Isicelo sokubhalisa ilungelo lobunikazi

Ilungelo lobunikazi liyavikeleka lapho uziqambela umsebenzi wakho ozobonwa, ufundwe noma ulalelwe abantu njengencwadi, umdwebo noma umculo. Imisebenzi eminingi efanelwe ngamalungelo obunikazi ayidingi ukubhaliswa noma ezinye izinhlelo, ngaphandle kwamafilimu ebhayisikobho.

Ungazenzela obakho ubunikazi ngokubhala amagama athi “ubunikazi” noma “ubunikazi bugodliwe” noma uphawu lobunikazi olwaziwa umhlaba wonke kulandelwa yigama lakho nonyaka, isib. © Baloyi 2011 kulowo msebenzi wakho oziqambele wona.

Noma kunjalo-ke, uma unobunikazi befilimu, i-DVD kanye nevidiyo, kufanele ufake isicelo kuMgcinimagama obuNikazi kumafomu abekelwe lokho.

Tholaolunye ulwazi oluthe xaxa mayelana nobunikazi kwabe-CIPC noma ubathinte kule nombolo:  086 100 2472.

 

Share this page