Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngenqubekelaphambili esiyenziwe emizamweni kazwelonke yokunqanda ubhubhane lwegciwane le-Corona, i-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekuyisikhashana impela sagcina ukubamba umhlangano womndeni.

Ngenkathi ngigcina ukukhuluma nani, esikhathini esiyizinyanga ezimbili ezedlule, iNingizimu Afrika yayisiqala ukululama ehlandleni lesibili legciwane le-corona, eladlula nemiphufumulo eminingi ezweni.

Ngaleso sikhathi, inani lezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu labe selizinzile futhi selithanda ukuba phansi, futhi izwe sabe sesilifake esiGabeni Sokuqapha Sokuqala Segciwane le-Corona.

Nakuba saqhubeka nokubanxusa abantu ukuthi bacophelele kakhulu kukho konke abakwenzayo futhi bazinakekele, amazinga aphansi okutheleleka kwabantu asibeka esimweni sokuthi sikwazi ukuxegisa imikhawulo eyabe ibekiwe kumanani abantu abavumelekile ukwethamela imibuthano.

Kodwa manje, emva kwezinyanga eziningana liphansi izinga lokutheleleka kwabantu, seliqalile futhi ukukhuphuka kakhulu ngokushesha inani labantu abangenwa yigciwane ezingxenyeni eziningana zezwe.

Kula maviki amane edlule sibone ukukhula kwezibalo okulokhu kuqhubeke njalo.

Libalelwa kwizi-3 745 izinga-silinganiso lezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu nsukuzonke kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezedlule.

Lokhu kubonisa ukukhula kwesibalo ngamaphesenti angama-31 uma kuqhathaniswa neviki eledlule, futhi kungaphezulu ngamaphesenti angama-66 uma kuqhathaniswa neviki elandulela eledlule.

Isilinganiso senani labantu abahlolelwe i-COVID-19 kwatholakala ukuthi sebethelelekile sesingaphezulu kwenani eliphindaphindeke kabili kule nyanga edlule sisuka cishe kuma-4% sadlondlobala sayoshaya ngaphezu kwama-11% ngisho sesilikhuphulile imbala izinga lokuhlolwa kwabantu ezweni lonkana.

Iseluleko esisitholile ngesokuthi izinga lokutheleleka kwabantu elingaphezu kwama-5% liyinto okumele sikhathazeke impela ngayo.

Isifundazwe saseFreyistata, iNyakatho Kapa, iNyakatho-Ntshonalanga kanye ne-Gauteng sezifinyelele esibalweni sokutheleleka kwabantu esithathwa njengehlandla lesithathu lokutheleleka kwabantu ngobuningi.
Kuyabonakala nje ukuthi akusensuku zatshwala izwe lonkana lizithole selingene kwihlandla lesithathu.

Ngokusho kongoti bethu bezempilo, ukudlondlobala kwakamuva kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu kungenxa yamanani akhulayo emibuthano yomphakathi, lapho abantu bengayilandeli futhi bengayihloniphi neze imigomo esemqoka yezempilo.

Le migomo yezempilo ibandakanya ukugqokwa kwezifonyo, ukuqhelelana, ukuqinisekisa ukuthi kungena umoya owanele endaweni okuhleli kuyona abantu kanye nokuthobela imikhawulo ebekiwe kumanani abantu abavumelekile ukwethamela imibuthano.

Ezinye izizinda lapho kubonakala ukukhuphuka kwesibalo sabantu abathelelekayo yimingcwabo kanye namadili okuziduduza nokwesula izinyembezi abanjwa emuva komngcwabo abizwa phecelezi ngama-‘after tears’, ngokunjalo futhi nemicimbi lapho kubuthana khona abafundi ngenhloso yokwenza okuthile ngokuhlanganyela, okusho amakhempu, kanye nemicimbi yezemidlalo ezikoleni.

Ngenxa yokuthi bese kuphele isikhathi eside elokhu ephansi amazinga okutheleleka kwabantu, futhi ngenxa yokuthi sonke sesithanda ukufikelwa wukukhathala, ukudikibala nokuphelelwa wukubekezelela imigomo yokuzivikela kulolu bhubhane okumele siyilandele, sesinomkhuba wokungazinakekeli ngendlela elindelekile nokungazikhathazi kangako mayelana negciwane.

Asisaqikeleli ngokwanele ukuthi sigqoke izifonyo zethu ngaso sonke isikhathi, asisazigwemi izindawo ezinabantu abaningi ngokweqile futhi sesizijabulisa kakhudlwana, sihlanganyele nabanye abantu.
Ngenxa yalokho-ke aseqale ukudlondlobala futhi amanani abantu abathelelekayo.

Ukukhula kwezigameko zansuku zonke zokutheleleka kwabantu kwenzeka ngendlela efanayo naleyo okwenzeka ngayo ngenkathi kuqala amahlandla amabili edlule okutheleleka kwabantu.

Siyibonile kwamanye amazwe imiphumela edabukisayo nesabekayo kakhulu yokuvumela igciwane lizibhebhethekele nje ngaphandle kwemizamo yokulinqanda nokuthatha izinyathelo ezifanelekile.

Ngakho-ke, iKomidi Eliluleka uNgqongqoshe maqondana ne-COVID-19 selincome ukuthi, ngokushesha, izwe libeke eminye imikhawulo engeziwe, ngenhloso yokunqanda ukukhula kwenani lezigameko zokutheleleka kwabantu.
Lesi sincomo lisisusela ekukhuleni ngokuqhubekayo kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu kulezi zinsuku eziyi-14 ezedlule, nokukhula kwesibalo sabantu abalaliswa ezibhedlela cishe kuzo zonke izifundazwe zakuleli kanye nokukhula kwesilinganiso sabantu okuthi uma behlolelwa i-COVID-19 kutholakale ukuthi sebethelelekile.

Iyadingeka imikhawulo engeziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi izikhungo zezempilo azizitholi sezibhekene nomsebenzi ongaphezu kwamandla azo futhi kuqinisekiswe nokuthi azilahleki izimpilo zabantu abangahlengeka futhi kusindiswe imiphefumulo yabo.

Ukubambezela ukusabalala kwegciwane kuyinto esemqoka, ikakhulukazi njengamanje, ukuze sinikeze ithuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuthi bagonywe ngaphambi kokuthi ihlandla lesithathu lifinyelele esicongweni sokudlondlobala kwegciwane.
Lezi zincomo kubhungiwe ngazo eMkhandlwini Kazwelonke Wokulwisana Negciwane le-Corona futhi, ngasekuqaleni kosuku namuhla, kuxoxisenwe ngazo noNdunankulu, izimeya kanye nabaholi bendabuko eMkhandlwini Wokuxhumanisa kaMongameli.
Ngokususela kulezi zingxoxo, iKhabhinethi selinqume ukuthi izwe lifakwe ngaphansi kweSigaba Sokuqapha Sesibili Esiguquliwe kusukela kusasa lokhu okusayo.

Lokhu kusho ukuthi:

  • Amahora omthetho wesikhathi sewashi asezoqala ngele-11 kusihlwa aphele ngelesi-4 ekuseni.
  • Izikhungo ezithathwa njengezingenzi imisebenzi engumongo ezinjengezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma kanye nezindawo zokuzivocavoca kuzodingeka ukuthi zivale ngehora le-10 kusihlwa. Lokhu kwenzelwa ukuthi abasebenzi namakhasimende azo bakwazi ukuhamba kusenesikhathi bafinyelele emakhaya ngaphambi kokuqala komthetho wesikhathi sewashi.
  • Yonke imibuthano izobekelwa umkhawulo okumele ingalokothi neze yeqe kuwona, wabantu abayi-100 uma umbuthano lowo ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni, kanti uma ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo inani labantu elibekiwe ngama-250.
     

Lapho indawo okubanjelwe kuyona umbuthano incane kakhulu ukuthi ingamumatha lawa manani ashiwo ngenhla ngenhloso yokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele, kusho ukuthi abantu abethamele umbuthano lowo kumele bangabi ngaphezu kwama-50% omthamo wabantu ongathwalwa yindawo leyo okubuthenwe kuyona.

Lokhu kubandakanya izinkonzo nemibuthano yezenkolo, imicimbi yezepolitiki kanye nemibuthano yomphakathi ngokunjalo futhi nezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma, amathaveni, nezinye izindawo ezifanayo.
Izinyathelo eziningana ezibekiwe zisazoqhubeka zisebenze njengoba bezisebenza ngaphambilini.

Kusaphoqelekile ukuthi wonke umuntu agqoke isifonyo esimboza ikhala nomlomo wakhe ngaso sonke isikhathi uma esendaweni yomphakathi.

Kuyicala ukungakwenzi lokhu.

Abanikazi nabaphathi bezakhiwo zomphakathi, izizinda, izitolo, izindawo zokudlela, amatekisi kanye namabhasi banesibopho sokuqinisekisa ukuthi abantu abasemagcekeni abo noma abasezimotweni zabo bagqoka izifonyo, futhi kumele baqinisekise ukuthi kunezinyathelo ezibekiwe zokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele.

Uma uhlolwa kutholakala ukuthi une-COVID-19, kumele uhlale wedwa ekhaya isikhathi esiyizinsuku eziyi-10 kusukela ngesikhathi ezibonakale ngaso okokuqala kuwena izimpawu zegciwane.

Uma uke wasondelana nomuntu one-COVID-19, kumele ugonqe isikhathi esiyizinsuku eziyi-10 kulandela ukuhlangana kwakho nomuntu lowo, futhi kumele ukwenze lokho ngisho ungenazo izimpawu zegciwane.

Ukuhlonza kanye nokugcina bonke abantu abake basondelana nomuntu onegciwane behleli ngabodwana yiyona ndlela enhle kakhulu esingayisebenzisa ukuvimbela igciwane lingaqhubeki lisabalale kakhulu, ngakho-ke kusemqoka kakhulu ukuthi sonke siyihloniphe imithetho ebekiwe yokuhlaliswa komuntu ngayedwana kanye nokugonqa.

Imingcwabo isalokhu ibekelwe umkhawulo wabantu abangekho ngaphezu kwe-100, futhi njengalokhu bekunjalo phambilini imilindelo, imibuthano ebanjwa emva komngcwabo kanye nama-‘after-tears’ akuvumelekile neze.

Njengoba izwe lizongena kwihlandla lesithathu lokutheleleka kwabantu ngobuningi, asikabi nalo ulwazi lokuthi leli hlandla lizoba namandla nesankahlu esingakanani futhi lizothatha isikhathi esingakanani.

Ngokusho kososayensi abeluleka uhulumeni, amandla nesankahlu saleli hlandla lesithathu kuzoncika ikakhulukazi ekutheni omunye nomunye wethu usondelana kangakanani nabanye abantu.

Lokhu kusho ukuthi omunye nomunye wethu kumele acabange ngabo bonke abantu ahlangana nabo nsuku zonke futhi kumele senze konke okusemandleni ethu ukunciphisa lokho kusondelana nokuhlangana kwethu nabanye abantu.
Kwesinye isikhathi kuyinto engenakugwemeka ukuhlangana nabanye abantu, njengasemsebenzini noma lapho sithenga ezitolo noma sigibele izithuthi zomphakathi.

Ezimweni ezinjalo-ke, kusemqoka ukuthi siyithobele ngokuphelele yonke imigomo yezempilo ngokuthi sigqoke izifonyo, siqhele kwabanye abantu futhi siqinisekise ukuthi izindawo esikuzo zingenisa umoya owanele.
Kodwa-ke uma kunokwenzeka, kumele sikunciphise ukuhlangana kwethu nabanye abantu kulesi sikhathi.

Lokho kungasho ukuhlehlisa imicimbi ehleliwe yomphakathi, ukugwema izindawo zomphakathi kanye nokugwema ukuhamba nokuvakasha ngaphandle uma lokho kudingekile ngempela.

Imibuthano iyimbangela enkulu yokutheleleka kwabantu, okungaba yimishado, imingcwabo, amadili omphakathi, izinkonzo nemibuthano yezenkolo, imihlangano yezepolitiki noma-ke nje imibuthano yemindeni nabangani.

Kumele sikhumbule ukuthi igciwane alizihambeli ngokwalo lisuke endaweni ethile liye kwenye; lithembele ekuvakasheni nokuhambahamba kwabantu ukuze lisabalale.
Uma sinciphisa ukuhambahamba nokuvakasha kwethu igciwane nalo ngeke neze lisabalale kakhulu.

Kusemqoka kakhulu ukuthi sikugweme ukubuthana ngaphakathi ezakhiweni, njengoba igciwane lisabalala ngomoya, lapho umuntu ekhuluma, ekhwehlela noma ethimula.

Uma kudingeka ukuthi uhlangane nomuntu othile, kubandakanya nelungu lomndeni wakho, kuphephile ukuthi nihlangane ngaphandle endaweni okushaya kahle kuyona umoya.

Labo bantu abasengcupheni enkulu, kubandakanya abantu asebekhulile ngokweminyaka kanye nalabo abanezifo ezingamahlalakhona kumele baqaphele futhi bazivikele kakhulu, futhi kumele bakunciphise kakhulu ukuhlangana nokusondelana nabanye abantu.
Uma omunye nomunye wethu ezama ukwenza lokhu njengamanje, lokho kuyosilekelela ukuthi sinqande ukubhebhetheka nokudlondlobala kwenani labantu abathelelekayo.

Ngalokho sizoyinciphisa ingcindezi phezu kwezibhedlela zethu, futhi ngokwenza njalo, sizosindisa izimpilo eziningi.

Njengoba siqhubeka nokugxila ekunciphiseni ukusabalala nokutheleleka kwabantu ngegciwane ngokuthi siqikelele ukuthi siyazinakekela futhi siziphatha ngendlela efanele, sesiqalise futhi nohlelo lokugoma abantu ngobuningi olungolukhulukazi emlandweni wezwe lethu.
Emavikini amabili adlule, saqalisa isigaba sesibili sohlelo lokugonywa kwabantu, lapho sigxile khona kakhulu kulabo basebenzi bezempilo abasilele abangagonywanga ngesigaba sokuqala kanye nabo bonke abantu ezweni lethu abaneminyaka engaphezulu kwama-60 ubudala.
Lokhu kulandela isigaba sokuqala sohlelo, lapho kwagonywa khona abasebenzi bezempilo cishe abayizi-480 000.

Bangaphezu kwamaphesenti angama-67 abasebenzi bezempilo abasebenza ezikhungweni zikahulumeni asebegonyiwe.

Laba basebenzi bezempilo bathola umgomo wakwa-Johnson & Johnson, odinga kuphela umjovo owodwa nje vo.

Njengoba ubufakazi bubonisa ukuthi abantu asebekhulile ngokweminyaka basengcupheni enkulu yokugula kakhulu ngenxa ye-COVID-19 kanye nokufa, sibone kufanele ukuthi siqale ngabo abantu asebekhululie kulesi sigaba sesibili.

Kula maviki amabili adlule, bangaphezu kwezi-480 000 abantu asebethole umjovo wokuqala womgomo wakwa-Pfizer njengengxenye yomkhankaso wokugonywa komphakathi.

Ngenxa yokuthi umgomo wakwa-Pfizer udinga ukuthi abantu bajovwe ngemijovo emibili ukuze bavikeleke ngokuphelele egciwaneni, laba bantu kuzodingeka ukuthi bathole umjovo wesibili emva kwezinsuku ezingama-42 kusukela ngosuku abathole ngalo umjovo wokuqala.
Uma sebebonke, bangaphezu kwezi-960 000 abantu asebethole umjovo womgomo wokuqala eNingizimu Afrika.

Kulezi zinsuku ezimbalwa ezilandelayo, sizobe sesikhiphe imijovo engaphezu kwesigidi sayinikeza labo bantu baseNingizimu Afrika abasengcupheni enkulu kanye nalabo ababuthaka.

Kube yinto ethokozisayo impela ukubona imifanekiso yabantu bakithi asebekhulile bethola imijovo yabo yomgomo, kanye nokufunda izindatshana eziningi zobubele, uzwelo nokubambisana okuboniswe yilabo abebevakashele izikhungo zokugoma abantu.
Izinto ezinhle esizifundile nesizibonile kuze kube manje kulokhu kukhishwa kwemigomo zibonisa ukuzinikela ngokunjalo futhi nokusebenza ngobungoti nobunyoninco kwabasebenzi bethu bezempilo, kanye namalungiselelo anohlonze enziwe ukuqinisekisa ukuthi ukukhishwa kwemigomo kuba yimpumelelo.

Uhlelo lokubhalisela ukugonywa olubizwa, phecelezi, nge-Electronic Vaccine Data System lungumgogodla wohlelo lokulawula ukubhaliswa kwabantu kanye nokwabiwa kwemigomo.

Lolu hlelo luxhumanisa abantu asebebhalisile nesikhungo sokugoma esiseduze nabo.

Uhlelo luvumela ithimba likazwelonke ukuthi likwazi ukuqapha ukusetshenziswa kwemigomo futhi lithumele imigomo ezindaweni lapho idingeka khona.

Kuhamba kahle impela ukubhaliswa nokugonywa kwalabo bantu abaneminyaka engaphezulu kwama-60 ubudala.

Manje sesinabantu abevile ezigidini ezintathu asebebhalisiwe kuHlelo Lokubhalisela Ukugoma Lwe-inthanethi.

Njengoba kungokokuqala ngqa ukuthi lusetshenziswe lolu hlelo, kuyinto eqondakalayo ukuthi kube nezinkingana ngenkathi kuqala ukusetshenziswa kohlelo, okuyizinkinga ezidale ukuphazamiseka kubantu futhi kwesinye isikhathi ezidale ukubambezeleka.
Ngenhlanhla zilungiswe ngokushesha lezi zinkinga futhi uhlelo luyaqhubeka nokulungiswa ngendlela efanele futhi luqiniswe njengoba kuqhubeka ukukhishwa kwemigomo.

Zikhona ezinye izinselele esenza imizamo yokuzixazulula.

Kunenani eliphakeme impela labantu asebekhulile ngokweminyaka abahlangabezana nezinkinga maqondana nokubhalisa oHlelweni Lokubhalisela Ukugoma Lwe-inthanethi.

Lokhu kungenxa yokuthi abanawo amathuluzi abawadingayo okubhalisa nge-inthanethi, njengamakhompyutha, i-inthanethi noma omakhalekhukhwini, futhi abanye bahlangabezana nobunzima ngoba phela abakwazi ukufunda imiyalelo yokubhalisa ebhalwe ngesiNgisi.

Kunemizamo esiyenzayo ukuxazulula lezi zinkinga, futhi kunomkhankaso omkhulukazi oqhubekayo wokweseka abantu asebekhulile ngokweminyaka ukuze babhalise.

Kunezindlela ezine ongabhalisa ngazo ukuze uthole umgomo wakho we-COVID-19:

  • Ngokuthi usebenzise uhlelo lokubhalisa nge-inthanethi olutholakala kuwebhusayithi i-SA Coronavirus
  • Ngokuchofa u-*134*832# bese ubhalisa ngohlelo lwe-USSD kumakhalekhukhwini
  • Ngokutni uthumele igama elithi “REGISTER” ngo-WhatsApp kule nombolo 0600 123 456
  • Ngokushayela isikhungo sikazwelonke sokulekelela umphakathi enombolweni yamahhala kazwelonke ethi- 0800 029 999, lapho uzothola khona umuntu ozokulekelela ukuthi ubhalise futhi aphendule noma yimiphi imibuzo onayo mayelana nokukhishwa kwemigomo.

Omunye nomunye wethu angabalekelela abazali bakhe, ogogo nomkhulu, noma abantu asebekhulile ngokweminyaka emiphakathini yethu ukuze babhalise ohlelweni futhi bavikeleke.
Yonke imigomo egunyaziwe ukuthi isetshenziswe eNingizimu Afrika iphephile futhi isebenza kahle.

Le migomo ihlolwe ngokucophelela ezinhlelweni ezinkulukazi ezenziwe zokuyihlola ukuthi iphephile futhi isebenza kahle futhi idlule kwinqubo eqinile yokuhlolwa ngaphambi kokugunyazwa wuPhiko Olulawula Imikhiqizo Yezempilo lwaseNingizimu Afrika, phecelezi, i-South African Health Products Regulatory Authority futhi ihloliwe nangezinye iziphathimandla nezikhungo zezempilo emhlabeni wonke jikelele.

Futhi okusemqoka kakhulu wukuthi yonke le migomo iyabavikela abantu, ukuze bangaguli kakhulu noma bafe ngenxa ye-COVID-19.

Siyaqhubeka nokuxoxisana nabanye abakhiqizi bemigomo ukuze sikwazi ukufaka imigomo ehlukahlukene ohlelweni lwethu.

Abanye balaba bakhiqizi bamatasa bazama ukuthola izimvume ezidingekayo ophikweni lwethu lwemikhiqizo yezempilo.

Lo mkhankaso omkhulukazi wokugonywa kwabantu ngumkhankaso esiwuqhuba ngokubambisana nazo zonke izinhlaka esisebenzisana nazo.

Manje sezingaphezu kwama-400 izikhungo zokugoma ezisebenzayo ezweni lonkana, ngaphansi komkhakha kahulumeni ngokunjalo futhi nomkhakha ozimele.

Njengoba sabika ngaphambilini, sesithenge imigomo eyanele ezofinyelela kubo bonke abantu abadala ezweni, okungabantu ababalelwa ezigidini ezingama-40.

Lokhu kubandakanya imijovo eyizigidi ezingama-31 zomgomo wakwa-Johnson & Johnson, okuwumgomo odinga umjovo owodwa kuphela, futhi ozokhiqizwa khona lapha eNingizimu Afrika.

Kubandakanya futhi nemijovo eyizigidi ezingama-20 zomgomo wakwa-Pfizer, odinga ukuthi umuntu ajovwe ngemijovo emibili ukuze athole ukuvikeleka okuphelele.

Kodwa-ke kubambezelekile ukuthunyelwa kwemigomo yakwa-Johnson & Johnson kuleli ngenxa yezinkinga eziphathelene nokuhluleka ukuthobela amazinga afanelekile efemini ekhiqiza imigomo kwelaseMelika.

Silindele ukuthi zixazululwe lezi zinkinga, ngaphambi kokuthi kukhishwe umthwalo wokuqala wemigomo yakwa-Johnson & Johnson efemini ekhiqiza imigomo kuleli eGqeberha eMpumalanga Kapa.

Nakuba lena kuyinkinga esiphazamise ukuthunyelwa kwemigomo emazweni amaningi, hhayi nje kuphela ezweni lethu, sisalokhu sixhumene njalo neziphathimandla ezifanelekile ukuze siqinisekise ukuthi imijovo yethu ikhishwa ngokushesha okukhulu.
Iyizigidi ezingu-1.3 imijovo yomgomo wakwa-Pfizer esikhishiwe kakade futhi cishe iyizi-500 000 esinikezwe abantu.

Imijovo elandelayo eyizi-636 000 izotheleka kuleli khona kusihlwa nje kanti futhi kuneminye imithamo efanayo yomjovo ezothunyelwa njalo ngeviki kuze kube sekupheleni kukaNhlangulana lapho sizothola khona imijovo eyizigidi ezimbili nesigamu (2.5 million).
Ukuthembela kwethu kakhulu, okwamanje, kumgomo wakwa-Pfizer sekusiphazamisile isivinini sethu sokuvula izikhungo zokugoma abantu.

Ngenxa yesidingo sokuthi umgomo wakwa-Pfizer ugcinwe eziqandisini ezibanda kakhulu uma uthunyelwa ezindaweni ozokhishelwa kuzona, zimbalwa kakhulu izikhungo ezincane kanye nezikhungo ezisezindaweni zasemakhaya ezikwaziyo ukugcina nokukhipha lo mgomo unikezwe abantu.

Uma usugunyaziwe ukuba uqhubeke umgomo wakwa-Johnson & Johnson, kuzoba kula kakhulu ukuwukhipha unikezwe abantu ngoba phela wona ungumgomo odinga umjovo owodwa nje kuphela futhi ugcinwa esiqandisini esijwayelekile.
Ngenkathi sikhula isivinini sokukhishwa kwemigomo kula maviki ezayo, ngiyaninxusa nonke ukuthi nibekezele futhi nilinde ithuba lenu lokugonywa.

Kusemqoka ukuthi sinikeze ithuba bonke abasebenzi bezempilo kanye nalabo abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala ukuthi bagonywe kuqala, njengoba kuyibona abasengcupheni yokugula kakhulu noma yokulaliswa esibhedlela.
Okwamanje, yilawo maqembu amabili avumelekile ukuthi athole umgomo kuze kufike isikhathi lapho kumenyezelwa amaqembu alandelayo azobekwa eqhulwini futhi agonywe kuqala.

Ngithanda ukubonga zonke izinhlaka esibambisene nazo emphakathini, kubandakanya umkhakha ozimele, abasebenzi, izinhlangano zomphakathi, amaqembu ezenkolo kanye nabaholi bendabuko, ngokuthi ziqhamuke nezindlela eziyingqayizivele futhi ezibonisa ubuhlakani obukhulu zokweseka lo mkhankaso wethu.

Njengezwekazi lase-Afrika siqhubekela phambili nemizamo yethu yokwelula amandla ethu okukhiqiza imigomo ngenhloso yokuthi sigcine sesizikhiqizele ngokwethu yonke imigomo esiyidingayo.

Futhi siyingxenye yomzamo wamazwe omhlaba wonke wokuqinisekisa ukuthi wonke amazwe athola ngokushesha okukhulu imigomo eyanele.

Siyaqhubeka nokunxusa ukuthi wonke amazwe asekele ukubekwa eceleni nokuhoxiswa kwesikhashana kwamalungelo abaqambi nabakhiqizi bemigomo ngaphansi kwesivumelwano se-TRIPS eNhlanganweni Yomhlaba Yezokuhwebelana ukuze imigomo ye-COVID-19 kanye nemishanguzo yokwelapha kukhiqizwe ngokomthamo omkhulu, ngentengo ephansi futhi ngesivinini esisheshayo. 

Ngokufanayo nezinyathelo zethu zokulwisana nalolu bhubhane ezincike ekutheni sonke sisebenze ngokubambisana, ukukhishwa kwemigomo nakho kudinga ukuthi umphakathi wonkana usebenzisane futhi ubambisane ukuze lokhu kuphumelele.

Njengamanje, into esemqoka kakhulu futhi eseqhulwini wukuthi sikhuphule igiya lomkhankaso wethu wokugoma abantu ukuze ufinyelele kubantu abaningi impela, futhi ngokushesha okukhulu, kuzo zonke izingxenye zezwe lethu.

Kodwa-ke kumele sizame ukukubambezela isikhathi eside ngangokunokwenzeka ukukhula kwenani labantu abathelelekayo ukuze sithole ithuba lokugoma abantu abaningi abasengcupheni enkulu ukuze bavikeleke.

Iviki neviki lapho siphumelela ukubambezela ukufinyelela esicongweni kwehlandla lesithathu lokho kusinikeza ithuba lokuthi sikwazi ukugoma amakhulu ngamakhulu ezinkulungwane zabantu abangeziwe, futhi lokho kuyinto engasindisa izimpilo zabo.

Yingakho-ke kusemqoka ukuthi sithathe izinyathelo njengamanje, sisebenze ngokubambisana, ukuze sinqande ukusabalala kwegciwane ngokuthi sigqoke izifonyo, sigweme imibuthano kanye nokuhlangana sibe baningi ngokweqile ngaphakathi ezakhiweni, siqhele kwabanye abantu futhi sigeze izandla zethu njalo noma sizihlanze ngezibulalimagciwane.

Ngokusheshisa kwethu uhlelo lokugoma, siya ngokusondela ekunqobeni lolu bhubhane.

Ngeke neze kulunge ukuthi sinikezele futhi siphonse ithawula kuleli qophelo esikulona njengamanje. Ngeke kulunge futhi ukuthi siqale ukudembesela, sehlise ukucophelela kwethu nokuzivikela.

Kusemandleni omunye nomunye wethu ukuthi sizivikele, sivikele imindeni yethu futhi sivikele nemiphakathi yethu kuze kufike isikhathi lapho sonke sesiwutholile umgomo.

Ngiyaninxusa ukuthi nibonise ukuqina kwenu, isibindi kanye nokuphikelela njengabantu baseNingizimu Afrika ekutheni nime ndawonye, nizibambe ziqine ninqande leli hlandla lesithathu lokudlondlobala kwegciwane.

Singaphumelela futhi sizophumelela, njengoba siphumelelile nangaphambilini. UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore