazi ukuthuthukisa izwe. 
1.3.  Isivumelwano sokuthathwa kwezinyathelo ezisheshayo esisayinwe yizona zonke izinhlaka ezimelwe ku-NEDLAC sibophezela lezi zinhlaka ekutheni zihlangane nabo bonke abathintekayo, njalo ngenyanga, ukuze kubhekwe futhi kucutshungulwe inqubekelaphambili esiyenziwe ezithembisweni ezingama-77 ezenziwa ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela Yezemisebenzi. Kusukela ngoMandulo wezi-2019, uMongameli Cyril Ramaphosa nguyena osezoba ngusihlalo wemihlangano ebanjwa nyanga zonke. 
1.4.  Izithembiso ezenziwa yibo bonke ababambiqhaza – ababandakanya uhulumeni, abasebenzi, abamabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi – ziqondiswe ezinhlelweni zokudala amathuba omsebenzi, ukuthola izindlela zokususa izithiyo ukuze kufezwe lezi zithembiso, kanjalo nokuvikelwa kwemisebenzi futhi kutholakale nezindlela zokunqanda ukulahleka kwemisebenzi. Lokhu kubandakanya futhi nezithembiso eziqondene nemikhakha ethile ezibhekiswe ezinhlelweni okuhloswe ngazo ukukhulisa umnotho.

2. Ubambiswano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Japan

2.1. IKhabhinethi liyasamukela isivumelwano sobambiswano nokusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika ne-Japan okuhloswe ngaso ukulwisana nokunukubezeka kwemvelo okubangelwa yimikhiqizo kacwazi, ngokuthi kwesekwe imboni kacwazi yakuleli ukuze iyeke ukukhiqiza imikhiqizo kacwazi ejwayelekile, iguqukele emikhiqizweni ebhekelela futhi ivikele imvelo ngokuqhubekayo. 

3. INgqungquthela ye-18 yoMthetho Wokukhulisa Nokuhlinzeka i-Afrika Ngamathuba (i-AGOA)

3.1. Esikhathini esifushane esedlule iNingizimu Afrika ibambe iqhaza kwiNgqungquthela yehlandla le-18 ye-AGOA ebibanjelwe kwelase-Côte d'Ivoire ngaphansi kwesihloko esithi: “I-AGOA Nengomuso: Sakha Inqubo-kuhweba Entsha Ezoba Ngumhlahlandlela Wohwebo Notshalo-mali phakathi kwe-United States (i-US) ne-Afrika”. 
3.2. I-AGOA wuhlelo oluzimele lwe-US lwezohwebo oluvumela ukuthi imikhiqizo engaphezu kwezi-6 400 evela emazweni ase-Afrika angama-40 angezansi kogwadule i-Sahara angamalungu afanelekile e-AGOA, kubandakanya neNingizimu Afrika, ithunyelwe e-US ngaphandle kokukhokhiswa intela yezimpahla ezivela ngaphandle.
3.3. Izingxoxo ezakhayo futhi ezibe yimpumelelo ebezibanjwe yiNingizimu Afrika noMmeleli we-US Wezohwebo zihlinzeka ngamathuba okuthi imikhiqizo yakuleli ikwazi ukufinyelela kwelaseMelika futhi zivumela nokungena kotshalo-mali oluvela kwelaseMelika emnothweni wakuleli, okuyizindlela ezisemqoka zokubhekana nodaba lokwakhiwa kwamathuba omsebenzi nokuqedwa kobubha. 

4.  Ukuhlaselwa kwamalungu oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) 

4.1. Izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwamalungu e-SAPS (amaphoyisa) ngenkathi enza umsebenzi wawo edolobheni laseGoli ngeke zibekezelelwe nakancane nje. IKhabhinethi likugxeka kakhulu impela ukuhlaselwa kwamaphoyisa okwenzekile futhi seliyalele amaphoyisa kanye nezinye izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuthi bathungathe abasolwa, bababophe, futhi babashushise ngaphandle kovalo nokwenzelela. 
4.2. UMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 uyalela ukuthi izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, kubandakanya amaphoyisa akuleli, kumele zivimbele, zilwisane futhi ziphenye ubugebengu, zigcine ukuthula nozinzo emphakathini, futhi zivikele abahlali bakuleli kanye nempahla yabo, futhi ziqinisekise ukugcinwa nokuthotshelwa komthetho. 
4.3. Noma yisiphi isenzo sokuhlaselwa kwamaphoyisa akuleli siyisenzo sokuhlasela umbuso namagunya awo njengombuso ozimele, futhi abenzi bezigameko zokuhlaselwa kwamaphoyisa ezinjengalezi akumele nakancane nje bayekwe bangajeziswa. Siyayinxusa yonke imiphakathi ukuthi izeseke izikhungo zikahulumeni wakuleli, ikakhulukazi lezo ezenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho yezwe futhi kumele imiphakathi ibumbane ilwisane nezenzo zobuxhwanguxhwangu bokuhlaselwa kwamaphoyisa. 
4.4. IKhabhinethi linxusa izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuthi ziqhubeke nomsebenzi wazo wokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho futhi zithathe izinyathelo ezinqala kulabo abaphula imithetho yezwe lethu. Kumele ithotshelwe ngaso sonke isikhathi imithetho kamasipala futhi siyabanxusa bonke omasipala bakuleli ukuthi baqinisekise ukuthotshelwa kwemithetho kamasipala. Izwe lethu lisalokhu liyizwe eliwuhloniphayo umthetho futhi lizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthula, uzinzo kanye nokuchuma nokuphumelela kwazo zonke izakhamuzi zalo. 
4.5. IKhabhinethi lilindele ukuthi bonke labo abahlala noma abasebenza eNingizimu Afrika babambisane nezikhungo zakuleli zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kulwiswane nezenzo zobugebengu nokuphulwa komthetho.
4.6. IKhabhinethi lithanda ukuqinisekisa isizwe ukuthi izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho zakuleli zizothatha izinyathelo ezinqala futhi zibabophe abantu abaphula umthetho kanye nalabo abazibandakanya ezenzweni ezihambisana nodlame.   

5. Ukucekelwa phansi kwempahla kahulumeni

5.1. IKhabhinethi liyakuthokozela ukuphela kwesiteleka sakamuva nje ebesiqhubeka edolobheni laseTshwane. Kodwa-ke, lisigxeka kakhulu isenzo sabashayeli bamabhasi sokuvala imigwaqo emikhulu yaleli dolobha ngamabhasi kamasipala, futhi abanye babateleki bacekele phansi nengqalasizinda kamasipala, kanti futhi kubikwa nokuthi abanye babo bebesabisa namalungu omphakathi.  
5.2. IKhabhinethi likhathazekile ngokukhula kwezigameko zokucekelwa phansi kwempahla ezihambisana nemibhikisho neziteleka kuleli. Ilungelo lokubhikisha livikelwe nguMthethosisekelo, futhi ziningi izindlela ezinokuthula ezingasetshenziswa ukuzwakalisa izikhalo zomphakathi ngaphandle kokucekela phansi izinsizakalo zomphakathi nempahla kahulumeni. Ukulungisa nokwakha kabusha ingqalasizinda ecekelwe phansi kumba eqolo futhi kunemithelela emikhulu, engemihle neze emphakathini, okuyinto egcina isikhahlameza kabuhlungu izakhamuzi ezisebenzisa lezo zikhungo nezinsizakalo nsukuzonke. 

6. Isivumelwano sesinxephezelo sesifo samaphaphu (i-Silicosis)

6.1. IKhabhinethi lisiphawulile isivumelwano esiyingqophamlando sesinxephezelo esingamabhiliyoni amahlanu amarandi esigunyazwe yiNkantolo Ephakeme yaseGauteng, okuyinto ethumela umyalezo oqinile ezinkampanini zezimayini wokuthi kumele zikubeke eqhulwini ukuphepha kwabasebenzi ukuze kuvinjelwe izifo ezingahlasela abasebenzi ngisho sekudlule isikhathi eside bathatha umhlalaphansi.
6.2. Lesi sinqumo seNkantolo Ephakeme sizoholela ekutheni izinkulungwane ngezinkulungwane zabasebenzi ababesebenza ezimayini phambilini bathole isinxephezelo ngobuhlungu nokuhlukumezeka abadlule kukhona emva kokuhlaselwa yizifo ezihlobene nokusebenza isikhathi eside ezimayini zegolide.  
6.3. IKhabhinethi liwancomile namathimba abameli, kubandakanya nophiko lukahulumeni oluhlinzeka ngosizo lwezomthetho mahhala, abemele amaqembu ahlukahlukene kuleli cala elidonse isikhathi eside, eliphothulwe ngokuthi kukhishwe isinqumo sokuthi kunxeshezelwe labo bantu ababesebenza ezimayini phambilini noma izindlalifa zabo ezifanelekile, uma labo bantu sebedlulile emhlabeni, emva kokuhlaselwa yisifo samaphaphu, i-silicosis, noma izinhlobo ezithile zesifo sofuba (i-TB) abazithola ngenkathi besasebenza ezimayini zegolide ezithile emva komhla ziyi-12 kuNdasa 1965.
6.4. Izimayini zegolide eziyisithupha – okuyi-African Rainbow Minerals, Anglo American, AngloGold Ashanti, Gold Fields, Harmony kanye ne-Sibanye-Stillwaters – ngokubambisana nabameli babantu abafake izicelo zokukhokhelwa, bazosungula isikhwama esibizwa nge-Tshiamiso Trust, esizoqinisekisa ukuthi abasebenzi basezimayini abafanelekile, noma izindlalifa zabo, bayasithola isinxephezelo.

7. Isivumelwano sase-Mozambique

7.1.  IKhabhinethi likushayela ihlombe ukusayinwa kweSivumelwano Soxolo Nokubuyisana kwelase-Mozambique ngoLwesibili mhla ziyisi-6 kuNcwaba 2019, njengophawu lomoya wobambiswano nabantu base-Mozambique, kanye nokweseka uxolo nozinzo kuleliya lizwe. 
7.2. Isivumelwano silandela ukubanjwa kwezingxoxo zepolitiki, ezibe yimpumelelo, phakathi kukahulumeni wase-Mozambique kanye neqembu i-Mozambican National Resistance Movement (i-RENAMO), eziphothulwe ngokuthi kusayinwe isivumelwano esinohlonze sokubekwa phansi kwezikhali mhla lu-1 kuNcwaba 2019.
7.3. INingizimu Afrika ne-Mozambique ngamazwe anobudlelwano obuhle kanye nozwano, kwezepolitiki, ezomnotho nakwezenhlalo yabantu, okuwubudlelwano obusekelwe phezu kobambiswano nokusebenzisana okunohlonze okwaqala eminyakeni eyadlula lapho lawa mazwe ayebambisene kakhulu emzabalazweni wenkululeko. UMongameli Ramaphosa kanye nezinye iziNhloko Zamazwe e-SADC babekhona emcimbini wokusayinwa kwalesi sivumelwano.

8. Udaba luka-Caster Semenya

8.1. IKhabhinethi lidumele ngokuthi inkakha yomsubathi wakuleli, u-Caster Semenya, ngeke avunyelwe ukuvikela isicoco sakhe somjaho webanga lama-800m eMqhudelwaneni Womhlaba ozobanjelwa e-Doha, kwelase-Qatar. Lokhu kulandela isinqumo esithathwe yinkantolo yase-Switzerland evune umthetho woMbimbi Lwenhlangano Yezokusubatha Yamazwe Ngamazwe (i-IAAF) ophoqelela ukuthi asebenzise imithi ezonciphisa umthamo wehomoni yabesilisa, i-testosterone, emzimbeni wakhe.
8.2. IKhabhinethi liyameseka uNkz Semenya njengoba esidlulisele phambili isinqumo sale nhlangano, ukuze sibuyekezwe, futhi elwela namalungelo akhe ayisisekelo. Njengabanye abasubathi, naye unelungelo lokubamba iqhaza emiqhudelwaneni ngaphandle kokuphoqelelwa ukuthi aguqule umzimba wakhe nganoma yiziphi izindlela eziphathelene nezempilo nokwelashwa.

9. IziNdondo Zezwe

9.1. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphakamise amagama abantu abababona njengabantu abakufanele ukuhlonishwa ngezindondo eziphakeme kunazo zonke kuleli, okuyiziNdondo Zezwe.
9.2. Ngalezi zindondo kuhlonishwa abantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe abavelele abafake isandla, ngezindlela ezihlukahlukene, ekutheni iNingizimu Afrika igcine isiyizwe elikhululekile, elibumbene, elingenakho ukucwasana ngokobuhlanga nangokobulili, elichumayo futhi elibuswa ngentando yeningi labantu. 
9.3. Ukwamukelwa kwamagama aphakanyisiwe abantu abazoba sethubeni lokuhlonishwa ngeziNdondo Zezwe zowezi-2020 kuzovalwa mhla zingama-31 kuNcwaba 2019 futhi umcimbi wokuhlonishwa kwalabo abaqokiwe uzobanjwa ngoMbasa 2020. Amafomu okuphakamisa amagama ayatholakala kuwebhusayithi yeHhovisi likaMongameli ethi: www.thepresidency.gov.za. Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi afake nencwadi enikeza izizathu ezinohlonze ezisekela ukuhlonishwa nokuklonyeliswa kwalowo muntu okuphakanyiswe igama lakhe. 

B.  Izinqumo zeKhabhinethi
1.1 Ukubheduka kwesifo segciwane le-Ebola


UNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana, uDkt Naledi Pandor kanye noNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Zweli Mkhize, bethulele iKhabhinethi umbiko mayelana nokubheduka kwe-Ebola, kanye nokufa kwabantu ngenxa yalesi sifo e-Democratic Republic of Congo, kanye nobungozi obukhulu balesi sifo emazweni angomakhelwane. 

1.2. Lesi sifo sidluliseka sisuka kumuntu othelelekile singene komunye ngokuthintana negazi noma uketshezi lomzimba lomuntu onalesi sifo. Ngokusho kweNhlangano Yezempilo Emhlabeni (i-WHO), iNingizimu Afrika ithathwa njengelinye lamazwe ase-Afrika anamathuba amancane kakhulu okuhlaselwa yi-Ebola.
1.3. IKhabhinethi lethulelwe umbiko futhi mayelana namalungiselelo asenziwe okubhekana ne-Ebola uma kungenzeka ibheduke kuleli. Imikhankaso emithathu yocwaningo-kuhlola eyenziwe ngokwehlukana ikuqinisekisile ukuthi ngempela kuyiqiniso ukuthi iNingizimu Afrika inamathuba amancane kakhulu okuhlaselwa yi-Ebola. Kunezinyathelo zezempilo zokubhekana nesimo esiphuthumayo ezibaluleke kakhulu ezithathiwe kuleli, kubandakanya nokuqokwa kwezibhedlela ezihlonziwe kuzo zonke izifundazwe zezwe eziyosetshenziswa uma kwenzeka kube nesidingo sokuthi leli lizwe libhekane ne-Ebola. Ngaphandle nje kwezibhedlela ezihlonziwe, izinyathelo zokubhekana nesimo esiphuthumayo zibandakanya izikhungo nezinsiza-kusebenza zokuxilonga nokuhlola abantu abangena emingceleni yezwe, ukuxhumana kanye nokusebenza kwezikhungo ngendlela ehambelanayo kanjalo namalabholethri aqokelwe ukubhekana nesimo esinjalo.  
1.4. IKhabhinethi lizigunyazile izinyathelo zokubhekana nesimo esiphuthumayo ezithathiwe ukuqinisekisa ukuthi izwe liyakwazi ukubhekana nalesi sifo ngokushesha okukhulu, uma kwenzeka siqubuka kuleli. Kodwa-ke, nakuba kunjalo, sithanda ukubaqinisa idolo abantu bakuleli futhi kumele bangakhathazeki neze ngoba iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe elinamathuba amancane kakhulu okuhlaselwa yi-Ebola. 

C. Imicimbi Ezayo

1. Usuku Lukazwelonke Lwabesifazane

1.1.  NgoLwesihlanu, mhla ziyisi-9 kuNcwaba, iNingizimu Afrika izogubha uSuku Lukazwelonke Lwabesifazane, oluwuphawu lomzabalazo wokuqinisekisa ukuthi leli lizwe liyizwe elingenalo udlame olubhekiswe ebulilini obuthile, futhi elingenakho ukucwasana ngokobuhlanga nangokobulili, futhi lo mgubho uzobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Iminyaka Engama-25 Yentando Yeningi Labantu: Sikhulisa iNingizimu Afrika ukuze Kukhululwe Abesifazane”.
1.2.  Kuhlelwe ukuthi uMongameli Ramaphosa kube nguyena owethula inkulumo yosuku e-Vryburg Showgrounds, ngaphansi kukamasiphala wesifunda i-Dr Ruth Segomotsi Mompati District, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.
1.3.  Kule Nyanga Yabesifazane kunemizamo eminingana impela esiyenziwe okuhloswe ngayo ukuthuthukisa nokuvikela abesifazane, kubandakanya nokuqokwa kwamalungu eKhomishana Yezokulingana Ngokobulili (i-CGE) nguMongameli Ramaphosa. I-CGE iyisikhungo esisungulwe ngokomthetho wePhalamende esisungulelwe ukugqugquzela ukuhlonishwa kokulingana ngokobulili nokuvikela, ukuthuthukisa kanye nokuletha nokuqinisekisa ukulingana ngokobulili. 
1.4.  Abesifazane banendima esemqoka kakhulu ekwakheni umnotho wezwe, ekwakheni amathuba omsebenzi kanye nokuthuthukisa imindeni ukuze iphume enkingeni yokubhuqabhuqwa wububha nobuphofu. Ukuthuthukiswa nokufukulwa kwabesifazane kusemqoka kakhulu ekuqedeni isihlava sodlame esingapheliyo futhi esijikelezayo esikhahlameza abantu baseNingizimu Afrika. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abathintekayo ukuthi bakubeke eqhulwini ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane futhi bazibandakanye emicimbini ezobanjwa kusasa yokugubha uSuku Lukazwelonke Lwabesifazane.

2. INgqungquthela yeNhlangano Yokuthuthukiswa Kamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)

2.1.  UMongameli Ramaphosa uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizmu Afrika elizobamba iqhaza kwiNgqungquthela yama-39 Yezinhloko Zemibuso Nohulumeni be-SADC ezobanjelwa e-Tanzania mhla ziyi-17 namhla ziyi-18 kuNcwaba 2019.
2.2. Kule ngqungquthela, uMongameli wase-Tanzania, u-John Magufuli, uzothatha izintambo kuzakwabo waseNamibia uMongameli Hage Geingob njengoba kunguyena osezophatha isikhundla sokuba ngusihlalo we-SADC. 
2.3. Ingqungquthela ye-SADC kulindeleke futhi ukuthi ibhunge ngezinye izindaba eziningana impela, kubandakanya ukuqaliswa kwezinhlelo zokusebenza zesifunda, kanye nezinhlelo ezibekwe eqhulwini yi-SADC, ezinjengokusungulwa kwezimboni, uhwebo, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukusungulwa kwephalamende lesifunda, kanye nokuqiniswa kwemizamo yoxolo nokuvikeleka esifundeni.

D.  Imiyalezo
1.  Amazwi Enduduzo


IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo:
1.1.  kubantu be-Republic of Tunisia kulandela ukudlula emhlabeni kukaMongameli Beji Caid Essebsi.
1.2.  emndenini nabangani baka-Toni Morrison, umbhali owahlonishwa ngendondo i-Nobel Prize, odlule emhlabeni eseneminyaka yobudala engama-88. Lo mbhali wodumo waqopha izimo zenhlalo yabantu abamnyama baseMelika kumanoveli akhe awabhala esikhathini esiyiminyaka eyevile kumashumi amahlanu, okungamanoveli abandakanya leyo esihloko sithi: Beloved kanye naleyo enesithi: The Bluest Eye.
1.3.  kubantu base-India kulandela ukudlula emhlabeni e-New Delhi kukamakadebona kasopolotiki wase-India u-Sushma Swaraj, obeseneminyaka yobudala engama-67. U-Swaraj ubenguNgqongqoshe Wezangaphandle kusukela ngowezi-2014 kuya kowezi-2019.  Ubengowesifazane wesibili ukubamba lesi sikhundla emlandweni wezwe lase-India.

2. Ukuhalalisa kanye Nezilokotho Ezinhle
IKhabhinethi:
2.1.  lincoma ithimba labacimi-mlilo abangama-45 benhlangano i-Working on Fire kanye nabaphathi babo abakhulu, abachithe cishe izinsuku ezingama-30 bebhula imililo yequbula eSifundazweni sase-Alberta eNtshonalanga Canada. Leli thimba belijutshwe ukuthi liyolekelela ekubhuleni umlilo wequbula omkhulukazi endaweni yase-Chuckegg Creek oshise amahekthare angaphezu kwezi-350 000 kusukela ngoNhlaba 2019, kulandela isicelo esivela kwisikhungo sase-Canada, i-Inter-Agency Forest Fire Centre. 
2.2. lihalalisela ababhukudi bakuleli abenze ukuthi leli lizwe liziqhenye ngabo eMqhudelwaneni we-FINA Wamazwe Ngamazwe wezi-2019 obubanjelwe kwelase-South Korea. U-Zane Waddell unqobe indondo yegolide ku-backstroke yebanga elingama-50m, u-Chad le Clos unqobe izindondo ezimbili zethusi ku-butterfly yebanga elingama-100m kanye nama-200m, kanti u-Tatjana Schoenmaker yena unqobe indondo yesiliva ku-breaststroke yebanga elingama-200m.
2.3. lifisela iqembu le-baseball laseNingizimu Afrika Labaneminyaka Engaphansi kwe-18 okuhle kodwa ngenkathi lindizisela phezulu ifulegi lethu eMqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba ozobanjelwa kwelase-South Korea kusukela mhla zingama-30 kuNcwaba kuya kumhla ziyisi-8 kuMandulo 2019.
2.4. lihalalisela uKhanyisile Mthetwa, umdlali womtshingo onesiphiwo esimangalisayo, ongumuntu wase-Afrika wokuqala ngqa ukuklonyeliswa ngomfundaze wamazwe ngamazwe wezi-2019, obizwa nge-Myrna Brown International Scholarship, okungumfundaze okhishwa yinhlangano yezomtshingo yaseMelika, i-National Flute Association of America.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore