Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-11 kuNdasa 2020

Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-11 kuNdasa 2020 ePhalamende, e-Tuynhuys eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. Igciwane i-Corona (i-COVID-19)

1.1. IKhabhinethi liphinda liqinisekisa iNingizimu Afrika iyonke ukuthi kwenziwa konke okusemandleni ukuvikela izwe kukho konke ukuqubuka kwe-COVID-19. UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Zweli Mkhize, ubikele iKhabhinethi ukuthi kunezigameko eziyi-13 ze-COVID-19 eNingizimu Afrika. Namuhla ekuseni, uNgqongqoshe Wezempilo uqinisekise ukuthi sekunezigameko ezintsha ezine esezihlonziwe, okwenza isibalo sezigameko ze-COVID-19 sibe yi-17. Uzohlinzeka ngeminye imininingwane ngokuhamba kosuku.

1.2. IKhabinethi ligcizelela okushiwo yi-World Health Organisation noNgqongqoshe Wezempilo uMkhize, ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele baqhubeke nokuthatha izinyathelo zokunqanda ukudluliseka nokusabalala kwaleli gciwane. Izindlela zokuzivikela zibandakanya ukuvama ukugeza izandla ngensipho namanzi noma usebenzisa uketshezi olwakhiwe ngamakhemikhali lokuhlanza izandla (alcohol-based hand sanitizer), zibandakanya ukugwema ukuthinta amehlo, ikhala nomlomo ngezandla ezingagezwanga nokumboza umlomo ngethishu uma ukhwehlela noma uthimula bese uyilahle leyo thishu. Izimpawu ezijwayelekile zegciwane zibandakanya, ukushisa komzimba ngokweqile, ukukhwehlela kanye nokuphefumula kanzima. Uma umuntu enezimpawu ezingenhla njengoba kuchazwe ngenhla, abantu belulekwa ukuthi bahlale emakhaya futhi bafune usizo lwezempilo.

1.3. Sinxusa bonke abantu ukuthi bahloniphe ubumfihlo beziguli ze-COVID-19 kanye nemindeni yazo. Sinxusa bonke abantu ukuthi bagweme ukusabalalisa ulwazi olungamanga ngaleli gciwane ukuze kugwenywe ukwanda kokwesaba,isihlava nokucwasa emiphakathini yethu. Abantu abakhathazekile bangathinta iNombolo Yocingo ye-National Institute for Communicable Diseases (i-NICD) ku-0800 029 999 ukuze bathole ulwazi oluyilona nge-COVID-19.

1.4. IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli Cyril Ramaphosa ekufiseleni ithimba lokubuyisela abantu ezweni kanye nabasebenzi be-South African Airways (i-SAA) abasuka ngoLwesibili belibangise eDolobheni Elikhulu lase-Wuhan, esiFundazweni sase-Hubei e-People's Republic of China, ukuyolanda izakhamizi zaseNingizimu Afrika eziyi-122. Ithimba lezempilo loMnyango Wezempilo noPhiko Lwezempilo Lombutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika liyingxenye yethimba lokubuyisela abantu ezweni. IKhabhinethi lidlulise ukubonga kwalo kwi-SAA ngosizo lwabo olukhulu kulo msebenzi wokubuyisela abantu ezweni.

1.5. Ngalolu Lwesihlanu, ziyi-13 kuNdasa 2020 kulindeleke ukuthi ithimba lokubuyisela abantu ezweni libuye nezakhamizi zaseNingizimu Afrika. Uma sebebuyile, bazogqunywa izinsuku ezingengaphansi kweziyi-14 kuya kwezingedlule ezinsukwini eziyi-21. Ngalesi sikhathi, iminyakazo yabantu nempahla endaweni abazogqunywa kuyo izoba nemikhawulo. 

1.6. Sixwayisa abantu ukuthi bangalinge bazame ukuxhumana ngokwesiqu noma bangazami ukuvakashela indawo abagqunywe kuyo. Uma sekuphele isikhathi sokugqunywa futhi isivivinyo zaqinisekisa ukuthi alikho nhlobo igciwane i-COVID-19 ebantwini bakithi, bazokhululwa ukuthi babuyele emiphakathini yabo.

1.7. IKhabhinethi lincoma umsebenzi owenziwe iKomidi Elihlanganise Ongqongqoshe (i-IMC) elinomsebenzi wokubhekana ne-COVID-19, eliholwa uNgqongqoshe Wezempilo nelisebenzisana ne-NICD, ukulandelela nokunqanda igciwane, libe lisiza labo abathelelekile nokuqhubeka lazise izwe ngokuqhubekayo.

1.8. IKhabhinethi liyabonga ukuthi izifundazwe eziningi zidlulisele ukukhuluma ngalolu daba lwe-COVID-19 kuNgqongqoshe Wezempilo ngenxa yobukhulu babo ezweni nakumazwe ngamazwe. Sinxusa zonke ezinye izifundazwe ukuthi nazo zenze okufanayo ukuqinisekisa ukuthi imiyalezo idluliswa iphuma endaweni eyodwa ngalokho kugwenywe noma wokuphi ukudida abantu ngephutha kanye nemiyalezo engahambisani.

1.9. UMongameli Ramaphosa uzokwazisa amaqembu ezepolitiki amelwe ePhalamende kanye nabaholi bamabandla nge-COVID-19. Kuzoba noMhlangano weKhabhinethi okhethekile nge-COVID-19 ozobanjwa ngeSonto, ziyi-15 kuNdasa 2020, eTshwane.

2. Ezomnotho

2.1. IKhabhinethi libheke ukukhishwa kombiko we-Statistics South Africa ngoMkhiqizo Wasezweni Uwonke (i-GDP), oveze ukuthi umnotho wethu uwele esigabeni sokwehla kwamandla omnotho. Izibalo ziveze ukwehla kwe-GDP nge-1.4% ngeKota lesi-4 lowezi-2019. Lokhu kulandela ukwehla ngama-0.8% ngeKota lesi-3 kuwo lowo nyaka.

2.2. Yize uqondwa umthelela omubi wokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, iKhabhinethi lisamile ekulungiseni izisekelo, kuphokophelwe emikhakheni esemqoka yokukhula kwezwe nokuqhuba izisombululo ezihlanganyelwe nozakwabo basemphakathini khona bezohlanganyela babeke izwe endleleni yokukhula ngokomnotho.

2.3. Siyaluqinisa utshalomali lwethu futhi njengamanje sekuqedwe imisebenzi yotshalomali elinganiselwa kuzigidigidi zamarandi eziyi-9 kanye nemisebenzi engama-27 ebiza imali engaphezudlwana kwezigidigidi zamarandi ezingama-250 ezigabeni zokuqalisa, kube kunokuningi okuseza kulo nyaka.


3. Ukwehla kwamanani edatha yakwa-Vodacom

3.1. IKhabhinethi lamukela isimemezelo seKhomishana Yezokuncintisana ngesivumelwano esiyingqophamlando okufinyelelwe kuso ne-Vodacom ngokwehliswa kwamanani edatha alo mhlinzeki. Lokhu kulandela Izingxoxo Zezimakethe Zokuncintisana ngemisebenzi yedatha eyacelwa ngowayenguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho u-Ebrahim Patel ngowezi-2017, lapho kwatholwa ukuthi amanani edatha ayengaphezu kwawakwamanye amazwe okwakulimaza abathengi abadla imbuya ngothi. 

3.2. Isivumelwano ne-Vodacom sizoqala ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa 2020 futhi sizobona amanani edatha ehla kuwo wonke ama-bundles enyanga, njengoba amanani e-1GB bundle ezokwehla esuka ku-R149 aye ku-R99 (okuwukwehla ngama-34%), kube kusazoba nezinye izaphulelo ngonyaka ozayo.   I-Vodacom izophinde ivulele ukutholakala mahhala kwedatha kumakhasimende kumawebhusayithi athile asiza umphakathi (njenge-GCIS, i-BizPortal entsha kanye ne-Wikipedia) kanye nokungena kumawebhusayithi amanyuvesi aseNingizimu Afrika. Kuzoba nezinye izaphulelo kumakhasimende asemiphakathini eyizi-2 000 edla imbuya ngothi futhi abasebenzisi bazoba nohlelo lwedatha oluyisisekelo yokuthola imiyalezo emibili ye-SMS mahhala nsukuzonke.

4. I-PepsiCo ithola i-Pioneer Foods

4.1. IKhabhinethi liphinde lamukela isivumelwano sokuthuthukisa abasebenzi esiyingqophamlando ne-PepsiCo njengengxenye yokuthengwa kwenkampani yokudla yaseNingizimu Afrika, i-Pioneer Foods. I-PepsiCo izibophezele emisebenzini, utshalomali kanye nokuthuthukisa nokuthenga kuleli. Iphinde yavuma ukuthi amahhovisi amakhulu ase-Sub-Saharan azoba seNingizimu Afrika.

4.2. Abasebenzi be-Pioneer Food abayizi-10 000 nabo bavikelekile ekudilizweni okuhambisana nokuhlanganiswa kwezinkampani futhi i-PepsiCo ivumile ukugcina amazinga ezibalo zokuqasha emazingeni akuwo iminyaka emihlanu. Abasebenzi basenkampanini bazonikwa nezabelo eziyizigidigidi ezingamarandi ayi-1.6 ase-PepsiCo azosetshenziselwa ukuthola isabelo se-13% e-Pioneer Foods eminyakeni emihlanu.

5. Ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane

5.1. IKhabhinethi lamuka isinqumo seNkantolo Ephakeme yase-Gauteng sokuchitha isicelo sokudlulisa isinqumo ngecala lomdlwenguli ogwetshiwe uNicholas Ninow. Ngonyaka odlule, uNinow wagwetshwa udilika-jele emuva kokudlwengula intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa esitolo sokudlela i-Dros e-Silverton, ePitoli ngowezi-2018.

5.2. Isahlulelo, isigwebo nokuchithwa kwesicelo sokudluliswa kwesigwebo, kuthumela umyalezo onamandla kubabhebhethekisi bamacala kanye nalabo abasazoba ngababhebhethikisi abahlukumeza abantu besifazane nezingane ukuthi, izikhungo zobulungiswa zaseNingizimu Afrika zizobajezisa ngezenzo zabo ezimbi ngokwedlulele.

5.3. Sindawonye singakuqeda ukuhlukumeza okudelela amalungelo ayisisekelo sabantubesifazane nezingane. Ngokubambisana singaqinisekisa ukuthi akekho umuntu wesifazane noma ingane ehlukunyezwa ngokocansi, oshaywayo, odlwengulwayo noma ohlaselwayo noma kuphi ezweni lethu.

6. Ukuphepha emgwaqweni

6.1. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana nemindeni engama-25 yabagibeli abashona engozini yebhasi eyehla eduze kwaseCentane eMpumalanga Kapa ekuqaleni kwale nyanga. Liphinda lifisele abagibeli abangama-68 abalimele ukwelulama ngokushesha.

6.2. Uphenyo lwe-Road Traffic Management Corporation namaPhoyisa aseNingizimu Afrika kufanele ukuthi luzosiza ekuhlinzekeni ngezimpendulo ngezimo eziholele kulo mshophi. Abahlinzeki bezithuthi banomsebenzi wokwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli babo. 

6.3. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokuhamba Kwezimoto Emgwaqweni Kazwelonke wezi-2019 owethulwe ePhalamende. Uma sewuphasisiwe waba umthetho, uMthethosivivinywa uzoba negalelo ekunciphiseni ukuchitheka kwegazi emigwaqweni yethu.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1. Udlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabantu Besifazane (i-GBVF) uHlelo Lwamasu Lukazwelonke (i-NSP)

1.1. Ngowezi-2019, iKhabhinethi lagunyaza i-GBVF-NSP. Laphinda lahola ithimba loNgqongqoshe abaholwa uNgqongqoshe Osehhovisi Likamongameli Obhekele Abantu Besifazane, Abantu Abasha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka, uNksz. Maite Nkoana-Mashabane, ukuthi aqhubeke nokwenza umsebenzi wezinhlelo zesikhungo we-GBVF ephakanyisiwe ukuqapha ukuqaliswa kwe-GBVF-NSP.

1.2. Ngenxa yokubona ukuphuthuma kokuqhuba nokuqapha umsebenzi wokunqanda i-GBVF, iKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa koMkhandlu Kazwelonke we-GBVF (i-NCGBVF). Lolu hlaka luzonxenxa abantu kuzwelonke, ezifundazweni nakuleli ukuthi bahole futhi beseke izindlela eziletha izinguquko ze-GBVF. Luzoba nanomsebenzi wokuqaliswa kwe-GBVF-NSP. 

1.3. UMkhandlu Kazwelonke we-GBVF uzobikela uMongameli ngoNgqongqoshe uNkoana-Mashabane.  IKhabhinethi ligunyaze ukwakhiwa kwe-IMC elakhiwe uNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele; uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo uNgqongqoshe Ronald Lamola; uNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo uSenzo Mchunu; uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uLindiwe Zulu noNgqongqoshe Nkoana-Mashabane njengomholi wayo.

1.4. IKhabhinethi ligcizelele ukubaluleka kokubheka izinqumo ezinqala zokunqanda udlame olubhekiswe kumalungu abuthakathaka emiphakathini yethu. I-IMC iyalelwe ukuthi isheshise umsebenzi wokumisa uMkhandlu Kazwelonke we-GBVF ngokusemthethweni. Baphinde bayalelwa ukuthi baqhubeke nokuhlola izindlela zokwenza lezi zinhlelo zesikhundla zasemthethweni.  

1.5. IKhomishini Lezokulingana Ngokobulili - njengesikhungo esingaphansi kwesahluko sesishayigalolunye ezinomsebenzi ngokomthethosisekelo wokukhuthaza ukuhlonipha ukulingana ngokobulili nokuvikela, ukuthuthukisa nokutholakala kokulingana ngokobulili - kuzolindeleka ukuthi siqhubeka nokuhlola nokuqapha inqubo eyenziwayo yokuqalisa i-GBVF-NSP.

2. UHlelo Lwamabhizinisi Asemalokishini Nasezindaweni Zasemakhaya (i-TREP)

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqalisa i-TREP ngeSikhwama Samabhizinisi Asemalokishini. Lokhu kuhambisana nezindlela zokungenelela kwezomnotho ukuze kufukulwe futhi kuthuthukiswe iminotho yaselokishini nasezindaweni zasemakhaya.

2.2. Isikhwama sizohlinzeka ngokweseka futhi siqinisekise ukuthi izizinda zomnotho ezingaziqhuba ngokwazo ezihambisana noHlelo Lokuthuthukisa Umnotho kulezo zindawo.

3. UHlaka Olubuyekeziwe Lwenqubomgomo Yokuhlola Kazwelonke (i-NEPF) Lowezi-2019 – 2024

3.1. IKhabhinethi ligunyaze i-NEPF Ebuyekeziwe yowezi-2019-2024 kanye noHlelo Lokuhlola Lukazwelonke lowezi-2020-2025, okuthuthukisa uhlelo lokuhlola kuhulumeni. Lizothuthukisa amandla kahulumeni okuqalisa uHlaka Lwesu Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2020-2024 olusetshenziswayo.  

3.2. Yomibili imibhalo ingatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (www.dpme.gov.za). 

4. Isu Le-Antarctic ne-Southern Ocean Strategy

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweSu le-Antarctic ne-Southern Ocean yokuphawula komphakathi.  INingizimu Afrika iyisango le-Antarctica lezinye ezinhlelo ze-Antarctica zamazwe ngamazwe. Zonke izinhlelo zibe negalelo emnothweni waseNingizimu Afrika.

4.2. Isu liphakamisa izinsika ezinhlanu ezilandelayo: (a) ukubonisana kwamazwe ngamazwe nokubambisana; (b) ucwaningo; (c) ukonga nokusebenzisa okugcinekayo; (d) ukuthuthukiswa kwabasebenzi nokuqeqesha kanye (e) nokuqwashiswa kwabantu. Isu libhekana nohlelo lweSivumelwano se-Antarctic.

C. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wezokuhamba Kwezimoto Emgwaqweni Kazwelonke wezi-2019

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokuhamba Kwezimoto Emgwaqweni Kazwelonke wezi-2019 owethulwe ePhalamende. UMthethosivivinywa ugunyaza phakathi kokunye imithethonqubo yemboni yesikole sokufundela ukushayela futhi uphakamisa imigomo efanele abashayeli abangabafundi okumele bafundiswe ngaphansi kwayo.

1.2. Uphinde ubhekane nokukhwabanisa nenkohlakalo esimweni sezokuhamba kwezimoto emgwaqweni, inyuse izijeziso zalabo abahluleke ukulandela imithetho yokuhamba emgwaqweni; unqanda ukuphuzwa kotshwala kwabashayeli futhi uhlongoza umthetho wenambapleti kazwelonke.

1.3. UMthetho uphinde uphakamise ukucaciswa kwamandla okuphatha kaNgqongqoshe Wezokuthutha kanye naweKomidi Lomkhandlu Ophethe isifundazwe elibhekele ezokuthutha.

2. UMthethosichibiyelo Wesinxephezelo Nokulimala Nezifo Ezithokalala Emsebenzini wezi-2019

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wesinxephezelo Nokulimala Nezifo Ezitholakala Emsebenzini wezi-2019 owethulwe ePhalamende.

2.2. UMthethosivivinywa ubhekene nezichibiyelo zoMthetho Yesinxephezelo Nokulimala Nezifo Ezitholakalayo Emsebenzini (i-COIDA), (uMthetho 130 we-1993 UMthethosivivinywa wenabela ukuhlinzekela ukulimala nezifo ezitholakala emsebenzini kubasebenzi ababuthaka ababekhishwe inyumbazane ekuqaleni kanye nokuthuthukiswa kwezinzuzo zesinxephezelo sabasebenzi jikelele.

2.3. UMthethosivivinywa manje sewubandakanya phakathi kwabanye abasebenzi basezindlini ngaphansi kwesigaba sabasebenzi ngezinhloso zezinzuzo ngokwe-COIDA ngowe-1993. Uphinde uhlinzeke ngohlaka lokuhlumelelisa nokubuyisela emsebenzini kwabasebenzi abalimele kanye/noma abangenwe izifo emsebenzini.

3. UMthethosivivinywa Wokuklanywa Komasipala Kahulumeni Wendawo wezi-2020

3.1. IKhabhinethi ligunyaza ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuklanywa Komasipala Kahulumeni Wendawo wezi-2020 ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Uma sewuphasisiwe waba umthetho, uzochitha uMthetho Wokuklanywa Komasipala Kahulumeni Wendawo, we-1998 (uMthetho 27 we-1998).

3.2. UMthethosivivinywa uhlinzekela phakathi kokunye, ukusungulwa nemisebenzi yeBhodi Lokuklanywa Komasipala, izigaba nezinqubo zokunquma nokunqunywa kabusha ngemingcele yomasipala kanye nemingcele yamawadi kanye nokusungula uPhiko Lokudluliswa Kwezinqumo.

D. Imicimbi Ezayo

1. Inyanga Yamalungelo Abantu                

1.1. UMongameli Ramaphosa uzokwethula inkulumo yosuku mhla kuhlonishwa uSuku Lwamalungelo Abantu Lukazwelonke lowezi-2020 ngoMgqibelo, zingama-21 kuNdasa 2020 eNkundleni Yezemidlalo E-Colesberg eNyakatho Kapa ngaphansi kwesihloko : "Unyaka wobumbano, ukuvuselelwa kwenhlalomnotho kanye nokwakhiwa kwezwe."

1.2. Usuku Lwamalungelo Abantu lwaseNingizimu Afrika lusukela ezigamekweni zasemlandweni ezenzeka e-Sharpville (e-Gauteng) nakwaLanga (eNtshonalanga Kapa) ngowezi-21 kuNdasa 1960, lapho okwadutshulwa khona abantu belwela amalungelo abo. 

1.3. IKhabhinethi linxusa iNingizimu Afrika ukuthi ibungaze Usuku Lwamalungelo Abantu futhi lihloniphe labo abanikela ngezimpilo zabo ukuze sithole inkululeko esiqhubeka nokuyithokozela namuhla.

1.4. Omunye wabo owaba yisibonelo kwakuwumholi owayezinikele uDkt. Alfred Bathini Xuma, owaba ngomunye wodokotela bokuqala ongumuntu ompisholo eNingizimu Afrika futhi owayenguMongameli we-African National Congress. UMongameli Ramaphosa ukhumbule impilo kaDkt. Xuma ngokunquma ukuthi kube Nomngcwabo Kahulumeni Okhethekile: Isigaba 1 futhi angcwatshwe kabusha esuswa emathuneni ase-Brixton eGoli ayiswe endaweni azalelwa kuyo KwaManzana, Engcobo eMpumalanga Kapa ngaleli Sonto esibuya kulo.

2. Uhambo oluqondene nomsebenzi obeluseRiphabhulikhi yaseCongo

2.1. UMongameli Ramaphosa uhambele uMhlangano Wokuqala we-Contact Group Libya ose-Oyo eRiphabhulikhi yaseCongo mhla ziyi-11 ne-12 kuNdasa 2020. Uphelezelwe uNgqongqoshe Wezobudlelwane Bamazwe Nokubambisana, uDkt. Naledi Pandor, uNgqongqoshe Wezokuvikela Namaqhawe Omzabalazo, uNksz. Nosiviwe Mapisa-Nqakula kanye noNgqongqoshe Wezokuvikelwa Kwezwe, uNksz. Ayanda Dlodlo. 

2.2. UMhlonishwa uDenis Sassou N’Guesso, uMongameli weRiphabhulikhi yaseCongo, umeme uMongameli Ramaphosa ukuthi ahambele umhlangano njengoSihlalo weNyunyana yase-Afrika (i-AU).

2.3. UMhlangano Ojwayelekile wama-33 we-AU wanquma ukusungula i-Contact Group, osihlalo wayo kuyiRiphabhulikhi yase-Congo futhi ibandakanya amalungu eKomidi Elikhulu le-Libya elizohlinzeka ngobuholi bezepolitiki futhi likhuthaze ukuhlanganiswa kwezinhlelo zakumazwe ngamazwe njengengxenye yokuthola isisombululo kwiNkimbinkimbi yaseLibya.

3. Amazwi Enduduzo

1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini, kubangani nabalingani bomphenyi omkhulu woPhiko Lokuphenya Lwamaphoyisa Oluzimele, uMnu. Mandla Mahlangu (47), owabulawa ngesonto eledlule, iKhabhinethi liphinda lidlulisa amazwi enduduzo emindenini, abangani nozakwabo bamaphoyisa oKlebe amabili uMseshi oyi-Warrant Officer u-Delene Grobelaar Koonin (4) noSayitsheni Wynand Herbst (42), ababulawe ngenkathi kudutshulwana eNyakatho Ntshonalanga.

2. IKhabhinethi liyakugxeka ukubulawa kwalaba basebenzi, abanomsebenzi wokuvikela zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika. Njengezwe, kumele sikugxeke ukwanda kokubulawa kwamaphoyisa ethu angabantu besilisa nabesifazane.

4. Umyalezo Wokuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi limufisela okuhle abalandelayo:

1.1. Okhethelwe isikhundla sobumongameli, uMhlonishwa uMnu. Fauré Essozimna Gnassingbé, ngokuphinda avotelwe njengoMongameli weRiphabhulikhi yaseTogo Okhethweni Lukamongameli obelubanjwe ngomhla zingama-22 kuNhlolanja 2020. IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli Ramaphosa ukuhalalisela abantu baseTogo ngokubamba ukhetho olunokuthula.

5. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. AmaLungu eBhodi Lophiko LwaseNingizimu Afrika Lwezokuphepha Olwandle:

a. Nksz. Nthato Minyuku (uSihlalo),

b. Nksz Lindelwa Nonjabulo Dlamini;

c. Mnu. Lucas Haluodi;

d. Nksz. Eva Dorothy Khosa; kanye

e. noMnu. Captain Bheka Clive Zulu.

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore