Isicelo sesitifikedi sokufaneleka ukuba semgwaqeni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokufaka isicelo sesitifiketi sokufaneleka emgwaqeni

Kufanele imoto yakho ihlolelwe ukufaneleka emgwaqeni ngaphambi kokuba uyirejiste egameni lakho. Uma imoto yakho isetshenziswa ngengesithuthi somphakathi noma imoto esindayo (kukhishwa amabhasi), kufanele uyihambise iyohlolelwa ukufaneleka ukuba semgwaqeni njalo ngonyaka ngaphambi kokuba uvuselele ilayisense yemoto yakho. Ibhasi kufanele lihlolelwe ukufaneleka emgwaqeni njalo ezinyangeni eziyisithutha.

Zonke izimoto ezisebenza emgwaqeni womphakathi kudingeka ukuthi zihlolwe ukuze kushiwo ukufaneleka kwazo emgwaqeni. Kuwumsebenzi obhekene nawe njengomnikazi wemoto ukuthi imoto yakho ihlolwe. Ukuhlolwa kwemoto kungenziwa ngokusebenzisa iziteshi zokuhlola izimoto ezizimele noma zikahulumeni.

Ekupheleni kokuhlolwa kokufaneleka ukuba semgwaqeni, uma uphasile, kukhishwa isaziso.

Okufanele ukwenze

  1. Yana esiteshini sokuhlola izimoto nalokhu okulandelayo:
    • isitifiketi sokubhaliswa kwemoto
    • i-ID yakho
    • imali eshiwo.
  2. Gcwalisa ifomu i-ACR (Isicelo Sokunikezwa isitifiketi Sokufaneleka Emgwaqeni).

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sisetshenzwa ngalo lelo langa.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi langakini lezokunikezelwa kwamalayisensi ukuze uthole imininingwane ngamanani.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu i-ACR (Isicelo Sokunikezwa isitifiketi Sokufaneleka Emgwaqeni).

Amafomu ayatholakala esiteshini sokuhlola esiseduze nawe noma ungawakhipha ku-inthanethi ku-eNaTIS webhusayithi.

Imininingwane yokuxhumana

Share this page