Ukweseka izihlobo zoshonele phesheya

UMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana (i-DIRCO) ibambisene namanxusa aphathelene nezindaba zezizwe noma izithunywa zamanxusa aphesheya, zinikezela ngosizo lokuphathwa kwemininingwane nokululeka  omunye welungu lomndeni ngesehlakalo  esivelele umuntu waseNingizimu Afrika ophesheya.

Usizo lubandakanya uku:

  • thola imvume yokungenisa isidumbu ezweni kuMnyango Wezempilo  
  • xhumanisa abomndeni nabangcwabi abaqotho bakulelo lizwe lapho umuntu eshonele khona
  • thola ukuthi kungabiza malini ukuhambisa isidumbu noma ukushiswa kwesidumbu noma ukungcwaba kulelo lizwe, uma lokhu kucelwe ngomunye oyilungu lomndeni
  • nikezela ngolwazi olumayelana nezimo zakuleyo ndawo nezindlela zenqubo ezithinta umufi. Kufanele kwaziwe ukuthi indlela umuntu ashone ngayo ingachaphazela indlela iziphathimandla zakulelo lizwe ezingaphatha ngayo leso simo.

Uma umufi enomshwalense wokuvakasha, xhumana kuqala nabenkampani yomshwalense ukuze uthole ukuthi ingabe umufi njengoba engasekho ukhona yini umhlomulo ozokhokhelwa. UHulumeni wakuleli akanikezeli ngosizo lwezimali uma kukhona umuntu waseNingizimu Afrika oshonele phesheya.

Funda ngokugcwele mayelana nosizo olinikezwayo ngenkathi umuntu waseNingizimu Afrika eshonela phesheya. Ungaphinde uxhumane neSikhulu Esimele iNingizimu Afrika phesheya noma uMnyango Wezempilo kule nombolo: 012 395 8000.

 

Share this page