Bhalisela ukwelekelela umphakathi kanye nokubhalisela ukunakekela abantu asebelhulile

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokubhalisela ukunikezela ngosizo lwasndlini ngengomnakekeli wabantu asebekhulile

Uma ufuna ukwelekelela emphakathini kanye nokunakekela abantu asebekhulile  endaweni eseduze, ungafaka isicelo sakho kumqondisijikelele ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezenhlalakahle.

Loluhlobo losizo luqinisekisa ukuthi abantu abadala bathola usizo nokunakekelwa besemakhaya abo ekuhlaleni lapho behlalakhona  ngaso sonke isikhathi uma ludingekile.

Okufanele ukwenze

  1. Yiya ehovisi lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe. 
  2. Gcwalisa iFomu  u2.
  3. Letha okulandelayo:
    • uhlaka lwenhlangano yakho kanye nohlu lwezinsiza ezitholakala kuyo
    • amagama kanye namakhophi agxivizwe umbuso omazisi bamalunga enhlangano
    • umthethosisekelo wenhlangano
    • isitifiketi sokubhaliswa njenge-NPO, uma ibhaliswe ngaphansi kwaloluhlelo lweNPO
    • nanoma iluphi olunye  uhlobo lwesitifiketi noma amaphepha asekela ukubhaliswa.
    • isitatimende esihlolwe ngabahlolibamabhuku ezimali sezinyanga eziyisithupha
    • amagama nemininingwane yokuxhumana nabahloli mabhuku ezimali.
    • ulwazi lwangaphambilini lokuthola imiklomelo yezimali
    • veza  ubufakazi kanye nemininingwane yokuxhumana nabantu abasekela ukubhaliswa kwenhlangano
    • dalula imithombo lapho uthola khona umxhaso wezimali  
    • uhlu lapho kubhaliswe bonke ababambe iqhaza abasebenzayo beletha lolusiso.
  4. Usonhlalakahle uyobe esehambela indawo leyo ukuyoqinisekisa ukuthi iyahlangabezana yini nezidingo ezidingwa umqondisijikelele nanokuthi inhlangano yenu izophathwa ilawulwe ngohlelo olulandelwayo nolufanele.  
  5. Uma uphumelela, uyonikwa uFomu 3 noyisitifiketi sokuthi ubhalisile.
  6. Uma ke ubhalisile kanti wehluleka ukugcina imigomo kazwelonke, umqondisijikelele angakusula ayikhiphe emabhukwini okubhaliswa kuwo  kanye nalabo abangaphansi kwakho

Qaphela: Zonke izinhlangano ezinikezela ngosizo lwasendlini kubantu asebekhulile bathola ukuhlolwa okuqhubekayo minyaka yonke ukuqinisekisa ukuthi bayahambisana nemigomo nezinga elibekwe kuzwelonke.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha cishe izinsuku eziyisihlanu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.

Kubiza malini

Kumahala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Lamafomu ayatholakala ehovisi Lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe. 

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page