Isicelo sokukhishwa kuhla lobhaliso noma ukuvala i close corporation

Uma inkampani yakho noma i-close corporation (i-CC) iyeka ukusebenza, ungayesula kuKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC). Ingaphinda ihlakazwe ngenxa yokuyeka ukusebenza.

  • Ukusula kusho ukuthi ibhizinisi liyayeka ukubhaliswa njengenkampani noma i-CC (ibhizinisi noma umuntu osebenza ngokusemthethweni) njengoba lingaselona ibhizinisi futhi lingenazimpahla nazikweletu ezisele.
  • Ukuhlakazwa kusho ukuthi ibhizinisi liyayeka ukusebenza (ngokujwayelekile ngenxa yezinkinga zezezimali). Uma ibhizinisi lakho linezimpahla, izikweletu noma kokubili, lapho kungadingeka ulandele umgudu wokulihlakaza.

Thola ulwazi  oluthe xaxa mayelana nokwesulwa noma ukuhlakazwa kwenkampani kwabe-CIPC noma ubathinte kule nombolo: 086 100 2472.

 

Share this page