Imvume yokufuna isikhoselo neyabantu ababaleke emazweni abo

Uma ubalekile ezweni odabuka kulo ngenxa yokwesaba ukushushiswa, futhi ungenazo izincwadi ezisemthethweni njenge phasipothi noma i-visa, kufanele ufake isicelo semvume yokufuna isikhoselo eHhovisi Lokwamukela Abantu ababaleka emazweni abo (i-RRO) eliseduze nawe.

Imvume yokufuna isikhoselo yimvume yesikhashana onikezwa yona lapho kusalindwe isinqumo sesicelo sakho sokuba umuntu obaleke ezweni lakubo noma sesikhoselo.

Uma isicelo sakho sesikhoselo sivunywa, uyonikezwa imvume yeSigaba 24 (eyaziwa nangokuthi “Imvume Yomuntu obaleke ezweni lakubo”) ekuqaphela ngokusemthethweni njengobaleke ezweni lakubo futhi ehlala iminyaka emibili.

Ungafaka isicelo semvume yokuhlala unomphela uma usuhlale eNingizimu Afrika iminyaka engaphezu kwemihlanu ngemvume yokuba umuntu obaleke ezweni lakubo.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isicelo sokuba umuntu obaleke ezweni lakubo noma sokufuna isikhoselo noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page