Isitatimende soMhlangano Okhethekile weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesibili, mhla we-14 kuMandulo 2021

Umhlangano Okhethekile weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ubanjwe ngaphambi kokuqala kwe-Lekgotla yeKhabhinethi.  

A.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Ukwelulwa koMhlahlandlela i-Hydrogen Society Roadmap (i-HSRM)

1.1.    IKhabhinethi ikuvumile ukwelulwa kwe-HSRM ngeminyaka elishumi ezayo. I-HSRM inikeza ukusebenza kweQhingasu laseNingizimu Africa le-Hydrogen elagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2007 ukulungiselela izwe umnotho we-hydrogen. I-HSRM yakhela phezu kwesisekelo sobesekuzuziwe eminyakeni elishumi eyedlule ukulungiselela iNingizimu Afrika ukusuka ocwaningweni nokuthuthukisa iye ekukhiqizeni nakuhwebo. 
1.2.    I-HSRM ihlanganisa ngempumelelo bonke ubuchwepheshe obuhlobene ne-hydrogen emikhakheni eyehlukahlukene yomnotho futhi ikhuthaza ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu. Ibeka iNingizimu Afrika njengendawo enekhono lomnotho we-hydrogen osimeme futhi ikhulisa ukuhwebela amazwe angaphandle ngobuchwepheshe be-hydrogen.  
1.3.    Ukukhiqizwa kwemikhiqizo nezingxenye ze-hydrogen lapha ezweni kuzosiza ekusungulweni kwemisebenzi nokuthuthukiswa kwamakhono, futhi kukhulisa uguquko lomnotho oluzozuzisa umkhakha womphakathi obuncishwe amathuba phambilini, ikakhulukazi abesifazane nentsha.
1.4.    I-HSRM iphinde ihlinzeke ngezingenelelo ezizosiza ekunciphisweni kwegesi engcolisa umoya i-greenhouse gas (i-GHG). Phakathi kwezinye izinto izokhulisa ukuhlinzekwa kogesi ovuselelekayo kwisizinda esikhulu sogesi futhi yethula izingenelelo emkhakheni Wezokuthuthwa Wempahla Esinda Kakhulu, okungelinye lamagalelo ekungcoleni kwe-GHG.  
1.5.    Umhlahlandlela kubonisanwe ngawo kabanzi nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile, kubandakanya iminyango kahulumeni, izifundiswa, umkhakha ozimele nemikhandlu yezesayensi. Uhlinzeka ngohlaka lokuxhumanisa ukuqinisekisa ukuhlangana kwabo bonke ubuchwepheshe obuhlobene ne-hydrogen kanye nokuthuthukiswa kwamakhono ezweni. Lo mqulu uzotholakala kwiwebhusayithi yoMnyango Wesayensi Nokuqamba Kabusha ku: www.dst.gov.za.

2.    Isivumelwano Esichitshiyelwe Ngokuvikelwa Kwemikhiqizo Yenuzi (i-CPPNM)

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kwe-CPPNM echitshiyelwe ePhalamende ukuze igunyazwe, ngokweSahluko sama-231(2) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996, obeka ukuthi: “Isivumelwano samazwe ngamazwe sibophezela izwe kuphela emva kwesinqumo sokugunyazwa kwiSigungu Sikazwelonke nakuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe”. 
2.2.    Izichibiyelo ezenziwe yi-International Atomic Energy Agency (i-IAEA) zaqinisa ukuvikelwa okuncane kwezikhungo kanye nemikhiqizo yenuzi esetshenziselwa izinhloso zokuletha ukuthula. Njengelungu le-IAEA, iNingizimu Afrika isisayine lesi sivumelwano futhi saqinisekiswa kamuva ngowezi-2007.
2.3.    Izichibiyelo kulesi sivumelwano ziqinisa ukuphepha kukazwelonke kwamazwe angamalungu, kubandakanya ukuvikeleka kwezikhungo nemikhiqizo yenuzi. 
2.4.    Sihlinzeka ngohlu lwamacala afana nokulethwa nokuhanjiswa kwemikhiqizo yenuzi kuleli lizwe ngaphandle kokuthola kuqala imvume. Sikhulisa ukusebenzisana phakathi kwamazwe angamalungu ekwabelananeni ngolwazi ezintweni ezenziwayo ezingekho emthethweni ngemikhiqizo yenuzi.

3.    Ukushintshwa kwesiphehlimandla socwaningo lwenuzi i-SAFARI-1 

3.1.    IKhabhinethi igunyaze ukubekwa komklamo wesiphehlimandla esisebenza ngezindlela ezehlukahlukene senuzi ukuze kushintshwe isiphehlimandla senuzi i-SAFARI-1 yamanje ephethwe iNhlangano Yamandla Enuzi eNingizimu Afrika (i-NECSA). Lesi siphehlimandla selokhu saqala ukusebenza ngowe-1965 kanti isikhathi saso sokusebenza sesizophela ngowezi-2030.
3.2.    I-SAFARI-1 ingomunye wabakhiqizi abane abahamba phambili bobuchwepheshe bezokulapha i-radioisotopes emhlabeni jikelele esetshenziswa ukwelapha izigidi zeziguli unyaka nonyaka. Iphinde yeseke izwe ngocwaningo lwesayensi, ukuthuthukiswa kanye nokuqamba kabusha kwezokwelapha, ezolimo, ucwaningo lwezitshalo nezilwane kanye nesayensi yezinto eziphilayo.   
3.3.    Lokhu kushintshwa kuzoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ihlala ingelinye lamazwe aphambili kule mikhakha futhi iyazuza kulobu buchwepheshe obusha kule ndima. Umklamo uzoholwa iminyango eminingi efanele kanye ne-NECSA njengekhasimende eliqavile.

4.    Umbiko Obuyekeziwe Wonyakambili weSine weNingizimu Afrika

4.1.    IKhabhinethi ivume ukulethwa koMbiko Obuyekeziwe Wonyakambili weSine wezwe – ohlinzeka ngezakamuva emizamweni yezwe ukunciphisa kanye nokuhambisana nokuguquka kwesimo sezulu – kwiSivumelwano Sohlaka Lwezizwe Ezihlangene Ngokuguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC). 
4.2.    Umbiko ucacisa imithethonqubo elandeliwe kanjalo nezinyathelo nezenzo ezithathwe yizwe ukunciphisa ukungcolisa kwe-GHG. Uphinde uhlinzeke ngokubuyekezwa kwezingenelelo ezishintshayo ezibhekiswe emnothweni wekhabhoni ophansi okuholwa nguMthethonqubo Womthetho Odingidwayo kaZwelonke Wokubhekana Nokuguquka Kwesimo Sezulu. 
4.3.    INingizimu Afrika izinikele ukuba negalelo elihle emizamweni yomhlaba yokuzinzisa ukunciphisa ukungcola kwe-GHG ngokwentuthuko yezwe ebekwe eqhulwini. Njengabasayine isivumelwano se-UNFCCC, iNingizimu Afrika ilindeleke ukuthi yethule le mibiko ebuyekeziwe njalo nje.

5.    Umnikelo kaZwelonke (i-NDC)

5.1.    IKhabhinethi ivume i-NDC ebuyekeziwe yokunciphisa ukuguquka kwesimo sezulu iNingizimu Afrika ebizibekele yona yangowezi-2030 ukuze izokwethulwa kwi-UNFCCC. INingizimu Afrika ibuyekeze isilinganiso ezibekele sona sangowezi-2025 sasuka kuma-398 saya kuma-510 kanye nowezi-2030 sasuka kuma-350 saya kuma-420 wama-Metric tons Carbon Dioxide equivalent (Mt Co2-eq). 
5.2.    Ngaphansi kwesivumelwano i-Paris Agreement wonke amaqembu alindeleke ukuthi afake ama-NDC njalo eminyakeni emihlanu. INingizimu Afrika yafaka i-NDC yayo yokuqala ku-UNFCCC ngoMfumfu wezi-2015, yazinikela ukugcina ukungcola kwe-GHG esilinganisweni esisuka kuma-398 kuya kuma-614 Mt CO2-eq ngonyaka wezi-2025 nangowezi-2030. Isivumelwano i-Paris Agreement siphinde sihlose ukunciphisa amazinga okushisa omhlaba ukuthi aye ngaphansi kwama-degrees Celcius amabili nokuzama ukufinyelela kuma-1.5 degrees Celcius.
5.3.    Wonke amaqembu ebelindeleke ukubuyekeza izilinganiso azibekele zona zangowezi-2015 ngowezi-2020 ukuqinisekisa ukuthi zihambelana nesayensi yamanje. Isilinganiso esibekiwe esibuyekeziwe sibheka imibiko yakamuva yeThimba Likahulumeni Elibhekele Ukuguquka Kwesimo Sezulu, futhi siqondaniswe nabo bonke ababambiqhaza ababenegalelo emizamweni yezwe.  

B.    Imithethosivivinywa 

1.    Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Wokungcola Kolwandle wangowezi-2021 (Ukunqanda Imikhumbi Ekungcoliseni Ulwandle) 
1.1.    IKhabhinethi ikuvumile Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Wokungcola Kolwandle wangowezi-2021 (Ukunqanda Imikhumbi Ekungcoliseni Ulwandle) ukuze umphakathi uphawule ngawo. Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa kuhlose ukuchibiyela uMthetho Wokungcoliswa Kolwandle (Ukunqanda Imikhumbi Ekungcoliseni Ulwandle), wangowe-1986 (Umthetho wesi-2 wangowe-1986) uqondaniswe neSivumelwano esibuyekeziwe Samazwe ngamazwe Sokunqanda Ukungcoliswa Kolwandle Yimikhumbi (i-MARPOL). 
1.2.    INingizimu Afrika isayinile ku-MARPOL, isivumelwano esikhulu samazwe ngamazwe esivimbela ukungcoliswa kolwandle yimikhumbi ngenxa yomsebenzi noma izingozi.
1.3.    Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa kuzosiza ekulondolozweni kwemvelo yezasolwandle ngokuqeda ukungcoliswa kolwandle yimikhumbi echitha uwoyela kanye nezinye izinto eziyingozi. 
1.4.    Wethula ukuthi imikhumbi kumele isebenzise uphethiloli oqukethe i-sulphur engeqi kuma-0.50% noma isebenzise izindlela zokuhlanza uphethiloli ezigunyaziwe.

2.    Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Wezinkampani wangowezi-2021

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa Kokuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Wezinkampani wangowezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezinkampani, wangowezi-2008 (Umthetho wama-71 wangowezi-2008). IKhabhinethi igunyaze uMthethosivivinywa okhona ukuthi kubonisanwe ngawo nomphakathi ngoNcwaba wangowezi-2018 futhi umphumela walokho waholela ekuhleleni kabusha kwezichibiyelo.  
2.2.    Izichibiyelo ezibuyekeziwe zicacisa ngezigatshana eziningana zoMthethosivivinywa, ezihlose ukunciphisa ukulawulwa kumabhizinisi; ziqinise igebe ekulweni nokuhlanjwa kwemali; ziqinise ukudalulwa kanye nokukhulisa amandla abanikazi bezabelo enkampanini.  

3.    UMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuguquka Kwesimo Sezulu 

3.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuguquka Kwesimo Sezulu ePhalamende. UMthethosivivinywa uhlose ukuhlinzeka isikhali somthetho ekuqaliseni ukusebenza koMthethonqubo Kazwelonke Obhekele Ukuguquka Kwesimo Sezulu. 
3.2.    Uvumela ukuqondaniswa kwemithethonqubo ezoba nomthelela ekubhekaneni kwezwe nokuguquka kwesimo sezulu. Uphinde uhlinzeke ngezinhlelo zoguquko zezwe ukuthi liye phambili emnothweni onekhabhoni ephansi nomelene nesimo sezulu.
3.3.    UMthethosivivinywa usuvele udlulile esigabeni sokubonisana ngawo nomphakathi obandakanya ababambiqhaza abafanelekile. 

C.    Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1.    U-Mnu Smunda Mokoena njengoSihlalo waBalawuli Bezamandla Kuzwelonke eNingizimu Afrika. 
2.    U-Dkt Margaret Mkhosi-Motsaathebe njengoMphathi Omkhulu we-National Radioactive Waste Disposal Institute. 

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore