Isitatimende sikamongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nokuthi iningizimu afrika ibhekana kanjani nobhubhane lwegciwane le-corona

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekungamaviki ayisikhombisa selokhu kwaqinisekiswa isigameko sokuqala segciwane le-corona ezweni lethu. 

Kusuka kuleso sikhathi, izimpilo zethu sonke zishintshe ngendlela eyisimanga.

Njengesizwe besiphoqelekile ukuthatha izinyathelo ezinzima ukubhekana nesitha esingabonakali esifake itwetwe ezimpilweni zethu nezalabo esibathandayo.

Siye saphoqeleka ukushintshela endleleni entsha yokuphila, esikhathini esifushane.

Njengoba singena evikini lesihlanu lokuvalwa kwezwe lonkana, okungakaze kwenzeke ngaphambilini – futhi njengoba sibheke ikusasa – kumele sikhumbule ukuthi kungani silapha.

Igciwane le-corona elingakaze libonwe phambilini, elatholakala okokuqala ngqa edolobheni lase-China i-Wuhan ngoZibandlela wonyaka ophelile, selibhebhethekise okomlilo wequbula emhlabeni jikelele.

Kuze kube manje, sezingaphezu kwezigidi ezi-2.6 izigameko eseziqinisekisiwe nesezibikiwe emhlabeni wonkana.

Maningi amathuba okuthi selikhuphuke kakhulu inani-ngqo labantu asebesulelekile.

Igciwane le-corona libanga isifo esaziwa ngokuthi i-COVID-19, okuyisifo esiphathelene nokuphefumula abantu abangenasiviko salo futhi okungenakhambi laso.

Igciwane le-corona lithelelana lisuka kumuntu liya komunye ngamathonsana aphuma emakhaleni nasemlonyeni angadluliseka ngokuthintana, ezindaweni esizithintayo noma uma umuntu osulelekile ekhwehlela noma ethimula uma esondelene kakhulu nomunye umuntu.

Abantu abaningi abasulelekile batshengisa izimpawu ezincane; abanye abatshengisi zimpawu.

Kodwa kunabantu ababonisa izimpawu ezinzima kakhulu futhi baze badinge nokuya esibhedlela.

Laba kujwayeleke ukuthi kube ngabantu abadala kanye nalabo abanezifo eziyimbelesela ezifana nesifo senhliziyo, ushukela, iphika kanye nomdlavuza.

Kwabanye balaba bantu, i-COVID-19 iyababulala.

Emhlabeni jikelele, bangaphezu kwezi-185 000 abantu asebenqotshwe yilesi sifo.

Lapha eNingizimu Afrika, okungenani bangama-75 abantu asebelahlekelwe izimpilo zabo.

Ngenxa yokuthi igciwane le-corona lingabhebhetheka kakhulu eningini labantu, lingathena amandla ngisho uhlelo lwezempilo olunezinsiza ezisezingeni eliphezulu ngesikhathi nje esingamaviki.

Ilokhu okwenzekile emazweni amaningi emhlabeni jikelele, futhi yilokhu thina, njengeNingizimu Afrika, esenze konke ukuze sikunqande.

Zimbalwa kakhulu izinhlelo zezempilo emhlabeni jikelele – uma ngabe zikhona – ezilungele inani labantu elizokhula ngesivinini esithubeni nje abazodinga ukulashelwa izifo ezinzima zokuphefumula.

Ngenxa yalokhu, uma igciwane libhebhetheka masinyane, ayikho imibhede yasesibhedlela eyanele, izindawo ezinakekela abagula kakhulu, izinsiza zokuphefumula, okokuzivikela noma imithi yawo wonke umuntu oyidingayo.

Okwenza kube kubi kakhulu, abantu abaphethwe ngezinye izifo noma abadinga ukunyangwa okuphuthumayo abakwazi ukuthola usizo abaludingayo.

Kulezo zimo ezinjalo, izimpilo eziningi ebezingahlengeka, ziyasilahlekela.

Ngiphindaphinda la maqiniso – okumele manje abaningi benu sebewajwayele – ngoba achaza izinyathelo esizithathiIe kuze kube manje futhi abe nomthelela kwizinyathelo engizozimemezela kusihlwa nje.

Kusuka ngomzuzu simemezela isimo senhlekelele ngenxa yobhubhane lwegciwane le-corona ngeSonto mhla zi-15 kuNdasa, inhloso yethu kwakungukubambezela ukubhebhetheka kwegciwane.

Sibe sesibheka ukuthi sigweme izinga eliphezulu lokwesuleleka kanye nokukhuphuka okungalawuleki kwenani labantu abadinga usizo lokwelashwa. 

Indlela esiyilandelile ibibheke kakhulu ekuqhelelaneni kwabantu, ukubeka imikhawulo yokugcogcoma kanye nezindlela  zenhlanzeko.

Ngokubambezela ukubhebhetheka kwegciwane, sibe nesikhathi sokulungiselela izikhungo zethu zezempilo nokuhlonza ezinye zezinsiza zokwelapha ezibalulekile ezidingekayo ukuhlangabezana nokukhuphuka kwezinga lokwesuleleka elingenakugwenywa.

Futhi ngokwenza kanjalo, siyethemba sizosindisa izinkulungwane ngezinkulungwane zezimpilo zabantu.

Kunobufakazi obucace bha ukuthi ukuvalwa kwezwe kuyasebenza.

Nangeminye imizamo eyenziwe – njengokuvalwa kwemingcele yethu – nokushintsha kokuziphatha omunye nomunye wethu akwenzile, ukuvalwa kwezwe kubambezele ukubhebhetheka kobhubhane ezweni.

Inhlangano Yezempilo Yomhlaba isiyincome kakhulu iNingizimu Afrika ngokusukuma ngokushesha nokulandela izeluleko zososayensi ukubambezela ukubhebhetheka kwegciwane. 

Kepha-ke, nakuba ukuvalwa kwezwe lonkana kuyiyona ndlela esebenzayo ukuvimbela ukubhebhetheka kwegciwane le-corona, angeke ibe unomphela.

Abantu bakithi badinga ukudla. Badinga ukuziphilisa. Izinkampani zidinga ukukhiqiza nokuhweba, zidinga ukwenza ingeniso-mali kanye nokugcina abasebenzi bazo besebenza.

Ngenxa yalokho-ke sesinqume ukuthi emva koLwesine mhla zingama-30 kuMbasa, kumele siqale kancane kancane imisebenzi yokufukula umnotho ngokwezigaba. 

Sizoqala ukusebenza ngeqhingasu elingenabungozi lapho sizolandela indlela ecutshunguliwe nenokuqaphela ukuxegisa imikhawulo yamanje yokuvalwa kwezwe.

Sikhethe ukusebenza ngale ndlela ngoba kusekuningi okungakaziwa ngezinga kanye nendlela yokubhebhetheka kwegciwane ebantwini bakithi.

Igxathu esilithatha manje kumele kube ngelicatshangisisiwe futhi sizolikhuphula kancane kancane ngokucophelela okukhulu.

Le ndlela ilawulwa iseluleko esiphuma kososayensi abeluleke ngokuthi ukwenza iphutha nokuqedwa kwemikhawulo okungalawuliwe kungadala ukukhuphuka okukhulu kokwesuleleka.

Angeke senze into namuhla esizozisola kakhulu ngayo kusasa. 

Kumele sigweme ukuxhamazela ukuvula izwe ngoba lokho kungasifaka engcupheni yokubhebhetheka kwegciwane, okuzodingeka ukuthi kulandelwe okunye ukuvalwa kwezwe okunzima, njengoba kwenzekile kwamanye amazwe.

Kumele silinganise isidingo sokuqalisa imisebenzi engenisa umnotho nokubaluleka kokunqanda igciwane sisindise izimpilo.

Ukuzuza lokhu, siqhamuke nendlela echaza izinyathelo okumele zime ngomumo ngokulawula ukuthi lubheke ngaphi ubhubhane ezweni lethu.  

Njengengxenye yale ndlela, kuzoba khona izigaba ezinhlanu zegciwane le-corona:

Isigaba sesihlanu sichaza ukuthi izinyathelo ezinqala ziyadingeka ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane ukuze kusindiswe izimpilo zabantu.

Isigaba sesine sichaza ukuthi eminye imisebenzi ingavumeleka ukuthi iqale futhi kodwa ngokulandela izindlela ezihambisana nokusebenza ngokucophelela okukhulu ezidingekayo ukunqanda ukusuleleka komphakathi kanye nokuqubuka kwegciwane.
 
Isigaba sesithathu sibandakanya ukuxegisa eminye yemikhawulo, kubandakanya imisebenzi nemicimbi yomphakathi, ukubhekana nengcuphe enkulu yokusuleleka.

Isigaba sesibili sibandakanya ukuqhubeka nokuxegiswa kwemikhawulo, kodwa kusagcinwa ukuqhelelana kanye nemikhawulo ezindaweni zokungcebeleka nezokuzijabulisa ukugwema ukukhuphula izinga legciwane futhi.

Isigaba sokuqala sichaza ukuthi imisebenzi eminingi ingaqala futhi, ngokucophelela okukhulu kanye nokulandela imihlahlandlela yezempilo ngaso sonke isikhathi. 

Ukuqinisekisa ukuthi ukubhekana kwethu nalolu bhubhane kuqonde ngqo futhi kucibile ngempela, kuzoba nesigaba sikazwelonke kanye nezigaba ezehlukene zesifundazwe ngasinye, isifunda kanye nedolobha ezweni. 

Njengamanje sisesigabeni sesihlanu, okudinga ukuvalwa kwezwe ngokugcwele ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. 

Lesi yisigaba esiphezulu sokuvalwa kwezwe futhi sabekwa ngesikhathi izinyathelo ezinqala zazidingeka ukunqanda ukusulelana.

Umkhandlu Kazwelonke Obhekene Nokulwa Negciwane Le-corona uzonquma ngokuqaphela isigaba ngokubheka uhlolo lwezinga lokusuleleka kanye nomthamo wezikhungo zethu zezempilo ezizonikeza usizo kulabo abaludingayo.
 
Sesenze umsebenzi onohlonze wokuhlukanisa izingxenye ezehlukene zomnotho ngokubheka ubungozi bokusuleleka kulowo mkhakha, umphumela olindelekile wokuvalwa kwezwe, igalelo elifakwa ilowo mkhakha kwezomnotho kanye nomthelela ezimpilweni zabantu.  

ONgqongqoshe abafanelekile bazonikeza ngemininingwane yesithangami lapho kuzohlinzekwa khona ngolwazi oluthe xaxa  ngokuhlukaniswa kwezimboni nokuthi enye nenye ithinteka kanjani esigabeni ngasinye.

Sizonikeza zonke izinhlangano zezimboni ithuba lokucubungula le mininingwane futhi, uma befisa, bafake izethulo ngaphambi kokuba imithethonqubo emisha ishicilelwe ngokusemthethweni.

Umkhandlu Kazwelonke Obhekene Nokulwa Negciwane Le-corona uhlangene phambilini namuhla, wabe sewunquma ukuthi isigaba sikazwelonke sokuqapha igciwane le-corona sizokwehliswa sisuswa esigabeni sesihlanu siye esigabeni sesine kusukela ngoLwesihlanu mhla lu-1 kuNhlaba. 

Lokhu kusho ukuthi eminye imisebenzi izovunyelwa ukuphinde iqale, kodwa-ke ngaphansi kwesimo sokucophelela okukhulu ukuze kunqandwe ukusulelana komphakathi nokuqubuka kwegciwane.

Amanye amabhizinisi azovunyelwa ukuqala asebenze futhi ngaphansi kwemibandela ethile.

Wonke amabhizinisi kuzomele alandele imithetho echaziwe yezempilo nokuphepha ukuze avikele abasebenzi bawo, nezinhlelo zendawo yokusebenzela zizolungiselelwa ukuvumela ukubhekwa kwesifo ngamehlo okhozi nokugwema ukubhebhetheka kokusuleleka. 

Wonke amabhizinisi anezimvume zokuqalisa ukusebenza alindeleke ukuthi enze kanjalo ngokwezigaba, ngokuqala ngokulungiselela indawo yokusebenza ukuze kubuye ukuqala kokusebenza, kulandelwe ukubuya kwabasebenzi ngamaqoqo ngokwesilinganiso esingedluli oyedwa kwabathathu. 

Kwezinye izikhathi, ibhizinisi angeke likwazi ukuthi lisebenze ngokugcwele ngeSigaba sesine ngesikhathi ubungozi bokusuleleka kusesezingeni eliphezulu.

Lokhu kuzochazwa kabanzi ngeviki elizayo kulandela isigaba sokugcina sokubonisana.

Amabhizinisi azokhuthazwa ukulandela indlela yokusebenzela emakhaya uma kwenzeka. 

Bonke abasebenzi abakwaziyo ukusebenza bekude nendawo yomsebenzi kumele bavunyelwe ukwenza njalo.

ONgqongqoshe abafanelekile bazonikeza imininingwane ngezigaba zokuvulwa kwezikolo kanye nezinye izikhungo zezemfundo.

Njengoba sixegisa kancane kancane imikhawulo, kubalulekile ukuthi yonke imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane ihlale ime ngomumo.

Uma izwe seliya esigabeni sesine mhlaka lu-1 kuNhlaba:

Imingcele yethu izobe ilokhu ivaliwe ukuhambela kwamanye amazwe, ngaphandle uma kuyolandwa abantu baseNingizimu Afrika kwamanye amazwe nokuhanjiswa kwezakhamuzi zakwamanye amazwe.

Akukho ukuhamba okuzovumeleka ukusuka kwesinye isifundazwe uya kwesinye, ngaphandle uma kuthuthwa izimpahla, kanye nezimo ezikhethekile ezifana nemingcwabo.

Izithuthi zomphakathi zizoqhubeka zisebenze, ngemikhawulo yenani labagibeli kanye nezidingo okumele zilandelwe zenhlanzeko, okubandakanya ukuthi bonke abagibeli kumele bagqoke izifonyo.

Umphakathi uyakhuthazwa ukuthi uhlale ekhaya, ngaphandle uma kumele baphumele izidingo zabo ezibalulekile, ukwenza umsebenzi obalulekile nokusebenza emikhakheni ezovulwa ngokulawulwa okuthile. Abantu bangazivocavoca ngaphansi kwemibandela eqinile yezempilo.

Yonke imibuthano, ngaphandle kwemingcwabo noma leyo misebenzi esivuliwe, izohlale ingavumelekile.

Labo abadala, nalabo abasesimweni sempilo esingesihle kahle, kumele bahlale ekhaya balandele izinyathelo zokuzivikela ngokuthi bahlale bodwana.

Ukudayiswa kukagwayi kuzovumeleka. 

Uhlu  lwezimpahla ezizothengiswa luzonwetshwa ukuthasisela izinto ezithile. ONgqongqoshe abaqondene nalokhu bazokwenaba ngakho.

Kubalulekile ukuqaphela ukuthi imikhawulo eminingana izolokhu ikhona noma ngabe sikusiphi isigaba uma nje ubungozi bokusulelana busekhona:

Izindawo zotshwala namashibhi kuzolokhu kuvaliwe.

Izindawo zengqungquthela nemihlangano, izindawo zokuzijabulisa, amabhayisikobho, imidlalo yeshashalazi, kanye namakhonsathi kuzohlala kuvaliwe.

Amakhonsathi, imicimbi yezemidlalo, kanye nemibuthano yezenkolo, amasiko kanye neyomphakathi angeke kuvunyelwe kuze kufike isikhathi lapho sekuphephile ukuthi kungaqhubeka.

Igciwane le-corona libhebhetheka ngokuthintana kwabantu.

Uma abantu bengahambi, negciwane alihambi.

Siyazi ukuthi, isibonelo nje, loya mngcwabo owodwa nje e-Port St Johns kanye nenkonzo e-Mangaung kwaholela ekusulelekeni kwabantu abaningi kulezo zifundazwe ezimbili.

Kubufakazi esinabo, siyazi ukuthi izigameko eziqinisekisiwe zegciwane le-corona ezingamaphesenti angama-75 zitholakale kumikhandlu-dolobha yomasipala abayisithupha – okungowaseGoli, Ekurhuleni, eKapa, Buffalo City, EThekwini kanye nowaseMangaung.

Ngakho-ke kubalulekile ukuthi senze konke okusemandleni ethu ukubeka imikhawulo yokugcogcoma kwabantu futhi – noma kuphikisana nendlela esiyiyo – ukunciphisa ukuthintana nokuxhumana okukhona phakathi komunye nomunye wethu.

Ekugcineni, ukwenza kwethu, komunye nomunye, okuzosho ukuthi igciwane libhebhetheka ngesivinini esingakanani. 

Uma sonke silandela imiyalelo nemihlahlandlela yezempilo yomphakathi, sizokwazi ukulawula igciwane futhi ngeke kudingeke ukuthi sibuyise imikhawulo enzima kakhulu. 

Singakunqanda ukubhebhetheka kwegciwane le-corona ngokwenza izinto ezimbalwa ezincane.

Hlanza izandla zakho njalo ngensipho namanzi noma usebenzise isibulalimagciwane esine-alkhoholi.

Ziqhelelanise ngebanga elingaphezu kwemitha elilodwa kumuntu oseduze nawe, ikakhulukazi labo abakhwehlelayo nabathimulayo.

Zama ukungazithinti umlomo, ikhala namehlo ngoba kungenzeka ukuthi izandla zakho zike zathinta indawo enegciwane le-corona.

Uma ukhwehlela noma uthimula vala umlomo wakho ngendololwane egobile noma ngephepha lokufinya, bese ulahla iphepha lokufinya ngaso leso sikhathi.

Njengoba siqala ukuxegisa imikhawulo yokuvalwa kwezwe kusuka ekuqaleni kukaNhlaba, sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagqoke izifonyo njalo uma bephuma emakhaya.

Imboni yethu yendwangu nezimpahla zokugqoka – kubandakanya amabhizinisi amaningi amancane – azilungiselela ukukhiqiza lezi zifonyo ngobuningi bazo.

Izinyathelo ezimangalisayo esesizithathile ukulwa nobhubhane lwegciwane le-corona zihambisane neminikelo emangalisayo yabantu baseNingizimu Afrika. 

Siyabahlonipha kakhulu, abahlengikazi, odokotela, ososayensi kanye nabasebenzi abaxilonga abantu emphakathini okuyibona abahola ukuhlinzeka ngosizo lwezempilo yomphakathi.

Sizinikele ukuqinisekisa ukuthi banazo zonke izinsiza abazidingayo – kubandakanya izinsiza-kusebenza zokuzivikela ezanele nokunye okudingekayo – ukuze benze umsebenzi abacelwe ukuthi bawenze.

Njengoba sixegisa imikhawulo yokuvalwa kwezwe, sikhuphula kakhulu nangokushesha ukuhlinzeka ngosizo lwezempilo yomphakathi.

Sesibone ukukhula okukhulu ekuxilongweni nasekuhlolweni komphakathi.

Ngokulandela iziyalo zeNhlangano Yezempilo Yomhlaba kanye Nezikhungo Zase-Afrika Zokunqanda Nokulawula Izifo, sesihlangane namanye amazwe ase-Afrika ukubeka ukuxilongwa nokuhlolwa kwabantu njengengqikithi yesigaba esilandelayo sokubhekana negciwane.

Ekuqaleni kweviki, ngimemezele ngesabelo esengeziwe sezigidigidi ezingama-R20 esizosetshenziselwa ukubhekana nokuhlinzeka usizo lwezempilo ukuqinisekisa ukuthi sinayo imibhede, imithi, izinsiza-kusebenza nabasebenzi okudingekayo uma izwe libhekana nezinga eliphezulu lokusuleleka.

Kusihlwa nje, ngifuna futhi ukubonga abahlinzeka ngezinsiza ezibalulekile nezimpahla – abashayeli bamaloli, amatekisi, amabhasi nezitimela; abasebenzi basemapulazini, ezitolo, eziteshini zikagesi, esiteshini zamanzi, eziteshini zophethiloli, emabhange nasezindaweni ezisebenza ngezincingo; abasebenzi bomthetho kanye nezokuqapha.

Sibonga imizamo yenu eyenze sakwazi ukwenza inqubekelaphambili ebonakalayo ekulweni nalolu bhubhane.

Njengengxenye yokwengeza kule mizamo, sengiqashe amasosha angaphezu kwezi-70 000 ukuze azosiza ezindaweni eziningi ekubhekaneni kwethu negciwane le-corona.

Kuze kube manje, lawo masosha esetshaliwe asesekele Uphiko Lwezamaphoyisa eNingizimu Afrika emisebenzini yawo.

Azoqhubeka ngokwenza njalo, kodwa azophinde asize ezindaweni ezibalulekile, ezifana nokunikezelwa kwamanzi, ukunakekelwa kwengqalasizinda nezinsiza zezempilo.

Lona ngumzuzu obaluleke kakhulu emzabalazweni wethu wokulwa negciwane le-corona.

Isikhathi sokuthi siqaphele. 

Isikhathi sokwenza izinto ngokuziphobezela. 

Isikhathi sokubekezela.

Akekho umuntu ongafuni ukubuyela emsebenzini.

Ayikho inkampani engafuni ukuvula futhi.

Akekho umfundi ongafuni ukubuyela ezifundweni zakhe.

Okwamanje, siyabizwa sonke, esikhathini esithile ezimpilweni zethu, ukunikelela ngokukhulu ikusasa lethu nekusasa labanye.

Kunezikhathi lapho kumele sibekezelele izinkathazo nobunzima, ukuze sizothokozele inkululeko nokuchuma okuya kwikusasa.

Emavikini amahlanu adlulile, sibonisile emhlabeni wonke ukuthi yini izwe elingayizuza ngokuba nesibindi, impokophelo kanye nokubumbana. 

Akumele siphose ithawula.

Ngiyaninxusa ukuthi nihlale niqinile.

Ngicela ukuthi nihlale nimunye.

Hlalani emakhaya, nihlale niphephile.

Ngiyabonga ngakho konke esenikwenzile futhi niqhubeke njalo.

UNkulunkulu abusise iNingizimu Afrika nabantu bayo.
    
Ngiyabonga. 

 

Share this page

Similar categories to explore