Isicelo sokubhalisa njengomkhokhi wentela

Kumele ubhalise njengomkhokhi wentela eHhovisi  lakwa-SARS uma uthola imali engaphezu kwenani elithile elibekwa unyaka nonyaka. Kumele ubhalise zingakapheli  izinsuku ezingama-60 wamukele leyo mali engenayo.

Bhalisa njengomkhokhi wentela ngokugcwalisa ifomu lokubhalisa i-IT77 elingatholakala kwisizindalwazi sabakwa-SARS.

Indlela yokuthumela isicelo sokubuyiselwa intela ethile  – umuntu ngamunye

Uma usuyibhalisele intela futhi wanikezwa inombolo yentela, ungabhalisela i-eFiling lapha www.sarsefiling.co.za bese ufaka isicelo sokubuyiselwa intela ethile kwisizindalwazi uma kuqala inkathi yentela. Uma ungayibhaliseli i-eFiling, abakwa-SARS bayokuthumelela ifomu okumele uligcwalise bese ulibuyisela emuva.

Kumele uthumele ifomu lokubuyiselwa intela ethile kwa-SARS ukuze bakwazi ukubala ukuthi kumele ukhokhe intela eyengeziwe noma kumele bakubuyisele imali ethile. Intela yemali engenayo yintela evamile oyikhokha emalini yakho engenayo.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nendlela yokubhalisa njengomkhokhi wentela nendlela yokuthumela isicelo sokubuyiselwa intela ethile noma uthintane nabakwa-SARS.

 

SARS Contact Centre: 0800 00 7277

Share this page