Isicelo sokungenisa noma ukuhambisa ngokudlulisa

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo okufaka Isicelo sokungenisa kwenyama eluhlaza kuza noma kudlula Eningizimu Afrika 

Uma ufuna ukungenisa inyama eluhlaza Eningizimu Afrika, noma ufuna ukuyidlulisa Eningizimu Afrika, umthetho udinga ukuba ufake isicelo bese unikezwa iphemithi yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane noma iphemithi yokuthutha etholakala ku Mqondisi wezempilo zezilwane. Kufanele uthole iphemithi ngaphambi kokuba umthamo wenyama usuke ezweni okhishwa kuwo.

Umqondisi wezempilo zezilwane uzokhipha I phemithi lokungenisa noma iphemithi lokuthutha inyama eluhlaza emazweni la ahlole waphasisa ukuhlolwa kwezilwane kanye nezinga lezempilo zezilwane. (Imininingwano iyatholakala ku ElmarieV@daff.gov.za , Inombolo yocingo 012 319 7700 noma isikhahlamezi 012 329 6892).

Imithetho yokungenisa ihlukene kuya ngomkhiqizo kanye nezempilo zezilwane izwe nezwe. Ezezempilo ziphoqa ukuba kube noshintsho emva kwesikhashana , sicela uthintane no Mqondisi wezempilo zezilwane (Inombolo yocingo: 012 319 7420 /7524 /7700, Isikhahlamezi 012 329 6892) ukuthola okudingakalayo okusha. Amaphemithi okungenisa kokuhlolwa kwezilwane anesikhashana nje futhi awokwenza noma ukungenisa umthamo owodwa nje kuphela.
Ukungenisa emazweni esigaba sesithathu akuvamile ukuba kumukeleke.
 
Kungumsebenzi wakho njengomngenisi ukuthi ufunde futhi uhambisane nemithetho yokungenisa kuleli.

Umthetho wokuphepha wenyama, yezinkulungwane ezimbili (Umthetho wamashumi amane wonyaka ka 2000) wenyama eseziqandisini ingangeniswa kubahlabi, abasiki kanye nabalungisa inyama abagunyazwe ihhovisi eliphezulu likazwe lonke Eningizimu Afrika.

Uhla lwezigungu luyatholakala lapha noma shayela ku 012 319 7700 noma uthumele ngesikhahlamezi isicelo ku 012 329 6892.

Umthamo wenyama ongeniswe usuka emazweni aphesheya eza ngezokuthutha emanzini ungangeniswa nga magogogo erifa kuphela. Inyama eluhlaza ingangeniswa kuphela uma iseziqandiseni amazingeni aphansi okubanda ebhaliwe ephemithini yokungeniswa.

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa ifomu lesicelo sokungenisa izilwane noma imikhiqizo yezilwane Eningizimu Afrika.
  2. Uma imikhiqizo isisendleleni eza Eningizimu Afrika, kufanele ulethe ikhophi yephemithi yokungenisa ukuhlolwa kwezilwane esuka ezweni la izilwane zigcine khona nesicelo sephemithi yokungenisa izilwane Eningizimu Afrika. 
  3. Kufanele ukhokhele iphemithi. 
  4. Faka imali yephemithi emininingwaneni yomnyango ebhange:
    Igama lebhange: Standard Bank of South Africa
    Igama lomnikazi wesikhwama: National Department of Agriculture
    Inombolo yasebhangi: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Ukwenziwa kwe IB 0001982 Ikhodi
    Ikhodi emfushane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatsha: Arcadia.
  5. Ungakhokha ehhovisi lomnyango lwezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi.
  6. Imininingwano yomuntu okhokhille kufanele kube igama nesibongo somuntu ongenisayo.
    Igama lebhange: Standard Bank of South Africa
    Igama lomnikazi wesikhwama: National Department of Agriculture
    Inombolo yasebhange: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Uhlobo lwe IB 0001982 Ikhodi
    Ikhodi emfushane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatshi: Arcadia.
  7. Uma ufakela omunye umuntu isicelo, sicela uqinisekise ukuthi uma ukhokha ubhala igama lakhe noma igama lenkampani. Imininingwano yomuntu okhokhile kufanele kube igama nesibongo somuntu ozongenisa kuleli.
  8. Ungakhokha ehhovisi lomnyango lwezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi imininingwano ibhaliwe ohlwini lokuxhumana.
  9. Izindleko zebhangi kanye nezindleko zebhange lakwamanye amazwe aphesheya kuzoba ngezakho. Umnyango angeke ukhiphe iphemithi umangabe inani eliyikhulu namashumi amabili lingakhokhiwe. (Inani lishintshwa njalo ngonyaka abese lilotshwa ephephandabeni lika Hulumeni
  10. Ungakhokha nangesheke, ukhokhele u Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimo, amahlathi nezinhlanzi ulihlanganisa nefomu lesicelo bese uyaposa. 
  11. Thumela ifomu eligcwalisiwe nesiqiniseko sokuthi ukhokhile:
    Umqondisi: Ezempilo yezilwane
    Umthetho wokungenisa nokudlulisa
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001
    Eningizimu Afrika.
  12. Asikho izicelo ezizophasiswa ngaphandle kwesiqiniseko esibonisa ukuthi ukhokhile. Isiqiniseko esibonisa ukuthi kukhokhiwe kufanele sihanjiswe ngesikhahlamezi ku: 012 329 8292 kuqondiswe ku  Ina Labuschagne. Cacisa kwifomu lesicelo sakho ukuthi iphemithi uzoyilanda noma izothunyelwa kuwena.
  13. Okulandela ukuthunyelwa kwefomu lesicelo kanye nesiqiniseko sokukhokha, Umqondisi wezempilo zezilwane uyobe esekhipha iphemithi yokungenisa bese ekhipha nohlobo oluthile lwesitifiketi sokuhlolwa kwezilwane aluthumele kuwe nqo.
  14. Kufanele uthole isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane kwisikhulu sabahlola izilwane ezweni odlulisela kulo ngaphambi kokuba uthumele imikhiqizo. Lesisitifiketi kufanele sihambisane nemithetho yephemithi yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane e Ningizimu Afrika noma kube ukuthi kube nezinxoxo nezikhulu ezihlola izilwane kuleli nezwe okudluliselwa kulo izilwalane. 
  15. Uma udinga ulwazi lwezinto ezidingakalayo ngemikhiqizo yezilwane, ungathola imizekelo yamakhophi ephemithi yokungenisa kanye nesitifiketi sezempilo yezilwane esitholakala ehhovisi lamaphemithi:
    • Iphemithi yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane engakopishiwe. 
    • Isitifiketi sokuhlolwa kwezempilo zezilwane esingakopishiwe.
  16. Onke amanani emikhiqizo yenyama kufanele ahlolwe esikhungweni esisodwa esibhalwe kwiphemithi yokungenisa:
    • Inombolo yocingo e Thekwini: 031- 337 4346/7.
    • Inombolo yocingo e Kapa: 021- 551 2050 
    • Ekujuleni kwedolobha (emazweni angomakhelwane kuphela): Tel:011- 613 1636.
    • Port Elizabeth (ngaphambi kwamalungiselelo): Inombolo yocingo: 041- 585 8907.

Isikhathi esinqunyiwe

Uma u-dokotela wezilwane osehhovisi likazwe lonke esephasise isicelo sakho sokungenisa, kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ukudlulisela isicelo sephemithi nokukhipha iphemithi.

Kubiza malini

R220

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page