Bhalisela ukuba umsunguli (umakhi noma umkhiqizi wezimoto)

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokubhalisa njengomkhiqizi noma njengomhwebi wezimoto ezingena ezweni ezivela ngaphandle

Uma ufuna ukukhiqiza, ukungenisa izimoto ezweni noma ukwakha izimoto eNingizimu Afrika ukuze uthole inzuzo, kufanele ubhalise nomnyango wezokuthutha wesifundazwe.

Uma umnyango sewuthole isicelo sakho, uzothumela umhloli ukuze anqume ukuthi ingabe uyahambisana yini nezimiso zomthetho ezifanele. Kuzofanele ibhizinisi lakho liqinisekiswe ngokusemthethweni ukuthi alinacala yini wuphiko lwezamaphoyisa lwaseNingizimu Afrika i-South African Police Service (SAPS).

Okufanele ukwenze
  1. Yana emnyangweni wezokuthutha wesifundazwe uhambise lokhu okulandelayo:
    • ifomu lesicelo eligcwalisiwe kanye nesaziso maqondana nokuba umkhiqizi/umhwebi wezimoto ezingena ezweni zivela ngaphandle/umakhi wezimoto (manufacturer/importer/ builder of vehicles (MIB))
    • ikhophi eqinisekisiwe yencwadi kamazisi yomfaki sicelo (ID)
    • ikhophi eqinisekisiwe ye-ID yomuntu omelele omunye  ID (uma umfaki sicelo kungumgwamanda wabantu)
    • ikhophi eqinisekisiwe yesitifiketi sebhizinisi (uma umfaki sicelo kungumgwamanda wabantu)
    • incwadi yommeleli uma umelele inkampani
    • inombolo yekhodi yemisebenzi yokuqapha ukuphepha  evelwa kwa-South African Revenue Service (SARS) (uma ungumhwebi ohweba ngezimpahla ezingena ezweni zivela ngaphandle kwezwe)
    • ubufakazi bokubhalisela i-VAT obuvela kwa-SARS.
Isikhathi esinqunyiwe

Ukubhalisa kuncike emvumeni ka-MEC ofanele futhi nesitifiketi sikhishwa ngaleyo mvume.

Kubiza malini

Ukuze uthole izindleko xhumana nomnyango wakho wasekhaya wezokuthutha.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo nesaziso maqondana nomkhiqizi/umhwebi wezimoto ezingena zivela ngaphandle kwezwe/umakhi wezimoto (Application and notice i.r.o registration of a manufacturer/importer/builder of vehicles [Form MIB])

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page