Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekelaphambili emizamweni kaZwelonke ukunqanda ubhubhane lwe-COVID-19 

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Isigamu ngqo sonyaka sesedlulile selokhu kwamiswa isimo senhlekelele kazwelonke ukuze kubhekanwe nobhubhane lwegciwane le-corona.

Ngaleso sikhathi, abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezi-15 000 balahlekelwe izimpilo zabo ngenxa yesifo futhi abangaphezu kwezi-650 000 baqinisekiswa ukuthi basulelekile.

Umnotho wethu kanye nomphakathi wakithi bakhahlamezeke kakhulu.

Sesibekezelele isiphepho esinolaka nesibhubhisayo.

Kodwa, ngokubumbana, nokuhlala siqinile, sesimelene naso.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule, esicongweni sesiphepho, besibika izigameko ezintsha ezibalelwa ezi-12 000 ngosuku.

Manje, sesimaphakathi ngokubika izigameko ezingaphansi kwezi-2 000 ngosuku.

Manje sesinezinga lokwelulama elingama-89%.

Noma imikhawulo ixegisiwe ngenyanga edlule ngokwehlela esigabeni sokuqapha sesi-2, sekube nokwehla kancane kancane, kodwa okuzinzile kokusuleleka okusha, abantu abangeniswa ezibhedlela kanye nabadlula emhlabeni.

Ukudingeka kakhulu kwemibhede yasezibhedlela, imishini esiza ngokuphefumulisa, umoya ophefumulwayo kanye nezinye izidingo ezibalulekile zokwelashwa nakho kwehlile.

Sesiphumelele ekunqobeni isikhathi esinzima kakhulu salolu bhubhane ngesikhathi sivikela umthamo wezinhlelo zezempilo zethu.

Ngifisa ukunibonga, bantu baseNingizimu Afrika, ngalokhu kunqoba futhi izinkulungwane zezimpilo zisindile ngenxa yezenzo zenu zokubambisana.

Lokhu kunqoba kubonwe nayiNhlangano Yezempilo Yomhlaba, ebisebenzisana ngokusondelana nathi ukuqinisa ukubhekana kwethu negciwane.

Njengoba sishilo ekuqaleni bebelokhu beseluleka futhi bajuba nongoti babo ezweni lethu.

Siyabonga kakhulu ngokwesekwa esikuthole kuMqondisi-Jikelele weNhlangano Yezempilo Yomhlaba e-Geneva, kanye Nezikhungo zase-Afrika Zokulawula Nokugwema Isifo.

Noma sesenze inqubekelaphambili emangazayo, iningi labantu bakithi basasuleleka futhi abanye basalahlekelwa izimpilo zabo.

Nangayiphi indlela, sisephakathi kobhubhane olubhubhisayo.

Inselele yethu enkulu manje – futhi okungumsebenzi wethu obaluleke kakhulu – ukuqinisekisa ukuthi asihlangabezani nokwanda okusha kokwesuleleka.

Amazwe amaningi emhlabeni ahlaselwe ‘ihlandla lesibili’ lokwanda kokusuleleka.

Iningi lala mazwe seledlulile esicongweni sesifo futhi kubukeka ekwazile ukulawula igciwane.

Amanye awo aseyisusile imikhawulo eminingi emisebenzini yomnotho neyenhlalo.

Ezigamekweni eziningi, ihlandla lesibili libe nzima kakhulu ukudlula elokuqala.

Amazwe amaningi kumele aphinde futhi abuyise ukuvalwa kwezwe kanzima.

Manje ukubhekana kwethu nempilo yomphakathi sekugxile ekuqhubekeni nokunciphisa ukusuleleka ngegciwane nokulungiselela ukwanda kwesibili kwegciwane.

Sesithathe isinqumo sokwenyusa ukuhlolela igciwane le-corona.

Ngenxa yokwehla kokusuleleka okusha nokwehla kwengcindezi ezikhungweni zethu zezempilo, manje sesinezindawo zokuhlola ezanele ukuqhuba izindlela zokuhlola.

Phakathi kwabantu abahlukahlukene, manje sesizokwazi ukuhlola bonke labo abangeniswe ezibhedlela, iziguli ezingaphandle ezinezimpawu ze-COVID-19, kanye nalabo abebethintene nalabo okuqinisekiswe ukuthi banegciwane ngisho noma bona bengenazo izimpawu.

Ngokuhambisana nokwenyusa ukuhlolwa, sithuthukisa ukulandelwa komkhondo kwalabo abathintene nabanegciwane ngokusebenzisa  i-app kamakhalekhukhwini i-COVID-19 Alert South Africa kanye ne-COVID-19 Connect etholakala enkundleni yokuxhumana i-Whatsapp.

Ukuhlola ngempumelelo nokulandelwa komkhondo kuzosivumela ukuthi sibone ngokushesha futhi sinqande ukuqubuka kwegciwane ngaphambi kokuthi kubhebhetheke kuye phambili.

Ngifuna ukwenza isicelo kuwowonke umuntu onomakhalekhukhwini wesimanje ukuthi afake i-app kumakhalekhukhwini wakhe i-COVID-19 Alert etholakala ku-Apple App Store noma ku-Google Play Store.

I-app ayikhokhelwa, ngakho-ke ungayifaka ngaphandle kokukhokhela idatha.

Ngokusebenzisa ubuchwepheshe be-Bluetooth, i-app izokwazisa oyisebenzisayo uma eke wasondelana nomunye oyisebenzisayo owahlolwa wahlonzwa njengonegciwane le-corona ezinsukwini eziyi-14 ezedlule.

I-app inobumfihlo ngokuphelele, ayiyiqoqi nanoma iyiphi imininingwane yomuntu, futhi ayiyilandeli indawo lapho umuntu ekhona.

UMnyango Wezempilo uphinde wasungula uhlelo luka-Whatsapp nolwe-SMS lwabantu abangenabo omakhalekhukhwini besimanje ukubahlinzeka ngemiphumela yokuhlolwa nokubaxwayisa uma beke baba sesimweni sokuba seduze negciwane.

Ukulandelwa komkhondo kuyisinyathelo sokuzivikela esibalulekile ukuze uzivikele wena kanye nomndeni wakho nabangani.

Sizoqalisa ucwaningo lukazwelonke lokuhlola amazinga okuyiwo okusuleleka emphakathini.

Lolu cwaningo – olwaziwa ngokuthi i-seroprevalence survey – lusebenzisa ukuhlolwa kwamasosha omzimba ukubona ukuthi ngabe umuntu uke wasondelana negciwane le-corona.

Ucwaningo lukazwelonke luzovumela ososayensi ukungathekisa ukusuleleka okungabonisi zimpawu namasosha omzimba kubantu kanjalo nokuqonda kangcono izindlela zokudluliseka kwegciwane.

Siyaqhubeka nokugcina umthamo wokunakekelwa ngezempilo ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukulawula noma ikuphi ukuqubuka okungenzeka kokusuleleka ngempumelelo, nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthola ukunakekelwa akudingayo.

UMnyango Wezempilo usebenzisana nezinyunyana zabasebenzi kanye nabanye ababambiqhaza ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bezempilo kanye nabasebenza phambili banezinsizakusebenza zokuzivikela ezidingekayo nezimo eziphephile zokusebenzela.

Ngifisa ukubonga abasebenzi besizwe abahamba phambili ngokuphakamisa indaba yokuphepha ngokuzicija kanye nangokungaguquki.

Ngifisa ukubabonga ngokuzinikela kwabo ekunakekeleni abantu bakithi nangokuzidela okukhulu kangaka abakwenzile.

Ngesikhathi sisebenza ukunqanda okunye ukubhebhetheka kwegciwane, siphinde futhi silungiselele isikhathi lapho ikhambi selitholakala.

Ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyakwazi ukuthola ikhambi ngempumelelo ngokushesha okukhulu futhi elanele ukuvikela abantu, izwe libamba iqhaza esinyathelweni somhlaba esesekelwa yiNhlangano Yezempilo Yomhlaba ukuhlanganisa izinsiza ukusungula nokuthunyelwa kwekhambi.

Ngalesi sinyathelo, iNingizimu Afrika ihlanganyela namanye amazwe ekwesekeni izinhlelo eziningi zokusungulwa kwekhambi kanye nokufuna ukuthola ikhambi ngokulinganayo ngenani eliphansi.

Ngokwesikhundla sethu njengosihlalo weZizwe Ezibumbene, besilokhu simele ukufinyelela ngokulinganayo emhlabeni jikelele ukuze kungabikho izwe elishiyeka emuva.

Siphinde futhi satshala izimali kumthamo wethu ukuze sikhiqize siphinde sisabalalise ikhambi khona lapha ekhaya, ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukudlala indima ebalulekile emzamweni wokwandisa ukufinyelela kwikhambi.

Izwe lethu libambe iqhaza ekuhlolweni kwekhambi okuthathu, litshengisa ikhono lomphakathi wethu wososayensi.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Enyangeni edlule, ukwehla okubonakalayo kokusuleleka okusha kwenze izwe lakwazi ukwehlela esigabeni sesi-2 sokuqapha igciwane le-corona.

Manje, ngenqubekelaphambili enye eyenziwe njengoba ukusuleleka kuphinde kwehla, sesikulungele manje ukuya esigabeni esisha ekulweni kwethu nobhubhane.

Simelene nesiphepho segciwane le-corona.

Manje isikhathi sokubuyisa izwe lethu, abantu balo kanye nomnotho wethu kuye esimeni esejwayelekile, esifana nezimpilo ebesiziphila ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Yisikhathi sokuya lapho kuzoba khona isimo esisha esejwayelekile uma nje igciwane le-corona lisasekhona.

Ngesikhathi imisebenzi eminingi yomnotho yaqala kusukela ngoNhlangulana, sekuyisikhathi manje sokususa imikhawulo eminingi esele emisebenzini yomnotho nakunhlalo njengoba sekuphephile ukwenza njalo.

Kulandela ukubonisana nabamele uhulumeni wesifundazwe nowasekhaya, nokulandela iseluleko sososayensi kanye nezingxoxo nababambiqhaza abehlukene, iKhabhinethi ithathe isinqumo ekuseni ukuthi izwe kumele lehlele esigabeni sokuqala sokuqapha.

Ukwehlela esigabeni sokuqala sokuqapha kuzoqala phakathi kwamabili ngeSonto mhla zingama-20 kuMandulo 2020.

Lokhu kwehla ngesigaba kubonisa ukuthi amazinga okusuleleka asehle kakhulu nokuthi kunomthamo owanele ohlelweni lwethu lwezempilo ukulawula isidingo samanje.

Ukwehlela esigabeni sokuqala sokuqapha kuzochaza ukuxegiswa okunye kwemikhawulo emibuthanweni.

  • Imibuthano yomphakathi, yezenkolo, yepolitiki kanye neminye izovumeleka, uma nje inani labantu lingadluli ama-50% omthamo ojwayelekile wendawo, kuya esibalweni esingadluli kubantu abangama-250 emibuthanweni ebanjelwe ngaphakathi kwesakhiwo kanye nenani labantu elingama-500 emibuthanweni ebanjelwe ngaphandle.
  • Imithetho yezempilo, efana nokuhlanzwa nokubulala amagciwane kwezandla, ukuqhelelana nokugqokwa kwesifonyo, kuzomele ilandelwe.
  • Inani eliphezulu labantu okumele bethamele umngcwabo liyakhushulwa lisuka kuma-50 liya ku-100 ngenxa yengcuphe enkulu yokudluliseka kwegciwane emingcwabeni. Imilindelo yasebusuku ayikavumeleki.
  • Izindawo zokuzivocavoca, ezemidlalo kanye nezokuzijabulisa – ezifana namajimu namathiyetha – ebezinikwe umkhawulo wabantu abangadluli kuma-50, sezizovumeleka ukuba nabantu abafika kuma-50% omthamo wendawo njengoba kuzoya ngokubakhona kwesikhala, ngokulandela ukuqhelelana neminye imithetho yezempilo.
  • Imikhawulo ekhona emicimbini yezemidlalo izohlala injalo.

Lapho kudingeka khona ngezizathu zokubhalisela ukuvota noma ukhetho olukhethekile, iKhomishana Yokhetho Ezimele izovumeleka ukuvakashela izikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo, izikhungo zezempilo, amakhaya abadala kanye nezinye izikhungo ezifana nazo.

Lokhu kuzokwenzeka ngokulandela imithetho yezempilo, ebandakanya ukugqokwa kwezifonyo nokuhlanzwa kwezandla nokubulala amagciwane ezandleni.

Esinye sezinyathelo zokuqala esazithatha ukubambezela ukubhebhetheka kwegciwane kwaba ukuvimbela abaphuma kwamanye amazwe nokuvalwa kwemingcele yethu.

Ngokwehlela esigabeni sokuqala sokuqapha, sizoxegisa kancane kancane ngokuqaphela imikhawulo ekuhambeleni amanye amazwe.

Sizokuvumela ukungena nokuphuma eNingizimu Afrika ngenhloso yebhizinisi, ukungcebeleka kanye nokunye ukuhamba kusukela mhla lu-1 kuMfumfu 2020.

Lokhu kuzokwenzeka ngokulandela izinyathelo zokunqanda nokunciphisa igciwane:

  • Ukuhamba kuzoba nomkhawulo ekuyeni nasekubuyeni emazweni athile anamazinga aphezulu okusuleleka. Uhlu lwamazwe luzoshicilelwa ngokolwazi lwakamuva lwezesayensi.
  • Abavakashi bazovumeleka kuphela ukusebenzisa umngcele owodwa obuvele usebenza ngesikhathi sokuvalwa kwezwe noma esisodwa sezikhumulo sezindiza kwezintathu: i-King Shaka, i-OR Tambo noma i-Cape Town International Airport.
  • Uma befika, abavakashi kuzomele baveze imiphumela yokuhlolelwa i-COVID-19 eshoyo ukuthi abanalo igciwane engadluli esikhathini esingamahora angama-72 ukusuka esikhathini abasuke ngaso.
  • Lapho isivakashi singalwenzanga uhlolo lwe-COVID-19 ngaphambi kokusuka, kuzodingeka ukuthi bagonqe ngokuyimpoqo nokuzoba yizindleko zabo abavakashi.
  • Bonke abavakashi bazoxilongwa uma befika futhi labo ababonisa izimpawu kuzodingeka ukuthi bayogonqa kuze baphinde bahlolelwe i-COVID-19.
  • Bonke abavakashi bazocelwa ukufaka i-app kamakhalekhukhwini i-COVID-19 Alert South Africa.

Amazwe aselusebenzisile lolu hlobo lwe-app akwazile ukulawula ubhubhane lwegciwane le-corona ngempumelelo.

Ukulungiselela ukuphinde kuvulwe kwemingcele yethu, izindlu zamanxusa aseNingizimu Afrika phesheya zizovula ukuze kufakwe izicelo zemvume yokungena ezweni nezimvume zesikhathi eside zizovuselelwa.

Umkhakha wezokuvakasha ngomunye wemikhakha emikhulu elawula umnotho.

Sesime ngomumo ukuvulela umhlaba iminyango yethu, futhi simeme abavakashi ukuzothokozela izintaba zakithi, izihlabathi zolwandle lwethu, amadolobhakazi ethu aphapheme kanye neziqiwi ngokuphepha nangokuzithemba.

Futhi njengengxenye yokubuyela kancane kancane kwemisebenzi ejwayelekile yomnotho nenhlalo:

  • Amahora omthetho wewashi aseshintshile. Umthetho wewashi usuzosebenza phakathi kwamabili kuya ehoreni lesi-4 ekuseni.
  • Ukuthengiswa kotshwala ezitolo ukuze buphuzelwe ekhaya sekuvumeleke kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, kusuka ngehora lesi-09:00 ekuseni kuya ehoreni lesi-17:00.
  • Utshwala buzovumeleka ukuthi buphuzelwe ezindaweni ezinemvume kuphela futhi ngokulandela umthetho wewashi.

Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, imithethonqubo yakamuva izoshicilelwa futhi oNgqongqoshe bazohlinzeka ngezithangami zemininingwane.

UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo maduze nje uzokhipha izimemezelo kubo bonke abasebenzi bakahulumeni emizamweni ezokwazi ukuvumela ukubuyela kwazo zonke izindawo zikahulumeni emsebenzini ngokugcwele ngokuphepha futhi ngaphandle kokuchitha isikhathi.

Ngenxa yemikhawulo eminingana esasele engamiswa kuphela ngemithethonqubo yenhlekelele, sesivele sisihlehlisile isimo senhlekelele kazwelonke ngenyanga ukuya mhla ziyi-15 kuMfumfu 2020.

Ukwehlela esigabeni sokuqala sokuqapha kususa imikhawulo eminingi esasele emisebenzini yomnotho, yize kungathatha isikhathi ngaphambi kokuba kuphephe ukuthi imikhakha yonke ibuyele isebenze ngokugcwele.

Ukudingeka nokuphakelwa kwempahla nezinsiza emhlabeni jikelele nakhona lapha ekhaya kweminye imikhakha kuzohlala kuphansi ngokubhekela ikusasa, ngisho seyisusiwe imikhawulo.

Ngakho-ke kubalulekile kakhulu ukuthi sisukume ngokuphuthuma ukuphinde sakhe umnotho wethu, sigcine ukukhula futhi sakhe imisebenzi.

Kulandela amaviki ambalwa ezingxoxo, esibambisene nabo emphakathini ku-NEDLAC sebenze inqubekelaphambili eyisimanga ekuhlanganeni komphakathi ukuze kufukulwe umnotho.

Lokhu kubonisa ingqophamlando yezwe lethu, ukubonisa ukuthi yini esingayizuza uma sibumbene ukubhekana nenkinga ephuthumayo.

IKhabhinethi izokwakhela phezu kwalombono owodwa ukuphothula uhlelo lokwakha kabusha nokufukula umnotho wezwe emavikini azayo.

Uhlelo lokwakha kabusha nokufukula oluzophothulwa luzokwakhelwa phezu kwesikhwama esiyizigidigidi ezingama-R500 sokuxhasa umnotho nomphakathi esasimemezela ngoMbasa, esesisekele amakhaya, izinkampani kanye nabasebenzi ngesikhathi beswele.

Ngezibonelelo ezikhethekile ze-COVID-19 kanye nokwengezelwa kuzibonelelo ezikhona, ukuxhasa okwengeziwe okungaphezu kwezigidigidi ezingama-R30 sekuxhaswe ngazo abantu abayisigidi esiyi-16 abaphuma emakhaya antulayo.

Zingaphezu kwezi-800 000 izinkampani esezihlomule kuxhaso lwamaholo lwe-UIF nangezibonelelo kanye nemalimboleko ehlinzekwe iminyango eyehlukene kahulumeni kanye namabhizinisi kahulumeni.

Abasebenzi abangaphezu kwezigidi ezi-4 bathole izigidigidi ezingama-R42 zokwesekwa ngamaholo, ukusiza ukuthi kuvikelwe le misebenzi noma izinkampani zingakakwazi ukusebenza.

Lokhu kuxhaswa kuthinte izimpilo zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika, futhi kwenze umehluko omkhulu kulabo abaswele.

Ukuhlomula ku-UIF sekuhlehliselwe kuze kuphele isimo senhlekelele kazwelonke ukuqinisekisa ukuthi labo basebenzi nezinkampani imalingeniso yabo esalokhu isengcupheni bayaqhubeka nokwesekwa.

Ukwengeza kulama bhizinisi athole uxhaso ngqo, ezinye izinkampani eziningi zihlomule kuxhaso lokusizwa ngentela olubize izigidigidi ezingama-R70.

Futhi izigidigidi zabantu baseNingizimu Afrika zihlomulile kungqophamlando yokwehliswa kwenzalo yemalimboleko.

Izinguquko zenziwe ku-Loan Guarantee Scheme ukwenzela lula izinkampani noma ngabe zingakanani ukuthola isikweletu ngenzalo ephansi, nokukhokhelwa kwesikweletu kungabanjezelwa kuze kube izinyanga eziyishumi nambili.

Sigqugquzela zonke izinkampani ezibhekene nokuphazamiseka kwemalingeniso yazo ukuthi zifune usizo lokwesekelwa kulesi sikimu ngesikhathi umnotho usavuka.

Ekuqaleni kobhubhane sazincengela kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi babonise ubunye nokuthanda izwe ngokwesekela umzamo kahulumeni ekubhekaneni nobhubhane.

Sasungula Isikhwana Sobunye Nobumbano, esesithole iminikelo eyizi-300 000 kubantu cishe abayizi-15 000 nezinkampani ezicishe zibe yizi-2 500.

Iminikelo iphume kubantu nje kanye nabasebenzi, izinhlangano zezenkolo, amaqembu epolitiki, izinhlangano ezizimele, ama-trusts nezinhlangano ezisiza umphakathi ama-foundations.

Ngomsebenzi waso, Isikhwama Sobunye Nobumbano sesibonise amandla okusebenzisana komphakathi nokubambisana.

Selokhu sasungulwa, sesenze izigidigidi ezi-R3.1 ngeminikelo ephuma ezinkampanini, ama-foundations kanye nakubantu.

Kuze kube manje, sesinikezele ngezigidigidi ezi-R2.4 ukwesekela izindawo ezibalulekile ekubhekaneni kwethu kukazwelonke negciwane le-corona.

Lokhu kubandakanya ukuthengwa kwezinsizakusebenza zokuhlola, izinsiza zokwelapha nezinsizakusebenza zokuzivikela kanye nokukhiqizwa lapha ekhaya kwemishini yokuphefumula. Sihambisa usizo lokudla emakhaya abuthakathaka, namavawusha abalimi, ukunakekelwa kwabasinde kudlame olubhekiswe kubulili obuthile kanye nomkhankaso kazwelonke wokuqwashisa nge-COVID-19.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Udlame olubhekiswe kwabesifazane nabantwana seluqhubeke ngokunganqandeki ngesikhathi sobhubhane.

Sizimisele ukuqhubeka nesinqumo sethu sokubhekana nalesi sihlava sodlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane.

Ngolwazi lwakamuva, sesithole izindawo eziyizizinda ezingama-30 ezweni jikelele lapho le nkinga idlange khona.

Njengoba sehlela esigabeni esilandelayo sokuqapha, sikhuphula futhi sithuthukisa usizo lokwesekela abasinde kudlame olubhekiswe kubulili obuthile, ikakhulukazi kulezi zindawo eziyizizinda ezitholakele.

Kumele senze kanjalo hhayi ngoba ukuvalwa kwezwe kuxegiswa, kodwa njengengxenye yomsebenzi osendleleni wokuqalisa ukusebenza koHlelo Lwamasu Kazwelonke olwamukelwa iKhabhinethi ekuqaleni kwalo nyaka.

Lokhu kubandakanya ukuphothulwa kohlelo oluhlanganisiwe noluqondisa izigwegwe ngokuhlukahlukana oluhlanganisa ukwesekwa ngokwengqondo nangokwenhlalo, ukuphenywa kwecala, usizo lwendawo yokukhosela kanye nokuthuthukiswa ngokomnotho kwabasindile ngaphansi kophahla olulodwa.

Izikhungo i-Khuseleka One Stop Centres ziqhuba umsebenzi ovele ukhona wezikhungo i-Thuthuzela Care Centres, futhi sezivele ziyasebenza kwizifunda zaseNyakatho Ntshonalanga, eLimpopo kanye naseMpumalanga Kapa.

Umsebenzi usendleleni wokuqhubeka nalolu hlelo lokunakekela nokwesekela kuzo zonke izifundazwe.

Masingayekeli imizamo yokuqeda nya inkinga yodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ubhubhane lwegciwane le-corona luveze obala umonakalo ngendlela inkohlakalo esithunaze ngayo umphakathi wakithi futhi yancisha izwe lethu izinsiza ezibalulekile ngesikhathi esizidinga ngaso kakhulu.

Abophiko lwezomthetho benza inqubekelaphambili ebalulekile ekuphenyeni zonke izinsolo zokuxhashazwa koxhaso-mali lwe-COVID-19.

UPhiko Lokuphenya amacala Olukhethekile (i-SIU) selulethe umbiko walo wokuqala wesikhashana kumina, luchaza kabanzi ngenqubekelaphambili ngophenyo lwalo kuzo zonke izifundazwe nakweminye iminyango kazwelonke namabhizinisi.

Njengoba i-SIU iphothula uphenyo lwayo, sizokwazi ukutshela umphakathi ngabakutholile.

I-SIU isebenzisana namanye ama-ejensi ayisi-8 esikhungweni i-COVID-19 Fusion Centre ukuze ithole, iphenye futhi ishushise noma yiziphi izimo zenkohlakalo.

Njengengxenye yomzamo wokugqugquzela ukuveza obala nokuphendula, uMgcinimafa Kazwelonke useshicilele ku-inthanethi imininingwane yazo zonke izinkontileka ezihlobene ne-COVID-19 ezakhishwa nguhulumeni ezingeni likazwelonke nelesifundazwe.

Lokhu kungukuthuthuka okuyingqophamlando esithemba ukuthi kuzovulela indlela zonke izindleko zalolu hlobo esikhathini esizayo.

Ihhovisi loMcwaningi-mabhuku Jikelele nalo lidlale indima enkulu ngendlela eyisimanga ekutholeni ukuntengantenga nengcuphe ekulawulweni kwezinsiza ze-COVID-19, nokuthola amacala okungenzeka kube awokukhwabanisa ukuze aphenywe ngama-ejensi amelwe e-fusion centre.

Siyaqhubeka nokusebenza ukuqinisa imizamo yethu yokulwa nenkohlakalo ngezinyathelo zokuhlinzeka i-NPA kanye namanye ama-ejensi aqinisekisa ukulandelwa komthetho ngezinsizakusebenza abazidingayo nangemali edingekayo ukubhekana nenkohlakalo, ukuqiniswa kwezinkantolo ezikhethekile zamacala obugebengu, okuzosiza ngokusheshisa amacala ahlobene ne-COVID-19, kanye nokuphothulwa kwaMasu Kazwelonke Okulwa Nenkohlakalo amasha.

Sizimisele ukuqinisekisa ukuthi okubi kakhulu ngalolu bhubhane sikushiye emuva.

Angeke sikwazi ukuphinde sibhekane nokunye ukubheduka kokusuleleka ezweni lethu.

Ihlandla lesibili lizolikhahlameza kakhulu izwe lethu, lizophinde futhi liphazamise izimpilo zethu nendlela yethu yokuziphilisa.

Kusezandleni zawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi lokhu akwenzeki.

Njengoba sesiqalisa indlela entsha yokuphila futhi sifunda ukuphila negciwane, kumele siqhubeke senze konke esingakwenza ukuqaphelisisa ukuze sigweme ukusulela abanye ngegciwane.

Nazi izindlela esizozigcina ngazo siphephile futhi sigcine nomnotho wethu uvulekile:

Okokuqala, kumele sigqoke isifonyo njalo uma siphakathi kwabantu futhi siqinisekise ukuthi sivale ikhala nomlomo.

Okwesibili, kumele sigcine igebe eliyimitha nesigamu kwabanye abantu ngaso sonke isikhathi futhi siqinisekise ukuthi sisendaweni engena umoya ngokwanele.

Okwesithathu, kumele siqhubeke nokuhlanza izandla zethu noma sisebenzise isibulali-magciwane sezandla njalo nje.

Okwesine, kumele sifake komakhalekhukhwini i-app ye-COVID-19 Alert South Africa, sivikele imindeni yethu kanye nemiphakathi.

Evikini ukusukela manje, abantu baseNingizimu Afrika bazobungaza Usuku Lwamagugu ngaphansi kwezimo ezizoba ngcono ngezindlela eziningi kunalezo esidlule kuzona ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Nginxusa wonke umuntu ukuthi asebenzise leli holidi njengesikhathi somndeni, ukucabanga ngohambo olunzima esesiluhambile, ukukhumbula labo abalahlekelwe izimpilo zabo, nokuthokozela ngokuthula amagugu ayisimangaliso nahlukene esizwe sethu.

Futhi akukho ukuthokozela ukuba ngowaseNingizimu Afrika okungcono okudlula ukuhlanganyela entweni yomhlaba jikelele okuyinselele yokudansa i-Jerusalema dance challenge.

Ngakho-ke ngininxusa nonke ukuthatha le nselele ngoSuku Lwamagugu nibonise umhlaba ukuthi ningobani.

Njengoba sisebenze ngokubambisana ukunqoba leli gciwane, masikhweze imikhono sisebenze ukuphinde sakhe umnotho wethu.

Sinomsebenzi omkhulu kakhulu ngaphambi kwethu.

Kuzodingeka umzamo wokubambisana kwawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukubuyisa isizwe sethu empumelelweni nasentuthukweni.

Manje lona ngumsebenzi wesizukulwane sethu futhi umsebenzi wethu uqala namuhla.

Sikunqobile ukungabaza nokugxeka ukuze sibhekane ngqo nesitha esesabisa impilo yabantu esake saba khona.

Sibonisile ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bangenzani uma behlangene.

Asibambelele kulowo moya wobunye nobumbano.

Asiye phambili ngokuzimisela nangezisombululo.

Engathi uNkulunkulu angaqhubeka abusise iNingizimu Afrika nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore