Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-24 kuNtulikazi 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuNtulikazi 2019 eTuynhuys eKapa.

A.   Izindaba Ezisematheni

1.    Uguquko lwezomnotho nokwakhiwa kwamathuba omsebenzi

IKhabhinethi lamukela ukwanda kwentshisekelo yabatshalimali abangase batholakale kanye nabakhona njengamanje, yokuthi bacabange ngokuthi iNingizimu Afrika iyindawo abangakhetha ukutshala imali kuyo. Izivumelwano zakamuva ezisayinwe nezingase zisayinwe zikuveza kahle lokhu. Lezi zivumelwano zibandakanya isivumelwano esisayinwe emkhakheni wezimoto (yinkampani yakwa-Ford), owezokukhiqiza amakhemikhali (yinkampani yakwa-BFG Rail) nowezakhi zemboni yezinto ezisebenza ngogesi (yinkampani yakwa-Aberdare) kanye notshalomali olungase lube khona emkhakheni wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo (yinkampani yakwa-PepsiCo). Lolu tshalomali luka-PepsiColona luncike kubaninimasheya nezinqubo zokulawula.

1.2.   Isamba esikhiswe i-PepsiCo esiyizigidigidi ezingama-25 zamarandi sokuthenga i-Pioneer Foods sishayelwe ihlombe elikhulu njengoba kubuyisa ithemba emnothweni waseNingizimu Afrika.  

1.3.   I-Ford njengomkhiqizi wezimoto imemezele izinhlelo zayo zokukhulisa ibhizinisi ezizodala amathuba omsebenzi ayizi-1 200, uma esesifezile isithembiso sakhe sokutshala imali ezigidigidi ezi-3 zamarandi. Isikhungo sale nkampani esise-Silverton singezele abasebenzi abazokhiqiza ama-Rangers nama-Everest ayizi-168 000 ngonyaka – lesi sibalo singaphezulu ngezimoto eziyizi-44 000 kweso sangaphambi kokutshalwa kwale mali.

1.4.   Phezu kwalokho, utshalomali lwezigidi ezingama-50 zamarandi olwenziwe yinkampani yezokukhiqiza i-BFG Rail esikhungweni sokukhiqiza sikanokusho e-Gauteng kuzodala isikhungo sokukhiqiza sesimanje esikhiqiza imikhiqizo enhlobonhlobo esinezinqubo zobunjiniyela ezisebenzisa ubuchwepheshe beqophelo eliphezulu.

1.5.   ENelson Mandela Bay, i-Aberdare Cables imemezele ukungezelwa kwabasebenzi ngokuvulwa kwesikhungo sekhebhula likagesi onamandla, i-High Voltage Power Cable Plant, ngotshalomali lwezigidi eziyi-135 lamarandi futhi kwakheke imisebenzi engama-58 phezu kwemisebenzi engama-429 ekhona kule nkampani njengamanje.

1.6.   Utshalomali esikhungweni esisha, impahla nasekukhiqizeni okwandisiwe ludala imisebenzi futhi lukhulisa isamba somkhiqizo wasekhaya (i-GDP). Imikhakha okuzoba nokukhiqiza okusha kuyo ingaphakathi kwemikhakha ehlonzwe uMongameli Ramaphosa Enkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe (i-SoNA). INingizimu Afrika ihlinzeka ngethuba eliyinqayizivele lengqalasizinda yezomnotho eseqophelweni eliphezulu, umnotho wezwe elithuthukayo oqubuka ngomfutho futhi uyisango noma ibhuloho lokungena ezwenikazi lase-Afrika elinamazwe aneminotho ekhula ngesivinini esiphezulu. INingizimu Afrika iphinde ibe ibe yizwe lapho imikhakha emisha yotshalomali enjengomnotho onakekela imvelo, amafutha negesi kanye nokwakhiwa kwemikhumbi kanye nomnotho wasolwandle.  

2.   Umbiko Womhlaba Jikelele woHlelo Oluhlanganisile Lwamazwe Abumbene lwe-HIV ne-AIDS (i-UNAIDS)

2.1.   IKhabhinethi likhuthazekile ngenxa yoMbiko Womhlaba Jikelele we-UNAIDS wakamuva, osanda kwethulwa eNingizimu Afrika. Ngokwalo mbiko, iNingizimu Afrika iphumelele ukusinciphisa isibalo sabantu abatheleleka yigciwane lesandulela ngculazi (i-HIV) ngabantu abangaphezu kwama-40% saze esabantu ababulawa yizifo ezihambisana nengculazi (i-AIDS) naso sancipha ngama-40% kusukela ngowezi-2010. Lo mbiko uwubufakazi bokuthi anemiphumela emihle amasu ethu okulwa ne-HIV ne-AIDS anciphise isibalo sabantu abatheleleka yilesi sifo nawokwelapha abantu asebephila naso.

2.2.   IKhabhinethi likhuthaza zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zinakekele impilo yazo ukuze kunciphe isibalo sabantu abatheleleka ngalesi sifo.

3.   Ukulwa nobugebengu

3.1.   IKhabhinethi liphinda liqinisekisa ukuzibophezela nokuzinikela kwalo ekwakheni izwe elinezindawo ezihlala abantu bakithi eziphephile nezivikelekile. Uma uhulumeni nemiphakathi besebenzisana, singanciphisa umkhokha wobugebengu, futhi sakhe izindawo ezihlala abantu bakithi eziphephile nezinokuthula ezilungele utshalomali.

3.2.   Imikhankaso eyahlukene esanda kwenziwa yizikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ezweni lonke iholele ekuboshweni kwenqwaba yabasolwa nokutholakala kwezidakamizwa ezingekho emthethweni. Amasosha Ombutho Kazwelonke WaseNingizimu Afrika Wezokuvikela (i-SANDF) aphinde atshalwa ezindaweni ezikhungethwe ubugebengu kakhulu ukuze asebenzisane noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ezinhlelweni zawo zokulawula udlame lwamaqembu ezigebengu nokushushumbiswa kwezidakamizwa.   

3.3.   IKhabhinethi linxusa amalungu omphakathi ukuthi ahlale eqaphile futhi abike ngazo zonke izigameko zobugebengu emaphoyiseni, noma ngabe kuthinteka bani.

B.   Izinqumo ZeKhabhinethi

1.   Inqubomgomo Nomhlahlandlela Wenqubomgomo Wokutholakala Kwelayisense Yamagagasi Okusakaza Ngomoya Adingeka Kakhulu

1.1.   IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Nomhlahlandlela Wenqubomgomo Wokutholakala Kwelayisense Yamagagasi Okusakaza Ngomoya Adingeka Kakhulu emuva kokubonisana okunzulu nomkhakha wezokuxhumana kanye nomphakathi. Le Nqubomgomo noMhlahlandlela wale Nqubomgomo umisa umhlahlandlela woguquko lomkhakha ngokuqalisa ukufakwa kwababambiqhaza abasha kulo mkhakha ubalulekile kube khona manjalo kukhuthazwa utshalomali namasu amasha. Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo uNgqongqoshe Wezokuxhumana, uNksz. Stella Ndabeni-Abrahams uzokhipha inqubomgomo yokugcina egunyazwe iKhabhinethi futhi uzobamba umhlangano nabemithombo yezindaba ukuzonika imininingwane ngayo.

2.   Umbiko weThimba Longoti Lokweluleka uMongameli Mayelana Nezinguquko Kwezomhlaba Nezolimo

2.1.   IKhabhinethi lamukele umbiko wokugcina ovela kwiThimba Longoti Lokweluleka uMongameli Mayelana Nezinguquko Kwezomhlaba Nezolimo. Leli thimba laqokwa uMongameli Ramaphosa kuMandulo 2018 ukuze lihlinzeke ngenqubomgomo edidiyele mayelana nokubuyiswa komhlaba. Lo mbiko ukhombe izinkinga ezikhona kule mithetho yezomhlaba nezolimo ikhona njengamanje futhi wenza izincomo ezizosiza ekuqhubekiseni umsebenzi kahulumeni wokulungisa umonakalo waphambilini wokwabiwa komhlaba ngokungalingani.

2.2.   IKhabinethi likhiphe umyalelo wokuthi bonke oNgqongqoshe, ngokusebenzisa iminyango yabo ehlukene, kumele bawufunde lo mbiko nezincomo zawo eziphakanyisiwe bese babuyele kuKhabhinethi ezinyangeni ezimbili. IKomidi Elihlanganisa oNgqongqoshe Lezokubuyiswa Komhlaba osihlalo walo kuyiPhini LikaMongameli uDavid Mabuza lizoqapha le nqubo.

2.3.   IKhabhinethi libong  leli thimba beliphethwe ngu-Dkt. Vuyokazi Mahlati njengesihlalo ngomsebenzi omuhle eliwenzile futhi ligunyaza ukuthi umbiko ukwazi ukutholakala emphakathini.  

2.4.   UNgqongqoshe Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba nokuThuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, uNksz. Thoko Didiza, ehlanganyele nethimba, bazobamba imihlangano eyahlukene nabemithombo yezindaba ukuzonika iminingwane egcwele ngalo mbiko.  Umhlangano nabemithombo yezindaba uzobanjwa ngeSonto mhla zingama-28 kuNtulikazi 2019 ngehora le-10 ekuseni e-GCIS Ronnie Mamoepa Media Centre eHatfield, kuzoxhunyanwa nangevidiyo nalabo bazawube beseKapa, e-GCIS Imbizo Centre.

C.   IMithethosivivinywa

1.   UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokwamukelwa Ngokusemthethweni Kwemishado Yesintu wezi-2019

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokwamukelwa Ngokusemthethweni Kwemishado Yesintu wezi-2019 wethulwe ePhalamende.

1.2.  Lo Mthethosivivinywa uzokwenza ukuthi Isigaba 7(1) no-(2) soMthetho Wokwamukelwa Ngokusemthethweni Kwemishado Yesintu (i-RCMA), we-1998 (uMthetho 120 we-1998) sihambisane nezinqumo zeNkantolo yoMthethosisekelo, eyamemezela ukuthi lezi zigaba azikho emthethweni ngokomthethosisekelo. Lezi zigaba bezicwasa abantu besifazane emishadweni yesintu.

1.3.  Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela ukuphathwa ngokulinganayo kwabantu besifazane abangene emishadweni yesintu lapho umuntu wesifazane egane umyeni wakhe eyedwa kanye nabantu besifazane abaganele esithenjini ngaphambi kokuqala ukusebenza kwe-RCMA. Izichibiyelo ziqeda ukucwasa ngokobulili emishadweni okungenwe kuyo ngaphambi kokuqala ukusebenza kwe-RCMA ye-1998. Abaganene sebezoba namalungelo obunikazi bempahla ngokuhlanganyela nangokulingana empahleni yabo yasemshadweni.

D.   Imicimbi Ezayo

1.   Isivumelwano Sezempilo sikaMongameli

1.1.   UMongameli Ramaphosa uzosingatha umcimbi wokusayinwa kweSivumelwano Sezempilo sikaMongameli e-Dr. George Makhuri Academic Hospital e-Ga-Rankuwa, eDolobheni laseTshwane, ngoLwesine, mhla zingama-25 kuNtulikazi 2019. Isivumelwano Sezempilo siwumphumela weNgqungquthela Yezempilo kaMongameli eyabanjwa kuMfumfu 2018. Lo mcimbi ukhombisa ibanga eselihanjiwe endleleni edidiyele yokuthola uhlelo lwezempilo oluseqophelweni eliphezulu olusimeme.  

2.   Umhlangano Wonyaka Wokuqala Wezinga Eliphakeme Wezingxoxo Ngenqubomgomo YeMfundo Yezikole Zamabanga Aphezulu e-Afrika

2.1.   UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ubambisane neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezemfundo e-Afrika uzobamba uMhlangano Wonyaka Wokuqala Wezinga Eliphakeme Wezingxoxo Ngenqubomgomo YeMfundo Yezikole Zamabanga Aphezulu e-Afrika: Ukulungiselela Intsha Imsebenzi Yangomuso.  

2.2.   Uzobanjwa mhla zingama-29 kuya kuma-30 kuNtulikazi 2019 e-Emperors Palace, eGoli. Lo mhlangano uzohlanganisa oNgqongqoshe ababhekele ezemfundo, ezentsha nezemisebenzi kulo lonke izwekazi lase-Afrika, izifundiswa; ongoti kwezokubhalwa kwezinqubomgomo nemithetho; izikhulu eziphezulu ezimele izinhlangano zezokuthuthukisa esibambisene nazo; umkhakha ozimele; izinhlangano zothisha nabazali; izinhlangano zentsha kanye nemithombo yabezindaba.

2.3.   Izingxoxo zizogxila ekuhleleni nasekuqaliseni izinhlelo ezingamasu amasha ezidingekayo emfundweni yamabanga aphezulu e-Afrika ukuhlomisa othisha kangcono futhi abafundi balungiselelwe umsebenzi wangomuso. IKhabhinethi liyaqhubeka nokubonga ukubamba iqhaza kwethu ezingxoxweni ezinezinzuzo ezinkulu.

3.   Inyanga Yabantu besifazane

3.1.   Umcimbi Wokubungaza Usuku Lwabantu Besifazane Kuzwelonke oluzobanjwa e-Vryburg, Esifundeni i-Ruth Mompati eNyakatho Ntshonalanga ngoLwesihlanu, mhla ziyi-9 kuNcwaba 2019, uzobungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Iminyaka engama-25 Yentando Yeningi Labantu: Ukukhulisa iNingizimu Afrika Ukuze Kukhululwe Abantu Besifazane".

3.2.  Lo mbungazo uhlonipha abantu besifazane abangaphezu kwezi-20 000 ababhikishela e-Union Buildings mhla ziyi-9 kuNcwaba 1959 belwa nokwandiswa kweMithetho Yamapasi eyayibhekiswe kubantu besifazane. Lo mbhikisho waletha ushintsho emzabalazweni wethu wenkululeko kanye nezwe elibuswa ngentando yeningi labantu.

3.3.  Nakuba umkhulu umsebenzi esesiwenzile ekuthuthukiseni ukukhululwa kwabantu besifazane ezweni lethu, umkhokha wodlame nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kusaqhubeka. Izigwebo ezinkulu ezikhishwe emacaleni okunukubeza ngokocansi eGauteng ziveza ukuthi ababhebhethekisi bamacala okunukubeza ngokocansi kanye namanye amacala angeke baphunyuke esandleni somthetho.

3.4.   IKhabhinethi linxusa zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi ziphikisane nodlame lwanoma eyiphi inhlobo, futhi zihlanganyele ukunciphisa isibalo samacala okuhlukumeza ngokocansi nokuhlaselwa kwabantu besifazane nezingane buze bugcine buphelile bonke lobu bubi.

E.   Imiyalezo

1.   Amazwi Enduduzo


1.1.   IKhabhinethi lidlulisa ukuzwela kwalo ngokudlula emhlabeni kweqhawe lomzabalazo uBaba u-Isaac Lesibe ‘Bra Ike’ Maphoto, oshone eseneminyaka engama-88. UMongameli Ramaphosa umemezele ukuthi kuzoba noMgcwabo Kahulumeni Okhethekile ka-Bra Ike, owashiya elaseNingzimu Afrika ngowe-1961 waya koqeqeshelwa ezempi nezepolitiki e-Beirut nasezweni elalibizwa nge-Soviet Union phakathi kowe-1961 nowe-1963 ngaphambi kokujoyina uPhiko LukaLuthuli (i-Luthuli Detachment)  kuMkhonto we Sizwe. Ngowezi-2006, owayenguMongameli ngaleso sikhathi uThabo Mbeki wamuklomelisa u-Bra Ike ngendondo yesizwe, i-Order of Luthuli in Silver, ngegalelo lakhe emzabalazweni wenkululeko nentandoyeningi labantu.

1.2.   IKhabhinethi libhongela emswaneni nezwe lonke ngokulahlekelwa komndeni, abangani nabalandeli bomculi nombhali wamaculo owaklonyeliswa ngendondo uJonathan 'Johnny' Clegg, owasebenzisa umculo wakhe ukugqugquzela ukungacwasi ngokwebala ezweni. Uzokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekubumbeni isizwe, ubumbano emphakathini kanye nokuqedwa kokubandlulula ngokwebala. Wamukeliswa indondo yesizwe, i-Order of Ikhamanga in Silver, ngegalelo lakhe elihle kakhulu emkhakheni wezomculo nokuvala igebe phakathi komculo wesintu kanye nezinye izinhlobo zomculo.

2.   Ukuhalalisa

IKhabhinethi Lihalalisela:
2.1.   iqembu lezwe lomdlalo webhola lomnqakiswano, ama-Proteas, ngomsebenzi oncomekayo eliwenzile nangokundizisela igama nefulegi laseNingizimu Afika phezulu ngokufinyelela kumdlalo owandulela owamanqamu kuNdebe Yomhlaba eLiverpool. Ukukhuphuka kwalo lisuka esikhundleni sesihlanu liya kwesesine ohlwini lwamazwe omhlaba kunconywa kakhulu. Phezu kwalokho, lihalalisela uNksz. Karla Pretorius ngokukhethwa nokuba wuMdlali Ophume Phambili Novelele eNdebeni Yomhlaba yowezi-2019.

2.2.   abadlali baseNingizimu Afrika ngokwenza umsebenzi omangalisayo emncintiswaneni we-Diamond League ye-International Association of Athletics Federation (i-IAAF) obubanjelwe eLondon. Umnikazi werekhodi laseNingizimu Afrika u-Akani Simbine ubesesimweni esihle kakhulu emjahweni wamadoda we-100m, ngenkathi enqoba ngesikhathi esiphume phambili emqhudelwaneni ngo-9.93s. Emdlalweni wokugxuma amabanga amade, uLuvo Manyonga unqobe emdlalweni wokugxuma amabanga amade wamadoda ngebanga eliphume phambili emqhudelwaneni elingu-8,37m, kube uzakwabo uRuswahl Samaai ugxume wathola indawo yesithathu engubude obungu-8.11m.

2.3.   iNdlovu Youth Choir, omculo wayo ophuma phambili obadlulisele emzuliswaneni olandelayo we-America's Got Talent edlala bukhoma kuthelevishini.

2.4.   iqembu lezwe lomdlalo webhola lombhoxo, iSpringboks, elinqobe ngo-35-17 lehlula i-Australia eGoli emcintiswaneni we-2019 Rugby Championship. Lo mncintiswano ubaluleke kakhulu kwezemidlalo njengoba ubandakanya amazwe anjengeNingizimu Afrika, i-New Zealand, i-Austraila ne-Argentina. Sibafisela okuhle nenhlanhla njengoba besaqhubeka nomncintiswano.

2.5.   i-TeamSA, esize ukubhala umlando we-Afrika omusha ku-International University Sports Federation wama-30 eNapoli, e-Italy. I-Afrika ithole izindondo ezingama-26 sezihlanganisiwe. Kuzindondo eziyi-18 zaseNingizimu Afrika, eziyisithupha kube zibengezegolide, eziyisishiyagalombili zabangezesiliva bese eziane zaba ngezethusi.

F.   Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.   Abaqondisi besikhashana beBhodi le-Small Enterprise Finance Agency (i-SEFA):
(a)     Nksz. Mphokolo Makara;
(b)     Adv Nomathemba Mlonzi;
(c)     Nksz. Delicate Mabuza;
(d)     Mnu. Martin Mahosi;
(e)     Mnu. Justice Kganyago;
(f)     Mnu. Maurice Radebe; and
(g)     Nksz. Nonkululeko Dlamini – (obuyiselwe esikhundleni).

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore