Ukwenzelwa isitiketi sikamatikuletsheni esisha

Isitifiketi esilahlekile noma esonakele

Faka isicelo sokwenzelwa isitifiketi sakho sikamatikuletsheni esisha eMnyangweni WezeMfundo Eyisisekelo noma emnyangweni wezemfundo esifundazweni sakho uma silahlekelile noma sonakele isitifiketi sakho sokuqala. Ungafaka isicelo sakho futhi ukhokhele ukukhishwa kwesitifiketi kabusha ngokusebenzisa i-inthanethi.

Ungafaka isicelo sesitatimende semiphumela ngenkathi usalindele ukwenzelwa isitifiketi sakho esisha. Uma isitifiketi sonakele, kufanele usibuyisele eMnyangweni Wezemfundo Esiyisisekelo.

Qaphela: Inqubo yokufaka isicelo sesitifiketi sakho esilahlekile noma esonakele kungenzeka ihluke ngokwesifundazwe nesifundazwe.

Ukushintsha kwesimo

Uma wabhala ukuhlolwa kwakho kukamatikuletsheni ekuhlolweni okwehlukile okungaphezu kokukodwa futhi ufuna ukuhlanganisa amaphuzu akho ukuze ufaneleke ukuthola isitifiketi sikamatikuletsheni, kufanele ufake isicelo sokwenzelwa isitifiketi esisha: ukushintsha kwesimo. Umnyango ngeke uzihlanganisele ngokwawo amaphuzu akho uma wena ungakawuceli, ngaphandle uma wabhala ukuhlolwa kokuchibiyela. Isicelo salokhu naso ungasifaka nge-inthanethi.

Ungafaka isicelo sesitatimende sokuqinisekisa imiphumela ngenkathi usalindele isitifiketi sikamatikuletsheni.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokwenzelwa isitifiketi esisha eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo.

  • Ihhovisi likazwelonke: 012 357 4511/13
    certification@dbe.gov.za
  • Mpumalanga Kapa: 043 604 7709/73
  • Freyistata: 051 404 8000
  • Gauteng: 011 355 0588
  • KwaZulu-Natali: 031 327 0538/0331
  • Limpopo: 015 290 7747/7830
  • Mpumalanga: 013 766 0033
  • Nyakatho Kapa: 053 839 6585
  • Nyakatho Ntshonalanga: 018 384 3100/51
  • Ntshonalanga Kapa: 021 467 2483

Share this page