Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekelaphambili Esiyenziwe Emizamweni Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane Lwegciwane i-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sanibonani kusihlwa nje,

Sinqume ukukuhlehlisa ngesigamu sehora ukuqala kwale nkulumo ebhekiswe esizweni ngenxa yokuthi ingqalabutho kwezokusakaza eNingizimu Afrika, uNks Noxolo Grootboom, ngehora lesi-7 kusihlwa nje bekungokokugcina ngci ethula izindaba zesiXhosa kumabonakude ngaphansi kweNhlangano Esakaza Ngomoya yaseNingizimu Afrika.

Ngithanda ukumethulela isigqoko uNks Grootboom njengentatheli ewenze ngobukhulu ubunyoninco umsebenzi wayo, kuyo yonke le minyaka esebenza njengentatheli ezibonakalisile ngomsebenzi wayo omuhle, lapho esibikele ngezigameko eziyingqophamlando ezenzeke ezweni lethu kanye nalezo ezenzeke emhlabeni wonke jikelele ngenkathi thina sizihlalele emagunjini ethu okuphumula ezweni lonkana.

Simufisela okuhle kodwa uNks Grootboom, futhi sibonga siyanconcoza kuyena ngeminyaka ngeminyaka ayichithe esebenzela isizwe.

Sifuna ukuthi, kumakhaya ngamakhaya, siyakuthanda.

Manje sekuyisikhathi esingaphezudlwana nje kancane samemezela iSimo Senhlekelele Sikazwelonke njengomzamo wethu wokubhekana ngqo nobhubhane lwe-COVID-19 futhi kwadingeka ukuthi siqhamuke nezinyathelo zokunqanda lolu bhubhane.

Kusukela lapho, kwadingeka ukuthi sibekezelele imikhawulo ebibekwe cishe kuyo yonke imikhakha yezimpilo zethu.

Into mhlawumbe ebe nzima kakhulu kunakho konke yindlela lolu bhubhane olukhahlameze ngayo ukuxhumana phakathi kwabantu, ngoba phela lokho yikona okwenza ukuthi thina njengabantu sizizwe siyingxenye yomphakathi.

Ziningi kabi izinto esizikhumbulayo, ebesizithatha kalula nje, njengokuthi sikwazi ukuvakashela abantu esibathandayo, siye emadilini noma siye enkonzweni.

Ngemva kwesikhathi esingangonyaka, sesenze inqubekelaphambili enkulu ekunqandeni nokulawula ubhubhane.

Imizamo yokuzikhandla kwabasebenzi bethu bezempilo, nokungapheli kwabo amandla, seyisindise izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu, kanye nomsebenzi oyingqayizivele owenziwe ngososayensi bethu ekuqhamukeni nezindlela-kucwaninga kanye nezindlela-kusebenza ezintsha sekuholele ekutheni kube nokuthuthuka okuphawulekayo kanye nenqubekelaphambili enkulu kwindlela esiliqonda ngayo leli gciwane.

Ngezinguquko esizenzile thina sonke kwindlela esiziphatha ngayo, sikwazile ukuzivikela, futhi sivikele imindeni yethu kanye nemiphakathi yethu.

ENingizimu Afrika, njengoba kunjalo nakwamanye amazwe amaningi emhlabeni, asikakulungeli neze ukubuyela empilweni ejwayelekile.

Onyakeni wesibili ilandelana, kuzodingeka futhi ukuthi siphinde sikunciphise ukuxhumana kwethu nabanye abantu, ikakhulukazi ngesikhathi sePhasika.

Isizathu salokho wukuthi alukapheli neze ubhubhane lwesifo se-corona.

Kusukela ngonyaka ophelile kuze kube manje, izwe seliqophe izigameko ezingaphezu kwesigidi esisodwa nesigamu zokutheleleka kwabantu ngegciwane le-corona.

Futhi bangaphezu kwezi-52 000 abantu asebeshonile ngenxa ye-COVID-19.

Siyabakhumbula futhi siyalila ngomphefumulo ngamunye walaba bantu abalahlekelwe yizimpilo zabo.

Njengoba nganibikela enkulumweni yami yokugcina engayethula kinina, iNingizimu Afrika seyidlulile kwihlandla lesibili lokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Kula maviki amabili adlule, inani lezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu libonakala lizinzile njengoba lime kwizigameko ezintsha ezibalelwa kwi-1 200 ngosuku.

Liyehla inani labantu abalaliswa ezibhedlela futhi ngokunjalo liyehla nenani labantu abashonayo.

Izinga lokwelulama kwabantu ezweni lingaphezudlwana nje kwama-95%.

Lokhu kungenxa yemizamo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngothi lwabo, abayithobelile imikhawulo ebekiwe kusukela ngoNdasa ngonyaka odlule ngenhloso yokuvikela izimpilo zabantu.

Lokhu futhi kuwubufakazi bokuqapha nokuqikelela okuphakeme esilokhu siqhubeke njalo nokukubonisa njengezwe maqondana nokubheka ngeso lokhozi, ukuhlola, ukulandela umkhondo wabantu abake basondelana nomuntu othelelekile kanye nokusetshenziswa kwezinyathelo zokunqanda ukutheleleka kwabantu.

Futhi kusenjalo, seluqalile uhlelo lwethu lokugoma lukazwelonke futhi seluzongena egiyeni eliphezulu.

Maphakathi noNhlolanja, saqalisa iSigaba sokuqala sohlelo lwethu lokugoma, olubandakanya ukugonywa kwabasebenzi bezempilo.

Siqhubeka kahle lesi sigaba futhi kulindeleke ukuthi siphothulwe zingakapheli izinyanga ezintathu.

Kuze kube manje, bangaphezu kwezi-250 000 abasebenzi bezempilo asebegonywe ngomgomo wakwa-Johnson & Johnson njengengxenye yohlelo lweSisonke lokulinga nokuhlola ukusebenza komgomo.

Iyizigidi eziyi-11 imigomo yakwa-Johnson & Johnson esiyithengile, okuyimigomo esaziyo ukuthi isebenza kahle kakhulu ekuvimbeleni izinhlobo zegciwane ezidlange kakhulu ezweni lethu.

Kuneminye futhi imithamo yomgomo esiyithengile eyizigidi ezingama-20 futhi simatasa siphothula isivumelwano nenkampani yakwa-Johnson & Johnson.

Kusenjalo futhi simatasa siphothula isivumelwano sokuthenga imithamo yomgomo eyizigidi ezingama-20 zomgomo wakwa-Pfizer, odinga ukuthi umuntu ajovwe ngemijovo emibili.

Uma isiyonke, le migomo esiyithengile izosihlinzeka ngemijovo yomgomo eyanele ukugoma abantu abayizigidi ezingama-41.

Ezinye izimemezelo mayelana nalokhu sizozenza uma sesiziphothulile lezi zingxoxo.

Futhi sezisezigabeni ezihlukahlukene izingxoxo nabakhiqizi beminye imigomo, njenge-Sinovac, Sinopharm kanye ne-Sputnik V. Abanye balaba bakhiqizi basezigabeni zokugcina zenqubo yokugunyazwa kokusetshenziswa kwemigomo yabo eNingizimu Afrika.

Ngaphezu kwemithamo yomgomo esizoyithola ngqo ngokwezivumelwano zethu nabakhiqizi bemigomo, sizothola futhi nesabelo semithamo yemigomo ngaphansi kohlelo lokuhlinzekwa kwemigomo lweNhlangano Yamazwe ase-Afrika esalusungula ngenkathi sisengusihlalo weNhlangano Yamazwe ase-Afrika.

Nakuba kube nokubambezeleka ekuthengweni kwemigomo nokuthunyelwa kwayo kuleli, sisenalo ithemba lokuthi sizokwazi ukufinyelela kwinani esizibekele lona futhi esihlose ukufinyelela kulona ngesikhathi esibekiwe sokugonywa kwabantu kuleli.

Siphakeme kakhulu isidingo sokufuneka kwemigomo emhlabeni wonkana, futhi nguwashiywa washiywa phakathi kwamazwe omhlaba, kodwa-ke senza konke okusemandleni ethu ukuthenga imithamo eyanele yokugoma abantu baseNingizimu Afrika kanye nabantu bezwekazi lase-Afrika.

Sekudingeke ukuthi siguqule ukwenza kwethu ukuze kuhambisane nokuguquguquka kwezinto kanye nobufakazi obusha obuvelayo mayelana nokuthi imigomo ehlukahlukene isebenza kahle kangakanani ekuvikeleni abantu egciwaneni.

Sizoqinisekisa ukuthi sinemithamo eyanele yemigomo esebenza kahle ekunqandeni igciwane ukuze sikwazi ukufinyelela ngesikhathi esifushane kakhulu esigabeni lapho iningi labantu kuleli libe selivikelekile ekuthelelekeni ngegciwane, okuzokwenza ukuthi kuphele ukusabalala nokubhebhetheka kwegciwane.

Isigaba sesibili kulindeleke ukuthi siqale maphakathi nenyanga kaNhlaba.

Sikholelwa ukuthi imithamo eyanele izofika kuleli ivela kubakhiqizi bemigomo futhi izofika ngokwamanani okuvunyelwane ngayo ngaphansi kwezivumelwano esizenze nabo abakhiqizi bemigomo.

Ngaphansi kwesigaba sesibili siyethemba ukuthi sizogoma abanye futhi abantu bakithi abaningi esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha.

Ngokuhambisana nezinkambiso eziphuma phambili futhi okuyizona ezilandelwa kakhulu emhlabeni wonke jikelele, sizobeka eqhulwini labo abasengcupheni enkulu yokulaliswa esibhedlela kanye nokufa ngenxa yegciwane, njengabantu abaneminyaka yobudala engaphezu kwama-60 kanye nalabo abaphila nezifo ezingamahlalakhona ezingalapheki.

Isigaba sesibili sohlelo lokugonyelwa i-COVID-19 sihlose ukuqinisekisa ukuthi siyayivikela imiphakathi yethu, sivikele nezinsizakalo zezempilo ukuze zingazitholi sezibhekene nomthwalo ongaphezu kwamandla azo futhi sinciphise nesidingo sokuvalwa kwezwe okuyinto ephazamisa kakhulu ezemfundo, umnotho kanye nezimpilo zethu sonke.

Kulindeleke ukuthi kuqale ngoMbasa ukubhaliselwa ukugonywa.

Abantu bazokhuthazwa ukuthi babhalise ngohleloxhumano lwe-inthanethi, kodwa-ke labo abangakwazi ukufinyelela kwi-inthanethi bazokwazi ukuhamba bayozibhalisela bona mathupha.

Ukuqinisekisa ukuthi sinayo ingqalasizinda yokweseka uhlelo lokugonywa kwabantu ziyizi-2 000 izizinda zokugoma esezihlonziwe ezweni lonkana.

Lokhu kubandakanya amagumbi odokotela abelapha izifo zonke, imitholampilo yomphakathi, izitolo, futhi kwezinye izimo, kuzosetshenziswa nezikhungo ezinkudlwana ezinjengezinkundla zemidlalo kanye nezikhungo okubanjelwa kuzona izingqungquthela.

Sekusungulwe uhlelo lokulawula imininingo yokugonywa kwabantu ngohleloxhumano lwekhompyutha, phecelezi i-Electronic Vaccination Data System, ukuze kulawulwe inqubo yokukhishwa komgomo unikezwe abantu kanye nokuyalela abantu ukuthi bangazithola kuphi izizinda zokugoma eziseduzane nalapho behlala khona.

Lolu hlelo luzokuvumela ukuthi ubhalise, uthole usuku okumele ufike ngalo uzogonywa kanye nesizinda ozogonyelwa kusona, futhi uthole nesitifiketi esithunyelwe ngobuchwepheshe bekhompyutha noma esiyiphepha esiqinisekisa isimo sakho sokugonywa, uma usugonyiwe.

Wonke umuntu ozogonywa kumele aqale ngokubhalisa ohlelweni lokugoma, futhi emva kwalokho uzobe usumenywa ukuthi uze uzogonywa uma sesifikile isikhathi sakho sokugonywa.

Izakhamuzi zakuleli ezingakwazi ukufinyelela kubuchwepheshe sizozibhalisa ngokusebenzisa izinhlaka zezifundazwe nezezifunda kanye nezinhlangano ezisebenzela emiphakathini.

Senza izinhlelo zokuqhamuka nezindlela zokuhlonza kanye nokubhalisa labo bantu abangenawo amaphepha-mvume okuba kuleli ngokusemthethweni ukuze nabo phela bagonywe.

Sisalokhu sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi siyasazisa isizwe ngesinyathelo nesinyathelo esisithathayo ngaphansi kwenqubo yokukhishwa komgomo unikezwe abantu.

Izolo, mina nePhini likaMongameli besivakashele ifemu yakwa-Aspen ekhiqiza imithi ezinze eMpumalanga Kapa, okuyifemu ezobandakanyeka emsebenzini wokukhiqiza imigomo yakwa-Johnson & Johnson.

Lena yifemu esezingeni lomhlaba yokukhiqiza imigomo futhi ethathwa njengenye yamafemu ahamba phambili emhlabeni.

Lena yimpumelelo enkulu eNingizimu Afrika, ebonisa ikhono namandla ethu emkhakheni wezokukhiqiza othuthuke kakhulu futhi oseqophelweni eliphezulu.

Ngithanda ukuyincoma inkampani yakwa-Aspen ngokubonisa umqondo ophusile ngokuthi itshale izimali kulesi sikhungo, nangesivinini sayo sokuba sesimweni sokulungela ukuqala umsebenzi wokukhiqiza.

Umthamo womkhiqizo wale femu ongaphezu kwesigamu somkhiqizo wayo usuwonke, njengoba ikwazi ukukhiqiza imijovo eyizigidi ezingama-300 ngonyaka, uzohlinzekwa kumazwe ase-Afrika.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, i-African Vaccine Acquisition Trust isayine isivumelwano sokuthengela amazwe angamalungu eNhlangano Yamazwe ase-Afrika imithamo eyizigidi ezingama-220 yomgomo wakwa-Johnson & Johnson.

Futhi kuvunyelwene ukuthi uma ifisa ingathenga eminye imithamo engeziwe eyizigidi eziyi-180.

Lesi sivumelwano sibaluleke kakhulu kwi-Afrika, hhayi nje kuphela ngoba siqalisa ukusebenza kwesibophezelo sethu ekutheni alikho nelilodwa izwe elizoshiywa ngemuva, kodwa ngoba phela le migomo izokhiqizwa khona lapha ezwekazini lethu.

Ubambiswano olukhulu nokusebenzisana phakathi kukahulumeni, amabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi kuyinto esemqoka kakhulu ekuqinisekiseni impumelelo yohlelo lokukhishwa kwemigomo inikezwe abantu.

Umkhakha ozimele uyaqhubeka nokudlala indima ebaluleke kakhulu ekwesekeni imizamo kazwelonke.

Sikhuthazekile ikakhulukazi ngokuzibophezela komkhakha ozimele wezempilo ekusebenzisaneni nohulumeni ukuze lube yimpumelelo uhlelo lokukhishwa kwemigomo, ngokusebenzisa amandla namakhono esesiwazuzile kulo mkhakha.

Siyabonga futhi ezinkampanini eziningana ezisebenza ngaphansi kwesikhwama sobumbano i-Solidarity Fund ukuhlinzeka ngezimali zokuthenga imigomo nokuyikhipha inikezwe abantu.

Siyayincoma inkampani yakwa-Vodacom kanye ne-Vodafone Foundation, okuyizinkampani esezithembise ngokuhlinzeka isamba esiyizigidi ezingama-87 zamarandi kulawo mazwe ase-Afrika eziqhuba kuwona ibhizinisi ukuze kuhlinzekwe ngeziqandisi zokugcina imigomo nokuyithutha, ukuze imigomo ye-COVID-19 ithunyelwe ngokuphepha.

Ngaphezu kwalokho, abakwa-Vodacom bazosebenzisa ulwazi nezinhlelo zabo eziseqophelweni eliphezulu zokuphathwa kwemigomo, emazweni wonkana angamalungu eNhlangano Yamazwe ase-Afrika, kulandela ukusetshenziswa ngempumelelo kolwazi nezinhlelo ezifanayo eNingizimu Afrika.

Ngithanda ukubanxusa bonke labo esibambisene nabo emkhakheni ozimele ukuthi baseseke lesi sigaba esisha empini yethu yokulwisana nalolu bhubhane.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ezinsukwini ezimbalwa nje, izwe lizoqala umhlabakhefu walo waminyaka yonke wesikhathi sePhasika.

Kubantu abaningi, lesi yisikhathi okudala besilangazelele sokuhlaba ikhefu emsebenzini noma ezifundweni zabo, kanye nethuba lokuphunyuka kancane kwizingcindezi abebebhekene nazo kulezi zinyanga ezedlule.

Abaningi sebezenzile izinhlelo namalungiselelo ale mpelasonto ende ezayo.

Abanye bazophuma bavakashe baye kwezinye izindawo; abanye bazovakashela izihlobo nabangani.

Abaningi bethu bazohambela imibuthano nemibungazo.

Kubantu abayizigidi ngezigidi futhi lesi yisikhathi sokukhonza nokudumisa uMdali.

Nakuba lisabonisa ukuzinza izinga lokutheleleka kwabantu, akumele neze sidembesele.

Lesi yisikhathi lapho ukucophelela nokuqaphela kudingeka kakhulu kunakuqala.

Iqiniso elimsulwa wukuthi ukuhamba nokuvakasha kwezinkumbi zabantu, ukuhamba kwabo besuka esifundazweni esinye beya kwesinye, ukusetshenziswa kakhudlwana kwezithuthi zomphakathi kanye nemibuthano kuletha ubungcuphe nobungozi obuphakeme bokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, sicele izeluleko kongoti futhi safakana imilomo nabameleli bohulumeni bezifundazwe nabezindawo kanye nabaholi bendabuko mayelana nokuthi yiziphi izinyathelo okumele sizisebenzise kule mpelasonto ende ezayo ukuze sivimbele ububheduka kabusha kokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Kunezimo eziningana esizicubungulile futhi sazifakela izibuko, kubandakanya nezethulo zomphakathi wezenkolo mayelana nezinyathelo zokuzivikela abazozisebenzisa kule mibuthano elindelekile.

Ngokubheka amazinga athanda ukuba phansi okutheleleka kwabantu ngegciwane, sesinqume ukuthi izwe siligcine esiGabeni Sokuqapha Sokuqala segciwane le-corona.

Kepha-ke, ngenxa yezimo ezithile zalesi sikhathi sonyaka, kumele senze izinguquko ezimbadlwana.

Ezinye zezinyathelo zizohlala zinjalo, futhi ngeke ziguquke, okuyilezi ezilandelayo:

Isikhathi sokusebenza komthetho wewashi sizohlala sinjalo kusukela phakathi kwamabili kuze kuyoshaya ihora lesine ekuseni.

Izindawo zokungcebeleka zomphakathi ezinjengamabhishi, amapaki kanye namadamu zizohlala zivuliwe.

Kepha-ke, lokhu kuzoqhubeka ngaphansi kombandela wokuqinisekisa ukulandelwa ngaso sonke isikhathi kwemigomo yezempilo, njengokuqhela kwabanye abantu kanye nokuqikelela ukugqokwa kwezifonyo.

Imingcwabo isalokhu ibekelwe umkhawulo wabantu abangekho ngaphezu kwabayi-100 futhi kumele ingathathi amahora evile kwamabili.

Ukuvakasha kwabantu phakathi kwezifundazwe kusavumelekile.

Kodwa-ke, ngiyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazame ngakho konke okusemandleni abo ukunciphisa ukuvakasha kwabo futhi uma bengenakugwema ukuvakasha baqikelele ukuthi bayayilandela yonke imigomo yezempilo edingekayo.

Kepha-ke, ngenxa yendima edlalwa wutshwala ekubhebhezeleni ukuziphatha kwabantu budedengu, kule mpelasonto yePhasika sizobeka imikhawulo ethile okumele ihlonishwe.

Maqondana nalokhu-ke, ukudayiswa kotshwala ezitolo lapho buthengwa khona buyophuzelwa kwenye indawo ngeke neze kuvunyelwe ngalolu Lwesihlanu oluzayo, nangoMgqibelo, iSonto noMsombuluko.

Kuzovunyelwa ukuthengiswa kotshwala ezikhungweni ezithengisa utshwala buphuzelwe khona lapho, ezinjengezindawo zokudlela, amashibhi kanye nezindawo zokucima ukoma, ngokuhambisana nemibandela yamalayisensi ezindawo lezo, kuze kuyoshaya ihora lama-23:00.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Impelasonto yePhasika iyisikhathi esimqoka kakhulu ngokomoya, futhi ukuya ezinkonzweni kusemqoka kwizigidi ngezigidi zabantu.

KumaKrestu, ukukhonza nokudumisa ngokuhlanganyela nabanye abazalwane kuyingxenye esemqoka yokugubha iPhasika.

Njengamanje umphakathi wamaJuda ugubha iPhasika, kanti futhi khona maduze nje umphakathi wamaSulumane wona uzoqala umgubho wenyanga eNgcwele u-Ramadan.

Kula masonto ambalwa edlule sibambe izingxoxo zokufakana imilomo nemiphakathi yezenkolo ngenhloso yokuthola izixazululo ezizohlomulisa izinhlangothi zonke maqondana nezinselele zokulawula izindimbane zabantu ezinkonzweni.

Kulandela lezi zingxoxo, kuthathwe isinqumo sokuthi imibuthano yezenkolo ezobanjwa kulesi sikhathi ibekelwe umkhawulo wenani labantu abangama-250 uma umbuthano uzobanjelwa ngaphakathi esakhiweni kanti uma uzobanjelwa ngaphandle kwesakhiwo umkhawulo wenani labantu uzoba ngabantu abangama-500.

Uma indawo yombuthano incane kakhulu, ihluleka ukumumatha lawa manani abantu futhi uma kungeke kube khona ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele, lokho kusho ukuthi indawo leyo kumele yamukele kuphela inani labantu elingekho ngaphezu kwamaphesenti angama-50 omthamo wayo ophelele.

Abazalwane akumele babuthane ngaphandle kwendawo yabo ejwayelekile abakhonzela kuyona, futhi abantu kumele bahambe baye emakhaya, bangalali endaweni leyo emva kokuphela kwenkonzo.

Ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga ubuholi obuboniswe ngumphakathi wezenkolo abaxoxisane ngomoya omuhle nathi njengohulumeni.

Kuyinto eyamukelwa ngumuntu wonke ukuthi kumele senze konke okusemandleni ethu ukweseka abantu bakithi ekuthokozeleni inkululeko yabo yezenkolo futhi sigcine izwe lethu liphephile.

Maqondana neminye imibuthano, nayo izobekelwa umkhawulo ophelele wabantu abangama-250 uma umbuthano ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni kanye nomkhawulo wabantu abangama-500 uma umbuthano ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo.

Njengalokhu ngishilo phambilini, uma indawo yombuthano incane kakhulu, ihluleka ukumumatha lawa manani abantu futhi uma kungeke kube khona ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele, lokho kusho ukuthi indawo leyo kumele yamukele kuphela inani labantu elingekho neze ngaphezu kwamaphesenti angama-50 omthamo wayo ophelele.

Siyaqhubeka nokunxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayigweme imibuthano uma beyingxenye yabantu abasengcupheni, njengabantu asebekhulile ngokweminyaka kanye nalabo abanezifo ezingamahlalakhona ezingalapheki.

Siyanxusa futhi ukuthi imibuthano ibanjelwe ezindaweni ezingaphandle kwezakhiwo, okuyizindawo eziphephe kangconywana kunokubuthana ngaphakathi esakhiweni.

Lezi zinyathelo eziphathelene nobukhulu bemibuthano sizozibuyekeza kungakapheli izinsuku eziyi-15 ngokususela ekuhlolweni kwesimo sobhubhane ezweni kanye nezinga lokuthotshelwa kwemigomo yezempilo.

Siyaqhubeka nokulandela umgomo othi imikhawulo akumele neze iqine kakhulu ngokweqile kulokho okudingekile ukunqanda ukusabalala kwegciwane.

Siyaqhubeka nokuholwa yimininingo yesimo sokusabalala nokulawuleka kwegciwane kanye nezeluleko zongoti, nokubonisana okubanzi nalabo esibambisene nabo ezinhlakeni zomphakathi wonkana.

Sizosiqapha ngeso lokhozi isimo futhi sizothatha izinyathelo ngokushesha okukhulu uma kuvela noma yiziphi izimpawu zokuqubuka nokudlondlobala kwesifo kabusha.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Lolu bhubhane alukanyamalali neze, lusekhona lusenathi.

Kumele sicophelele kakhulu kwesikwenzayo, hhayi nje kuphela kule mpelasonto ezayo kodwa ezinsukwini, amasonto kanye nezinyanga ezizayo.

Asazi ukuthi luyophela nini ubhubhane lwegciwane le-corona, kodwa-ke sonke siyazi ukuthi yini okumele yenziwe.

Siyazi ukuthi ukugqoka isifonyo ngaso sonke isikhathi uma usemphakathini, ukuhlanza izandla njalo noma ukusebenzisa isibulalimagciwane, ukuqhela kwabanye abantu kanye nokugwema izixuku zabantu kusalokhu kuyizona izindlela ezisebenza kahle kakhulu ekunqandeni igciwane nokuzivikela.

Noma yisiphi isenzo esibeka thina kanye nabanye abantu engcupheni kumele sisigweme.

Kumele ithotshelwe imikhawulo ebekiwe eyenzelwe ukuvikela impilo yethu sonke kanye nokuqinisekisa ukuphepha kwethu.

Masibe yisizwe esiziphatha ngendlela efanele neyamukelekile, sihlale sikubeke ezingqondweni zethu njalo futhi sikhumbula ukuthi lisekhona igciwane.

Masihlale emakhaya noma sibe ngamaqenjana amancane lapho sikhona.

Masikugweme ukuba yingxenye yezindimbane zabantu kanye nokuba sezindaweni lapho kungangeni umoya owanele.

Masingayi emingcwabeni, ngaphandle uma siyizihlobo ezisondelene kakhulu nomufi futhi singavakasheli ekhaya lomuntu oshonile.

Sonke sinendima okumele siyidlale kulo mzamo omkhulukazi kazwelonke wokuqeda i-COVID-19.

Masiyidlale indima yethu.

Kulesi sikhathi lapho ezimpilweni zabaningi bethu kuchichima umyalezo wePhasika wethemba, ukuzalwa kabusha kanye nokuvuselelwa kabusha, ngiyacela ukuthi sizinakekele.

Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka nokubusisa iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

 

Share this page

Similar categories to explore