Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi obubanjwe ngobuchwepheshe be-inthanethi ngoLwesithathu mhla zingama-21 kuMandulo 2022

A.    Ezisematheni

1.    Ezamandla

1.1.    IKhabhinethi lethulelwe umbiko nguNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Pravin Gordhan mayelana namandla enkampani yakwa-Eskom okunciphisa ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga okwenzeka ngezikhathi ezithile ezibekiwe, futhi liwutholile nombiko wenqubekela phambili esiyenziwe ovela eKomidini Lobungoti Bomsebenzi leKomidi Likazwelonke Elijutshwe Ukubhekana Nenkinga Yamandla Kagesi. 
1.2.    Ezinye izimemezelo zizokwenziwa emuva kokuphothulwa kwezingxoxo zokudingidwa ngokujulile kwale mibiko.
1.3.    IKhabhinethi lizwakalise ukudabuka kwalo ngokuphazamiseka kanye nobunzima obubangelwa wukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga emabhizinisini kanye namakhaya, ikakhulukazi okwenzeka esikhathini lapho uhulumeni ematasa nemizamo yokungenelela eyamenyezelwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoNtulikazi 2022. 

2.    Utshalomali

2.1.    IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukwethulwa kwesizinda sokukhiqiza esisha i-Sandvik Khomanani Manufacturing Site e-Kempton Park, esiyingxenye yotshalomali oluyizigidi ezingama-R350 olwathenjiswa eNgqungqutheleni Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC) eyayibanjelwe e-Sandton Convention Centre eGoli mhla zingama-24 kuNdasa 2022.
2.2.    Lesi sizinda esisha esingamamithasikwele ayizi-62 000 sihlanganisa ndawonye imisebenzi ngaphambilini ebeyenziwa ezizindeni ezinhlanu ezihlukene futhi sizokwazi ukwamukela abasebenzi abalinganiselwa kuma-550. Lesi singesinye sezizinda zabakwa-Sandvik ezinkulukazi futhi ezithuthuke kakhulu emhlabeni wonke jikelele, futhi sinamandla okukhiqiza imishini yokulayisha esebenza ngaphansi komhlaba equkethe umkhiqizo ongaphezu kwama-60% waseNingizimu Afrika.
2.3.    IKhabhinethi lilwamukelile futhi nohambo lokuhlola lukaMongameli u-Ramaphosa lapho ebevakashele khona esifundazweni saKwaZulu-Natali ngenkathi kwethulwa isikhungo sokukhiqiza, i-Hesto Harnesses, e-Stanger, KwaDukuza mhla ziyi-13 kuMandulo 2022. Lesi sikhungo singomunye wemiklamo emihlanu emikhulukazi yotshalomali oluyingxenye yalolo oluyizigidigidi ezingama-R1.4 olwathenjiswa yinkampani yakwa-Metair Investments Limited ukweseka umsebenzi wokwelulwa komklamo kanye nokukhiqizwa kohlobo olusha lwe-Ford Ranger kuleli lizwe.
2.4.    UMongameli wahambela futhi nomcimbi wokuvulwa komklamo wokukhuliswa nokwelulwa kwesigayo i-Sappi Saiccor Mill okungumklamo wezigidigidi ezingama-R7.7 osendaweni yaseMkhomazi okuhloswe ngawo ukukhulisa amandla kanye nekhono lenkampani lokuncintisana nezinye izinkampani emhlabeni wonke jikelele futhi kusenjalo kuvulwe namathuba omsebenzi esikhathi esifushane kanye nawesikhathi eside. 
2.5.    Lolu tshalomali luyingxenye yotshalomali olwathenjiswa ngosozimboni engqungqutheleni i-SAIC. Lonke utshalomali olusha olungena ezweni lethu luyalekelela ekwakheni kabusha nokuvuselela umnotho wethu, futhi lokhu kuyaqhubeka nokukhangisa nokubonisa ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe eliyintandokazi kubatshalizimali.

3.    Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda

3.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukuvulwa kwesigaba esisha somgwaqo i-Musina Ring Road eLimpopo ozokwenza kube lula ukuhamba eMusina namaphethelo, futhi okungumgwaqo ozovumela ukukhuliswa kohwebo kanye nemisebenzi yezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika namazwe eNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika. Lo mklamo wezigidi ezingama-R640 uvule amathuba kubantu basendaweni abasebenza ngokugcwele abangaphezu kwama-275 futhi uhlinzeke ngamathuba emiphakathini yendawo kanye namabhizinisi asafufusa (ama-SMME). 
3.2.    Ukwakhiwa komgwaqo i-Musina Ring Road kuyingxenye yohlelo lwengqalasizinda lukahulumeni, ngokusebenzisa uHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP), okuhloswe ngalo ukwakha ukukhula okubandakanyayo namathuba omsebenzi emikhakheni yonkana nemiphakathi ehlukahlukene.

4.    Inhlekelele yase-Jagersfontein

4.1    IKhabhinethi lizwakalise ukudabuka kwalo okukhulu futhi ladlulisa amazwi enduduzo emindenini yalabo abalahlekelwe yimiphefumulo yabo emuva kokuqhuma nokubhidlika kwezindonga zedamu lemfucuza yemikhiqizo emayini yendawo e-Jagersfontein eFreyistata futhi okudale izikhukhula zodaka ezidale umonakalo omkhulu entathakusa ngeSonto mhla ziyi-11 kuMandulo 2022. Le nhlekelele idale umonakalo omkhulukazi nakwingqalasizinda yendawo kanye nempahla yabantu enjengezimoto kanye namakhaya amaningana. 
4.2    Ngenkathi evakashele indawo yenhlekelele ngoMsombuluko mhla ziyi-12 kuMandulo 2022 uMongameli u-Ramaphosa udlulise amazwi okubonga imizamo eyenziwayo endaweni yokutakula kanye nokuvuselela. Uthembisile futhi ukuthi uhulumeni uzohlinzeka ngosizo oludingekayo kubahlali base-Jagersfontein abakhahlamezekile. IKhabhinethi likhuthazekile ngokuthi abanikazi bemayini bathe bona sebemi ngomumo kakade ukuhlinzeka ngosizo futhi basekele uhulumeni uma lokho kucelwa nguMkhandlu Wezimbiwa waseNingizimu Afrika.
4.3    Imboni yezimayini isalokhu iyimboni enohlonze efaka isandla esikhulu emnothweni ngokuhlinzeka ngqo ngamathuba omsebenzi, futhi ihlinzeke nangamanye amathuba okuqashwa kwabantu avuleka emikhakheni esebenzisana nale mboni, ifaka isandla futhi kwingenisomali etholakala ngokuthengiswa kwemikhiqizo emazweni angaphandle, kanye nakutshalomali olungena ngqo kuleli oluvela emazweni angaphandle futhi le mboni idlala indima esemqoka kakhulu ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu emiphakathini eyakhelene nezimayini.
4.4    Uhulumeni kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithile sebengenelele ngokushesha ngokuthi bahlinzeke ngendawo yokukhosela nokufihla ikhanda okwesikhashana, usizo lokwelulekwa kwabahlali ngokwengqondo ukuze bakwazi ukubhekana nenhlekelele ebavelele, omatalasi kanye nezijumbana zokudla. Sekubuyiseliwe esimweni esijwayelekile ukuphakelwa kwamanzi nogesi endaweni.  
4.5    Uma seyikhucululiwe indawo yenhlekelele, ongoti kulindeleke ukuba bahlole umonakalo owenzeke ezindlini. IKhabhinethi libonge abezimo eziphuthumayo, izinhlangano zomphakathi wonkana kanye namalungu omphakathi ngeminikelo nosizo olubonisa ububele obukhulu.

5.    Umnotho 

5.1.    IKhabhinethi libhungile ngesimo somnotho ezweni kulandela izibalomanani zakamuva ezikhishwe yiNhlangano Yezibalomanani yaseNingizimu Afrika (i-Stats SA) ezibonise ukuthi isambamkhiqizo (i-GDP) sekota yesibili yowezi-2022 sehle ngo-0.7%. Izimo ezibe nomthelela kulokhu kwehla kwesambamkhiqizo zibandakanya ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, udweshu phakathi kwe-Russia ne-Ukraine, kanye nokudlondlobala kwezindleko zokuphila nokwehla kwamandla emali.
5.2.    Izinhlelo zokungenelela ezenziwe ngaphansi kwe-ERRP zibe wusizo olukhulu ekuvikeleni izwe ezivunguvungwini zamazwe ngamazwe, futhi ziyivikelile imisebenzi ngokunjalo futhi zavikela nezindlela abaziphilisa ngazo abantu. Izinhlelo ezinohlonze zikahulumeni zokungenelela emnothweni seziqalile ukuthela izithelo ezinhle, njengalokhu kubonakala emiphumeleni yoCwaningokuhlola Lokubheka Inani Labasebenzi Abakhona Kuleli Olwenziwa Njalo Emuva Kwezinyanga Ezintathu yi-Stats SA olubonise ukuthi kuvuleke imisebenzi eyevile ezi-648 000 phakathi kwekota yokuqala nekota yesibili yowezi-2022. 

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Uhlaka Lokuqapha Nokuhlola (i-M&E) lweNqubomgomo Kazwelonke Yentsha (i-NYP)
1.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uhlaka lwe-M&E oluzovumela ukuqapha okusebenza kahle kanye nokuhlolwa komthelela wezinsika ze-NYP yowezi-2020-2030. Lolu hlaka luhlinzeka ngezinkombakusebenza ezinhlanu ezisezingeni eliphezulu ezihambelana nezinsika ze-NYP.
1.2.    Izinkombakusebenza zenziwa ngokubambisana nababambiqhaza abafanele abanentshisekelo ekuthuthukisweni nokufukulwa kwentsha ezweni. Ukuqoqwa kwemininingwane kuzohlukaniswa ngokweminyaka yobudala, ubulili, ukukhubazeka, uhlanga lomuntu kanye nendawo okwenzelwa kuyona lezi zinhlelo zokungenelela. 
1.3.    Umsebenzi wokuqapha uzokwenziwa kuyo yonke imikhakha kahulumeni, izikhungo zikahulumeni kanye nomkhakha ozimele. Imibiko izokhiqizwa njalo ngekota yonyaka bese ishicilelwa kabili ngonyaka. 

2.    Uhlaka Lwenqubomgomo Yokuhlela Okudidiyelwe

2.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lwenqubomgomo Yokuhlela Okudidiyelwe kuhulumeni, okuhloswe ngalo ukuvala amagebe ahlonziwe ekuhlelweni kwenqubomgomo ohlelweni lokuhlela okuyilona olukhona nolusebenzayo njengamanje.
2.2.    Izinhlelo zokungenelela ezihlongozwayo, phakathi kokunye, zizobhekana nokungabi khona kokuhlela okuhambelanayo emikhakheni yomithathu kahulumeni. Izinhlelo zokungenelela zizokwethula indlela yokuqapha esekelwe phezu kobufakazi. Uhlaka lwenqubomgomo lwethula futhi nesimo sokubikezela kalula esihambisana nokuhlelela isikhathi esimaphakathi kanye nesikhathi esifushane kuhulumeni wonkana.
2.3.    Luzosebenzela ekwethulweni kwezinguquko zomthetho ukuze kwenziwe ngcono ukusebenza ngendlela ehambelanayo futhi ebikezelekayo emsebenzini kahulumeni wokuhlela nokuqapha. 

3.    Ukugunyazwa ngokusemthethweni kweSivumelwano Sokusungulwa Kwenhlangano Yezemithi yase-Afrika (i-AMA)

3.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukusayinwa kweSivumelwano Sokusungulwa kwe-AMA kanye nokuthunyelwa kwaso ePhalamende ukuze sigunyazwe ngokusemthethweni. Lokhu kuzoqalisa ukusebenza kwesivumelwano esamukelwa ngokusemthethweni eMhlanganweni weNhlangano Yamazwe ase-Afrika ngowezi-2019. Isivumelwano sisungula ngokusemthethweni i-AMA eqondene nezwekazi. Le nhlangano izolawula imikhiqizo yokwelapha, futhi yenze ngcono ukuphepha nokusebenza kahle kwemikhiqizo yokwelapha kuleli zwekazi.
3.2.    Ukusayinwa nokugunyazwa ngokusemthethweni kwalesi sivumelwano kuzothuthukisa ukuzibophezela kweNingizimu Afrika emazweni omhlaba kanye namazwe ezwekazi ekusebenzeleni ukuqinisa ukusebenza kohlelo lokulawula lwezwekazi phezu kwemikhiqizo yayo yezempilo. 

4.    Umbiko maqondana nokuSebenza Kohlelo Lwesikhuthazo-ntela Socwaningo Nokuthuthukisa (i-R&D) – wezi-2019/20 kanye nezi-2020/21

4.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koHlelo Lwesikhuthazo-ntela Socwaningo Nokuthuthukisa lweminyaka emibili edlule (owezi-2019/20 kanye nowezi-2020/21). Lokhu kuhambisana nesigaba 11D (17) soMthetho Wezentela Yengenisomali, we-1962 (uMthetho wama-58 we-1962), odinga ukuthi le mibiko yethulwe ePhalamende.
4.2.    Uhlelo lwesikhuthazo-ntela luhlose ukugqugquzela izinkampani ezizimele ukuthi zitshale izimali ku-R&D ukuze kukhuthazwe ukukhula kotshalomali. Luvumela ukuthuthukiswa kwezesayensi nokuqanjwa nokusungulwa kwezinto ezintsha ngenhloso yokukhulisa umnotho futhi kugqugquzelwe nokuncintisana.
4.3.    IKhabhinethi liyakuthokozela ukuthi umbiko ubonisa ukuthi izinkampani ezintsha zisifakile isicelo sesikhuthazo-ntela. Liyazikhuthaza nezinye izinkampani ukuthi zingene kulolu hlelo njengengxenye yokukhulisa utshalomali lwazo ngokwehlukana kwazo futhi ngalokho kukhuthazwe ukukhula komnotho.
4.4.    Izinkampani ezine ezihamba phambili ezinkampanini esezisitholile isikhuthazo-ntela zisemkhakheni wezokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo; owokulungiswa kwemikhiqizo yezimayini ngaphakathi kuleli lizwe ukuze kuhlomule kakhulu abantu bakuleli; owamakhemikhali, owezimonyo, owemithi yokwelapha, owemikhiqizo yobuchwepheshe besimanjemanje kanye nowezoBuchwepheshe Bolwazi okuyimikhakha egunyazwe yiKhabhinethi njengemikhakha eseqhulwini oHlelweni Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni. Umbiko ophelele uyatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezesayensi Nokuqanjwa Kwezinto Ezintsha: www.dst.gov.za. 

5.    Isithangami Somthetho Wokukhula kanye Namathuba e-Afrika (i-AGOA) – sowezi-2023

5.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukusingathwa kweSithangami se-AGOA ngowezi-2023. I-AGOA ngumthetho owashaywa yizwe laseMelika (i-USA) ngowezi-2000 ukuhlinzeka ngokubhekelelwa kangcono nokucatshangelwa kwamazwe aseNingizimu nogwadule i-Sahara maqondana nezohwebo kanye nokufinyelela ezimakethe zangaphakathi e-USA.
5.2.    Izimpahla ezithunyelwa ngaphandle yiNingizimu Afrika ngaphansi kwe-AGOA zibandakanya izithelo ezidliwayo, amantongomane, izimoto, izingxenye zezimoto, insimbi, imikhiqizo esansimbi kanye nemikhiqizo yamakhemikhali. Usuku nendawo okuzobanjelwa kuyo lesi sithangami kusazomenyezelwa.

6.    INgqungquthela yoNgqongqoshe Yeqembu Eliqondene Nokubheka Nokuqoqa Ulwazi Ngomumo-Jikelele Womhlaba (i-GEO) – yowezi-2023

6.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela yoNgqongqoshe ye-GEO eKapa ngowezi-2023. I-GEO yinhlangano yohulumeni abahlukahlukene eyasungulwa ngowezi-2003 emuva kokubanjwa kweNgqungquthela Yomhlaba Yentuthuko Esimeme. Lokhu kuyisigcawu esibandakanya ohulumeni bamazwe ahlukahlukene lapho amazwe efaka isandla ngokuzithandela kwawo ekufezekiseni inhloso eyodwa futhi efanayo yokwakha izinhlelo ze-GEO.
6.2.    Njengamanje i-GEO inohulumeni bamazwe abangaphezu kwe-113, futhi abangama-30 kulaba ngohulumeni abavela emazweni ase-Afrika kanye nezinhlangano ezilinganiselwa kwi-140, futhi eziyi-11 kulezi yizinhlangano ezivela kwelase-Afrika. INingizimu Afrika ibilokhu iyilungu elibambe iqhaza ngenkuthalo eKomidini Lesigungu Esiphezulu kusukela ngowezi-2005 futhi njengamanje ososayensi bethu babambe iqhaza emiklamweni yocwaningo eminingana eholwa yi-GEO.

7.    UNcwaba Inyanga Yezokuthutha (i-OTM) – 2022

7.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa komkhankaso we-OTM ngoMgqibelo mhla lu-1 kuNcwaba 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sishov’ingolovane: ngokubambisana sakha ingqalasizinda yezokuthutha eyakha futhi isimamise izindlela zokuziphilisa”.
7.2.    I-OTM yaminyaka yonke isetshenziselwa ukuqwashisa ngezokuthutha njengenye yezinto ezisemqoka kakhulu ekukhuliseni umnotho kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zokuhlala nokuziphilisa. Kunemicimbi eminingana ezobanjwa ngenhloso yokubonisa izinto ezisemqoka ezihlukahlukene zengqalasizinda yezokuthutha emkhakheni wezokuthutha ngezindiza, ngemikhumbi, owezokuthuthwa komphakathi kanye nemigwaqo. Imicimbi izoqwashisa futhi nangokuphepha nokuvikeleka emgwaqeni. Kuzobanjwa futhi nezingxoxo zokubonisana nababambiqhaza ukuze kubhungwe ngezinselele ezihlukahlukene ezikhona emkhakheni wezokuthutha.
7.3.    Uhulumeni usalokhu ezibophezele ekwenzeni ngcono ingqalasizinda yezokuthutha, ezindaweni zasemakhaya ngokunjalo futhi nasezindaweni ezisemadolobheni, ukuze kuqinisekiswe ukuthuthwa kwezimpahla nabantu ngendlela efanele. 

8.    UMhlangano weNhlangano Yezizwe (i-UN) woHlelo Lokuhlaliswa Kwabantu (i-UN-HABITAT)
8.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukusingathwa komhlangano wamalungu e-UN-HABITAT eGoli mhla ziyi-16 kanye nomhla ziyi-17 kuMfumfu 2022.  
8.2.    UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu yiwona ozohlela futhi ulawule lo mhlangano wezinsuku ezimbili ozokwethanyelwa yizingqwele zezepolitiki, ongoti abangabasebenzi bomkhakha kanye nabacwaningi, kubandakanya namalungu asemqoka eKomidi Lamanxusa le-UN-HABITAT elizinze e-Nairobi, kwelase-Kenya. Izindaba ezisemqoka okuzobhungwa ngazo zibandakanya ukuzama ukuthola izinhlelo zokungenelela ezizoletha uguquko ezindaweni zokuhlaliswa kwabantu nezindawo eziyimijondolo.
8.3.    Imiphumela yalezi zingxoxo izoholela ekwethulweni koHlaka Lohlelo Lokusebenza Lomhlaba Wonke, oluzokwethulwa eMhlanganweni Wesigungu se-UN-HABITAT ngowezi-2023 ukuze lugunyazwe ngokusemthethweni.

C.    Imithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Womkhandlu Kazwelonke Wezodlame Olweyamene Nobulili kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane (i-GBVF) wezi-2021
1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa woMkhandlu Kazwelonke we-GBVF wezi-2021 ukuze ucutshungulwe. Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lomthetho lokusungulwa kwenhlangano eyakhiwe ngokomthetho wePhalamende ezogxila ngokuphelele ekubhekaneni ne-GBVF.
1.2.    UMthethosivivinywa uhlinzekela futhi nokusungulwa kweBhodi loMkhandlu elizohlinzeka ngobuholi obukhethekile obunobuqhinga futhi lengamele ukuqaliswa koHlelo Lobuqhinga Lukazwelonke oluqondene ne-GBVF, olwagunyazwa yiKhabhinethi ngoMfumfu 2020 ukuze luqaliswe. Ibhodi lizoba nabameleli abangama-51% abavela ezinhlanganweni zomphakathi wonkana bese futhi kuba nabangama-49% abavela kuhulumeni. UMthethosivivinywa usudlulile kakade esigabeni sokufakana imilomo nomphakathi. 

2.    UMthethosivivinywa Wokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi kanye Nogwayi Obhenywa Ngamadivayisi Obuchwepheshe Besimanjemanje wezi-2018

2.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi kanye Nogwayi Obhenywa Ngamadivayisi Obuchwepheshe Besimanjemanje wezi-2018, ohlose ukuqeda ukusebenza komthetho okhona njengamanje uMthetho Wokulawulwa Kwemikhiqizo Kagwayi, we-1993 (uMthetho wama-83 we-1993), njengoba uchitshiyeliwe.
2.2.    UMthethosivivinywa uhlose futhi ukuqinisa izinyathelo zezwe zokubhekelela impilo yomphakathi futhi zihanjelaniswe neSivumelwano Sohlaka lweNhlangano Yezempilo Emhlabeni esiqondene noKulawulwa Kukagwayi. UMthethosivivinywa uphakamisa, phakathi kokunye, ukuthi kungavunyelwa nakancane ukubhenywa kukagwayi ezindaweni ezingaphakathi kwezakhiwo kanye nasezindaweni ezithile ezingaphandle kwezakhiwo; ukunqatshelwa kokudayiswa kukasikilidi kusetshenziswa imishini ethengisa ugwayi, futhi uqinisa ukuqashelwa kwendlela opakishwa ngayo usikilidi kanye nokufakwa kwezimpawu ezixwayisayo.
2.3.    UMthethosivivinywa usudlulile ezigabeni zokubonisana okunzulu nababambiqhaza abahlukahlukene, kubandakanya imboni kagwayi, izinhlangano zomphakathi wonkana kanye neminyango kahulumeni efanele. 

D.    Imicimbi Ezayo

1.    Isigcawu sama-77 SesiGungu-Jikelele se-UN (i-UNGA77) 

1.1.    INingizimu Afrika ibambe iqhaza ku-UNGA77 ebanjelwe eNhlokohhovisi ye-UN e-New York City kwelase-USA kusukela mhla zingama-20 kuya kumhla zingama-27 kuMandulo 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Umzuzu oyingqophamlando: Sivula izixazululo eziguqulayo zokusombulula izinselele ezixhumene”.
1.2.    Emazweni omhlaba aseNingizimu, umthelela wobhubhane lweSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19) emnothweni nenhlalomnotho unokungalingani okuthile kanye nokungahambelani nemizamo yokuvuselelwa kokusimama kwalawa mazwe uma eqhathaniswa namazwe aseNyakatho futhi lokhu kudinga umzamo wokusebenzisana kwawo wonke amazwe ngendlela ebumbene ukuze kuqinisekiswe ukuthi alikho izwe elisala ngemuva. 
1.3.    Ngaphambi kokuba kubanjwe iNgxoxonkulumo-Jikelele ye-UN, uNobhala-Jikelele we-UN, uMnu António Guterres, uzobiza ingqungquthela eqondene “Nokulethwa Koguquko Kwezemfundo” futhi asingathe nomhlangano osezingeni eliphezulu ogxile eziNjongweni Zentuthuko Esimeme (ama-SDG). Umhlangano wama-SDG kulindeleke ukuthi ubukisise izindlela okungabuyiswa ngazo umfutho futhi kusheshiswe nokuqaliswa kwama-SDG.

2.    Usuku Lwamagugu

2.1.    UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo yosuku emcimbini wokubungaza uSuku Lwamagugu Lukazwelonke lowezi-2022 ozobanjelwa eZindlini Zombuso ngoMgqibelo mhla zingama-24 kuMandulo 2022. Lo mgubho uzobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibungaza Ifa lika-Solomon Linda kanye noMculo Wesintu waseNingizimu Afrika”. 
2.2.    INyanga Yamagugu yalo nyaka igxile emculweni wesintu waseNingizimu Afrika ikakhulukazi umculo weSicathamiya kanye negalelo lawo elikhulukazi kwezemidlalo, ubuciko, amasiko kanye namagugu kuleli. Isiqubulo siwuphawu lokuhlonipha nokubungaza iminyaka engama-60 kwashona umculi, umhlabeleli kanye nomqambi wezingoma u-Solomon Popoli Linda (1909-1962), owabe aziwa futhi ngelika-Solomon Ntsele, futhi edume kakhulu njengomqambi wengoma esihloko sithi, “iMbube”.

3.    Umcimbi Ozokwenzeka Ngesikhathi Esifanayo Wosuku Lomhlaba Lwezithuthi Zasolwandle lowezi-2022  

3.1.    INingizimu Afrika izosingatha uMcimbi Ozokwenzeka Ngesikhathi Esifanayo Wosuku Lomhlaba Lwezithuthi Zasolwandle lowezi-2022 eThekwini kusukela mhla ziyi-12 kuze kube ngumhla ziyi-14 kuMfumfu 2022. Lo mcimbi uzosingathwa ngesikhathi esifanayo lapho kubungazwa i-OTM, futhi uzoba yingxenye yokuqwashisa ngomkhakha wezithuthi zasolwandle. Lo mcimbi uzohlanganisa izithunywa ezivela emazweni ahlukahlukene ezizozibonela ngawazo imboni yaseNingizimu Afrika yezithuthi zasolwandle. INingizimu Afrika selokhu yaba yilungu leNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezithuthi Zasolwandle kusukela ngowe-1995, okuwuphiko olukhethekile lwe-UN olwengamele ukulawulwa komsebenzi wokuthutha ngemikhumbi. 
         
4.    INyanga Yezokuvakasha

4.1.    Kulo nyaka, iNyanga Yezokuvakasha izogujwa ngaphansi kwesiqubulo soSuku Lwezokuvakasha Lomhlaba (okungumhla zingama-27 kuMandulo) esithi “Sicabanga Kabusha Ngezokuvakasha”. Ezokuvakasha ngaphakathi kuleli zibaluleke kakhulu ekuvuseleleni nokusimamisa umkhakha wezokuvakasha, okuwumkhakha onegalelo elikhulukazi ku-GDP yeNingizimu Afrika kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.
4.2.    IKhabhinethi likuthokozele ukubona ukuthi umkhakha wezokuhlaliswa nokunakekelwa kwabavakashi uqophe ukukhula kwenani labavakashi esikhathini esilandela ukudamba kwe-COVID-19. Izinkambo zokuvakasha ngaphakathi kuleli eziyizigidi eziyi-15.2 ezenzeke ngesigamu sokuqala sowezi-2022 zibonise ukukhula okungama-114% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2021. Lokhu kubonise ukukhula okuphawulekayo impela uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngowezi-2019, lapho ziyizigidi eziyi-8.6 izinkambo zokuvakasha ezenzeka.  Njengengxenye yokugubha iNyanga Yezokuvakasha, iKhabhinethi likhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuba benze izinkambo zokuvakasha ezibizwa phecelezi ngama-‘Shotleft’ ngokuthi bavakashele izifundazwe zethu ezihlukahlukene.
4.3.    IKhabhinethi lisamukele ngezandla ezimhlophe futhi nesinqumo senkampani yezindiza i-Air Belgium sokuqalisa izinkambo zezindiza eziza eNingizimu Afrika ngezikhathi zonyaka ezithile, kusukela kule nyanga (uMandulo), okuyinto ezokhuthaza ezokuvakasha futhi iqinise isimo sethu njengezwe eliyintandokazi kubavakashi. Lokhu kuzobandakanya izinkambo zezindiza eziya eKapa kanye naseGoli njalo ngeviki.

E.    Imiyalezo

1.    Amazwi okuhalalisa
IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle kulaba: 

  • UMongameli u-William Samoei Ruto weRiphabhulikhi yase-Kenya, ogcotshwe ngoLwesibili mhla ziyi-13 kuMandulo 2022, kulandela ukhetho lukazwelonke olunokuthula olwabanjwa mhla ziyisi-9 kuNcwaba 2022. IPhini likaMongameli u-David Mabuza ubewuthamele lo mcimbi egameni likaMongameli u-Ramaphosa kanye nohulumeni nabantu beRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika.   
  • INhlangano Yezebhola Lombhoxo yaseNingizimu Afrika kanye neDolobha laseKapa ngokusingatha ngempumelelo umqhudelwano wehlandla lesishiyagalombili weNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo Yamaqembu Anabadlali Abasiyisikhombisa obubanjwe phakathi komhla ziyisi-9 nomhla ziyi-11 kuMandulo 2022. Bekungokokuqala ngqa ukuba le ndumezulu yomqhudelwano ohlonishwa kakhulu usingathwe yizwe lase-Afrika futhi izinkulungwane ngezinkulungwane zabalandeli ababehambele lo mqhudelwano bazitika ngedili lemidlalo yebhola lombhoxo esezingeni eliphezulu futhi bathokozela nempatho yodumo efudumele yeNingizimu Afrika yokuphatha nokusingatha izivakashi.
     

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini kanye nabangani balaba: 

  • izingane zesikole eziyi-18 kanye nabantu abadala ababili abashone engozini enyantisayo eyenzeke endaweni yasoPhongolo, KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu mhla ziyi-16 kuMandulo 2022 emuva kokuba iloli elikhulu elithwala impahla lishayisane mahlanze neveni ebelithwele izingane zesikole.

F.    Abaqashiwe

1.    Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
a.    Mnu Makgothi Samuel Thobakgale oqashwe njengoMqondisi-Jikelele (u-DG): WeHhovisi likaKhomishana Kazwelonke Womnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo. 
b.    Dkt Malixole Percival Mahlati oqashwe njengePhini lika-DG: Ophikweni Lwezinsizakalo Zezempilo Ezisezingeni Eliphezulu Ezihlinzekwa Ezibhedlela kanye Nokuthuthukiswa Kwabasebenzi eMnyangweni Wezempilo. 
c.    Mnu Siyabonga Blessing Mdubeki oqashwe njengoMklami-Jikelele Omkhulu eMnyangweni Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. 
d.    Mnu Phaswa Phineas Mamogale oqashwe njengoMphathi Omkhulu Wezimali eMnyangweni Wezempilo. 

2.    IKhabhinethi livumelene nokuqokwa kwalaba abalandelayo:
a.    Mnu Tshediso Matona njengoKhomishana weKhomishani Yezokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho.
b.    Amalungu esiGungu Sokudluliswa Kwezikhalazo seBhodi Lezamafilimu Nokushicilela: 

  • Mnu Siyazi Tyamtyam (uSihlalo); 
  • Nks Sohani Natasha Chundhur;
  • Nks Sisanda Nkoala;
  • Nks Shandukani Mulaudzi;
  • Nks Nomaswazi Rachel Shabangu-Mndawe;
  • Dkt Litheko Modisane;
  • Mnu Phuti Nehemia Phukubje;
  • Mnu James Shikwambana; kanye no
  • Nks Manko Thalitha Bufffel (oqokwe kabusha). 
     

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore