Iseluleko esidluliselwa Kubantu baseNingizimu Afrika esimayelana nokuvakashela phesheya

Ngenkathi uvakashela phesheya ubokhumbula ukuthi imithetho yamazwe lawo kumele ithotshelwe nguwo wonke umuntu. Abantu baseNingizimu Afrika nabo kumele bayithobele imithetho yakulawo mazwe futhi ngeke bathole impatho eyisipesheli.

Thola kabanzi ulwazi ngelizwe ozolivakashela, uqaphelisise kakhulu izindaba eziqondene nokuvikeleka kwakho, ukuphepha, ezempilo, ukuthuthela kwelinye ilizwe, izimiso zokuhweba kanye nokuthengwa kwempahla emazweni angaphandle. Abantu baseNingizimu Afrika bakhuthazwa ukuthi baxhumane namaNxusa noma isiKhulu Esimele iNingizimu Afrika phesheya ukuze bahlinzekwe ngosizo  futhi baphathe imininingwane yelungu lomndeni okungaxhunyanwa nalo ngezikhathi zonke.

Funda ngokugcwele mayelana nokuvakashela phesheya, noma thintana noPhiko Oluyinhloko Losizo Oluhlinzekwa ngamaNxusa.

 

Share this page