Isicelo sephasipothi yomvakashi

Udinga iphasipothi uma ufuna ukuvakashela phesheya.

Iphasipothi incwadi ekhishwa uhulumeni kazwelonke ukuze umuntu ayisebenzise uma eya kwamanye amazwe futhi iqinisekisa ukuthi umuntu oyiphethe ungubani nobuzwe bakhe.

Kumele ube nomazisi waseNingizimu Afrika ukuze ukwazi ukufaka isicelo sokuthola iphasipothi, noma uma ngabe uyingane, kumele ube nesitifiketi sokuzalwa.

Uma uhambo lwakho lumayelana nezindaba zikahulumeni, ungase ufake isicelo sokuthola iphasipothi yomsebenzi. AmaNxusa athola iphasipothi ekhethekile esetshenziswa ngamanxusa.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nephasipothi noma izincwadi zokuvakasha noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page