Isitatimende sikamongameli Cyril Ramaphosa mayelana nezinyathelo zomnotho nosizo lomphakathi ezenzelwe ukubhekana nobhubhane lwesifo se-COVID-19

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Sekuphele izinsuku ezingama-25 iNingizimu Afrika ingene esikhathini sokuvalwa kwezwe lonkana ukuze kunqandwe ukusabalala nokubhebhetheka kwegciwane le-corona.

Lokhu kudinge isibindi nokubekezela okukhulu kinina.


Sekudale ukuthi nibhekane nenhlupheko nobunzima obesabekayo kanye nokuzidela.


Ngiyaphinda futhi nginithulela isigqoko ngalokhu, futhi ngiyanibonga.


Ubhubhane lwegciwane le-corona seluphazamise izimpilo zenu futhi lwadala umonakalo emnothweni.


Ukubhebhetheka nokudlondlobala kwaleli gciwane okomlilo wequbula kuzoqhubeka nokukhahlameza abantu futhi kudale umonakalo omkhulukazi emavikini nezinyanga eziningi ezizayo.


Lesi sifo sesiholele ekulahlekeni kwemali engenayo emabhizinisini nakubantu ngokufanayo, okuyinto edlondlobalisa ububha futhi kusenjalo ikhulise nendlala.


Izinyathelo ezisheshayo futhi ezinohlonze esizithathile zokubambezela ukusabalala kwegciwane yizinyathelo ebezidingeka kakhulu.


Lokhu sekusinikeze ithutshana lokwakha nokuhlanganisa izinhlelo ezizokwenza sikwazi ukubhekana kangcono nokudlondlobala kokutheleleka kwabantu okungenakugwemeka, futhi  ngalokho-ke sisindise izimpilo zabantu abayizinkulungwane ngezinkulungwane.


Nakuba lokhu kuvalwa kwezwe lonkana kunomthelela omubi kakhulu emnothweni wethu, kuyinto encane kakhulu uma kuqhathaniswa nokukhahlamezeka kwabantu okusabekayo ngokunjalo futhi nokucekeleka phansi komnotho obekungenzeka uma sivumela igciwane lisabalale futhi lizicanasele nje phakathi kwabantu ngaphandle kokuthi kube nemizamo esiyenzayo yokulinqanda.


Ososayensi bezokwelapha kanye nodokotela bethu bathi thina sisesezigabeni zokuqala zalolu bhubhane.


Njengoba ingakatholakali imishanguzo noma ikhambi lokwelapha leli gciwane, kumele silindele ukuthi leli gciwane liqhubeke nokuba yinkinga esikhathini eside esizayo.


Into eseqhulwini futhi esemqoka kakhulu njengamanje wukuqinisa izinhlelo nezinyathelo zezempilo ezidingekayo ukunqanda kanye nokubambezela ukusabalala nokubhebhetheka kwalesi sifo futhi siphephise izimpilo zabantu.


Kuze kube manje, igciwane le-corona selithathe okungenani imiphefumulo yabantu abangama-58 ezweni lethu. Siyadabuka kakhulu ngalokhu kulahleka kwemiphefumulo futhi siyabazi ubuhlungu nosizi oluzwiwa yizihlobo zabo nabangani.


Ekuhlolweni okwevile ezi-126,000 okwenziwe, sekuhlonzwe abantu abayizi-3,465 osekuqinisekisiwe ukuthi sebehaqwe yigciwane le-corona.


Sekuxilongwe abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili ezweni lonkana futhi kulaba, bangaphezu kwezi-15,000 asebedluliselwe ezikhungweni ezifanelekile ukuze bayohlolelwa leli gciwane.


Njengoba siqhuba lolu hlelo olukhulu kangaka futhi olungakaze lubonwe ngaphambilini lokuxilonga nokuhlola umphakathi, simatasa futhi nezinyathelo zokuvikela izindlela abaziphilisa ngazo abantu, ukuze sivimbele indlala nobubha obukhulu obungakhahlameza umphakathi, futhi kusenjalo senza nemizamo yokuvuselela umnotho wezwe siwubuyisele emgudwini wokusimama.


Kusihlwa nje, ngifisa ukukhuluma nani ngezinhlelo nezinyathelo zomnotho nosizo lomphakathi esizithathayo ukubhekana nalesi simo esiphuthumayo sezempilo esesikhahlameze umhlaba wonke.


Lesi sifo sidinga izinhlelo zomnotho kanye nezinyathelo ezinohlonze impela, ezilingana nobubanzi nobukhulu bokuphazamiseka okubangelwa yisona.


Izinyathelo zethu zomnotho zingahlukaniswa izigaba ezintathu.


Isigaba sokuqala saqala maphakathi nenyanga kaNdasa ngenkathi simemezela ubhubhane lwegciwane le-corona njengenhlekelele kazwelonke.


Lokhu kufaka phakathi izinyathelo eziningi futhi ezihlukahlukene zokunciphisa imithelela emibi kakhulu yalolu bhubhane emabhizinisini, emiphakathini kanye nakubantu.


Lezi zinyathelo zibandakanya usizo lwesibonelelo sentela, ukuhlinzekwa kwezimali zosizo lokubhekana nenhlekelele, usizo oluphathelene nokuthengwa kwempahla nezinsizakalo zesimo esiphuthumayo, usizo lwemiholo ngokusebenzisa isikhwama se-UIF kanye noxhasomali lokulekelela amabhizinisi amancane.


Manje sesiqalisa isigaba sesibili sezinyathelo nezinhlelo zethu zomnotho okuhloswe ngazo ukuletha uzinzo kwezomnotho, futhi kubhekwane nokwehla okukhulu kwemfuno-sidingo yezimpahla nezinsizakalo, futhi ngalokho kuvikelwe nokulahleka kwemisebenzi.


Njengengxenye yalesi sigaba, kusihlwa nje simemezela le phakheji enkulukazi yosizo lomphakathi kanye nolwezomnotho oluyizigidigidi ezingama-500 zamarandi, okuyisamba esilinganiselwa kuma-10% esamba-mkhiqizo sezwe (i-GDP).


Isigaba sesithathu yiqhingasu lezomnotho esizoliqalisa ngenhloso yokuvuselela nokusimamisa umnotho wethu ngenkathi izwe lethu seliqala ukuphuma kulolu bhubhane.


Okuzoba ngumgogodla weqhingasu lethu lokuvuselelwa komnotho yizinyathelo esizoziqalisa zokukhuthaza nokugqugquzela imfuno-sidingo yezimpahla nezinsizakalo ngokuthi sisebenzise izinhlelo ezinjengohlelo olukhulukazi lokwakhiwa kwengqalasizinda, ukuqaliswa kwezinguquko zomnotho ezisheshayo, ukulethwa koguquko emnothweni wezwe kanye nokuqaliswa kwazo zonke ezinye izinyathelo ezizokhuthaza ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke.

Sizochaza kabanzi ngalokhu ezinsukwini ezizayo.


Kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, besifakana imilomo nababambiqhaza abahlukahlukene.


Sibambe imihlangano nabamele amabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi ku-NEDLAC.


Sibambe imihlangano noNdunankulu, oNgqongqoshe Bezifundazwe kanye neziMeya zemikhandlu-dolobha emikhulu yakuleli kanye namalungu oMkhandlu Wokweluleka uMongameli mayelana Nezindaba Zomnotho.


Kulandela le mihlangano, iKhabhinethi lacubungula iziphakamiso ezihlukahlukene futhi emva kwalokho lahlanganisa iphakheji yosizo lomphakathi nolwezomnotho olungumongo wesigaba sethu sesibili sezinyathelo zomnotho zokubhekana ngqo nalesi simo esidalwe yilolu bhubhane.

Lokhu kubandakanya:

Okokuqala, isabelomali sezempilo esikhulukazi futhi esiyingqophamlando okuhloswe ngaso ukubhekana negciwane le-corona,

Okwesibili, usizo lokuxosha ikati eziko kanye nokunciphisa ubunzima nosizi olubhekene nomphakathi,

Okwesithathu, usizo olubhekiswe ezinkampanini kanye nabasebenzi,

Okwesine, ukuvulwa kabusha komnotho kancane kancane, ngokwezigaba ngezigaba.

Umthelela wegciwane le-corona udinga isabelomali esikhulukazi – esibalelwa kwizigidigidi ezingama-500 zamarandi – esizosetshenziselwa ukuthola izinsiza nezimali zokulwisana nalolu bhubhane.


Lokhu kudinga ukuthi kwabiwe kabusha imali eyizigidigidi eziyi-130 zamarandi kwisabelomali esikhona njengamanje ukuze leyo mali iqondane ngqo nomsebenzi wokulwisana nalesi sifo.


Enye imali edingekayo izotholakala emithonjeni yakuleli, njengesiKhwama Somshwalense Sikazwelonke, ngokunjalo futhi nasezinhlanganweni zomhlaba esibambisene nazo kanye nezikhungo zezimali zamazwe ngamazwe.


Kuze kube manje, sesicele usizo eBhange Lomhlaba, esiKhwameni Sezimali Samazwe Ngamazwe, eBhange Lentuthuko Elisha le-BRICS kanye neBhange Lentuthuko ye-Afrika futhi lezi zikhungo zisebenzisana noMgcinimafa Kazwelonke ukucubungula izinhlobo ezihlukahlukene zoxhasomali olungalekelela leli lizwe.


Ezinye zalezi zikhungo sezenze amaphakheji oxhasomali okuhloswe ngawo ukulekelela amazwe ukuze, nawo njengathi, akwazi ukubhekana nalesi simo esibucayi esibangelwe yigciwane le-corona.

 

Okokuqala, lolu xhasomali luzosetshenziselwa ukuthatha izinyathelo zezempilo zokulwisana negciwane le-corona. Isamba eyisiyizigidigidi ezingama-20 zamarandi sizoqondiswa emizamweni esiyenzayo ukubhekana nalolu bhubhane.


Ukuze sikwazi ukulawula ngempumelelo ukudlondlobala okulindelekile kwesibalo sabantu azobetheleleka ngaleli gciwane, futhi ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu odinga usizo lokwelashwa uyaluthola, kumele sisebenzise imali nezinsiza ezithe xaxa ukuthenga impahla yokuvikela abasebenzi bezempilo, ukuxilonga umphakathi, ukukhuphula isibalo sabantu abahlolelwa igciwane, imibhede engeziwe ezibhedlela ezingaphakathi emphakathini, imishini yokuphefumula, imithi kanye nabasebenzi.


Ukuvalwa kwezwe lonkana sekube nomthelela omubi kwingenisomali yomasipala, esikhathini lapho zikhuphuka izidingo okumele babhekane nazo.


Olunye uxhasomali olwengeziwe oluyizigidigidi ezingama-20 zamarandi luzonikezwa omasipala ukuze kuhlinzekwe amanzi ngokushesha ezindaweni lapho engekho khona, kukhuliswe izinga lokuhlanzwa nokukhucululwa kwegciwane kwizithuthi zomphakathi ngokunjalo futhi nasezikhungweni zomphakathi, futhi kuhlinzekwe ngokudla nendawo yokufihla ikhanda kulabo abangenamakhaya.


Imininingwane mayelana nalokhu izomenyezelwa kwisabelomali sokuchibiyela esizokwethulwa nguNgqongqoshe Wezezimali.
Omunye umkhakha osemqoka odinga imali eningi wusizo lokuxosha ikati eziko nokunciphisa ubunzima nosizi olubhekene nemiphakathi yakithi ezweni lonkana.


Nakuba sesiqalise izinyathelo zokuvikela imiholo yabasebenzi bomkhakha womnotho ohlelekile futhi ngokunjalo sesixhase namabhizinisi asafufusa, bayizigidi ngezigidi abantu baseNingizimu Afrika abathengisa emgwaqeni kanye nalabo abangasebenzi abakuthola kunzima ukuzondla nokuziphilisa.


Ububha kanye nokuntuleka kokudla sekudlondlobale kakhulu impela kulesi sikhashana nje esingamaviki ambalwa esidlule kusona. Ukuze sikwazi ukufinyelela kuleyo mindeni ebhekene nenhlupheko futhi edinga ukubhekelelwa kakhudlwana, sesithathe isinqumo sokuqalisa isibonelelomali sesikhashana sezinyanga eziyisithupha ukulwisana negciwane le-corona.

 

Imali eyizigidigidi ezingama-50 zamarandi sizoyiqondisa ekulekeleleni labo abakhahlamezeke kakhulu ngenxa yegciwane le-corona.


Lokhu kusho ukuthi abahlomuli besibonelelomali sezingane bazothola imali engeziwe engama-300 amarandi ngoNhlaba, futhi kusukela ngoNhlangulana kuya kuMfumfu bathole imali engeziwe engama-500 amarandi njalo ngenyanga.


Bonke abanye abahlomuli bezibonelelo zikahulumeni bona bazothola imali engeziwe engama-250 amarandi njalo ngenyanga kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo.

 

Ngaphezu kwalokho, kunesibonelelomali esikhethekile soSizo Lokulekelela Abantu Abazithola Besebunzimeni Ngenxa ye-Covid-19, okuyimali engama-350 amarandi ezonikezwa labo bantu abangasebenzi njengamanje futhi okungekho olunye uhlobo lwesibonelelo sikahulumeni abalutholayo noma inkokhelo ye-UIF, kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo.


UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzohlinzeka ngezimfanelo ezidingekayo ukuze umuntu akwazi ukufinyelela kulolu xhasomali futhi ezifunekayo uma efuna ukufaka isicelo.


Sesibonile ukuthi amandla kahulumeni okusabalalisa ukudla awanele neze ukubhekana nesidingo esikhulukazi esesiqubukile kusukela kwaqala lolu bhubhane.


Uphiko Lwezibonelelo Zikahulumeni lwaseNingizimu Afrika – i-SASSA – ezinsukwini ezimbalwa ezizayo luzoqalisa ukusebenzisa ubuchwepheshe ekuhlinzekweni kosizo lokudla ngokwezinga nesivinini esiphakeme impela, ngokuthumela amavawusha kanye nemali engukheshi ngobuchwepheshe besimanjemanje ukuze kuqinisekiswe ukuthi usizo lufinyelela kahle futhi ngokushesha kulabo abaludingayo.


Ngaphezu kwalokho, ukuze kwaneliswe isidingo esiphuthumayo, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi usubambisene nesiKhwama Sobambiswano Nobumbano, ama-NGO kanye nezinhlangano ezisebenzela emphakathini ukwaba nokusabalalisa izijumbana zokudla ezingaphezu kwezi-250,000 ezweni lonkana kula maviki amabili ezayo.


Iyasikhathaza kakhulu impela imibiko ethi sekunabantu abayizikhohlakali abasebenzisa uhlelo lokwabiwa kokudla kanye nolunye usizo olutholakalayo ukufeza izinhloso zabo ezingcolile ezihambisana nenkohlakalo.


Ngeke sithandabuze nakancane ukuqinisekisa ukuthi labo ababandakanyeka ezenzweni ezinjalo babhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.


Nakuba kunezinhlelo eziningana ezikhona njengamanje kuhulumeni zokubhekana namazinga okuntuleka kwamathuba omsebenzi aphakeme kakhulu, njengoHlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi kanye nohlelo lokuhlinzeka umphakathi ngamathuba etoho, lokhu akwanele neze.


Le nkinga esibhekene nayo yegciwane le-corona izoholela ekutheni abantu abaningi baphelelwe umsebenzi.


Sekubekwe eceleni esinye isamba esengeziwe semali eyizigidigidi eziyi-100 zamarandi ukuze kuvikelwe imisebenzi futhi kwakhiwe namathuba omsebenzi.

Kusukela kwamenyezelwa isimo senhlekelele sikazwelonke esikhathini esiyinyanga esedlule, uhulumeni useqhamuke nezinyathelo ezihlukahlukene zokweseka imiholo yabasebenzi kanye nokulekelela izinkampani ezisebunzimeni. Ekupheleni kosuku lwanamuhla, isikhwama somhlomulo okhethekile we-UIF esiqondene ne-COVID-19 besesikhokhe imali engu-R1.6 wezigidigidi, ukuhlinzeka ngosizo ezinkampanini ezevile kwizi-37,000 kanye nabasebenzi abayizi-600 000.


Sekubekwe eceleni isamba semali eyizigidigidi ezingama-40 zamarandi ukuze kuhlinzekwe ngosizo lwengenisomali kulabo basebenzi abaqashi babo abahlulekayo ukubakhokhela imiholo yabo.

Siyaqhubeka nokuhlinzeka ngosizo – olunjengezimalimboleko, izibonelelomali kanye nokuhlelwa kabusha kwezikweletu – kubanikazi bama-SMME, izitolo eziyiziphaza kanye namanye amabhizinisi angahlelekile.


Isamba esiphelele semali esetshenziswe kulolu sizo kuze kube manje isingaphezulu kwezigidi eziyi-100 zamarandi.


Kunenye futhi imali engeziwe eyizigidigidi ezimbili ezobekwa eceleni ukuze ilekelele abanikazi bama-SMME, izitolo eziyiziphaza kanye namanye amabhizinisi amancane.


Kulawa maviki ambalwa adlule lusetshenzisiwe uhlelo lwe-IDC ukweseka izinkampani ukuze zikwazi ukuthenga noma ukukhiqiza impahla yokuzivikela kulesi sifo, futhi kuze kube manje lolu hlelo seluthole uxhasomali oluyizigidi eziyi-162 zamarandi.


Ezinye izinhlobo zosizo zihlinzekwe kumaciko nabaculi, abasubathi nabadlali kanye nezisebenzi zobuchwepheshe, ngokunjalo futhi nakubaqoqi-mfucuza kanye nababambiqhaza bezemisebenzi yomphakathi abasebenza emkhakheni wezemvelo.


Nakuba lezi zinyathelo zihlinzeka ngosizo olubonakalayo impela ezinkampanini eziningi kanye nabasebenzi, kusobala ukuthi kusenesidingo esikhulu emnothweni wonkana.


Ngakho-ke, ngokubambisana namabhange amakhulu, uMgcinimafa Kazwelonke kanye neBhangengodla laseNingizimu Afrika, sizokwethula uhlelo lwesiqinisekiso semalimboleko lwesamba esiyizigidigidi ezingama-200 zamarandi.


Lokhu kuzokelelela amabhizinisi ngemali yokukhokhela izindleko zokuqhuba umsebenzi webhizinisi, njengamaholo, inkokhelo yokuqasha isakhiwo okuqhutshelwa kusona umsebenzi kanye nenkokhelo yabahlinzeki bempahla nezinsizakalo.


Esigabeni sokuqala, izinkampani ezinengenisomali engaphansi kwezigidi ezingama-300 zamarandi ngonyaka yizona ezizoba sethubeni lokuthola lolu sizo.


Kulindeleke ukuthi lolu hlelo lulekelele izinkampani ezingaphezu kwezi-700 000 kanye nabasebenzi abangaphezu kwezigidi ezintathu kulesi sikhathi esinzima kangaka.


Sekunamabhange amaningana impela asekulungele ukuhlinzeka ngalolu sizo kusukela ekupheleni kwenyanga.


Futhi uhulumeni uzama ukuhlanganisa ezinye izinyathelo zosizo olwengeziwe lokulekelela eminye imikhakha edinga ukubhekelelwa kakhudlwana futhi ekhahlamezekile, njengemboni yamatekisi.


Ngaphezu kwezinyathelo zosizo lwentela olukhona njengamanje, sizokwethula ikhefu lezinyanga ezine lokungakhokhiswa kwezinkampani inkokhelo yentela yokuthuthukiswa kwamakhono, sisheshise uhlelo lwembuyiselo-ntela ye-VAT futhi sikubambezele ngezinyanga ezintathu ukuthunyelwa kwamafomu kanye nenkokhelo yokuqala yentela yekhabhoni.

 

Ukuze kulekelelwe amabhizinisi amaningana, umkhawulo-samba wangaphambilini wokubanjezelwa nokudluliswa kokukhokhwa kwentela yengenisomali uyakhushulwa ufinyelele ezigidini eziyi-100 zamarandi ngonyaka, futhi ingxenye yenkokhelo yentela i-PAYE engabanjezelwa futhi idluliswe izokhushulwa ifinyelele kuma-35%.


Amabhizinisi anengenisomali engaphezu kwezigidi eziyi-100 zamarandi ngonyaka angafaka izicelo ngqo kwabakwa-SARS ngokwesimo esikhethekile esiqondene nawo ukuze avunyelwe ukubambezela nokudlulisa ukukhokhwa kwentela ayikweletayo.


Azikho izinhlawulo ezizokhokhiswa labo abazokhokha sekwedlule isikhathi uma bekwazi ukubonisa ubufakazi bokuthi ngempela bakhahlemezekile kulesi sikhathi.


Abakhokhi bentela abanikela esiKhwameni Sobambiswano Nobumbano bazokwazi ukufaka izicelo zezaphulelo-ntela ezengeziwe ezingama-10% esambeni sengenisomali ekhokhelwa intela.


Uma sezihlanganiswe zonke lezi zinyathelo zentela kumele zihlinzeke ngosizo lwemali engenayo noma izinkokhelo ezingena ngqo emabhizinisini noma kumuntu ngamunye okungenani ezingafinyelela kwisamba esiyizigidigidi ezingama-70 zamarandi.


UNgqongqoshe Wezezimali uzohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa mayelana nalokhu okushiwo lapha ngenhla futhi enze nezinye izimemezelo eziphathelene nentela.


Ekuqaliseni lezi zinyathelo zisibophezele ekutheni abesifazane, intsha kanye nabantu abanokukhubazeka bathola ukubhekelelwa kanye nosizo olufanele.


IBhangengodla laseNingizimu Afrika nalo selifake isandla esibonakalayo impela ngenhloso yokweseka umnotho woqobo ongaphathelene nezimali kepha ophathelene nokukhiqizwa kwempahla nezinsizakalo.


Ngokuhambisana negunya lalo elilinikezwe ngokoMthethosisekelo, iBhangengodla selinciphise izinga-silinganiso lenzalo yemalimboleko ngamaphesenti amabili, futhi ngalokho lavula okungenani izigidigidi ezingama-80 zamarandi ezizongena emnothweni woqobo, futhi selithathe nezinye izinyathelo zokuqinisekisa ukuba khona kwemali engeziwe ohlelweni lwezimali lwezwe.


Amabhange okuhweba kanye nezinkampani zomshwalense eziningana nazo zilekelelile emizamweni yosizo lwezomnotho, phakathi kokunye, ngokubambezela noma ngokunciphisa izinkokhelo zezitolimende, ngokuhlinzeka usizo lwezikweletu kanye nokungabakhokhisi abahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni imali yezindleko zebhange.


Indima yesine eselithathe isinqumo ngayo iKhabhinethi wukuvulwa komnotho kancane kancane ngokwezigaba ngezigaba.


Sizolandela indlela yokubuyisela ukusebenza komnotho esimweni esijwayelekile ngokubhekisisa nokuqikelela ubungozi obukhona, futhi kuqinisekiswe ukulingana phakathi kwesidingo sokunqanda ukusabalala kwegciwane le-corona kanye nesidingo sokubuyisela abantu emsebenzini.


Njengoba ngishilo ngaphambilini, uma singaxhamazela siqede ukuvalwa kwezwe singakafiki isikhathi esifanele noma sikwenze lokho esithubeni nje ngaphandle kokucabangisisa kahle, singabeka izwe engcupheni yokuthi sibuye ngamandla lesi sifo futhi singabe sisalawuleka.


Ngakho-ke sizolandela indlela yokwenza lokhu kancane kancane ngokwezigaba ngezigaba, ngokuholwa wubufakazi bezesayensi obuhle obukhona njengamanje, ukususa kancane kancane imikhawulo ebekiwe evimbela imisebenzi yezomnotho.


Ngenkathi sikwenza lokho, sisalokhu sizibophezele futhi sizimisele ukunqanda ukutheleleka kwabantu ngaleli gciwane.

Ngakho-ke kumele sithathe izinyathelo ngobunyoninco nokuqikelela okuhambisana nezimo ezizobe zikhona emavikini nezinyanga ezizayo, futhi sikwazi ukubhekana nesimo njengoba sinjalo ngaleso sikhathi ngokuqhubeka kwaso.


NgoLwesine, ngizokhuluma nesizwe mayelana nezinyathelo ezizothathwa emva kokuvalwa kwezwe ngenhloso yokuvula kabusha ukusebenza komnotho.


Le nkinga esibhekene nayo ngeke iqhubeke unomphela, futhi luzofika usuku lapho lezi zinyathelo zizobe zingasadingekile.


Kodwa-ke, kumele siqinisekise ukuthi abantu bakithi bathola usizo olufanele futhi olwanele,  kuze kufike leso sikhathi.
Buyingqophamlando impela ubukhulu nobubanzi balolu sizo lwesimo esiphuthumayo.


Lokhu kuyabonisa ukuthi sizimisele ukwenza konke okusemandleni ethu futhi sisebenzise yonke imali esiyitholayo, emzamweni wethu wokweseka nokulekelela abantu bakithi futhi sibavikele ukuze bangalimali.


Esizokwenza, futhi okumele sikwenze noma kanjani, wukuthi senze konke esingakwenza ukuvuka siyibambe sithathe izinyathelo zokuphuma kule nkinga enkulukazi esikhahlameze kakhulu umphakathi nomnotho.

Izwe lethu kanye nomhlaba esiphila kuwona ngeke kuphinde kube sesimweni esifana nesedlule.


Sizimisele ukungagcini nje kuphela ngokubuyisela umnotho wethu esimweni obukusona ngaphambi kokubheduka kwegciwane le-corona, kodwa kumele sakhe umnotho omusha ngaphansi kwesimo somhlaba esisha.


Iqhingasu lethu esizolisebenzisa njengoba sihlabela phambili lizodinga insebenziswano entsha nobambiswano phakathi kwabo bonke ababambiqhaza – abamabhizinisi, abasebenzi, umphakathi kanye nohulumeni – ukuze kuhlelwe kabusha umnotho futhi kulethwe ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke.


Ngokwakhela phezu kobambiswano olwakhiwayo njengamanje phakathi kwabo bonke ababambiqhaza bezinhlaka zonkana zomphakathi kulesi sikhathi sesimo esibucayi esibhekene naso, sizosheshisa izinguquko zesakhiwo somnotho ezidingekayo ekunciphiseni izindleko zokwenza ibhizinisi, ukugqugquzela ukwakhiwa nokukhiqizwa kwezimpahla ngaphakathi kuleli lizwe kanye nokusungulwa nokuqhutshwa kwezimboni, kulungiswe futhi kuhlelwe kabusha amabhizinisi ombuso futhi kuqiniswe nomkhakha womnotho ongahlelekile.

Sizokwenza isivumelwano soguquko lomnotho olunohlonze esiqinisekisayo ukuthi sithuthukisa isimo somnotho sabesifazane, intsha kanye nabantu abanokukhubazeka futhi senze amadolobha namadolobhana ethu kanye nezindawo zasemakhaya kube yizizinda zemisebenzi yezomnotho ebonisa umdlandla nomfutho omkhulu.


Umnotho wethu omusha kumele wakhelwe esisekelweni sokwenza izinto ngendlela engachemile, ukufukulwa nokuhlonyiswa kwabantu, ubulungiswa kanye nokulingana.


Kumele umnotho usebenzise zonke izinsiza ezikhona, wonke amandla namakhono akhona kanye nabo bonke ubungoti obukhona bokuqamba nokwakha izinto ezintsha ukuze sisebenzele abantu baleli lizwe.


Umnotho wethu kumele uvule amathuba amasha.


Kule nyanga edlule, abantu baseNingizimu Afrika bavule izinhliziyo zabo babonisa ububele babo ngokuthi babambane ngezandla futhi balekelelane.


Ngisho nakulesi sikhathi imbala lapho kufuneka ukuzidela okukhulu kithina, sisenethemba elikhulu lengomuso elingcono futhi elihle esiphokophele kulona.


Nakuba sizithola sisemzuzwini lapho sibhekene nobungozi obukhulu, futhi lapho kudingeka ukuzidela okukhulu, futhi ngisho nasesikhathini lapho singeke silokothe sehlise ukuqapha nokuqikelela kwethu, sibheke phambili kwingomuso elingcono.


Nginethemba elikhulu emandleni nezikhwepha zabantu phaqa baseNingizumu Afrika kanye nekhono labo lokumelana nezimo ezinzima futhi bavuke bazithathe, asebebonise ngokuphindaphindiwe – emlandweni wonkana wakuleli – ukuthi bayakwazi ukubhekana ngqo nezimo ezinzima nezinselele, futhi banqobe.


Sizovuka siyibambe futhi sisimame.


Sizonqoba.


Sizophumelela.


UNkulunkulu makayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.


Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore