Bhalisa esikhungweni se-AET

Ngosizo
Yini okufanele uyenze
Isikhathi
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokubhalisa esikhungweni se-AET

Ingabe ungumuntu omdala noma osemusha ofuna ukuthola imfundo eyisisekelo? Awukashiywa yisikhathi; usengabhalisa esikhungweni Semfundo Yabadala Nokuqeqesha (i-AET).

I-AET wuhlelo olusekelwe emiphumeleni oluhlose ukukunikeza amathuluzi okufunda ayisisekelo, ulwazi namakhono, futhi lukuhlomise ngeziqu ezamukeleke ezweni lonke.

Noma ngubani ongaqedanga esikoleni, futhi ofuna ukuthola iziqu ngaphansi kwezimo ezikhululekile ezivumelana nesimo sakhe, angabhalisa kunoma yisiphi isikhungo se-AET. Izikhungo ze-AET zingakunikeza ukuvivinywa okuzokusiza ufakwe ohlelweni ngokubona ukuthi usezingeni le-AET lokuqala, lesibili noma lesithathu.

Yini okufanele uyenze

  1. Bhalisa esikhungweni se-AET esiseduzane nawe.
  2. Hambisa isitifiketi sakho sokuzalwa noma umazisi wakho kanye nanoma yimaphi amarekhodi akho esikole onawo.

Isikhathi

Kungase kuthathe iviki elilodwa noma amabili ukubhalisa.

Kubiza malini

Imali yehlukile ngokwesikhungo ngasinye.

Amafomu okumele agcwaliswe

Uzothola amafomu okubhalisa ezikhungweni ze-ABET.

Imininingwane yokuxhumana

 

 

Official

Province

Tel

Fax

Mrs Z Mgoduka

Eastern Cape

040 608 4024

040 608 4660

Ms NF Gxwati

Free State

051 404 8800

051 430 0863

Ms T Masondo

Gauteng

011 355 0753

011 355 0343

Mr Muzi Mahlambe

KwaZulu-Natal

033 341 8506

033 341 8802

Ms SR Mantshiu

Limpopo

015 291 2564

015 291 2012

Ms N Molemane

Mpumalanga

013 766 5370

013 766 7231

Mr R Phillips

Northern Cape

053 839 6349

053 830 2308

Ms J Mekgoe

North West

018 389 8130

018 389 8246

Mr A Damon

Western Cape

021 467 2606

021 467 9385

 

Share this page