Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-24 kuMfumfu 2018

IKhabhinethi labamba umhlangana walo ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuMfumfu 2018 eTuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)

1.1. IKhabhinethi lamukela i-MTBPS yokuqala kaNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni, ebesisuselwa enkolelweni enkulu yokuthi iNingizimu Afrika ingavuselelwa.

1.2. I-MTBPS yowezi-2018 icaphuna ubunzima uhulumeni abhekene nabo ezinqumweni okumele azithathe kwezomnotho kanye nakwimali kahulumeni eminyakeni emithathu ezayo. Ukukhula kwezomnotho konyaka wezi-2018 kubuyekeziwe kwasuka ku-1.5% kwaya ku-0.7%, futhi isimo somhlaba jikelele siqhubeka nokuba nezingqinamba kwezomnotho emazweni asafufusa. I-MTBPS yowezi-2018 iqalisa ukusimamisa kanye nohlelo lukahulumeni lokuvusesela nokugqugquzela ukusimama komnotho, oluzosekelwa uzinzo lwesikhwamamali sikahulumeni kanye nolwezimali. 

1.3. Uhulumeni uqhubeka nokuzibophezela ekusimamiseni isikhawamamali sikahulumeni, kodwa kube nokuchezuka okuncane selokhu sethulwa kuSabelomali sowezi-2018 kuNhlolanja kulo nyaka. Uhulumeni uyaqhubeka nokuzibophezela ekuzinziseni nasekwehliseni isikweletu sezwe.

Njengoba kuncipha umthwalo osindayo kwezomnotho kanye nasesimweni sesikhwamamali sikahulumeni, ukwahlukaniswa kwengeniso okuphakanyiswayo kuyaqhubeka nokubeka eqhulwini izinhlelo zokusebenzisa imali emphakathini njengemfundo eyisisekelo, ezempilo, ezenhlalakahle, amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nezinsiza zikagesi.

2. Ingqungquthela Yezempilo KaMongameli

2.1.    IKhabhinethi lamukela imiphumela yeNgqungquthela Yezempilo KaMongameli ehlose ukudingida izinselele ezinhlobonhlobo eziqondene nohlelo lwezempilo lomphakathi. Imiphumela izoqinisa amalungiselelo okuqalisa uMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI).

3. Uguquko kwezomhlaba

3.1. IKhabhinethi lamukela ukuqaliswa kwezinhlelo zoguquko nokubuyiselwa komhlaba eziqhutshwa ngokulinganayo eziqondene nemisebenzi nokungalungi kwesikhathi esedlule futhi lisiza ukukhulisa umnotho.

3.2. UMongameli Cyril Ramaphosa uhole umcimbi wokubuyiswa komhlaba, lapho kunikezelwe ngamahektha ayizi-4 586 omhlaba emphakathini waKwaMkhwanazi eMpangeni, KwaZulu-Natali. 

3.3. Umphakathi waKwaMkhwanazi uzothola nezabelo ezilandela ukubuyiswa komhlaba kanye nokwesekwa okuzowusiza usebenzise yonke ingcebo ongase uyithole kulowa mhlaba. Lokhu kushintsha imiphakathi esebenzela ukuziphilisa ibambe iqhaza kwezohwebo futhi ibe ngabanikazi bamabhizinisi kuyo yonke imisebenzi evela kwezolimo kanye nengcebo engatholakala emhlabeni wabo.

3.4. Uhulumeni uzinikele ekwesekeni ukusimamiswa kwamabhizinisi ezolimo aqubukayo, okubandakanya imisebenzi engama-262 ehambisana nokuguqulwa komhlaba ukuze kuhlomule intsha kanye nabantu besifazane kuzo zonke izifundazwe.

4. Ukubhidlizwa kwengqalasizinda yomphakathi

4.1.IKhabhinethi lidlulise ukukhathazeka ngokubhidlizwa kwengqalasizinda yezokuthutha. Lokhu kubukela phansi ukuzibophezela kukahulumeni ekuhambiseni izinsiza emiphakathini eyayiphucwe amathuba ngaphambilini. Ayikho intukuthelo engasetshenziswa njengesizathu sokubhidliza impahla yomphakathi. Lokhu kubhidlizwa kwempahla kuphuca abampofu inqwaba yezinsiza eziyizidingongqangi.

4.2. IKhabhinethi linxusa amalungu omphakathi ukuthi aqaphele futhi asebenzisane nezinhlaka zomthetho ukuze labo abaphula umthetho babhekana nengalo yomthetho. IKhabhinethi liphinde laveza ukuthi iQoqwana Lezobulungiswa, Ukuvikelwa Kobugebengu Nezokuvikela lizobhekana kanjani nalolu daba ngokufanele.  

5. Inqubo yokuqokwa KukaMqondisi Wephiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NDPP) 

5.1. IKhabhinethi lamukele indlela entsha yokuqoka u-NDPP. UMongameli Ramaphosa uqoke Ithimba Labeluleki elizohlonza futhi libambe imposambuso nabantu abafanelekile ukuthi bangathatha isikhundla sokuba yiNhloko yoPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA). Ithimba lisebenze okokuqala kuleli sonto futhi kulindeleke ukuthi lithumele amagama abantu abakhethwe njengalabo abangase bafanelwe ukuthatha lesi sikhundla kuMongameli ngomhla ziyi-7 kuZibandlela 2018.  

6. Isinqumo Senkantolo YoMthethosisekelo

6.1 IKhabhinethi lenze izethulo ngeSinqumo Senkantolo yoMthethosisekelo esiqondene nokusetshenziswa, ukulinywa nokuphathwa kwensangu ngabantu abadala ngasese bezisebenzisele ngokwabo kanye nomthelela wako. Kucelwa ukuthi amalungu omphakathi azijwayeze lesi sinqumo njengoba ukusetshenziswa kwensangu emphakathini kungavumelekile. Phezu kwalokho, lesi sinqumo asikuqedanga ukuba yicala kokudayiswa kwensangu.

6.2 IKhabhinethi lazisa ukuthi lesi sinqumo sisebenza phakathi kweminye imithetho engase isebenze maqondana nokusebenzisa, ukuphatha kanye nokutshala insangu. IKhabhinethi lisabonisana nongoti ngalolu daba.

7. INgqungquthela Yezokuphepha Ezikoleni

7.1. IKhabhinethi lamukela iNgqungquthela Yezokuphepha Ezikoleni esanda kubanjwa ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo u-Angie Motshekga. Le ngqungquthela ihlanganise ababambiqhaza kwezemfundo nabazimele ukuthola izisombululo ngezinkinga zezokuphepha eziqondene nezikole ezweni kanye nokusungula indlela ebheke phambili yokwakha izimo eziphephile esikoleni.

7.2. Lokhu kulandela izigameko zodlame ezehle ezikoleni ezithile, okubandakanya ukubulawa ngesihluku kukathisha oneminyaka engama-24, uMnu. Gadimang Daniel Mokolobate, owabulawa ukugwazwa umfundi eRamotshere Secondary School eZeerust, eNyakatho Ntshonalanga.

7.3. Bonke ababambiqhaza bavuma ukuthi udlame jikelele, ikakhulukazi ezikoleni, alwamukelekile nhlobo nokuthi kudingeka kuqhutshekwe nokubambisana ukuqinisekisa ukuthi izikole ziba yindawo ephephile kubafundi nothisha.

8. Izivivinyo zikamatikuletsheni 

8.1. IKhabhinethi lifisela bonke abafundi, ikakhulukazi abafundi beBanga le-12, okumhlophe kulesi sikhathi. Okokuqala ngqa, kulo nyaka uMnyango uzoba nesivivinyo sokuhlolela uLimi Lwezimpawu lwaseNingizimu Afrika (i-SASL) ezingeni loLimi Lwasekhaya esizobhalwa abafundi abangama-58 abangezwa kahle  ezikoleni eziyi-10. Lezi zivivinyo zizodonsa isikhathi esingamasonto amahlanu nohhafu futhi sizophela mhla zingama-28 kuLwezi.

8.2. Abafundi ezweni lonke bazosayina isifungo esingaphoqelekile sokuzinikela ukuhlonipha isithunzi sezivivinyo ngokungayephuli imibandela yezivivinyo. Abazali nababheki bezingane bakhuthazwa ukuthi babeseke abafundi ngalesi sikhathi esibucayi ohambweni lwabo lwezemfundo. Kubalulekile nokuthi kukhuthazwe abafundi ukuthi basiqede isikole. 

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

9. IKhabhinethi ligunyaze ukunqunywa kweziNdawo Zasolwandle Ezivikelekile (ama-MPA) ezingama-20 njengengxenye yeNethiwekhi Emelwe yama-MPA ye-Operation Phakisa: Umnotho Wasolwandle.   
Umhlomulo womsebenzi ongenzelwe, phakathi kokunye, uzovumela ukuqhubeka kokuthuthukiswa kwezokuvakasha okuqondene nezemvelo kanye nokukhuthazwa kokufinyelela ezinsizeni zabadobi abadobela ukuziphilisa eziphethwe ngendlela esimamisayo. Imisebenzi ehlongozwayo yazalwa izingxoxo zokubonisana nababambiqhaza abafanele. Ama-MPA azoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni.

10. IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lwemisebenzi Kazwelonke (i-NAP) Yesibili Olubuyekeziwe Noluhambisanayo lweNingizimu Afrika ukuNqanda Ukwanda Kwezindawo Eziwugwadule, Ukumoshakala Komhlaba kanye Nokungenelela kuMthelela Wesomiso (2018-2030). I-NAP ihlose ukuba nomthelela ekugcineni nasekusetshenzisweni ngendlela esimeme komhlaba wethu kanye nezinye izinsiza zemvelo.
INingizimu Afrika yavumelana ngokusemthethweni neSivumelwano Sokunqanda Ukwakheka Kogwadule kweNhlangano Yamazwe Ngamazwe (i-UN) ngowe-1997. NgokweSiqephu 9 sesivumelwano, abathintekayo kumele basungule, balungise futhi baqalise i-NAP njengesakhi esibaluleke kakhulu sesu lokunqanda ukuqedwa kwamahlathi futhi kungenelelwe emtheleleni wesomiso. INingizimu Afrika yasungula i-NAP yayo yokuqala ngowe-2004.

C. IMithethosivivinywa

11. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wezingane kuSomqulu Kahulumeni ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. UMthethosivivinyo uhlose ukuqinisa ukudidiyelwa kohlelo lokunakekelwa nokuvikelwa kwezingane ngokuhlanganyela neminyango kanye nemikhakha ehlukahlukene.  

Lezi zichibiyelo zilandela iSinqumo Senkantolo Ephakeme yaseNyakatho Gauteng sakuLwezi 2017, lapho uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi wayalelwa ukuthi ulungise futhi wethule izichibiyelo ezidingekayo zoMthetho Wezingane, wezi-2005 (uMthetho 38 wezi-2005) maqondana nesisombululo sezomthetho esiqondene nokuphathwa kohlelo lokukhuliswa kwezingane ngabantu abangazizali.

12. IKhabhinethi lagunyaza ukwethulwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wezinsizakalo Zeposi ePhalamende. Lo Mthethosivivinyo uqalisa uMthetho Odingidwayo WeNqubomgomo Edidiyele Kuzwelonke Yolwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana (i-ICT) owagunyazwa iKhabhinethi kuMandulo 2016.

Imiphumela okuphokophelwe kuyo wukuba yiPosi LaseNingizimu Afrika elinomsebenzi wokubhekana nomncintiswano, elisebenzayo nelisimeme futhielilawula yonke imisebenzi yeposi nengafinyelela kubo bonke abantu kanye nokuguqulwa komkhakha wezeposi. UMthethosivivinyo uhlinzeka ngendlela yokunika imiphakathi yasemakhaya neqhuba izinqubo zesintu amakheli asemakhaya. 
Lo Mthethosivivinyo sewudlulile esigabeni sokubonisana nomphakathi.

D. Imicimbi Ezayo

13. INgqungquthela Yotshalomali Lomhlaba Jikelele YaseNingizimu Afrika

NgoLwesihlanu, mhla zingama-26 kuMfumfu 2018, uMongameli Ramaphosa uzosingatha iNgqungquthela Yotshalomali Yokuqala eNingizimu Afrika eSandton Convention Centre eGoli. Lokhu kuyingxenye yokuhlanganiswa kwemisebenzi yokuheha nokukhulisa umnotho wethu.  
Phezu kwalokho, amanxusa amane kwezotshalomali aqokwe uMongameli azokwethula umbiko engqungqutheleni ngenqubekela phambili asebe nayo. 

14. Ingqungquthela yaMazwe Angamashumi Amabili (i-G20)

UMongameli Ramaphosa umenywe uNdunankulu wase-Germany, uDkt. Angela Merkel, ukuthi abambe iqhaza eNgqungqutheleni yoTshalomali ye-G20 - Amabhizinisi ase-German kanye naMazwe Angamalunga Esivumelwano ne-Afrika (i-CwA), kanye noMhlangano Wezamabhizinisi, zombili ezizobanjelwa e-Berlin, eGermany mhla zingama-30 kuMfumfu 2018. Ingqungquthela Yotshalomali ye-G20 izohlanganisa amabhizinisi ase-German namazwe e-CwA ukuhlola amathuba otshalomali ngaphansi kohlaka lokuHlanganyela kwe-G20 ne-Afrika. Abatshalimali base-German bazokwethula imisebenzi eyaziwa ngayo eqhutshwa emaZweni ama-CwA futhi kubhekwe namanye amathuba ezwenikazi. UMongameli uzohambela ingqungquthela esikhundleni sakhe njengoSihlalo Obambisene Nomunye eThimbeni lase-Afrika Lokweluleka i-G20.

Ingqungquthela ye-G20 nge-CwA izogxila endleleni i-G20, amazwe ase-Afrika nezikhungo zentuthuko angabambisana ngayo ukukhuthaza utshalomali lomkhakha ozimele kanye nokubamba iqhaza kwezomnotho zamazwe ase-Afrika. Lo mhlangano uzophinde wenze umsebenzi wokulungiselela lo mkhakha iNgqungquthela ye-G20 ezoba se-Buenos Aires, e-Argentina. 

15. Isonto Lokugxila Ezimbizweni Kuzwelonke 

Amalungu Eziphathimandla (iKhabhinethi) azobamba iqhaza Esontweni lesi-9 Lokugxila Ezimbizweni Kuzwelonke loPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS) ngaphansi kombuso wentando yeningi labantu owavotelwa ngowezi-2014, elizobanjwa kusukela mhla ziyi-12 kuya kumhla zingama-25 kuLwezi 2018. Lokhu kuhambisana noHlelo lweKhabhinethi lweSonto Lokwethula Imibiko Ngemisebenzi Eyenziwe.  

Isonto Lokugxila Ezimbizweni lizohlinzekela Iziphathimandla Kuzwelonke kanye nabaholi bezifundazwe nabakahulumeni wasekhaya ngenkundla yokubamba imihlangano yomphakathi kanye neZimbizo ezweni lonke, ngalesi sikhathi, ukubonakalisa ukuqalisa kukahulumeni uHlaka Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) lwezi-2014-2019 nokubhekana nezinkinga eziphakanyiswe izakhamizi, ezinomthelela kwezokuphepha, ukukhula kanye nokuthuthukiswa kwemiphakathi. 

Amasonto amabili okubamba iqhaza azongena lapho kuphela imibungazo yeminyaka eyikhulu kwazalwa Izishoshovu zomzabalazo uMama Albertina Sisulu noTata Nelson Mandela, okwakuyibantu ababebeka phambili ukuvama kokubonisana nokuxhumana nemiphakathi ababesebenza kuyo.    

E. Imiyalezo 

Ukuhalalisa

16. IKhabhinethi lihalalisela uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, othole imiklomelo emikhulu emibili ye-Kochon, emcimbini wokuklomelisa ngezindondo obubanjwe e-The Hague, e-The Netherlands. Umklomelo wokuqala uwuthole esikhundleni sakhe uqobo uNgqongqoshe ngeqhaza lakhe nobuholi kwezepolitiki ekulweni nesifo sofuba (i-TB) emhlabeni jikelele. 
Umklomelo wesibili, uNgqongqoshe abambisene noMhlonishwa Omkhulu u-Nick Hebert, iLungu lePhalamende (i-MP) e-United Kingdom, ezikhundleni zabo zokubambisana ngokuba wosihlalo be-Global TB Causus yama-MP asemhlabeni wonke. UMklomelo we-Kochon kuklonyeliswa ngawo minyaka yonke kubantu ngabodwana noma nezinhlangano ezibe negalelo elikhulu ekunqandeni i-TB ezweni labo noma emhlabeni jikelele. 

17. IKhabhinethi lamukela ama-World Travel Awards wezi-2018 lapho kwavotelwa iNingizimu Afrika njengeNdawo Yokuvakasha Ephuma phambili. Indawo yase-Durban KwaZulu-Natali yaziswa njengeDolobha Eliphuma phambili e-Afrika Kwezokuvakasha yase ithola isicoco sokuthi iCheba Lokungcebeleka Eliholayo e-Afrika. IKapa, eNtsholanga Kapa lithole isicoco sokuba Indawo Ephuma Phambili e-Afrika Kwezemibhiyozo Nemicimbi.

18. IKhabhinethi lamukele ukubukwa okokuqala e-United States mhla zi-2 kuLwezi 2018 kwefilimu lala ekhaya elibizwa ngokuthi Nommer 37 elenziwe ngumqophimafilimu uJoshua Bradley. Le filimu ekhuluma ngobugebengu eqoshelwe eCape Flats yaxhaswa uMnyango Wezohwebo Nezezimboni ngohlelo i-South African Emerging Black Filmmakers Incentive. Lokhu kuzoba negalelo ekuheheni utshalomalingqo olubuya kumazwe angaphandle lungena embonini yezamafilimu yaseNingizimu Afrika.

Amazwi Enduduzo

19. IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli Ramaphosa ukudlulisa ubuhlungu namazwi enduduzo: 
19.1. ngokudlula kabuhlungu kwabantu abangaphezu kwama-27, ezingozini zezimoto eziningi ku-N1 North eLimpopo. Abasebenzisi bomgwaqo banxushwa ukuthi baqaphele emigwaqweni yethu futhi kumele baqinisekise ukuthi bathobela imithetho yomgwaqo ngaso sonke isikhathi.
19.2.ngokudlula emhlabeni kweqhawe loMzabalazo, uMama Agnes Msimang.  UMama Msimang wayezibophezele ekubeni isishoshovu sezobulili kanye nePhini likaMongameli we-African National Congress (i-ANC) Women's League. Ubengomunye wabantu besifazane abaningi abanxenxa imiphakathi eNingizimu Afrika iyonke ukuthi balwisane nombuso wobandlululo. Uzofihlwa ngoLwesihlanu, mhla zingama-26 kuMfumfu. Inkonzo yomgcwabo izoqala ngelesi-08:00 e-Our Lady Cedars Catholic Church eWoodmead, eGoli.
19.3. ngokudlula kweqhawe loMzabalazo futhi elamukeliswa indondo, i-National Order of Mendi for Bravery in Silver, uMnu. Eric "Stalin" Mtshali.
19.4. ngokudlula kweqhawe le-ANC uMoss Chikane. UMnu. Chikane waba yi-MP ngowe-1994 emuva kokhetho lwezwe lwentando yeningi labantu lokuqala. Ngowe-2005, waqokwa njengeNxusa leseNingizimu Afrika e-Germany.
19.5. kubantu base-Sweden kanye nomndeni kaNksz. Lisbet Palme, oneminyaka engama-87, odlulile. UNksz. Palme wayengumfelokazi kaNdunankulu wase-Sweden u-Olof Palme owabulawa ngowe-1986 futhi uMongameli Ramaphosa amchaza ngokuthi "uMngane waseNingizimu Afrika".

20.  Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

21. IBhodi leSENTECH SOC LIMITED: 
a. UNksz. Maureen Makole Manyama (umqondisi ongasiyona ingxenye yesigungu seziphathimandla); kanye
b.noNksz. Precious Nompumelelo Sibiya (umqondisi ongasiyona iingxenye yesigungu seziphathimandla).
22. Ukuqokwa kabusha kukaNksz. Gugulethu Brightness Nokukhanya (Poppy) Khoza njengoMqondisi weBhodi le-Civil Aviation of the South Africa Civil Aviation Authority.
23. UDkt. Molefi Motuku njengeSikhulu Esiphezulu (i-CEO) seMintek (inhlangano yezocwaningo lwezokumbiwayo kuzwelonke eNingizimu Afrika).
24. UMnu.Terries Salani Ndove njengePhini LikaMqondisi-Jikelele Wezokubuyiswa Nokuthuthukiswa Komhlaba kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba.

Imibuzo: uNkz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore