Isitatimende somhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zi-2 kuZibandlela 2020

A.    Ezisematheni

1.    Ukukhuphuka kwesibalo sabantu abatheleleka ngesifo segciwane le-Corona (i-COVID-19)

1.1.    IKhabhinethi selizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokudlondlobala kwenani labantu abatheleleka nge-COVID-19 nsukuzonke eMpumalanga Kapa kanye nasezingxenyeni ezithile zeNtshonalanga Kapa. Ukukhula kwesibalo sabantu abathelelekayo kubangelwa, phakathi kokunye, wukuhluleka kwabantu ukulandela imigomo ebekiwe yokuvimbela i-COVID-19 kanye nokuhluleka ukuthobela imithethonqubo yeSigaba Sokuqapha Sokuqala.
1.2.    IKhabhinethi lizigunyazile izinyathelo zokungenelela ezihlongozwayo eziqondiswe kuMkhandlu-dolobha kaMasipala i-Nelson Mandela Bay (i-NMB) ukuze kubhekwane nengwadla yesibalo esikhulayo sabantu abatheleleka nge-COVID-19. IKhabhinethi likugunyazile futhi ukuthi ziqhubeke izikole zokusoka, kodwa-ke lokhu kumele kwenzeke ngaphansi kwemigomo enqala yokuqikelela ezempilo, futhi uMkhandlu-dolobha i-NMB wona ushiywe ngaphandle kulokhu. UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt uZweli Mkhize, uzovakashela eNtshonalanga Kapa ukuyohlola ukuthi yini okumele yenziwe ukungenelela ezindaweni ezinjenge-Garden Route. 
1.3.    IKhabhinethi likugcizelele ukubaluleka kokulandelwa kwezindlela zokuzivikela ezingaphathelene nokusetshenziswa kwamakhambi, ezinjengokuhlanza izandla ngamanzi nensipho noma ukusebenzisa isibulalimagciwane esine-alkhoholi, ukuqhela kwabanye abantu kanye nokugqoka isifonyo uma usemphakathini. Sonke kumele sileseke ikhwela leNhlangano Yezempilo Emhlabeni lokuthi kunqandwe ukutheleleka okusha kwabantu nge-COVID-19.
1.4.    Njengoba sesisondele esikhathini samaholidi kaKhisimusi, kumele sikhumbule ukuthi lisekhona igciwane futhi liseyingozi. Ngakho-ke kumele sikugweme ukuvakasha nokuhamba okungenasidingo, ikakhulukazi ngezithuthi zomphakathi, futhi sikunciphise nokuvakashela ezindaweni zomphakathi ezinjengezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma noma izinkantini. Omunye nomunye wethu kumele aqikelele ukuthi uyakugwema ukusabalalisa igciwane emndenini wakhe, ikakhulukazi kubantu asebekhulile. 
1.5.    Kumele ngaso sonke isikhathi siqhele kwabanye abantu ngisho lapho sibuthene njengemindeni ukuzobungaza amaholidi. Ngokuziphatha ngendlela efanele, sonke singalekelela ekulweni kanye nokunqanda ukusabalala kwe-COVID-19. IKhabhinethi likugunyazile futhi nokwelulwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuze kube ngumhla ziyi-15 kuMasingana 2021.

2.    Imboni yokuthuthwa kwempahla

2.1.    IKhabhinethi lizigxeke kakhulu izenzo zokuphulwa komthetho ezithinta imboni yokuthuthwa kwempahla ngomgwaqo futhi lizincomile izinyathelo ezisheshayo ezithathwe ngamaphoyisa ngokubopha abasolwa e-Gauteng. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nozakwabo babashayeli abalahlekelwe yizimpilo zabo futhi libafisela ukwelulama okusheshayo labo abalimele.
2.2.    Nakuba sikuqonda ukunengeka nokucasuka okukhona okubangelwa wukwephulwa kwemithetho yokungena kwabantu bangaphandle kuleli okwenziwa yizinkampani ezithile, udlame alusona neze isixazululo. IKhabhinethi liyabanxusa bonke labo bantu abathintekile ukuthi bazithumele ezinhlakeni ezifanelekile izikhalazo zabo mayelana nemboni yokuthuthwa kwempahla ngomgwaqo, esikhundleni sokuba babone kungcono ukusebenzisa udlame.
2.3.    UNgqongqoshe Wezemisebenzi Nezabasebenzi u-Thulas Nxesi uhola ithimba loNgqongqoshe elicubungula lolu daba, futhi kulindeleke ukuthi athumele iziphakamiso ezinohlonze futhi eziphathekayo kwiKhabhinethi ukuze kuxazululwe yonke imibango nezingxabano ezithinta le mboni. 

3.    Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda

3.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukudluliselwa ezandleni zomphakathi koHlelo Lokuphakelwa Kwamanzi lwaseMshwathi KwaZulu-Natali, okuwuhlelo oluzoziguqula kakhulu izimpilo zabantu abahlala emakhaya angaphezu kwezi-3 000 endaweni yase-Albert Falls, eMpolweni, e-Trustfeed kanye naseNadi.
3.2.    Lolu hlelo lwandulela eminye imiklamo ehlukahlukene yokuphakelwa kwamanzi kulesi sifunda ezohlinzeka ngamanzi komasipala bezifunda abayisikhombisa – okuyi-Zululand, King Cetshwayo, iLembe, uThukela, uMgungundlovu kanye ne-Harry Gwala. IKhabhinethi liyabanxusa labo abahlomulile kulolu hlelo ukuthi bawasebenzise ngokuwonga amanzi ukuze kuhlomule wonke amakhaya. 

4.    Amaholidi aphephile

4.1.    Njengoba sesifikile isikhathi sokuba abantu baseNingizimu Afrika bathokozele amaholidi nemindeni kanye nabangani babo, iKhabhinethi liyasikhuthaza sonke ukuthi lokho sikwenze ngokuzinakekela nokuzithiba. Ngaphezu kokulandela yonke imigomo yezempilo ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwe-COVID-19, kumele futhi sihloniphe nemithetho yomgwaqo ukuze siqinisekise ukuthi sonke sifika siphephile kulezo zindawo esivakashela kuzona. 
4.2.    Ukuphepha emgwaqeni kuwumthwalo wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi bayanxuswa bonke abashayeli ukuthi bahloniphe umgomo wejubane, bangashayeli bedle amanzi amponjwana, futhi bangashayeli budedengu nangokunganaki. 
4.3.    Abazali kanye nabanakekeli bezingane bayanxuswa ukuthi bangalokothi bashiye izingane zodwa zingagadiwe ngalesi sikhathi samaholidi. Ngokusebenzisana nokubambisana ekutheni sizinakekele futhi sinakekele nabanye singaqinisekisa ukuthi siba nesikhathi samaholidi esiphephile futhi esinentokozo.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Umbiko wenqubekelaphambili ovela kwiThimba loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMTT) elijutshwe ukucubungula nokuxazulula izinkinga ezibhekene neSifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga
1.1.    IKhabhinethi lisigunyazile isincomo se-IMTT sokuhoxiswa kohlelo lokungenelela ngqo esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ngaphansi kwesigaba 100(1)(b) ngaphambi kokuphela konyakamali wezi-2020/21.
1.2.    IKhabhinethi ligculisekile ngenqubekelaphambili esiyenziwe ohlelweni lukahulumeni kazwelonke lokungenelela eNyakatho Ntshonalanga, nakuba usemningi umsebenzi okusamele wenziwe ukuze kuvuselelwe ngokuphelele ukuphatha okuhle esifundazweni. 
1.3.    Kunenqubekelaphambili eseyenziwe ekuvuseleleni uxolo nokuthula emphakathini nakwezabasebenzi, kwizilawuli zezimali, izinyathelo zokuqinisekisa ukuziphatha ngendlela efanele nokuqondiswa kwezigwegwe kwalabo abangasebenzi ngendlela efanele kanye nokuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi. Kunobungcono obenzekile futhi maqondana nemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ezimali, futhi sekufinyelele esiphelweni ukwehla kanye nokuma ndawonye kwemiphumela yokucwaningwa kwamabhuku ezimali obesekuqhubeke iminyaka eyisithupha. Umbiko ophelele uzokwethulwa ePhalamende.

2.    Ulwazi lwakamuva mayelana noHlelo Lwezebhizinisi Lokutakula Inkampani Yamabhanoyi  yaseNingizimu Afrika (i-SAA), phecelezi i-BR Plan

2.1.    IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni kwe-SAA BR Plan kanye nokuthi sizosetshenziswa kanjani ngendlela efanele isabelomali esingama-R10.5 ezigidigidi ukuqinisekisa impumelelo ekuqalisweni kwe-BR Plan.  
2.2.    IKhabhinethi liyithokozele le nqubekelaphambili futhi selinxuse uMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni (i-DPE) ukuthi usheshise ukuqaliswa kwezinhlelo ezisemqoka ukuze kuqinisekiswe ukusungulwa kwenkampani yezindiza kazwelonke ehlelwe kabusha, esebenza kahle futhi esebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje. 
2.3.    I-DPE iyalelwe ukuthi iphothule inqubo yokuqokwa kwebhodi lesikhashana le-SAA futhi iphothule nohlelo lokuqoka iNkampani Ezobambisana nayo Kwezebhizinisi i-SAA ehlelwe kabusha. I-Mango inconyiwe ngendima yayo esemqoka kakhulu eyidlalile njengenkampani engaphansi kwe-SAA, ukuqinisekisa ukuthi le nkampani yezindiza iyaqhubeka nokuba khona kanye nokuqhuba ibhizinisi emakethe yezindiza. 

3.    Uhlelo Lokulungela Nokulungiselela Izehlakalo Ezinokwenzeka Ezweni Lonkana Esikhathini Sasehlobo sowezi-2020-21

3.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo Lokulungela Nokulungiselela Izehlakalo Ezinokwenzeka Ezweni Lonkana Esikhathini Sasehlobo sowezi-2020-21 olwethulwe nguNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko, uDkt uNkosazana Dlamini Zuma. Lolu hlelo lulandela izibikezelo ezibonisa amathuba aphakeme impela okutholakala komthamo wemvula ongaphezulu kwalowo ojwayelekile ezingxenyeni eziningi zezwe. Lokhu kusho ukuthi maningi amathuba okuhlasela kwezikhukhula nezivunguvungu ezinamandla ezindaweni zezwe ezivamise ukuthola imvula eningi ehlobo, ezibandakanya zonke izifundazwe eziyisishiyagalombili zakuleli ezithola imvula ehlobo, ngaphandle kwesifundazwe saseNtshonalanga Kapa sona esithola imvula eningi ebusika. 
3.2.    Ekuqaliseni lolu hlelo, sekuqhanyukwe nezinyathelo zokunciphisa umonakalo nobungozi obungadalwa yisimo sezulu esibi ngokuxakile esikhathini sasehlobo. Lolu hlelo lufaka phakathi isikhathi samaholidi kusukela ngoLwezi 2020 kuze kuyofika uNhlolanja 2021 njengoba lesi sikhathi kuyisikhathi lapho ephakeme kakhulu impela amathuba okwenzeka komonakalo obangelwa yisimo sezulu esibi ngokuxakile. IKhabhinethi likuphawulile futhi nokuthi kunezingxenye ezithile esifundazweni saseNtshonalanga Kapa, eNyakatho Kapa kanye naseMpumalanga Kapa ezisabhekene nesomiso esibi kakhulu.
3.3.    IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi wenze amalungiselelo adingekile ukuze ukwazi ukubhekana nobungozi obuhambisana nezimo ezixakile esikhathini sasehlobo futhi uqinisekise ukuthi uthatha izinyathelo ezifanelekile futhi ezinohlonze ezizosindisa izimpilo zabantu, zivikele impahla kanye nengqalasizinda. 

4.    Uhlaka Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezinqubomgomo

4.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezinqubomgomo oluzohola yonke iminyango kahulumeni ekwakheni ezazo izinqubomgomo zikahulumeni. Lolu hlaka luhlose ukuqinisekisa ukusetshenziswa kwezinqubo ezifanayo ekwakhiweni kwezinqubomgomo kuzo zonke izinhlaka nezigaba zikahulumeni.
4.2.    Lo mbhalo ubeka ngokucacile izinyathelo ezihlukahlukene okumele zilandelwe ekwakhiweni kwezinqubomgomo zikahulumeni, okubandakanya izindlela zokwakhiwa kwezinqubomgomo, namazinga alindelekile; nezinto okumele zifakelwe izibuko uma kwakhiwa izinqubomgomo kanye nalokho okumele kwenziwe futhi okumele kube khona ukuqinisekisa izinqubo zokwenziwa nokuqaliswa kwezinqubomgomo ezisebenza ngempumelelo.   
4.3.    Uhlaka olukhona njengamanje alukuqinisekisi ukufana nokuhambelana kahle kwenqubo yokwenziwa kwezinqubomgomo kuhulumeni. Lo mbhalo uzotholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (i-DPME) ethi www.dpme.gov.za.
 
5.    INqubomgomo Yokunikelwa Komhlaba

5.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuqaliswa kwenqubomgomo, okuhloswe ngayo ukusheshisa iminikelo yomhlaba njengenye yezindlela zokubhekana nenkinga yokuhamba ngesivinini sonwabu kohlelo lokulethwa kwezinguquko kwezomhlaba nokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo. 
5.2.    Ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo kuzokwakha amathuba amahle okubamba iqhaza emnothweni kwezakhamuzi ezihlala ezindaweni ezakhelene namadolobha kanye nalezo ezihlala ezindaweni zasemakhaya. Le nqubomgomo ibeka izikhuthazo-mihlomulo futhi ihola nendlela abazonikela ngayo ngomhlaba abanikazi bodedangendlale bomhlaba. Izikhuthazo-mihlomulo zihambisana nezibopho ezinqunyiwe, zokuhlomisa nokuthuthukisa abantu, okumele bahlangabezane nazo abanikazi bodedangendlale bomhlaba abazonikela ngomhlaba.
5.3.    Umhlaba onikeliwe kanye nezinyathelo zenqubomgomo yezikhuthazo-mihlomulo kuyahambelana nesivumelwano ezafinyelela kusona izinhlaka zomphakathi ezibambisene, futhi lokhu kwenzeka ngaphansi kohlelo lwe-Operations Phakisa lowezi-2016 oluqondene neZolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. Inqubomgomo yakhishwa ngoNhlolanja 2020 ukuze umphakathi uphawule ngayo.

6.    INqubomgomo Kazwelonke Yokukhethwa Kwabahlomuli kanye Nokwabiwa Komhlaba yowezi-2020

6.1.    IKhabhinethi liyigunyazile inqubomgomo ehlinzekela inqubo engachemile, ethembakele futhi esobala yokukhethwa kwabahlomuli nokwabiwa komhlaba eNingizimu Afrika. Le nqubomgomo ifaka phakathi nemibono eyatholakala ekushicilelweni kwayo ngasekuqaleni konyaka futhi ihlose ukubhekana, phakathi kokunye, nokungaphathwa ngokulinganayo kwabesifazane nabesilisa maqondana nodaba lobunikazi bomhlaba. 
6.2.    Ibeka eqhulwini ukwabelwa kwabesifazane umhlaba, futhi ngalokho-ke kugqugquzelwe ukuthuthukiswa kwabesifazane maqondana nalokhu. Ihlose futhi ukubhekana nezidingo ezihlukahlukene zomhlaba ezizwakaliswa yimiphakathi ezinjengesidingo somhlaba wokulima, ukuhlaliswa kwabantu, amadlelo omphakathi, nokwakhiwa kwezindawo zokufihla ikhanda kanye nokuthuthukiswa kwezimboni. 
6.3.    Inqubomgomo iphakamisa ukuthi kwakhiwe uhlaka oluzimele oluzosetshenziswa ekwabiweni komhlaba futhi ihlinzekela uhlelo lokufakwa kwezicelo nge-inthanethi ukuqinisekisa ukwabiwa komhlaba ngendlela esobala ngokuphelele. 

7.    Uhlaka Lwenqubomgomo Yesizinda Somngcele Lapho Labo Abadlula Emngceleni Bezoma Kanye Kuphela (i-OSBP) 

7.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uhlaka oluhlongozwayo lweNqubomgomo ye-OSBP ukuze kuboniswane nomphakathi ngalo. Ukwakhiwa kwe-OSBP kuhlose ukulawula kahle nokuhambelanisa ukuhamba kwabantu nempahla phakathi kwezintuba zokungena emingceleni yeNingizimu Afrika kanye neyamazwe angomakhelwane bayo. Lesi siphakamiso kwinqubomgomo sihlose ukuxazulula inkinga yesiminyaminya esiholela ekutheni kube nokubambezeleka, ikakhulukazi kubavakashi abanqamula imingcele yamazwe kanye nabahwebi. 
7.2.    Le nqubomgomo iqalisa ukusebenza koHlaka Lwesizinda Somngcele Lapho Labo Abadlula Emngceleni Bezoma Kanye Kuphela, phecelezi, i-One-Stop Border Framework eyamukelwa ngokusemthethweni yiKhabhinethi ngowezi-2018. Ezingeni lezwekazi, le nqubomgomo ifaka isandla ohlelweni lwengqalasizinda olubizwa nge-Presidential Infrastructure Champion Initiative, oluthuthukisa ukuxhumana phakathi kwamazwe ase-Afrika ngenhloso yokubhekana nenkinga yokuntuleka kwengqalasizinda futhi lukhuthaze ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika. Uhlaka lwenqubomgomo luzoshicilelwa kusomqulu kahulumeni ngekota yokuqala yowezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngalo.

8.    Ukugunyazwa Nokuqinisekiswa Ngokusemthethweni Kwesivumelwano Senhlangano Yezabasebenzi Yamazwe Ngamazwe esiqondene Nesivumelwano Sokuqedwa Kodlame Nokuhlukunyezwa Ezindaweni Okusetshenzelwa Kuzona sowezi-2019 (No. 190)

8.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSivumelwano Sokuqedwa Kodlame Nokuhlukunyezwa Ezindaweni Okusetshenzelwa Kuzona sowezi-2019 (No. 190) ukuze sigunyazwe futhi siqinisekiswe ngokusemthethweni. Isivumelwano sihlose ukuqeda inkinga yodlame nokuhlukunyezwa, ikakhulukazi emsebenzini. Sihlinzeka ngohlaka olucacileyo lwezinyathelo okumele zithathwe kanye nethuba lokubumba ingomuso lomsebenzi elisekelwe phezu kwesithunzi somuntu nenhlonipho, lapho lungekho udlame nokuhlukunyezwa.
8.2.    Ukugunyazwa nokuqinisekiswa ngokusemthethweni kwalesi sivumelwano kuhambisana noMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996. Uma sesigunyaziwe futhi sesiqinisekiswe ngokusemthethweni, imigomo yalesi sivumelwano izohanjelaniswa nesimo esikhona kuleli futhi ihanjelaniswe noMthetho Wezobudlelwane Kwezabasebenzi, wonyaka we-1995 (uMthetho wama-66 wonyaka we-1995).
8.3.    UMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi usuyihlanganisile kakade iMigomo Yenkambiso Enhle eqondene Nokuvinjelwa Nokuqedwa Kodlame Nokuhlukunyezwa Ezindaweni Okusetshenzelwa Kuzona.

9.    Iqhingasu Elibuyekeziwe Lolwandle i-Antarctic futhi Okungulwandle Oluseningizimu

9.1.    IKhabhinethi liligunyazile iqhingasu elibuyekeziwe ukuze liqaliswe ukusebenza, okuyiqhingasu elibandakanya nezimvo ezitholakale ekushicilelweni kwalo ngasekuqaleni konyaka. Iqhingasu lihlinzekela ukuhanjelaniswa kanye nokuqaliswa koMthetho Wezivumelwano ze-Antarctic, wonyaka we-1996 (uMthetho wama-60 wonyaka we-1996), mayelana nocwaningo, ukulondolozwa, ukusetshenziswa kwezilwane nezitshalo zasolwandle ngendlela esimeme kanye nokuphathwa kwemvelo ngenhloso yokweseka uhlelo lwe-Afrika.  
9.2.    Lokhu kufaka isandla eziNjongweni Zentuthuko Esimeme, ngokuthi kwamukelwe ukuthi uLwandle i-Antarctic futhi Okungulwandle Oluseningizimu luyingxenye esemqoka kakhulu ohlelweni lwesimo sezulu lomhlaba.  Leli qhingasu liyalekelela ezinyathelweni eziqondene nesimo sezulu kanye nokuvikelwa kwemvelo nokuqinisekisa ukuthi izidalwa zemvelo eziphila endaweni ethile ziphila ngaphandle kokuphazanyiswa nokucekelwa phansi ngokuthi kugqugquzelwe ukusungulwa kwezindawo eziphathwa futhi zivikelwe ngokukhethekile. Lwashicilelwa ngoNdasa 2020 ukuze umphakathi uphawule ngalo.

10.    Amalungelo Esintu, Inkululeko Nokubuyisana: Iqoqo-lwazi Lokuphakanyiswa Kwezizinda Zokhondolo luka-Nelson Mandela 

10.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthi izizinda ezingaphansi kwaMalungelo Esintu, Inkululeko Nokubuyisana: Iqoqo-lwazi Lokuphakanyiswa Kwezizinda Zokhondolo luka-Nelson Mandela zithunyelwe eSizindeni Samagugu Omhlaba soPhiko lweNhlangano Yezizwe Olwengamele Ezemfundo, Ezesayensi Nezamasiko ukuze zicutshungulwe futhi zamukelwe ngokusemthethweni njengeZizinda Ezingamagugu Omhlaba. Lokhu kuyingxenye yoMzila obanzi Wamagugu Omzabalazo Wokulwisana Nengcindezelo, kanye Nenkululeko. 
10.2.    Lokhu kuphakamisa izizinda eziyi-10 ezisezifundazweni ezine kanye nomasipala abayisikhombisa. Lezi zizinda ziwuphawu lomlando wethu wenkululeko namalungelo esintu, futhi zihlinzeka ngobufakazi bezigaba ezihlukahlukene zomzabalazo wenkululeko. 
10.3.    Ukuphakanyiswa kwalezi zizinda kuhambelana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, olugcizelela ukulondolozwa nokuvuselelwa kwezindawo ezivikelekile. Futhi lokhu kubonisa amandla nekhono lomnotho wezobuciko lokwakha amathuba omsebenzi nokungenisa imali ngokuthumela ubuciko nesiphiwo saleli lizwe emazweni angaphandle.

C.     Imithethosivivinywa 

1.    UMthethosivivinywa Wezokulondolozwa Nokuthuthukiswa Komhlaba Wezolimo wezi-2020
1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa kwalo Mthethosivivinywa ePhalamende. UMthethosivivinywa uqeda ukusebenza koMthetho Wezomhlaba Wokulima wonyaka we-1970 (uMthetho wama-70 wonyaka we-1970) ukuze kuqaliswe ukusebenza kwezidingo zomthethosisekelo, futhi kuhlinzekwe ngendlela engachemile futhi elinganayo yokusetshenziswa komhlaba wezolimo.
1.2.    UMthethosivivinywa uvikela ngamandla nenkuthalo umhlaba wezolimo ukuze kukhiqizwe ukudla ngokuthi kusungulwe iziNdawo Zolimo Ezivikelekile lapho kuzokwabiwa futhi kubekwe eceleni umhlaba wezolimo ongakhiqiza ukudla okuningi ukuze lowo mhlaba usetshenziselwe ukulima bese kuthi umhlaba ongeke ukwazi ukukhiqiza ukudla okuningi wona usetshenziselwe ezinye izinto ezingaphathelene nezolimo. 
1.3.    Ukuqaliswa kwalo Mthethosivivinywa kuzobhekana nobungozi bokuntuleka kokudla ezweni kanye nasemakhaya.

D.         Imicimbi Ezayo

1.         INgqungquthela Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) 

1.1.    I-AU izosingatha iNgqungquthela Ekhethekile Yendawo Yokuhwebelana Mahhala Ezwekazini lase-Afrika (i-AfCFTA) mhla ziyisi-5 namhla ziyisi-6 kuZibandlela 2020, ukulungiselela ukuqala kokusebenza kwe-AfCFTA mhla lu-1 kuMasingana 2021. 
1.2.    I-AfCFTA izohlinzeka ngemihlomulo emihle kakhulu kwiNingizimu Afrika njengoba izokokhela inhlansi ezokhuthaza ukukhula komnotho kanye notshalomali. Indawo yokuhwebelana mahhala izovula amathuba okuthi izimpahla nezinsizakalo zakuleli zithunyelwe ngaphandle emakethe yamazwe enabantu abevile ku-1.2 wezigidigidi. NjengoSihlalo we-AU, iNingizimu Afrika ibilokhu ihamba phambili emza`mweni wokuqalisa ukusebenza kwe-AfCFTA.
1.3.    Lesi sivumelwano siqhubekisela phambili ukudidiyelwa komnotho nentuthuko, ukuhlonyiswa nokuthuthukiswa kwabesifazane ezwekazini, kanye nokuqiniswa kwemizamo ephokophele ekuletheni uxolo nozinzo kwelase-Afrika.

2.         Usuku Lokubuyisana

2.1.    INingizimu Afrika izogubha uSuku Lokubuyisana mhla ziyi-16 kuZibandlela 2020 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibumbene Ezinyathelweni Nemizamo Esiyenzayo Ukulwisana Nobuhlanga, Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokunye Ukungabekezelelani”. Lolu suku masilusebenzisele ukuzibophezela kabusha ekufezekiseni ukwakhiwa kwesizwe kanye nobumbano lomphakathi.
2.2.    Njengoba kulo nyaka kugxilwe kakhulu kubuhlanga lokho kugcizelela ukubaluleka kokuthi umuntu ngamunye abhukule alwisane nobuhlanga, ukucwasana ngokobuhlanga, ukuzondwa kwabantu bangaphandle kanye nokungabekezelelani okuhlobene nalokhu ezweni. 

3.         Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lokulwisana Nenkohlakalo

3.1.    INingizimu Afrika izohlanganyela namazwe omhlaba wonkana ekubungazeni uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokulwisana Nenkohlakalo ngoLwesithathu mhla ziyisi-9 kuZibandlela 2020. Lolu suku luqwashisa ngezindleko nemithelela emibi yenkohlakalo, futhi luhlose ukuyiqeda nya.
3.2.    Inkohlakalo iyinto engamukelekile neze, kungakhathalekile ukuthi yenzeka emkhakheni kahulumeni noma emkhakheni ozimele. Inkohlakalo yenzeka ngezindlela ezihlukahlukene futhi izenzo ‘ezinjengokuthenga’ izincwadi zokushayela, ukukhokha isifumbathiso ukuze ungajeziswa ngokusemthethweni, ukusebenzisana ngendlela engekho emthethweni kanye nezenzo eziphambene nokuncintisana okuhle, konke kuyizenzo zenkohlakalo. 
3.3.    Impumelelo yempi yethu yokulwisana nenkohlakalo incike ekubandakanyweni kwazo zonke izakhamuzi kanye nezikhungo. NgoLwezi 2020, iKhabhinethi liligunyazile iQhingasu Likazwelonke Lokulwisana Nenkohlakalo futhi libanxusile bonke abantu ukuthi babumbane ekulwisaneni nenkohlakalo. Uma ubona okuthile, khuluma, bika inkohlakalo ngokushayela iNombolo Kazwelonke Yokulwisana Nenkohlakalo ku-0800 701 701. 

E.     Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisele futhi lafisela okuhle kodwa: 
1.1.    UNks Tsakani Maluleke, oqashwe njengoMcwaningimabhuku Omkhulu waseNingizimu Afrika kusukela mhla lu-1 kuZibandlela 2020. IKhabhinethi limufisele okuhle kodwa emsebenzini wakhe wokuqinisekisa ukuthi labo abathweswe umsebenzi wokusebenzisa izinsiza nezimali zombuso bayaphendula ngokusetshenziswa kwazo.   

2.    Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lithumele amazwi enduduzo:
2.1.    emndenini, abangani kanye nozakwabo bomdlali wasemuva waphambilini weBafana Bafana kanye neMamelodi Sundowns u-Anele Ngcongca. 
2.2.    esizweni soBukhosi ba-Bafokeng ngokukhothama kweNdlovukazi (uMama weNgonyama Yesizwe), uDkt Semane Bonolo Molotlegi.
2.3.    esizweni sabaThembu ngokukhothama kweNdlovukazi uNozamile Sigcawu, umama weNgonyama eseyekhothama uMpendulo Zwelonke Sigcawu.
2.4.    emndenini weSilo Samabandla onke iNgonyama u-Goodwill Zwelithini ngokudlula emhlabeni kwendodana yakhe uMntwana uLethukuthula Zulu.

F. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    UNks Mukondeleli Johanna Mulaudzi oqashwe njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) wophiko lomlawuli wezamachweba i-Ports Regulator of South Africa. 
2.    UNks Ayanda Noah oqashwe njengoSihlalo weBhodi lesikhwama sezamandla i-Central Energy Fund SOC LTD.
3.    UMnu Loyiso Tyabashe oqashwe njengo-CEO wenkampani yezamandla enuzi i-South African Nuclear Energy Corporation.
4.    Amalungu oMkhandlu wophiko olulawula onogada abazimele i-Private Security Industry Regulatory Authority:
a.    UDkt Audrey Leah Mofomme (uSihlalo);
b.    UMnu Matome Solomon Ralebipi (iPhini likaSihlalo);
c.    UMnu Humphrey Nhlanhla Ngubane;
d.    UDkt Sithembile Nombali Mbete; kanye no
e.    Nks Thandeka Ntshangase.
5.    Ukwelulwa kwenkontileka yomsebenzi kaMnu Mbulelo Tshangana njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.
6.    UNks Nomfundo Clementine Tshabalala oqashwe njengo-DG woMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba. 
7.    UDkt Annette Theresa Griessel oqashwe njengePhini lika-DG (u-DDG): Ophikweni Lukazwelonke Lokuhanjelaniswa Nokuhlelwa Kahle Kwemisebenzi Eyenziwayo eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (i-DPME).
8.    UDkt Nontsikelelo Valencia Tshayingca-Mashiya oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lwezinsizakalo Zokwesekwa Kwemisebenzi Yesikhungo e-DPME.
9.    UNks Dorcas Tshepiso Moahloli oqashwe njengo-DDG: Wezokuphathwa Kwempahla Yesikhungo Nezibopho Nezikweletu Zesikhungo eMnyangweni weHhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139
Usuku: uLwesine, 2 Zibandlela 2020

Share this page

Similar categories to explore