Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana neNqubekela-phambili Yezinyathelo esezithathiwe zikaZwelonke Zokunqanda Ubhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kusihlwa nje, ngithanda ukukhuluma ngezinto ezine ezibaluleke kakhulu empini yethu yokulwisana nobhubhane lwe-COVID-19 nasekubuyiselweni komphakathi wethu nomnotho.

Okuyile zinto, okokuqala, ukufaka amandla kumkhankaso wethu kazwelonke wokugoma; okwesibili, izinyathelo esizozithatha ukuqhubekela phambili nokuvula umnotho wethu; okwesithathu, ukuqaliswa kwesitifiketi sokugoma; kanye, nokwesine, izingxoxo zethu nezwe i-United Kingdom ukubuyisa ezokuhambela kwamanye amazwe, ezokuvakasha kanye nezohwebo.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, inhlangano ebizwa nge-COVID-19 Modeling Consortium yaseNingizimu Afrika ikuqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika isiphumile ehlandleni lesithathu lokwesuleleka nge-COVID-19.

Leli hlandla, ebelibhebhezelwa ngumxhantela wegciwane obizwa nge-Delta, libe nzima kakhulu uma liqhathaniswa namahlandla amabili angaphambilini.

Leli hlandla lesithathu lihlale isikhathi esingaphezu kwezinsuku ezingama-130, futhi lithathe amaviki amabili ngaphezu kwesikhathi esithathwe ngamahlandla amabili angaphambilini.

Esicongweni sokwesuleleka kwehlandla lesithathu, besiqopha izigameko ezintsha ezilinganiselwa kwizi-20 000 osukwini ngalunye.

Ezinsukwini eziyisikhombisa ezedlule, isilinganiso-nani sezigameko ezintsha besilinganiselwa kwi-1 800 ngosuku.

Kuphinde futhi kwaba nokwehla okusimeme ekulalisweni esibhedlela kanye nokushona kwabantu ngenxa ye-COVID-19 kuzo zonke izifundazwe.

Lezi yizindaba esizithakaselayo sonke.

Besilokhu siphila ngaphansi kwethunzi elimnyama lobhubhane izinsuku ezingama-574 manje, futhi sonke sikhahlamezekile kakhulu.

Sibhekane nobunzima obukhulu, futhi okube nzima kakhulu ukwedlula konke ngukushona kwezihlobo zethu eziningi, esisebenza nabo kanye nabangani abasilahlekele ngenxa yalolu bhubhane. Siyakhala ngomunye nomunye wabo.

Ngokwejwayelekile sonke sifuna ukuqhubeka nemisebenzi eminingi ebesingakwazi ukuyenza kule minyaka emibili eyedlule.

Sifuna ukuya emicimbini yamasiko, emicimbini yokubungaza izinsuku zokuzalwa, emishadweni kanye nakweminye imicimbi yomphakathi ngokukhululeka nabangani kanye nemindeni yethu.

Besilokhu silangazelele ukuthola isikhathi lapho sizokwazi khona ukuya esontweni, ema-mosque, kuma-shul kanye nasemathempelini ngaphandle kwemikhawulo, futhi sikwazi ukwangana kanye nokuxhawulana ngaphandle kokukhathazeka ngokugula.

Abalandeli bezemidlalo bangabanye bethu asebefuna ukuthi babuyele ezinkundleni zemidlalo ezifana no-FNB, e-Moses Mabhida, e-Royal Bafokeng, e-Newlands, kanye nase-Loftus siyojabulela amaqembu ethu.

Sifuna ukuhlangana ngokukhululeka futhi ezindaweni zokudlela, emathaveni kanye nasezinkundleni zemidlalo yaseshashalazini, futhi sifuna ukuhamba ngokukhululeka noma nini nanoma kuphi lapho sikhetha ukuya khona.

Le nkululeko, ebesiyilinde isikhathi eside, singakwazi ukuthi sifinyelele kuyona.

Kodwa sizokwazi ukufinyelela kuyo kuphela uma sesigome sonke futhi sizoqhubeka nokuthobela imithethomgomo eyisisekelo.

Kusukela sethula ngokusemthethweni umkhankaso wethu wokugoma kazwelonke, bewulokhu ukhula ngesivinini.

Kuze kube manje sesikhiphe imithamo yokugoma eyeqile kwizigidi eziyi-17.

Bangaphezulu kwezigidi eziyi-8.6 abantu asebegome ngokuphelele, lokhu okungaphezu kwengxenye yoyedwa kwabahlanu kubantu abadala.

Okuphawulekayo ngukuthi, ama-60% abantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka engaphezu kwama-60, kanye nama-50% abantu abaneminyaka ephakathi kwengama-50 nengama-59 asebethole okungenani umjovo owodwa.

Lezi zibalo zisinika iqholo kanye nethemba.

Sizibekele ukuthi sifuna ukugoma ama-70% abantu abadala eNingizimu Afrika ekupheleni konyaka.

Uma singakhona ukufinyelela kulokho esizibekele khona, uMnyango Wezempilo uqagula ukuthi sizobe sisindise izimpilo zabantu ezilinganiselwa kwizi-20 000.

Lokhu kumele abantu abayizi-20 000 – omama, obaba, amadodana kanye namadodakazi – ukufa kwabo okunganqandeka uma iningi lethu likhetha ukugoma.

Ukufinyelela kwinjongo yethu kumele sengeze ukukhipha eminye imithamo yemigomo eyizigidi eziyi-16 kulo nyaka, okulingana nemithamo yokuqala yomgomo eyizi-250 000 njalo ngosuku olulodwa lokusebenza njalo ngeviki kuze kube maphakathi nenyanga kaZibandlela.

Siyazi ukuthi uma umdala, uzoba sengozini enkulu yokuthi uzogula kanzima ngenxa ye-COVID-19 noma ukuthi uzodinga ukulaliswa esibhedlela.

Siyazi futhi ukuthi ubungozi bokushona ngenxa ye-COVID-19 buphezulu kubantu abadala uma kuqhathaniswa nabantu abasebancane.

Ukusindisa izimpilo kanye nokunqandwa kokugcwala ngokweqile kwizikhungo zethu zezempilo kanye nabasebenzi ukuthi basebenze ngaphansi kwengcindezi, ngakho-ke sibeke eqhulwini labo abaneminyaka engaphezulu kwengama-50 kanye nalabo abaneminyaka engaphezulu kwengama-60 ukuthi bagonywe.

Lokhu akuchazi ukuthi abantu abaneminyaka engaphansi kwengama-50 abekho engozini.

Ezinyangeni zakamuva nje, sibone senyuka isibalo sabantu abasebancane abalaliswa esibhedlela kanye nokushona ngenxa ye-COVID-19.

Yiso lesi sizathu esenze ukuthi kusuka mhla zingama-20 kuNcwaba kunwetshwe uhlelo lwethu ukuthi lufinyelele kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka engaphezu kweyi-18 ubudala.

Ngesikhathi senze inqubekela-phambili ebonakalayo, futhi saqinisekisa ukutholakala kwemithamo yomgomo eyanele inani labantu esizibekele ukuligoma, uhlelo lwethu lokugoma lusalokhu luhamba ngonyawo lonwabu.

Ngakho-ke sinqume ukwenyusa umkhankaso wethu wokugoma abantu ngokuthi sethule ngokusemthethweni uhlelo lomkhankaso wokugoma ngezimpelasonto ‘i-Vooma Vaccination Weekends’ kusuka kusasa.

Uhlelo lomkhankaso i-Vooma Vaccination Weekends luzoba umkhankaso kazwelonke wokukhuthaza abantu ukuthi bagome.

Siyazi ukuthi ukuya ezikhungweni zokugoma phakathi nezinsuku kungaba nzima kubantu abaningi, ikakhulukazi labo abasebenzayo, labo okumele bahambe ibanga elide, noma labo abadlala indima eqavile emindenini yabo.

Labo abangeke bekwazi ukuyogoma phakathi neviki kumele basebenzise leli thuba.

Kusasa, mhla lu-01 kuMfumfu kanye nangoMgqibelo zi-02 kuMfumfu, sizobe sivule izikhungo zokugoma ezweni lonkana ukuze kufinyelelwe kubantu abalinganiselwa ngaphezu kwesigamu sesigidi sabantu.

UMnyango Wezempilo usukhombe izifunda eziseqhulwini kwisifundazwe ngasinye kanti lokhu kususelwe ezibalweni zabantu abangagomile kanye nobubanzi babantu abagomayo njengamanje kwisifunda ngasinye.

Lokhu kuzoba wuchungechunge lohlelo lokuqala lomkhankaso we-Vooma Vaccination Weekend.

Abaholi kumaqembu ahlukahlukene ezepolitiki, umphakathi, abaholi bamabandla ezenkolo, abaholi bendabuko, abezemisebenzi kanye namabhizinisi bazogqugquzela imiphakathi ukuthi ihlale iphephile ngokuthi igome.

Mina kanye nePhini likaMongameli, ngokunjalo noNgqongqoshe, amaPhini oNgqongqoshe, oNdunankulu, ama-MEC, oSodolobha kanye namaKhansela, nathi sizophuma siye emiphakathini ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ukuyogqugquzela izakhamuzi ukuthi zigome.

Ukugoma kumahhala kuwo wonke umuntu ohlala eNingizimu Afrika, kungakhathalekile ukuthi uyisakhamuzi salapha eNingizimu Afrika noma sakwelinye izwe.

Ungaya esikhungweni sikahulumeni noma esizimele esigomayo, noma ngabe awunalo uhlelo lomshwalense wezokwelashwa.

Ungahamba uye esikhungweni sokugoma esiseduzane nawe nomazisi wakho noma yibuphi ubufakazi bukamazisi bese ubhalisela ukugoma khona lapho.

I-Vooma Vaccination Weekends futhi iyithuba lokubonga igalelo elikhulu labasebenzi bethu abasebenza phambili bezempilo kanye nabaphathi bezinsizakalo zezempilo – kusuka kubasebenzi bethu bezempilo yomphakathi abangene indlu ngendlu begqugquzela abantu ukuthi baye ezikhungweni zokugoma kuya kubasebenzi bethu abasebenza kulezo zikhungo kanye nezimoto ezifinyelela kubantu kanye nasezikhungweni zezempilo ezweni lonkana.

Sifuna nokubonga iningi lamavolontiya asizile kanye nezinhlelo eziningi zabaholi bendawo.

Kumele siyishayele ihlombe imizamo eyenziwe ngamabhizinisi yokuthi kugonywe abasebenzi bawo.

Sinxusa wonke amabhizinisi ukuthi enze lula ukugonywa kwabasebenzi bawo futhi agqugquzele abasebenzi bawo ukuthi bagome.

Ukubandakanyeka kwayo yonke imikhakha yomphakathi emzamweni kazwelonke kuzobaluleka kakhulu njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya ngoLwezi.

Imisebenzi yemikhankaso ibeka engcupheni enkulu ukwenyuka kokusuleleka okusha.

Omunye nomunye wethu – kusuka kubaholi bamaqembu ezepolitiki kanye nabahleli kuya kubalandeli kanye nakubasebenzi bezokhetho – banesibophezelo sokuthi baqinisekise ukuthi imithethonqubo iyalandelwa futhi yonke imithethomgomo iyathotshelwa ngesikhathi semikhankaso yokhetho.

IKhomishana Yokhetho Ezimele ibeka izindlela zokuqinisekisa ukuthi bonke abavoti bangasebenzisa ngokukhululeka ilungelo labo lentando yeningi labantu ngaphandle kokubekwa ebungozini obungenasidingo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngesikhathi ngimemezela mhla ziyi-12 kuMandulo ukuthi izwe lizokwehlela Esigabeni Sesibili Esibuyekeziwe, ngathi sizobe sihlola isimo emva kwamaviki amabili.

Izimo ezikhona njengamanje ekuqhubekeni kwalolu bhubhane zichaza ukuthi imikhawulo eminingi ekhona ingaxegiswa, ngokuya ngezincomo zeKomidi Eliluleka oNgqongqoshe nge-COVID-19.

Ngemuva kwemihlangano yoMkhandlu Kazwelonke oLawula Igciwane le-Corona kanye noMkhandlu kaMongameli Wokuxhumanisa, iKhabhinethi isithathe isinqumo sokususa iNingizimu Afrika kwiSigaba Sesibili Esibuyekeziwe liye kwiSigaba Sokuqala Esibuyekeziwe kusukela phakathi kwamabili kusihlwa.

Lezi zinyathelo ezilandelayo zizosebenza ngaphansi kweSigaba Sokuqala Esibuyekeziwe:

  • Amahora omthetho wewashi azoshintsha, kusuka ngele-12 phakathi kwamabili kuya ngelesine ekuseni.

Izindawo ezenza umsebenzi ongasiwo umongo ezinjengezindawo zokudlela, amashibhi kanye nezikhungo zokuzivocavoca kuzodingeka ukuthi zivalwe ngele-11 ebusuku ukuvumela abasebenzi babo kanye nabaxhasi ukuba bahambe baye emakhaya ngaphambi kokuqala komthetho wewashi.

  • Isibalo esiphezulu sabantu abavunyelwe ukubuthana ngaphakathi kwesakhiwo sizokhuphuka sisuka kuma-250 siye kuma-750, futhi isibalo esiphezulu sabantu abavunyelwe ukubuthana ngaphandle kwesakhiwo sizokwenyuka sisuke kuma-500 siye kwizi-2 000.

Lapho indawo incane kakhulu ukuthi ingamumatha lama nani abantu ngokuhambisana nokuqhelelana kwabantu, lapho-ke akumele kusetshenziswe inani elingaphezulu kwama-50% omthamo waleyo ndawo.

Lokhu kubandakanya imibuthano yezenkonzo, imicimbi yezepolitiki kanye nemibuthano yomphakathi, ngokunjalo nezindawo zokudlela, amashibhi, amathaveni kanye nezinye izindawo ezifana nalezo.

  • Inani eliphezulu elivumeleke ukuthamela umngcwabo lizokwenyuka lisuka kuma-50 liye kwi-100. Njengasekuqaleni, imilindelo, imibuthano eyenziwa emva komngcwabo kanye nemibuthano yokududuzana ebizwa ngama-‘after-tears’ ayivumelekile.
  • Ukudayiswa kotshwala – ukuthi buphuzelwe khona ngaphakathi futhi uhambe nabo – kuzovumeleka, ngokuhambisana nemibandela yokusebenza okujwayelekile kwelayisensi. Noma kunjalo, akumele kuthengiswe utshwala ngemuva kwehora le-11 ebusuku.
  • Ukugqokwa kwezifonyo uma usezindaweni zomphakathi kuseyimpoqo, kanti futhi ukwehluleka ukwenza lokho kusalokhu kuyicala elibomvu.

Njengengxenye yomzamo wokuthi izingxenye zomnotho ezikhahlamezeke kakhulu zibuyiselwe ekusebenzeni sibheke okunye ukuxegiswa kwemikhawulo, ikakhulukazi emicimbini yezemidlalo kanye namasiko.

Njengoba bengike ngasho ekuqaleni, sonke silangazelela ukuthi ibuye inkululeko yethu, futhi uma siqhubeka nokusebenza ngokubambisana njengoba kade senza, kuzovuleka izindawo eziningi zomsebenzi.

Maduze nje uMnyango Wezempilo uzokhipha isitifiketi sokugoma, esizonikeza ubufakazi obuphephile futhi obuqinisekisiwe bokugoma.

Singasetshenziselwa ukwenza lula ukuhamba, ukungena ezikhungweni kanye nasemibuthanweni kanye nezinye izinhlobo zomsebenzi ezidinga ubufakazi bokugoma.

Indlela yethu yokwenza lokhu yesekwe yimihlahlandlela yeNhlangano Yezempilo Yomhlaba futhi iyahambisana nendlela yokusebenza yamazwe omhlaba.

Ukuqondanisa kanye nokufanisa ubufakazi bokugoma nakho kuzosiza kakhulu ekutholeni ukuthi kuxegiswe imikhawulo eminingi yokuhambela amazwe ukuphuma nokungena ezweni lethu.

Ukuthola umgomo akugcini ngokuzivikela wena kanye nalabo abaseduze nawe.

Kuphinde kube mayelana nokuvikela ukwesuleleka okusha kanye nemixhantela eyingozi ekuqhambukeni, njengoba igciwane likwazi ukusabalala futhi liguquke kubantu abangagonyiwe.

Noma kunjalo, kufanele sikhumbule ukuthi noma sigonyiwe, sidinga ukuqhubeka nokulandela izindlela eziyisisekelo zokunqanda ukusabalala kwegciwane lisuka komunye umuntu liya komunye.

Siyazi ukuthi imibuthano yangaphakathi kwesakhiwo, ikakhulukazi ezindaweni ezingangeni umoya ngokwanele, iyimbangela enkulu yokuqubuka kwegciwane futhi ibhebhethekisa ngesivinini leli gciwane.

Kumele siqhubeke sigqoke izifonyo zethu ngaso sonke isikhathi uma sisezindaweni zomphakathi, siqhelelane nabanye futhi siqinisekise njalo ukuthi amawindi avulekile kanye nokuthi kunomoya ohelezayo ohlanzekile.

Uma siqhubeka nokulandela le mithethonqubo, uma sigcina izinga lokutheleleka liphansi, futhi okubaluleke kakhulu uma sigoma inani elikhulu labantu abadala, sizogcina lolu bhubhane lungakwazi ukusabalala kalula futhi ekugcineni siluphoqelele ukuba lwehle.

Ngomzamo wokunqanda ukwanda kokutheleleka, amazwe amaningi emhlabeni wonke akhethe ukuvimbela ukuhanjelwa ngamanye amazwe.

I-United Kingdom yabeka umthetho wokuvimbela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahambele leli lizwe ngokufaka ohlwini izwe lethu njengeliyingozi kakhulu.

Lokhu kusibeke esikhundleni esibi kakhulu njengezwe, njengoba i-United Kingdom ingumthombo omkhulu wezokuvakasha waseNingizimu Afrika enyakatho yezwe kanye nomlingani osemqoka wezokuhweba.

Ngesikhathi ososayensi base-UK bekhathazekile ngokuba khona komxhantela owehlukile owaziwa nge-Beta eNingizimu Afrika, iqiniso ukuthi umxhantela i-Delta manje yiwona odlange kakhulu ezweni.

Ngasekuqaleni kwanamuhla ngibe nengxoxo ocingweni noNdunankulu waseBhrithani u-Boris Johnson ukuthi sixoxe ngalolu daba. Ngibe sengibeka udaba lweNingizimu Afrika kuyena, okuyinto ayiqonde kahle.

Sobabili savumelana ukuthi izinqumo zalolu hlobo kufanele zifakazelwe yisayensi futhi sinethemba lomphumela omuhle uma udaba selubuyekezwa ezinsukwini ezizayo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Okuseqhulwini kithina ngukuqinisekisa ukuthi umnotho uyasimama ngokushesha okukhulu, ukuze sizokwazi ukwakha amathuba emisebenzi futhi sisize amabhizinisi ukuthi abuyele esimeni sawo sokusebenza ngokujwayelekile.

Iyodwa kuphela indlela esingenza ngayo lokho okungukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bagome, ngokushesha.

Uma iningi labantu seligomile, singakwazi ukuthi sikusho ngokungangabazi ukuthi iNingizimu Afrika iyindawo ephephile futhi samukele izivakashi ngalesi sikhathi sasehlobo.

Singaqala kabusha imicimbi yezemidlalo namakhonsathi, sixegise imikhawulo ezindaweni zokudlela kanye nasemashibhini, futhi sikhuthaze abantu ukuthi babuyele ngokuphepha ezindaweni zabo zokusebenza, ezitolo kanye nasezindaweni zomphakathi.

Uma sikwazi ukufinyelela ekugomeni inani labantu esizibekele lona ngasekupheleni kwalo nyaka, singagwema eminye imikhawulo futhi sisheshise ukusimama kwethu kwezomnotho ngesivinini esiphezulu.

Ngifuna ukuninxusa ukuthi nilisebenzise leli thuba le-Vooma Vaccination Weekends.

Masiphumeni sonke ngobuningi siyogoma.

Masithatheni abangani bethu kanye nemindeni yethu abangakagomi siyogoma.

Sisonke masifinyeleleni kuma-70% okugonywa kwabantu esizibekele ukuthi bazobe sebegonyiwe ngoZibandlela.

Masinyuseni izinga lokugoma. Masi-Voome.

Sengathi uNkulunkulu angayibusisa iNingizimu Afrika futhi aqhubeke nokuvikela abantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore