Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekelaphambili Eseyenziwe Emizamweni Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane Lwegciwane i-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngikhuluma nani kusihlwa nje esikhathini lapho siqala isahluko esisha emzabalazweni wethu wokulwisana negciwane le-corona.

Phambilini namuhla, iPhini likaMongameli u-David Mabuza, uNgqongqoshe Wezempilo uDkt Zwelini Mkhize, uNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni kanye nami, samukele umthwalo wokuqala wemigomo ye-COVID-19.

Lo mthwalo oqukethe izilinganiso eziyisigidi esisodwa zomgomo i-Covishield okhiqizwe yi-Serum Institute kwelase-India, ufike ntambama namuhla esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

Lo mgomo wakhiwe futhi wathakwa yinkampani yezemithi i-AstraZeneca ngokubambisana neNyuvesi yase-Oxford. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe okuqhutshwe kuwona uhlelo lokuhlolisisa ukuthi usebenza kahle yini lo mgomo ekuvikeleni igciwane.

Ukufika kwale migomo kuqukethe isethembiso sokuthi singawaguqula amatafula sisinqobe lesi sifo esesidale umonakalo nobunzima obukhulu kangaka ezweni lethu kanye nasemhlabeni wonke jikelele.

Isivinini nobukhulu bomsebenzi wokwenziwa kwemigomo emisha kuyinto ebingakaze yabonakala ngaphambilini emlandweni wesintu futhi kuwuphawu lwenqubekelaphambili enkulukazi engazuzwa ngabantu uma bezithola bebhekene nobungozi obufanayo obubeka engcupheni isintu sonke.

INingizimu Afrika ibiyingxenye yalolu hambo olumangalisayo lomphakathi womhlaba wonkana lokuthungatha ikhambi lesikhathi eside lokubhekana ngqo nobhubhane lwe-COVID-19.

Ngithanda ukubabonga bonke labo bantu baseNingizimu Afrika ababamba iqhaza ngokuzithandela kwabo ezinhlelweni ezihlukahlukene zokulinga nokuhlola ukusebenza kwemigomo futhi sibethulela isigqoko bonke abacwaningi ababehola lezi zinhlelo zokulinga nokuhlola.

Abacwaningi bethu abaningi bebebambe iqhaza ocwaningweni oluyingqophamlando emkhakheni wezakhi zofuzo (i-genomics) lapho behlinzeke khona ngolwazi olusha mayelana naleli gciwane, okuholele ekuhlonzweni kohlobo olwehlukile lwegciwane olwaziwa nge-501Y.V2.

Manje njengoba seyifikile imigomo, izohlolwa eLabholethri Kazwelonke Elawula Imigomo ukuze kuqinisekiswe ukuthi isesesimweni esifanelekile futhi akukho okuphazamisekile kuyona ngenkathi ithuthwa ilethwa kuleli.

Uma seyihloliwe izosatshalaliswa ezweni lonkana kwizinkulungwane ngezinkulungwane zabasebenzi bezempilo ababeka izimpilo zabo engcupheni nsuku zonke ngenhloso yokusindisa abanye abantu.

Kumele sikuqinisekise ukuvikeleka kwabo ngenkathi bona belwela ukuvikela izimpilo zethu.

Ngokuhambisana nesu lethu lokukhipha imigomo ngokwezigaba ngezigaba, bonke abasebenzi bezempilo emkhakheni kahulumeni nasemkhakheni ozimele bazobekwa eqhulwini ukuze kube yibona abagonywa kuqala.

Iminyango yezempilo yezifundazwe seyizithumelile izinhlelo zayo zokusatshalaliswa kwemigomo futhi sesihlonze izikhungo ezibalelwa kuma-200 okuzosatshalaliswa kuzona imigomo.

Uma sesikuphothulile ukugonywa kwabasebenzi bezempilo, sizodlulela eSigabeni sesi-2 seqhingasu lomgomo likazwelonke, okuzobandakanya labo basebenzi abenza imisebenzi engumongo, abantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala, abantu abanezifo ezingamahlalakhona ngokunjalo futhi nalabo abaphila ezindaweni ezinjengamakhaya abadala namakhaya abakhubazekile kanye namahostela.

Esigabeni sesi-3, sizolwelula uhlelo lokugonywa kwabantu luyofinyelela nakwabanye abantu abadala ezweni lonkana.

Ngiyazi ukuthi abaningi benu bazobuza umbuzo osemqoka kakhulu: ingabe uzofinyelela kanjani kumgomo umuntu uma engena ngaphansi kwale mikhakha engikhulume ngayo.

UMnyango Wezempilo ususungule uhlelo lobuchwepheshe besimanjemanje lokuqoqa nokugcina imininingo yomgomo, phecelezi, i-Electronic Vaccine Data System, ngenhloso yokuhlela kahle nokuqhuba ngobunyoninco inqubo yokubhalisela umgomo nokukhishwa kwawo unikezwe abantu. Lokhu kuzosivumela ukuthi sikwazi ukuqoqa nokugcina yonke imininingo efanelekile ehlobene nokuphathwa komgomo.

Lolu hlelo luvumela umuntu ukuthi abekise isikhala ngokushesha uma sekufike isigaba lapho esevumelekile ukuthola umgomo, esikhungweni sokugoma esiseduze naye. Lolu hlelo luzoqopha ukujovwa kwabantu ngomgomo ngenkathi benikezwa umjovo lowo.

Njengoba ngasho enkulumweni yami eyedlule, imigomo yethu sizoyithenga kubahlinzeki bemigomo abaningana abahlukahlukene.

  • Ngaphezu kwezilinganiso zomgomo i-Covishield eziyisigidi esisodwa esizithole namhlanje, silindele ezinye izilinganiso zomgomo eziyizi-500 000 ezivela esikhungweni i-Serum Institute sase-India ezizofika kuleli makhathaleni kuNhlolanja.
  • Senze isivumelwano sokuthenga izilinganiso zomgomo eziyizigidi eziyi-12 uma sezizonke esikhungweni samazwe ngamazwe i-COVAX facility, okuyisikhungo esesikuvezile ukuthi sizokhipha cishe izilinganiso zomgomo eziyizigidi ezimbili ngoNdasa.
  • Senze isivumelwano sokuthenga izilinganiso zomgomo eziyizigidi eziyisishiyagalolunye enkampanini yakwa-Johnson & Johnson, futhi ukuthunyelwa kwale migomo kuleli kuzoqala ngekota yesibili yonyaka. Abakwa-Johnson & Johnson benze isivumelwano nenkampani yakwa-Aspen, engenye yezinkampani zemithi zakuleli, ukuthi kube iyona ezokhiqiza le migomo eNingizimu Afrika.
  • Ngaphezu kwalokho, inkampani yakwa-Pfizer seyizibophezele ekutheni izothengisela izwe lethu izilinganiso zomgomo eziyizigidi ezingama-20 ezizoqala ukuthunyelwa kuleli ngekota yesibili yonyaka.

Akusensuku zatshwala ziphothulwe izingxoxo nabakhiqizi bemigomo ukuze kutholakale eminye imigomo engeziwe.

INingizimu Afrika izothola futhi esinye isabelo sezilinganiso zomgomo ngaphansi kweNhlangano Yamazwe ase-Afrika, ebibambe izingxoxo nabakhiqizi bemigomo ngenhloso yokuthenga imigomo ngokuhlanganisa ndawonye izinsiza nezimali zamazwe ase-Afrika ukuze kwabelwe izwekazi lonkana.

Ngokusebenzisa ithimba leNhlangano Yamazwe ase-Afrika elijutshwe umsebenzi wokuthola umgomo ozokwabelwa amazwe ase-Afrika, phecelezi, i-African Vaccine Acquisition Task Team, kuze kube manje sesenze izivumelwano zokuthengela izwekazi lonkana imigomo eyisigidigidi esisodwa.

Kuleli nani iyizigidi ezingamakhulu ayisikhombisa imigomo ezovela esikhungweni samazwe ngamazwe i-COVAX bese kuthi izigidi ezingama-300 zitholakale kwinqubo yokuthenga umgomo eholwa yithimba i-African Vaccine Acquisition Task Team.

Sizothola eminye futhi imigomo ezonikelwa yizinkampani zemikhakha ezimele ezihlukahlukene ukwengeza emigomweni edingwa yizwekazi lethu.

Inkampani yakwa-MTN, okungenye yezinkampani zethu eziqhuba ibhizinisi emazweni amaningana kwizwekazi lase-Afrika, seyikhiphe umnikelo wesamba esiyizigidi ezingama-25 zamadola aseMelika ukuze kuthengwe imigomo eyizigidi eziyisikhombisa, ezonikezwa amazwe kwizwekazi lase-Afrika esikhathini esingamaviki ambalwa nje kuphela kusukela manje.

Ngithanda ukubashayela ihlombe abakwa-MTN ngalo mnikelo omkhulu kangaka futhi ngiyazinxusa nezinye izinkampani zomkhakha ozimele ukuthi nazo zilandele ezinyathelweni ze-MTN.

Muningi impela umsebenzi osuwenziwe ngokubambisana nabomkhakha ozimele futhi kuyangithokozisa ukuthi kunokuzibophezela okuqinile ekwesekeni konke okuphathelene nemizamo kazwelonke yokukhipha umgomo unikezwe abantu. Lokhu kubandakanya nokuhlinzekwa koxhasomali lapho ludingekile, imisebenzi yokuhlela, ukugcina nokuthutha, ukusabalalisa kanye nokuphatha umgomo.

Lokhu sekuholele ekutheni kube nobambiswano oluqinile phakathi komkhakha kahulumeni nomkhakha ozimele ngokusebenzisa amathimba ajutshwe imisebenzi ehlukahlukene abamba imihlangano nsuku zonke ukuze kufezekiswe umsebenzi wokukhishwa kwemigomo ngempumelelo.

Sihlose ukuthola izilinganiso zomgomo ezanele ezizokwenza sikwazi ukufinyelela eqophelweni lapho iningi labantu selivikelekile egciwaneni ukuze kuphele ukuthelelana kwabantu nokubhebhetheka kwegciwane, okubizwa phecelezi nge-‘herd immunity’, futhi okwaziwa nangokuthi yi-‘population immunity’.

Lokhu kusho isimo lapho abantu abaningi ezweni sebenamasosha omzimba anamandla azokwenza bangangenwa kalula yigciwane futhi ngalokho-ke kuvikeleke nalabo abangenawo amasosha omzimba anamandla azobavikela. Lokhu-ke kuzoholela ekutheni kulawuleke futhi kunqandeke ukusabalala kwegciwane.

Ososayensi bethu balinganisela ekutheni kungenzeka sifinyelele ku-herd immunity uma cishe amaphesenti angama-67 abantu bakithi sebenamasosha omzimba aqinile azobavikela bangangenwa yigciwane.

Lokhu kusho isibalo sabantu ababalelwa ezigidini ezingama-40 eNingizimu Afrika.

Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi sithenga izilinganiso zomgomo ezanele ukuze sifinyelele ku-population immunity ezweni lethu.

Imigomo esiyithengayo idlule ezigabeni eziningi zokuhlolisiswa ngokukhulu ukucophelela, kufaka phakathi nezinqubo zokuhlola ukusebenza kwayo ezibandakanya izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu.

Ngaphandle nje kokuthola ukuthi isebenza kahle kangakanani imigomo, lokhu kuhlola kwakwenziwe futhi ngendlela ezokwenza ukuthi kukwazi ukuhlonza imithelela engathandeki nokuphatheka kabi okudalwa yimigomo emzimbeni kanye nokukhathazeka mayelana nokuphepha. Emuva kwalokho abalawuli abazimele bayayibuyekeza imininingo etholakale kulokhu kuhlola ukuze kuqinisekiswe ukuthi imigomo ayinabo ubungozi.

Imigomo esiyithengayo sekubonakele ukuthi iphephile ezinhlelweni zokuhlolisiswa kwayo ebezibandakanya abantu abaningi ezenziwe emazweni amaningi ahlukahlukene.

Sonke sifuna ukukhululeka kulesi sifo. Sonke sifuna ukuphepha, futhi sifuna ukuthi baphephe nalabo esibathandayo.

Sihlose ukuhlinzeka umgomo kubo bonke abantu abadala eNingizimu Afrika, kungakhathalekile ukuthi sime kanjani isimo sobuzwe babo noma isimo semvume yokuhlala kuleli.

Sizoqalisa izinyathelo zokubhekana nenselele yabantu bokufika kuleli abangenawo amaphepha nezimvume ezifanelekile ukuze sikwazi ukuqopha nokulandela ngendlela efanele umlando wokugonywa kwabo, njengoba kwenzeka kubo bonke abanye abantu.

Kuzoba wusizo olukhulu kithi sonke ukuthi abaningi bethu bawuthole ngokushesha umgomo.

Kodwa-ke ngifuna ukucacisa lokhu. Akekho umuntu ozophoqelelwa ukuthatha lo mgomo. Akekho umuntu ozonqatshelwa ukuhamba aye lapho efuna ukuya khona, akekho ozonqatshelwa ukubhalisa esikoleni, noma ozonqatshelwa ukubamba iqhaza kunoma yini eyenziwayo emphakathini uma engagonywanga.

Akekho umuntu ozonikezwa lo mgomo uma engafuni futhi ngeke neze umgomo unikezwe abantu ngasese noma ekusithekeni.

Noma yimaphi amahemuhemu aphathelene nalokhu angamanga aluhlaza futhi ayingozi.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Izindaba zokuqala ezimnandi wukufika komgomo kuleli namuhla.

Ezesibili wukuthi siqophe isibalo esiphansi kakhulu sokutheleleka kwabantu nsuku zonke kusukela ngasekuqaleni kukaZibandlela ngonyaka odlule.

Empeleni, izinga-silinganiso lokutheleleka kwabantu okusha belilokhu lehle njalo kula maviki amathathu adlule, okubonisayo ukuthi manje sesidlulile esiqongweni sehlandla lesibili lokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Kulezi zinsuku eziyisikhombisa ezedlule, izinga-silinganiso lansuku zonke lokutheleleka okusha belilinganiselwa kwizi-5 500, uma kuqhathaniswa nokutheleleka kwabantu abangaphezudlwana nje kancane kwezi-10 000 okubonakale ezinsukwini eziyisikhombisa ezandulela lokho.

Ngamanye amazwi, izinga-silinganiso lokutheleleka kwabantu okusha kwansuku zonke lehle cishe ngesigamu salokho ebeliyikhona ngaphambilini.

Inani labantu abangeniswe esibhedlela nalo lilokhu lehle njalo.

Esiqongweni sehlandla lesibili inani labantu ababengeniswa esibhedlela belingaphezu kwezi-2 300 ngosuku. Mhla zingama-29 kuMasingana leli nani beselehlile lafinyelela kubantu abangama-295 abalaliswayo esibhedlela.

Nakuba izinkomba zibonisa ukuthi isimo siya ngokuba ngconywana, lisaphakeme kakhulu impela izinga labantu abathelelekayo.

Kuyasithokozisa ukubona ukuthi ezweni lonkana, abantu bayayithobela imikhawulo obekudingekile ukuthi siyibeke futhi bazilandela ngobuhlakani izinyathelo zezempilo eziyisisekelo ezidingekayo ekunqandeni ukutheleleka kwabantu.

Ngithanda ukubabonga abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ngezigidi okudingeke ukuthi babekezelele imikhawulo evimbela ukuhamba kwabo ngokukhululeka kanye nemisebenzi yabo ngenhloso yokunqanda ukutheleleka kwabantu futhi ukuze kusindiswe nezimpilo zabantu.

Kuyinto eniyiqondayo ukuthi akukho neze ukuhamba ebhishi, ipikiniki epaki kanye nedili ezinzulwini zobusuku okungalinganiswa nokulahleka kwempilo okugwemekile ngenxa yale mikhawulo ebekiwe.

Le mikhawulo iyinto yesikhashana, kodwa-ke ukulahleka kwempilo kona kuyinto engunaphakade.

Kepha nakuba kunjalo, siyazi ukuthi izinyathelo ezidingekayo ukunqanda ukusabalala kwegciwane sezidale ubunzima obukhulu kwabanye abantu.

Kuyinto esiyazi kahle kamhlophe ukuthi le mikhawulo ibe nomthelela ongemuhle neze emabhizinisini futhi ibeke engcupheni imisebenzi emkhakheni wezokungcebeleka kwezihambi, ezokuvakasha kanye nezimboni ezihlobene nalokhu.

Yingakho-ke sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ngeke neze le mikhawulo iqhubeke ngaphezu kwalokho okudingeka kakhulu ukunqanda ubhubhane nokunciphisa ukulahleka kwezimpilo zabantu.

Yilesi sizathu-ke esizokwenza ukuthi siqhubeke nokusebenzisana namabhizinisi kanye nabasebenzi kule mikhakha ukuze kuvuselelwe kabusha amabhizinisi futhi kubuyiswe nemisebenzi elahlekile esikhathini esifushane ngokunjalo futhi nasesikhathini eside esizayo.

Kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, sisihlolisisile isimo sobhubhane. Sicele izeluleko kongoti futhi sabonisana nabameleli bohulumeni bezifundazwe nabezindawo kanye nabaholi bendabuko.

Njengoba kubonakala ngokucacile ukuncipha kwezinga lokutheleleka kwabantu okusha, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa kwabantu, iKhabhinethi selinqume ukuthi liyixegise kancane kancane imikhawulo embadlwana ngaphansi kweSigaba sesiThathu esibuyekeziwe.

  • Amahora esikhathi sewashi manje asezosukela kwihora le-11 ebusuku kuze kube yihora lesi-4 ekuseni.

Izikhungo zebhizinisi kuzodingeka ukuthi zivale ngehora le-10 ebusuku ukuze amakhasimende azo kanye nabasebenzi bakwazi ukubuyela emakhaya ngaphambi kokufika kwesikhathi sewashi.

  • Imibuthano yezenkolo izovunyelwa, ngaphansi kombandela wokuthi kumele kuhlonishwe futhi kuthotshelwe imigomo yezempilo.

Imibuthano enjalo akumele ibe nabantu abangaphezu kwama-50 uma umbuthano ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni sesikhungo futhi akumele abantu babe ngaphezu kwe-100 uma umbuthano ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo sesikhungo. Lapho isakhiwo sesikhungo sisincane kakhulu futhi singeke sikwazi ukumumatha inani labantu elifanelekile elizovumela ukuqhelelana kwabantu, lokho kusho ukuthi kumele abantu bangabi ngaphezu kwamaphesenti angama-50 omthamo wesikhungo.

  • Izindawo zomphakathi ezinjengamabhishi, amadamu, imifula, amapaki kanye namachibi okubhukuda nazo zizophinda futhi zivulwe kodwa-ke lokho kumele kwenzeke ngaphansi kombandela wokuthotshelwa kwemigomo yezempilo.
  • Izoxegiswa imikhawulo yokuthengiswa kotshwala.
  • Ukuthengiswa kotshwala ezitolo zotshwala ezinamalayisensi, lapho umuntu ebuthenga ahambe nabo ayobuphuzela kwenye indawo, kuzovumeleka kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesine, kusukela ngehora le-10 ekuseni kuze kuyoshaya ihora lesi-6 ntambama.
  • Izitolo ezidayisa impahla engakhokhelwa intela, izikhungo ezikhiqiza iwayini ezibhalisiwe, amapulazi ewayini, abaphisi botshwala abancane kanye nabakhiqizi botshwala abancane bazokwazi ukudayisela abantu utshwala bahambe nabo bayobuphuzela kwenye indawo, ngamahora okusebenza ajwayelekile abekwe ngokwemibandela yamalayisensi abo.
  • Ukudayiswa kotshwala ezikhungweni ezinamalayisensi lapho abantu bevumelekile ukubuthenga babuphuzele khona ngaphakathi kulezo zikhungo – okuyizikhungo ezinjengezitolo zokudlela kanye namathaveni – kuzovumeleka nsuku zonke ngeviki kusukela ngehora le-10 ekuseni kuze kuyoshaya ihora le-10 ebusuku.

Okwenze ukuthi sikwazi ukwenza lezi zinguquko wukuncipha kakhulu kwenani labantu abangeniswa ezibhedlela ngenxa ye-COVID-19 ezifundazweni zonke zakuleli, osekunciphise ingcindezi yesidingo semibhede futhi kwanciphisa nengcindezi kubasebenzi bezibhedlela.

Ngifuna ukunxusa ukuthi sonke sibuphuze ngokuzithiba nokuzinakekela utshwala ukuze singazitholi futhi sesibhekene nokudlondlobala kwezigameko ezibucayi zokulimala kwabantu noma ukukhula kokutheleleka kwabantu ngenxa yokuziphatha budedengu.

Njengoba siphinda futhi siyixegisa imikhawulo, umthwalo wokuziphatha ngendlela efanele osemahlombe omunye nomunye wethu nawo uya ngokukhula.

Masikhumbule ukuthi nakuba sesenze inqubekelaphambili ebonakalayo impela, inani lezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu lisaphakeme kakhulu futhi isalokhu ikhona ingozi yokuthi igciwane libuye ngamandla futhi lidlondlobale kakhulu.

Ngakho-ke kudingekile ukuthi izwe siligcine lisesigabeni sokuqapha sesi-3 segciwane le-corona, ukubonisa ubungozi obulokhu buqhubeke njalo bokutheleleka ngegciwane.

Kunezinyathelo zokuvimbela igciwane ezimbadlwana ezizohlala zikhona.

  • Ngeke ivumeleke imibuthano yomphakathi, imicimbi yezepolitiki, imihlangano yemikhandlu yendabuko kanye nemibuthano ezinkundleni zemidlalo.
  • Lokhu akubandakanyi imibuthano yezenkolo kanye nemingcwabo, neminye imibuthano embalwa yona evumelekile ehlinzekwe kwimithethonqubo njengezindawo zokudlela, izigcinamagugu kanye nezindawo zokuzivocavoca.
  • Akuvumelekile ukuthi imingcwabo ithanyelwe ngabantu abevile kuma-50, futhi kumele kube nokuqhelelana kwabantu, ukuhlanzwa kwezandla ngesibulali-magciwane kanye nokugqokwa kwezifonyo.
  • Kuseyimpoqo ukuthi wonke umuntu agqoke isifonyo ezindaweni zomphakathi.

Ngisho ngenkathi seluqalile uhlelo lokugonywa kwabantu oluzoqhubeka unyaka wonke futhi nangenkathi sizama kancane kancane ukunciphisa inani lokutheleleka kwabantu okusha, kuzodingeka ukuthi siqhubeke nokulandela ngokucophelela izindlela zokuzivikela ukuze sinciphise ukutheleleka kwabantu.

Lokhu kusemqoka ikakhulukazi njengoba manje selusabalele ezweni lonke uhlobo lwegciwane olusha olwehlukile, i-501Y.v2.

Siyazi ukuthi luthathelana ngamandla uma luqhathaniswa nohlobo lwangaphambilini futhi ngalokho-ke maningi amathuba okuthi ludale okunye ukubhebhetheka ngamandla kwezinga lokutheleleka kwabantu futhi okuyinto ezokhuphula isidingo sezikhungo zethu zezempilo.

Futhi sesinolwazi oluthe xaxa mayelana nezimo nezindlela zokutheleleka kwabantu ngenxa yalolu hlobo lwegciwane olwehlukile.

Uma ilungu lekhaya line-COVID-19 futhi zingalandelwa izinyathelo zokuqikelela inhlanzeko, makhulu amathuba okuthi isifo sisabalale singene nakwabanye abantu kulelo khaya.

Ngakho-ke, uma abantu bethola ukuthi bake basondelana nomuntu onegciwane noma uma bethola ukuthi bahaqekile nge-COVID-19 kumele bahlale ngabodwana ekhaya bangasondeli kwamanye amalungu ekhaya lelo noma uma kunokwenzeka kumele bahambe bayohlala esikhungweni sokugonqa sikahulumeni.

Kuwakhuphula kakhulu amathuba okutheleleka ngegciwane ukuba sezindaweni lapho kunesiminyaminya sabantu, noma ukuchitha isikhathi ezindaweni ezivalekile futhi ezingangenisi umoya owanele.

Ngenxa yalesi sizathu, kumele ukugweme ukuba ngaphakathi endaweni evalekile futhi uma kunokwenzeka kumele uwavule amafasitela ukuze unciphise ukusabalala kwegciwane emoyeni.

Ucwaningo selubonisile ukuthi ubungozi bokutheleleka ngegciwane buphindaphindeke cishe izikhathi ezingama-20 ngaphakathi esakhiweni uma kuqhathaniswa nobungozi bokutheleleka ngaphandle kwesakhiwo.

Siyaqhubeka nokubanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ngaso sonke isikhathi baqhele ngebanga eliyimitha elilodwa nesigamu kwabanye abantu.

Siyabanxusa abaqashi ukuthi bavumele abasebenzi babo ukuthi basebenzele emakhaya lapho kunokwenzeka, futhi bangafaki abasebenzi engozini yokutheleleka uma singekho nakancane isidingo sokuthi babe sendaweni lapho bengazithola sebetheleleka kuyona.

Futhi khumbula ukuthi ngisho ungenazo izimpawu usengalidlulisela kwabanye abantu igciwane.

Ngakho-ke gqoka isifonyo futhi uqinisekise ukuthi isifonyo sakho simboza ikhala nomlomo uma usendaweni yomphakathi.

Uma kudingeka ukuthi uhlangane nabangani bakho nomndeni kwenzele ngaphandle lokho.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kusukela kwatholakala isigameko sokuqala se-COVID-19 ezweni lethu, sihlanganise futhi sasebenzisa zonke izinsiza esinazo ukuvikela izimpilo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nezindlela zabo zokuziphilisa.

Sibe nenhlanhla enkulu yokuthi sithole ukwesekwa okuvela emhlabeni wonke jikelele.

Kusihlwa nje, ngithanda ukuthulela isigqoko uhulumeni nabantu base-Cuba ngokwelula kwabo isandla esiqinile abakwenze ngaphandle kokuzikhathalela futhi ngaphandle kokuthandabuza nakancane.

Ngokuhamba ngokweqiniso ezinyathelweni zomlando waso, lesi sizwe esihlala esiqhingini esincanyana sikubonisile ukuzwelana kwaso namazwe akhahlamezeke kakhulu futhi sesithumele abantu base-Cuba abevile kwizi-3 700 emhlabeni wonke jikelele ukuthi bayolekelela empini yokulwisana ne-COVID-19.

Njengophawu lokuhlonipha lo mzamo, iKhabhinethi laseNingizimu Afrika seligunyaze isiphakamiso sokuthi kuphakanyiswe igama leThimba Lodokotela Elilekelela Ezimweni Zenhlekelele kanye Nezimo Zobhubhane Olubucayi i-Henry Reeve International Contingent of Doctors Specialised in Disaster Situations and Serious Epidemics – futhi elidume ngele-Cuban Medical Brigade – ukuze libe yingxenye yalabo okuphakanyiswe amagama abo abasethubeni lokuhlonishwa ngendondo i-Nobel Peace Prize yowezi-2021.

E-Afrika nje kuphela, ngenkathi kuphela inyanga kaLwezi 2020 leli Thimba Lodokotela bese lelaphe abantu abangaphezu kwezi-38 000. Namanje lisaqhubeka nomsebenzi walo emazweni amaningi, kubandakanya nalapha eNingizimu Afrika.

Sithanda ukudlulisa amazwi okubabonga kakhulu abantu base-Cuba ngesenzo sabo esihle kangaka sokuzwelana nokweseka amanye amazwe kanye nokubonisa ubuntu.

Njengabanye abantu abaningi emhlabeni wonke jikelele, nathi silahlekelwe kakhulu futhi sizithole kudingekile ukuthi sibhekane ngqo nezimo ezinzima futhi sibonise nokuzidela.

Izimpilo zethu seziguquke ngezindlela ezingachazeki, futhi sizithole siphoqekile ukuthi siguqukele kwizindlela nezimo ezintsha futhi ezinzima zokwenza izinto kanye nokuphila.

Manje, ngenxa yemizamo yobuqhawe yabasebenzi bethu bezempilo, ukusebenza ngokuzikhandla kososayensi bethu, ubuqhawe babo bonke abasebenzi bethu abasekhaleni lempi yokulwisana negciwane kanye nokuzimisela nokuzibophezela kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ekugcineni sesiyawubona ngamehlo engqondo umhlaba lapho selinqandekile futhi seliphelile igciwane.

Kusemahlombe ethu ukuthi lowo mhlaba onjalo siwenze wenzeke.

Kusemahlombe ethu ukuthi singadembeseli, siqikelele njalo ukwenza izinto ngendlela efanele, futhi ngalokho-ke sivimbele ihlandla lesithathu lokutheleleka kwabantu.

Kusemahlombe ethu ukuthi sizivikele futhi sivikele imindeni yethu kanye nemiphakathi yethu.

Kusemahlombe ethu ukuthi sihambe siyogonywa ngokushesha uma sesifikile isikhathi sokuthi sigonywe futhi ngalokho sinqande igciwane lingaqhubeki libhebhetheke.

Ngaphezu kwakho konke, kusemahlombe ethu ukuthi siligcine livutha ilangabi lethemba, siqhubeke nokuzibophezela komunye nomunye wethu kanye nokuzibophezela ezweni lethu.

Ngokubambisana, sizovuka siyibambe futhi sakhe kabusha.

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore