Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-13 kuNdasa 2019

 Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-13 kuNdasa 2019 eTuynhuys eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. Izenzo Ezinhle Zezemvelo


1.1. IKhabhinethi libonga zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezihlanganyele noMongameli Cyril Ramaphosa ukwethula umkhankaso weZenzo Ezinhle Zezemvelo kuzwelonke. Lo mkhankaso, wethulela imikhakha ehlukahlukene yomphakathi ithuba lokubamba iqhaza nokuba ngabantu abaqikelela kakhulu kwezemvelo. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe asayina Isivumelwano saseParis soguquguquko lwesimo sezulu esihola izinhlelo zamazwe ngamazwe zokunciphisa amagesi abamba ukushisa emkhathini.

1.2. Wumsebenzi nesibopho sabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi imvelo ihlanzekile futhi isesimweni esilungile njengamanje nesilungele izizukulwane zangomuso. Imvelo ephethwe ngokufanele izoba negalelo ekuncishisweni kwamagesi abamba ukushisa emkhathini, okunegalelo ekutholakaleni kokudla, amanzi, amandla kagesi kanye nokuphila jikelele.

1.3. IKhabhinethi linxusa bonke abantu ukuthi benze umkhankaso weZenzo Ezinhle Zemvelo ube yindlela yokuphila ukuze imiphakathi esiphila kuyo nezwe kube yisibonelo emhlabeni jikelele sokuhlanzeka, semvelo nokuhlalekayo kuyo.

2. Izicelo Zokubuyiswa Komhlaba

2.1. IKhabhinethi lithokozile ngohlelo oluqhubekile lokubuyiswa komhlaba oluhlose ukulungisa umonakalo wangaphambilini bese kwakhiwe izwe elilinganayo elizohlomulisa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika.

2.2. Ngenhloso yokulinganisa udaba lokwabiwa komhlaba, uMongameli Ramaphosa uhole ukudluliswa komhlaba ongamahektha ayi-142, ngaphansi kwesicelo esesiphothuliwe, emphakathini waseMoretele, othe lo mhlaba uzowusebenzisela ukuletha intuthuko.

2.3. Le miphakathi yalahlekelwa amalungelo ayo omhlaba ngenkathi ususwa ngodli emizini yayo kulandela ukuqaliswa kwezinhlinzeko zoMthetho Womhlaba Wabantu Bomdabu we-1913. IKhomishana Lokubuyiswa Kwamalungelo Omhlaba (i-CRLC) lisebenzise izigidi ezingama-203 zamarandi ukukhokhela nokuphothula izicelo-zinxephezelo.

3. U-Eskom

3.1. IKhabhinethi lamukele umbiko obuya kuPhini likaMongameli uDavid Mabuza ngomsebenzi weKomidi elihlanganisile leKhabhinethi Elikhethekile maqondana no-Eskom elasungulwa ukuze kubhekanwe nokuphazamiseka kokuhlinzeka ngogesi kwakamuva kanye nomthelela omubi wako emnothweni wezwe. Izinhlelo zikahulumeni ezididiyele zokuletha uzinzo kwezezimali, ezokuqhutshwa komsebenzi nezohlelo lwe-Eskom ziqhubeka ngendlela efanele.

3.2. IThimba Lokubuyekezwa Kwezobuchwepheshe le-Eskom eliqokwe uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni neBhodi le-Eskom liqale umsebenzi kuleli sonto. Kulindeleke ukuthi likhiphe umbiko wokuqala emasontweni amane (4). Lesi siphehlimandla asikasimami yize kungakaqaliswa ukuncishiswa komthamo wamandla kagesi kusukela mhla ziyi-15 kuNhlolanja 2019. Kube nenqwaba yezingozi ezinkulu ezikhungweni zokusabalalisa ugesi ezibe negalelo ekuphazamisekeni kokusebenza kukagesi.

3.3. IKhabhinethi lazise ukuthi inqubekela phambili enhle ebonakele ngokubuyiswa kwamalahle kuziphehlalamandla zikagesi, kodwa kumele kugxilwe kakhulu Ohlelweni Lokuthengwa Kwamalahle. Nokho iKhabhinethi lisakhathazekile ngomsebenzi weziphehlimandla iMedupi neKusile futhi lijube uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni ukuthi ahlinzeke ngohlelo olunzulu olususelwa ekuhlolweni kabusha kwemisebenzi enezindleko eziningi kanye nezinkinga zokungawuqedi umsebenzi wokwakha lezi ziphehlimandla zisha ngesikhathi ebesihleliwe.

4. IKhomishana ye-ILO Yomsebenzi Wakusasa Nesivumelwano Se-Edcon

4.1. IKhabhinethi lamukela umbiko wekhomishana yomhlaba eyenze izincomo eziyi-10 eziqoqwe zaba yizinsika ezintathu: utshalomali kumakhono abantu, utshalomali ezikhungweni ezidala imisebenzi; notshalomali emsebenzini ophucukile nosimeme. Izincomo ziqondene ngqo nezinselele ezintathu ezingukungalingani, ububha kanye nokungabibikho kwamathuba omsebenzi.

4.2. Ngomsebenzi kaNgqongqoshe Wezemisebenzi uMildred Oliphant, iNingizimu Afrika yenze inqubekela phambili ekuthuthukiseni izimo zomsebenzi ngezindlela ezilinganisayo ngokobulili, ukungabi namfihlo kwezemiholo, ukuqeda udlame, ukuhlukumeza emsebenzini nezindlela eziqondene ngqo nokuqinisekisa ukuthi kunamathuba alinganayo.

4.3. IKhabhinethi liphinda lamukela ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, Isikhwama Somshwalense Wokuphelelwa Umsebenzi (i-UIF) (okubandakanya izinyunyana zabasebenzi) nomkhakha ozimele (amabhange nabaphathi bonxanxathela bezitolo) batshale imali esitolo sezimpahla zokugqoka esikhulukazi eNingizimu Afrika – i-EDCON. Ukuze kugcwaliswe isivumelwano sokusiza  i-Edcon ngemali, bonke abathintekayo kudingeke ukuthi banikele ngokuthile futhi basebenzisane.

4.4. Emnyombweni wezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi i-Edcon iyaqhubeka nomsebenzi wayo kunodaba lomthelela kwezemisebenzi. Bebezolahlekelwa yimisebenzi abantu abangaphezu kwezi-40 000 abasebenzela i-Edcon  nabanye abayizinkulungwane abasebenzela ezinye izinkampani ezisebenzisana ne-Edcon uma ibingalutholanga uxhasomali lokuqhuba ibhizinisi. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zeseke isinxuso esakhishwa eNgqungqutheleni Yemisebenzi ngokuthenga Imikhiqizo yaseNingizimu Afrika nokweseka izimboni zasekhaya.

5. I-Square Kilometer Array (SKA)

5.1. Kuvuleke uhlelo olusha kwezokuphatha isayensi yamazwe ngamazwe lapho uNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uMmamoloko Kubayi-Ngubane, egameni likahulumeni waseNingizimu Afrika, asayina isivumelwano samazwe ngamazwe (esibizwa ngokuthi Isivumelwano saseRoma) e-Italy, mhla ziyi-12 kuNdasa 2019.

5.2. Lokhu kusungula i-Square Kilometre Array Observatory (i-SKAO), njengesikhungo sohulumeni bamazwe ngamazwe, abanomsebenzi wokwakha nokusebenzisa isibonisikude esisebenza ngamagagasi omoya esinamandla kakhulu, esizoba seNingizimu Afrika nase-Australia.

5.3. IKhabhinethi lihalalisela amazwe elihlanganyele nawo kuleli banga elingene emabhukwini omlando futhi liqinisekisa kabusha ukuzibophezela kweNingizimu Afrika emsebenzini we-SKA, oqhubekayo osukela ekwethulweni kwesibonisikude se-MeerKAT kanye negalelo elibalulekile leNingizimu Afrika ohlelweni lwesibonisikude se-SKA. I-SKA Observatory izoba yisikhungo sokuqala samazwe ngamazwe esinikelwe kwezesayensi, lapho i-Afrika izohola umkhakha wezesayensi, ezobunjiniyela kanye nokubhalwa kwezinqubomgomo.

6. Izikhukhula zaKwaZulu-Natali

6.1. IKhabhinethi libonga ukwesekwa yizinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO) ebambisene nohulumeni ekuhambiseni usizo ngesikhathi sezikhukhula zakamuva ezehla kwezinye izindawo ezweni.

6.2. Ekunciphiseni umthelela wezikhukhula zakamuva KwaZulu-Natali, uhulumeni uyaqhubeka nokuhlinzeka ngosizo lokweseka imindeni ethintekayo. Amathimba abhekana nezibhicongo nezikhukhula ahlola umonakalo.

6.3. IKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi uqikelele kakhulu uma kunezimvula ezinamandla nesimo sezulu esibi, futhi ungazami ukuwela imigwaqo, amabhuloho nemifula uma igcwele.

7. Izikhukhula zaseMalawi naseMozambique

7.1. INingizimu Afrika ngaphansi kukaMongameli Ramaphosa ithole izicelo zosizo lokukhombisa ubuntu nokuya kothungatha nokuhlenga oluvele kuzakwabo uMongameli waseMalawi uSolwazi Arthur Peter Matharika noMongameli waseMozambique uFilipe Jacinto Nyusi.

7.2. Kuthunyelwe indiza encane ebeyinethimba lochwepheshe eMalawi ukuyothola ukuthi lungakanani usizo oludingekayo ukusiza abantu bakhona. INingizimu Afrika isazimisele ngokuhlinzeka nganoma oluphi usizo olusemandleni ayo emazweni angamalungu eNhlangano yokuThuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).  

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. 2019 Umthetho Odingidwayo Wezesayensi, Ubuchwepheshe Namasu Amasha (i-STI)

1.1. Isayensi namasu amasha kuvame ukuqhamuka nendlela entsha yokwenza izinto futhi yenze ukuthi sikwazi ukubhekana nezinselele okudala zaba khona ngendlela enzulu nengambi eqolo. Ukuze kutholakale lezi zinzuzo, iKhabhinethi ligunyaze Umthetho Osadingidwa we-STI wezi-2019, owendlala indlela ezolandelwa yinqubomgomo yesikhathi eside yeqhaza elikhulayo le-STI. Njengoba kungenise Uguquko Lwezimboni Lwesine i-STI izosibeka esimweni esihle ezinhlelweni ezintsha zobuchwepheshe.

1.2. Iziphakamiso ezikulo Mthetho Osadingidwa zibheke ukulungisa inkinga yongabazane nokungahambisani kwezinqubomgomo, ukuthuthukisa amakhono abantu, ukwandisa ulwazi, amasu amasha; umsebenzi nokwanda kotshalomali. Lezi ziphakamiso zenqubomgomo zizoba yisisekelo sokuthuthukiswa kwamasu eminyaka eminingi abandakanya ababambiqhaza abafanele.

C. Imicimbi Ezayo

1. Udlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile (i-GBV)

1.1. UMongameli Ramaphosa uzovula iNkantolo Kamantshi yaseBooysen eGauteng ngoLwesine mhla zingama-28 kuNdasa 2019. Ehlangene nama-NGO ahlukahlukene uzosayina isivumelwano, esiqala ukuqalisa izinqumo zeNgqungquthela kaMongameli yokuqala ye-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane eyayibanjwe kuLwezi 2018.

1.2. Uzophinde avule iNkantolo Kamantshi yase-Plettenberg Bay eNtshonalanga Kapa ezohlinzeka ngemisebenzi yeNkantolo Yemindeni, amacala ombango (okubandakanya izindaba Zenkantolo Yemibango Yesamba Esincane), Inkantolo Yamacala Ezocansi, izinkantolo zesifunda kanye nezinkantolo zesifunda.

1.3. Uhulumeni wethule inqwaba yezindlela zokungenelela zokweseka abagilwa bokuhlukunyezwa. Sewewonke angama-54 ama-Thuthuzela Care Centre ezweni lonke asebenza njengezikhungo ezingontozonke kuzo ukunciphisa ukuhlukumezeka kwesibili kanye nesikhathi sokuphothulwa kwamacala okuhlukumezeka ngokocansi.

1.4. IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukuhlukumeza kwanoma oluphi uhlobo, okubandakanya ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Uhulumeni usazimisele ngokuhamba phambili ekulweni nokuqeda i-GBV. Izakhamizi zaseNingizimu Afrika zikhuthazwa ukuthi zibike wonke amacala anezinsolo zokudlwengula, ukunukubeza ngokocansi nanoma oluphi olunye uhlobo lodlame emaphoyiseni ngenombolo yamahhala ethi: 0800 428 428. Izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane zingabikwa kunombolo yamahhala yezingane , i-Childline South Africa ku: 0800 055 555.

2. Ukubuyiswa Komhlaba

2.1. Ngokusebenzisa i-CRLR iPhini LikaMongameli, uDavid Mabuza, njengoSihlalo weKomidi Elihlanganise oNgqongqoshe Lokubuyiswa Komhlaba, ndawonye noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, uMaite Nkoana-Mashabane, ngoMgqibelo, mhla ziyi-16 kuNdasa 2019, ozohola umbuthano Wokudlulisela KukaMongameli kwezicelo zokubuyiswa komhlaba esezikhokhelwe neseziqediwe eMpangeni, KwaZulu-Natali.

2.2. Isicelo Sokubuyiswa Komhlaba Womphakathi wase-Ubizo unomhlaba ongamahektha ayizi-2548 futhi unemizi eyi-149 eyashiywa dengwane endulo. Okumele bahlomule ngokubuyiswa kwalo mhlaba bayima-894 (ama-30% abo ngabantu besifazane), abangabozalo lwakulo mphakathi abazohlomula kulo mhlaba ubuyisiwe. Inani lalo mhlaba usuwonke yizigidi zamarandi eziyi-136.

3. Inyanga Yamalungelo Abantu

3.1. INingizimu Afrika izobungaza Inyanga Yamalungelo Abantu ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Unyaka Wezilimi Zomdabu: Ukukhuthaza Nokugxilisa Usiko Lwamalungelo Abantu" kugxilwe ekubalulekeni kwezilimi zomdabu.

3.2. IKhabhinethi likhuthaza izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zifezekise amalungelo atholakala kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 noMqulu Wamalungelo, ngokulondoloza nokukhuthaza ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu.

3.3. Umbungazo kazwelonke uzobanjwa ngoLwesine zingama-21 kuNdasa 2019 eSharpville eGauteng lapho izakhamizi zabhikisha ngokuthula eminyakeni engama-67 edlule zilwisana nemithetho engalungile yakudala yamapasi okwagcina ngokuthi amaphoyisa obandlululo azithele phansi ngemvula yezinhlamvu.

3.4. Inyanga Yamalungelo Esintu iphinde ibandakanye Isonto Lokulwisana Nokucwasa Ngokwebala eliqala mhla ziyi-14 kuya mhla zingama-21 kuNdasa 2019, futhi izosetshenziselwa ukuqhubeka nokugqamisa umthelela omubi wokucwasa ngokwebala emphakathini.

D. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi Lihalalisela:
1.1. Bonke ababambiqhaza ababambisana nohulumeni ekuqinisekiseni ukuthi iNingizimu Afrika isingathe Indebe Yomhlaba Yomdlalo Webhola Lomnqakiswano lowezi-2023, okuzoba ngowokuqala ngqa ezwenikazi lase-Afrika. IKhabhinethi lithakasele ukwethenjwa kwezwe lethu yiNhlangano Yomdlalo Webhola Lomnqakiswano Ehlabeni Jikekelele. Izwe likulangazelele ukubonakalisa ubuntu ngokwamukela amazwe ayi-16 azodlala imidlalo engama-60 ngesikhathi somqhudelwano wezinsuku eziyi-10 e-International Convention Centre eKapa.

1.2. UNksz. Nomzamo Mbatha osanda kuklonyeliswa njengodle umhlanganiso kumklomelo wonobuhle i-Goddess Beauty Award emcimbini wemiklomelo ye-International Women Power Awards e-Los Angeles, USA. UMbatha uzohlonishwa ngamathalente akhe kumabonakude njengosaziwayo nomlingisi, kanye nomsebenzi wakhe awenza kuNhlangano Yezizwe (i-UN).

1.3. UMnu. Vincent Cosa ngobuqhawe abubonakalise ngokuhlenga ingane ngenkathi kunezikhukhula eGoli.

1.4. UNksz. Nosipho Mkhupheka ngokudla umhlanganiso kuMiklomelo ye-Forbes Yabantu Besifazane Abasebenzela Uhulumeni e-Afrika ngoLwesihlanu, ziyi-8 kuNdasa 2019. UNksz. Mkhupheka uthole indondo ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni abantu ngenhlonipho nangale kwezikhathi zomsebenzi futhi uhlonishwe ngokusebenzela abantu baseScottsburg eKZN ngokwethembeka.

1.5. USolwazi Mashudu Tshifularo nethimba lakhe laseNyuvesi yasePitoli abaqhamuke nenqubo yokuhlinza kusetshenziswa amathambo amaphakathi endlebeni aphrintwe nge-3D obekungokokuqala ngqa emhlabeni jikelele, okuzosiza ukulungisa izinkinga zokungezwa. Lokhu kwenziwe eSibhedlela i-Steve Biko Academic ePitoli, mhla ziyi-13 kuNdasa 2019.

2. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kumndeni nabangani babalandelayo:
2.1. UNgqongqoshe Wezokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko (i-COGTA) uDkt. Zweli Mkhize olahlekelwe ngokudlula kukamfowabo omdala uMnu. Jabulani Gerald Mkhize ngeSonto ziyi-10 kuNdasa. Uzofihlwa mhla ziyi-16 kuNdasa kubo eWillowfountain ePietermaritzburg, eKZN.

2.2. UMnu. Sibusiso Khwinana owayedlala indawo kaLefa efilimini lakuleli elisanda kuphuma elithi Matwetwe. Uphinde abe ngomunye wamalungu asungula i-Independent Theatre Makers Movement, ehlose ukuthuthukisa isizukulwane samaciko azimele ngokuwakhuthaza ukuthi azibambele mathupha umsebenzi wawo futhi kuhlonishwe amakhono awo.

2.3. Abagilwa besibhicongo sendiza i-Ethiopian Airlines eyaphahlazeka isasendleleni eya eNairobi eKenya isuka e-Addis Ababa, e-Ethiopia, yabulala bonke ababephakathi kulo okungabagibeli nezisebenzi.
2.4. Bonke abadlule nezikhukhula zakamuva kwezinye izingxenye zaseNingizimu Afrika naseMalawi kanye naseMozambique.

E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. UMnu Mandla Reginald Sithole: Isikhulu Sezezimali (i-CFO) soMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni;

2. UMnu Enoch Godongwana noNksz. Bongiwe Kunene: Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi Labaqondisi (Ibhodi) beBhange Lentuthuko laseNingizimu ne-Afrika (i-DBSA) iminyaka emithathu (3) kusukela ngomhla lu-1 kuNhlaba 2019;

3. Ukuqokwa kabusha kukaNksz. Malijeng Theresa Ngqaleni noNksz. Martie Jacoba Janse Van Ransburg: Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi le-DBSA iminyaka emithathu kusukela mhla lu-1 kuNhlaba 2019;

4. Amalungu eBhodi le-Bloem Water Board:
a. UMnu. Tefetso Bernard Phitsane (Usihlalo);
b. Adv. Tshepiso Doreen Segoe-Backward (Iphini Likasihlalo);
c. Mnu. Zolani Mkiva;
d. Mnu. James Jonathan Price;
e. Nksz. Theda Ntikile Sandlana-Thebe;
f. Nksz. Dipitseng Maropeng Manamela;
g. Nksz. Luvuyo Xola Ntoyi;
h. Nksz. Louis Evelyn van Rheede van Oudtshoorn;
i. Mnu. TM Manyoni; kanye
j. noNksz. Mmathebe Annah Faith Moja.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams - iBamba Lomqondisi-Jikelele (we-GCIS)
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore