Isicelo sokubhalisela ama-benefit omshuwalense wabalahlekelwe yimisebenzi se-Unemployment Insurance Fund (UIF)

Lapho umqashi wakho ethi umsebenzi uphelile, ungafaka isicelo sokuthola isinxephezelo ku-UIF.

Lesi sinxephezelo uyosithola kuphela uma kade udonselwa imali ye-UIF ngesikhathi usebenza. Ngeke ufake isicelo sesinxephezelo uma uziyekele umsebenzi, uxoshiwe noma uvele wanyamalala emsebenzini. Ungasifaka isicelo uma i-CCMA icubungula futhi ithole ukuthi uyeke ngoba ukuziphatha komqashi wakho kungamukeleki.

Ukuze uthole isinxephezelo, kumele ubhalise njengomuntu ofuna umsebenzi. Kumele ufake isicelo sesinxephezelo se-UIF ngokushesha nje lapho ungasasebenzi noma zingakapheli izinyanga eziyisithupha uyekile ukusebenza.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nesinxephezelo sokungasebenzi noma thintana nabakwa-UIF.

 

Share this page