Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Maqondana nokufaka isicelo sokungenisa impahla edingwa nguwe
Uma ufuna ukungenisa impahla ethile okunemibandela ethile ukuyingenisa kuleli noma into esisebenzile noma ngabe intoni oyidingayo lapha eNingizimu Afrika, kufanele uthole imvume kwi-Nkomishani ephethe ezohwebo zomhlaba (ITAC).
Uhlu lwezimpahla ezilawulwa ngaphansi kohlelo lokungena kwempahla kuleli luyatholakala ku www.itac.org.za.
Uma uletha imininingwane ongatholakala kuyo, loluhlu lungathunyelwa kuwe nge -emailed, fax noma luposelwe ekhelini lakho.
Okufanele ukwenze
- Iya eSARS uyobhalisa njengomuntu ongenisa izimpahla kuleli
- Iya eITAC noma udonse amafomu afanelekile ekhompuyutheni
- Gcwalisa amafomu bese uwahambisa kuDirectorate: Import and Export Control eITAC
Isikhathi esinqunyiwe
Kungathatha izinsuku ezintathu ukuphothulwa kwesicelo sakho.
Kubiza malini
ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi yakwa SARS.
Amafomu okumele agcwaliswe
- Application to import goods for personal use, IE 463 (Isicelo sokungenisa impahla edingwa nguwe, IE 463 bese uyigcwalisa)
- Annexure to IE 463 application to import goods for personal use (Ngaphezu kuka, IE 463 okungowesicelo sokulanda impahla edingwa nguwe ngaphandle)
Imininingwane yokuxhumana
ITAC national office - Import and Export Control
Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za