Bhalisa isikhungo sezemfundo ephakeme esizimele

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngokubhalisa isikhungo sezemfundo ephakeme esizimele

Ingabe ufisa ukuvula isikhungo sezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika? Kumele uqale ubhalise njengesikhungo sezemfundo ephakeme esizimele kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha (i-DHET) ukuze uthole igunya ngokomthetho lokuhlinzeka ngezinhlelo zemfundo ephakeme.

Izikhungo zezemfundo ephakeme ezizimele zihlinzeka ngamazinga oHlaka Lweziqu Lukazwelonke (i-NQF) (Amazinga esi-5 kuya kwele-10) anjengawamanyuvesi kahulumeni noma amanyuvesi ezobuchwepheshe.

Inhloso yokubhalisa ukuqinisekisa ukuthi:

  • izikhungo ezizimele zihlinzeka ngemfundo eseqophelweni elifanele
  • umphakathi uyavikeleka ezikhohlakalini nalabo abaxhaphazanayo
  • umfundi uthola iziqu ezihambisana noHlaka Lweziqu Zemfundo Zakumazinga Aphakeme (i-HEQF) futhi ezibhalisiwe ku-NQF
  • uhlelo lwemfundo luhlangabezana nemigomo yokuguqula iNingizimu Afrika ngokwenqubomgomo kanye nemithetho kahulumeni
  • izikhungo ezizimele zihambisana noMthetho Wezemfundo Ephakame, we-1997 (uMthetho 101 we-1997).

Izinhlelo zezikhungo ezizimele kumele zibhaliswe ku-DHET, zigunyazwe iKomidi Lezingaqophelo Lezemfundo Ephakeme (i-HEQC) loMkhandlu Wemfundo Ephakeme (i-CHE) futhi zibhaliwe ku-NQF uPhiko Lweziqu LwaseNingizimu Afrika (i-SAQA). Izinhlelo kumele zaziswe ezweni lonke nakumazwe ngamazwe.

Cishe ezinyangeni eziyi-18 ngaphambi kokuba isikhungo sakho sifise ukusebenza, kumele uthumele isicelo sokubhaliswa kuNhloko Yezikhungo Zezemfundo Ephakeme Ezizimele. Isicelo Sokuguqulwa kumele sithunyelwe ngosuku olunqunywe iNhloko Yesikhungo (uMqondisi Jikelele).

Okumele ukwenze

  1. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo elimisiwe.
  2. Thumela ifomu lesicelo kuNhloko Yezikhungo Zezemfundo Ephakeme Ezizimele.
  3. Thumela imibhalo elandelayo ihambisane nefomu lesicelo:
    • izitatimende zezimali zaminyaka yonke ezicwaningiwe noma uqagulo ngezezimali ezicwaningiwe
    • uhlelo lwebhizinisi
    • isivumelwano esiyisiqinisekiso sokuhlinzekelwa
    • imibhalo yokubhaliswa kwenkampani
    • imibiko yezempilo nokuphepha emsebenzini kanye nokucwaningwa kokulandelwa kwezimiso
    • isitifiketi sokubhaliswa kwebhizinisi
    • ukudalula lapho ufaka isicelo sokugunyazwa
    • isibopho esiqondene nendawo okuzofundelwa kuyo
    • ukudalula okuqondene nokuqapha nokuhlola
    • izivumelwano eziphakathi kwezikhungo, uma zikhona
    • uhlelo lwezifundo ezizofundwa, ikhalenda noma incwajana equkethe izifundo ezizofundwa
    • amafomu okubhalisa, izinkontileka zabafundi nemithetho kanye nemithethonqubo.
  4. Abafakizicelo bakwamanye amazwe kumele bathumele okulandelayo:
    • ukudalula ukulingana kweziqu
    • ubufakazi bokwaziswa ezweni lokudabuka
    • ubufakazi bokusetshenziswa kwemiphumela yezifundo yangaphambilini yezwe lokudabuka
    • isitifiketi sokuqinisekiswa kokuphasa izifundo esivela ku-HEQC kanye nokubhaliswa ku-Saqa
    • ukudalula okusayindiwe bokuthi isikhungo asizukucwasa nhlobo
    • uma kuba noshintsho, imininingwane okumele ishintshwe
    • ukudalula okuqondene nokuqapha nokuhlola, kanjalo nesibopho esibhalwe ephepheni elisemthethweni eligxivizwe igama lesikhungo, esibhalwe usuku futhi sasayinwa.
  5. Khokha inani elimisiwe.

Qaphela: Sicela uxhumane neNhloko Yesikhungo ngoshintsho uma ufisa ukulwenza ngenqubo yesicelo.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Ukubhalisa okokuqala: izinyanga eziyi-18 ngaphambi kokuvulwa kwesikhungo ukuze kubhaliswe.
  • Ukuze kuchitshiyelwe: izinyanga eziyi-12 ngaphambi kokusebenza kokuchitshiyelwe.
  • Ukuze kuguqulwe: njengoba kunqume iNhloko Yesikhungo.

Kubiza malini

R500

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha:

  • Isicelo sokubhalisa njengeSikhungo Sezemfundo Ephakeme Esizimele, ifomu APX -01
  • Isicelo Sesichibiyelo, ifomu APX-02 
  •  Isicelo Sokuqula, ifomu APX-03

National Office

Tel: 012 312 5253/5320
Fax: 012 324 6343
City/town: Pretoria
Province: Gauteng
Physical address: Department of Education: Directorate: Private Higher Education Institutions, Sol Plaatje House, 123 Schoeman Street, Pretoria
Postal address: Private Bag X895, Pretoria, 0001

Share this page