Bhalisa esikhungweni semfundo ephakeme

Maye
Yini okufanele uyenze 
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini 
Amafomu okufanele uwagcwalise 
Ubani okufanele uxhumane naye

 

 

Mayelana nokubhalisa esikhungweni semfundo ephakeme

Ungakwazi ukuqhuba izifundo zakho enyuvesi, enyuvesi yezobuchwepheshe noma emakolishi ezemfundo nokuqeqeshelwa imisebenzi yobuchwepheshe bezandla (ama-TVET) aqokwe nguwena, uma ufaneleka ukufunda lapho.

Amanyuvesi ahlinzeka ngezinhlelo zokukhiqiza izifundiswa ezingongoti emikhakheni ehlukahlukene, kanti amanyuvesi ezobuchwepheshe namakolishi angama-TVET wona ahlinzeka ngezinhlelo zezifundo ezigxile emakhonweni obuchwepheshe bezandla.

Kumele uthole ulwazi oluphelele esikhungweni semfundo ofisa ukuyofunda kusona mayelana nezidingo eziyisisekelo ezinqunyiwe zokwamukelwa njengomfundi kuleso sikhungo.

Uma ungumfundi wakwelinye izwe, kufanele uqale ngokufaka isicelo semvume yokufunda kuleli ezindlini zenxusa laseNingizimu Afrika ezweni odabuka kulona. Iziqu zakho ozithole ezweni lakho kufanele kuqala zicutshungulwe wuPhiko Lweziqu LwaseNingizimu Afrika (i-Saqa) ngaphambi kokuba ubhalise. Ukucutshungulwa kweziqu zakho kungathatha izinsuku ezingafinyelela kweziyi-16.

Yini okufanele uyenze

  1. Ngokubheka amaphuzu akho okwamukelwa esikhungweni kanye nezidingo zesikhungo kufanele ukhethe izifundo ofaneleke ukuba ungabhalisela ukuzifunda.
  2. Uma ubhalisa esikhungweni sezemfundo esizimele, hlola ukuthi sibhalisiwe yini ngaphansi koMnyango wezeMfundo. 
  3. Faka isicelo sokwamukelwa esikhungweni osithandayo ngqo.
  4. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo elinqunyiwe laleso sikhungo.
  5. Hambisa ifomu lakho lesicelo kanye nawo wonke amaphepha adingwa yisikhungo sezemfundo.

Uma uyisitshudeni sakwelinye izwe, faka isicelo salokhu okulandelayo:

Kuthatha isikhathi esingakanani

Izikhungo ezahlukene zinezikhathi ezahlukene okungase kuzithathe ukwenza lokhu

Kubiza malini

Izindleko zokufunda ziyehluka kuya ngesikhungo nesikhungo.

Amafomu okufanele uwagcwalise

Amafomu okubhalisa ayatholakala emanyuvesi nasemakolishi angama-TVET.

Ubani okufanele uxhumane naye

Amanyuvesi

Amakolishi angama-TVET angaphansi kukahulumeni

Amakolishi angama-TVET azimele

Share this page